Sunday, September 6, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

Ngesikhathi uMnuz Zwelinzima Mkhuzangwe exoshwa esikoleni, wabona ithuba lokugxila kwezolimo ayenzela zona njengetoho kwagcina sekuyinto ayithandayo. Ukholwa ukuthi onke amaphupho abalulekile futhi angafezeka.

by Vateka Halile
22nd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

UZwelinzima Mkhuzangwe uqeshe abasebenzi abathathu abasisigxina kwifama eziihektare ezi3.5 eseVentersdorp emNtla Ntshona, yaye unombono wokukhula nkqu nangaphezulu.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Ngesikhathi uMnuz Zwelinzima Mkhuzangwe esungula iMegaRoss Project, ibhizinisi lemfuyo aliqale ngo-2015, wayephokophele into eyodwa: ukuvula amathuba emisebenzi futhi nokubona umphakathi wakhe uvelela. Useqashe abantu abathathu ngokugcwele epulazini lakhe elingamahekthare eVentersdorp, eNorth West futhi unesifiso sokukhula kunalokhu. 

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West
UMnuz Zwelinzima Mkhuzangwe uwumsunguli weMegaRoss Projects, ibhizinisi lemfuyo eVentersdorp. 

UMkhuzangwe usungule iMegaRoss Projects emva kokuxoshwa enza unyaka wesithathu efundela ukuba yinesi ngenxa yokungaziphathi kahle. “Sasihola sibe siqeqeshwa, esikhundleni sokuhlala ekhaya ngizidabukele, ngisebenzise le mali engangisenayo ngathenga izinkukhu zenyama eziwu-20 ngaqala ibhizinisi lami.”

Lo mshophi wokuxoshwa wamcabela indlela eshintshe impilo yakhe unomphelo. Kuqale ngephupho lokukhulisa izinkukhu eziwu-20 ukuthi zibe amachwane awu-500 000 kodwa esiphenduke ibhizinisi lezolimo elixubile njengoba esefuye izimbuzi, iziklabhu, izinkukhu nezingulube. 

 ‘Belungazibeki uthando lwezolimo’

UMkhuzangwe wenze izifundo ze- chemical engineering eVaal University of Technology ngo-2011 kodwa washiya phakathi ngenxa yenkinga yemali.

“Ngo-2012 ngijoyine umbutho wamasosha iSouth African National Defense Force (iSANDF) kodwa ngangingagculisekile ema kwezinyanga eziyisithupha siqeqeshwa. Emva kwalokho ngathola umfundaze emnyangweni wezempilo eNorth West wokufundela ubunesi.”

Ukuzama ukuba wunesi kwashesha kwaphela e-Excelsius Nursing College ngesikhathi exoshwa waxoshwa ngenxa yokunkonkoshela i-signature yomphathi wakhe kwelinye lamafomu okuqeqeshelwa umsebenzi. Yiphutha asazisola ngalo namanje. 

“Akuyona into engiyiqhenyayo ngayo. Konke engidlule kukho – okuhle nokubi – yikona okungenze lo muntu engiwuyena namhlanje. Kungifundise lukhulu futhi isipiloyini yisona esifundisana kakhulu. Ngamanye amazwi, ngiyajabula ukuthi ngaxoshwa esikoleni ngoba kwangifundisa ukuthi ngamukele ukuhluleka bese ngiphinde ngizame.”

Ezolimo zimsindisile futhi usungule iMegaRoss Projects ngo-2015 ngezinkukhu zenyama eziwu-20.

“Emva kwalokho ngigxile ebhizinisini lami ngokugcwele. Ngiphokophele ngazihlupha nangolwazi lwezifo ezivame ukuphatha  izinkukhu, indlela yokuthi zithole umoya owanele nomthunzi. Ngiyawubonga kakhulu uGoogle nosizo lwabanye abalimi ezinkundleni zokuxhumana ngokwabelana ngolwazi, kulisize kakhulu ibhizinisi lami.”

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West
UMnuz Zwelinzima Mkhuzangwe uqhuba ibhizinisi lemfuyo, iMegaRoss Projects elingamahekthare amathathu nohhafu  eVentersdorp, eNorth West. 

