Tuesday, July 21, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Umlimi waseNorth West Utshala Ipulazi

Lalimshonele umlimi waseNorth West uNks Mmadipilo Letlape ngesikhathi kufe uyise futhi wacishe waphelelwa wuthando lwakhe lwezolimo. Kodwa ukufisa ukuthi ingashabalali imisebenzi kayise kumgqugquzele ukuthi aqhubeke futhi aphumelele.

by Tiisetso Manoko
3rd March 2023
in Abasigqugquzelayo, Inspiration, isiZulu
Reading Time: 4 mins read
A A
Umlimi waseNorth West Utshala Ipulazi

IDipilo Group Farming idayisela umphakathi wendawo imfuyo uma kuzoba nemingcwabo, imishado neminye imicimbi. Idayisa nasendalini. Isithombe: Sithunyelwe/Mmadipilo Letlape

Emva kokufa kukayise nowumuntu owayemcathulisa isigubhukane ngo-2021, ipulazi likaNks Mmadipilo Letlape layeka ukuba yibhizinisi lezolimo elenza inzuzo, laphenduka umhlaba nje oduvile. Kwakunzima ukumelana nokufelwa nguyise, umlimi uPhillip, okunguye okwase kuneminyaka ephethe epulazini. Kodwa-ke imvamisa, yingezikhathi ezinzima lapho kuvela khona amandla omuntu.

“Ngangifuna ukuyeka ezolimo ngiyidayise nemfuyo. Ngangingakwazi ukwamukela ukufa komuntu okuwuyena owayengigqugquzela kakhulu futhi engicathulisa. Ukufa kukaBaba wami kwashiya isikhala esikhulu empilweni yami kangangokuthi kwaphela amasonto ngingakwazi ukuya epulazini.”

Mnikazi weDipilo Group Farming

Ngokuhamba kwesikhathi lo mlimi waseNorth West ugcine evukile wazithatha. Namhlanje njengomnikazi weDipilo Group Farming, uNks Letlape akagcinanga nje ngokushintsha izinto epulazini, kodwa uqhubeka lapho kugcine khona uyise ukufukula abalimi abasafufusa.

UNks Mmadipilo Letlape uzimisele nokwengeza ukukhiqiza imikhiqizo yezolimo nokulima izitshalo. Isithombe: Sithunyelwe/Mmadipilo Letlape

Noma yinini uma ufika epulazini likaNks Letlape elingamahekthare awu-450 uzithela emhlambini wezinkomo. Amakhasimende akhe ngabantu bendawo abathenga izinkomo ngoba benemingcwabo, imishado neminye imicimbi. Uphinde azidayise nasendalini eRustenburg.

Indlela anqoba ngayo ubaba wakhe

UNks Letlape ukhule nabalimi futhi uyakhumbula ukuthi uthando lwakhe lwezolimo lwaqala eneminyaka ewu-12.

Nakuba waqale wangavunyelwa ukusebenza epulazini kodwa ukuphelezela uyise nomzala bakhe uma beya khona kwakwanele ukumkhuthaza. Ngesikhathi besebenza wayesuke ezihlalele phansi kwesihlahla.

Ngo-2016, uNks Letlape uqunge isibindi, watshela uyise ukuthi usekulungele ukusebenza epulazini. Nokho impendulo kayise yamumangaza.

Uyise wayengakholwa ukuthi uyayiqonda kahle lento ayicelayo ingasaphathwa eyokuthi akazi lutho ngezolimo. Wanquma ukumphonsela inselelo.

“Langalimbe wangibizela esibayeni wathi angikhombe ithole, ngakwenza lokho. Yilapho angikholwa khona, nokho wathi angibe yimenenja yakhe. Ngamtshela ukuthi ngifuna ukuba wumlimi hhayi imenenja.”

Wagcina evumile uyise base beyavumelana. Esikhundleni sokumholela ngokusebenza, bavumelana ngokuthi uzomnika amankonyane amabili njalo ngonyaka.

“Ngaqale ngangayizwisisa kahle lento ayeyisho kodwa ngangingafuni ukuholelwa, ngangifisa nje ukuba yingxenye yebhizinisi lento engiyithandayo,” usho kanje.

Amandla okucathuliswa

Ngenxa kayise ongasekho, uNks Letlape uyakwazi ukubaluleka kokuba nomuntu okucathulisayo. Yingakho enye yezindlela akhumbula ngazo uBaba wakhe kuwukufukula abalimi abasafufusa bakhulise amabhizinisi abo.

Njengomsunguli wemakethe nekhempu yabalimi ebanjwa kabili onyakeni, uNks Letlape uhlanganisa abalimi baseNorth West ukuze bacobelelane ngolwazi.

Inhloso yomcimbi wukuthola nokusiza abalimi abancane esifundazweni bakhule, bazi abantu futhi bacobelelane ngolwazi nangamathuba.

“Inhloso wukusebenzisa ikhempu njengenye yezindlela zokufundisa abalimi ukuthi bacijane bebodwa. Sizama nokusiza abalimi bakhiqize inyama yenkomo esezingeni ukuze benze inzuzo.”

Ikhempu igxila nasekukhiqizeni izitshalo

“Kufanele uthando lukugqugquzele futhi kufanele ufune nokufunda kwabanye abantu uma uqala loluhambo lwezolimo.”

pic.twitter.com/N9XcokC8MD

— Bonolo (@plaasmeisieMBL) August 30, 2022

Ukuphokophela yize kunezinselelo

Uhambo lwakhe belunezinselelo kodwa uNks Letlape ubambelele, waphokophela. Kudlangile ukwebiwa kwemfuyo esigodini sangakubo.

“Kukhona isikhathi lapho izinkomo zami zake zanyamalala khona izinsuku ezimbili nokwangixaka ngoba aziyi emadlelweni zingabuyi. Kodwa-ke sakwazi ukuzithola. Sathola ukuthi kunabantu ababezama ukuzintshontsha ngokuzidukisa.”

Enye into ehlupha uNks Letlape wukuthi yimboni lena esagcwele amadoda nathi “imvamisa awathandi ukutshelwa noma ukwelulekwa ngumuntu wesifazane omncane”.

“Kunalokho yibona abafuna ukukutshela ukuthi wenzenjani. Babukeka bengafuni ukuboniswa owesifazane.”

UNksz Mmadipilo Letlape usebenza ekukhuliseni ipulazi lakhe. Isithombe: Sent/Mmadipilo Letlape

Yize zikhona lezi zinselelo futhi kukhona nokuthi akanaso isicucu sezolimo ngaphandle kwesitifiketi sokukhiqiza ayexhaswe wuhulumeni esifundela, uNks Letlape ukholwa wukuthi kuningi akwaziyo nangasiza ngakho.

UNks Letlape ufisa ukubona sanda isibalo sentsha engena kwezolimo. Nokho ukhipha lesi sexwayiso.

“Abantu abasha abangezi kwezolimo becabanga ukuthi uyalima namhlanje bese uthola imali kusasa. Uyatshala isikhathi eside, kudingeka isineke.”

Nakuba kuzothatha isikhathi ngaphambi kokuthi kuphole amanxeba okufa kukayise, uzimisele futhi unamaphupho amakhulu okukhulisa ibhizinisi amshiyela lona.

Nakuba eyithanda imfuyo kodwa uNks Letlape uzimisele nangokwengeza ngokwenza neminye imikhiqizo yezolimo nangokulima izitshalo, into okufanele yenzeke maduzane.

FUNDA FUTHI: Kumsizile ukuthatha amashansi umlimi waseNW.

Thola izindaba Ngabaletha Ushintsho: Izindaba ezikhuthazanayo ngabondla abantu baseMzansi.

Tags: Abesifazane kwezolimointshonalanga esenyakathoumlimi wemfuyo

Tiisetso Manoko

Tiisetso Manoko is a seasoned journalist with vast experience in community media. He possesses diploma in media studies majoring in journalism, certificate in civic leadership. He loves news from all angles with particular interest in local government, agriculture and politics. He is a staunch Mamelodi Sundowns Football club supporter.

Related Posts

Mother’s legacy, neighbour’s grace: Venessa Simelane’s farm story
Inspiration

Mother’s legacy, neighbour’s grace: Venessa Simelane’s farm story

20th July 2026
Feathered Fields: Young farmer defies odds with poultry production
Inspiration

Feathered Fields: Young farmer defies odds with poultry production

13th July 2026
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
Young livestock farmer wise beyond his years

Young livestock farmer wise beyond his years

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Smart vineyard irrigation starts below the ground

Treat food processing as essential national infrastructure – Khoury

Farmers urged to embrace uncertainty and build resilience

SA poultry industry calls for urgent bird flu vaccine rollout

Mother’s legacy, neighbour’s grace: Venessa Simelane’s farm story

Deadline looms: Register water use by 23 July or risk penalties

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.