Utshele iFood For Mzansi ukuthi lukhulu aseluzuzile kusukila eqale lolu hambo. Ngesikhathi eqala wayedayisa izinkukhu eziphilayo nezinkukhu esezichuthiwe kubantu bendawo nasezimakethe ezingomakhelwane. Usuku nosuku abelokhu ekhula amakhasimende kangangokuthi wathenga iziklabhu ezimbili ngo-2017, emva kwalokho wengeze enye imfuyo.

“Ngithenge izimbuzi ezine ngo-2018 namachwane ezingulube ngo-2021.”

Wakhe ibhizinisi elidlondlobalayo

UMkhuzangwe udayisa imfuyo kubantu abenza imisebenzi yesintu, inyama esihlinziwe kubantu bendawo nasezitolo zaseVentersdorp. Uhleka yedwa ngamaholdi kaDisemba ngoba uthi abantu basuke befuna izilwane ukwenza imisebenzi yemindeni.  

Sinyukile isibalo sabantu abafuna izinkukhu njalo ngezimpelasonto, uqashe abantu abathathu kusukela ngoMashi kulo nyaka.

“Angikafiki lapho ngifisa ukufika khona kodwa ikhona inqubekelaphambili. Ngo-2021, ngithenge amahekthare amathathu nohhafu ngenzela ibhizinisi lami. Into enhle manje ukuthi inkampani yami isebenzela emhlabeni wayo emva kokusebenzela ekhaya iminyaka eyisihlanu.”

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West
Umlimi waseNorth West uMnuz Zwelinzima Mkhuzangwe. 

Uyazifela ngokuba wumlimi uMkhuzangwe. Uthi kuphele iminyaka engazi ukuthi uzokwazi yini ukuqala kodwa kuthe uma livela ithuba wagxuma wahlala, waqala walima, futhi yonke into ihamba ngononina. 

“Ngifisa ukweluleka abanye abalimi ukuthi bakhumbule ukuthi imboni edingeka kakhulu lena. Ukudla kuyisidingo, ngakho kufanele ukhethe ukuthi yini edingwa indawo okuyona futhi uqale.”

UMkhuzangwe kuyenzeka ukuthi ufunde ube uwuqhuba umsebenzi kodwa uyaxwayisa ngokuthi ukucabanga kakhulu izinto kungaholela ekutheni ugcine ucabanga unomphelo kodwa ungenzi lutho. 

FUNDA FUTHI: KuNomfundo, ezolimo ‘ziwukuba nobubele’ 

THOLA IZINDABA ZOSHINTSHO: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi.

Vateka Halile

Vateka Halile grew up in rural areas of Cofimvaba in the Eastern Cape. She was raised in a traditional family setting and found writing to be a source of comfort and escape. Vateka participated in an online citizen journalism course through Food For Mzansi, and her passion for health and medicine-related stories was born. Her dedication to community work and love for social justice and solidarity spaces is evident in her quality time with the community when she isn't working.

Tags: Livestock farmingNorth West farmer
The future of Mzansi's sugar industry hangs in the balance
News

Government hikes sugar import price, but industry warns of gap

by Staff Reporter
3rd September 2026

South Africa’s government has adjusted the sugar import reference price from $680 to $785 per tonne to curb surging imports....

Read moreDetails

Chicken is booming, but the real money is in the supply chain

2nd September 2026
How Tebogo beat post-harvest losses with smart agro-processing

How Tebogo beat post-harvest losses with smart agro-processing

2nd September 2026

Aucamp outlines strategy for biosecurity, trade, and infrastructure

2nd September 2026
Tobias Doyer, CEO of Grain SA. Photo: Supplied/Grain SA Facebook

Rising costs, climate risk push Swartland wheat farmers to the brink

2nd September 2026

Early calf care: Key growth targets every cattle farmer must track

How Tebogo beat post-harvest losses with smart agro-processing

Honoured roots: A father’s legacy, a daughter’s farming dream

Community-led farms boost food security and incomes in Limpopo

Aucamp outlines strategy for biosecurity, trade, and infrastructure

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Podcast: John Deere is riding the wave with financing for farmers

Podcast: John Deere is riding the wave with financing for farmers

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

RSVP now: Emerging farmers’ programme at Nampo Cape

Community-led farms boost food security and incomes in Limpopo

Farmers rethink water use as shortages threaten food production

Honoured roots: A father’s legacy, a daughter’s farming dream

Gauteng farmers urged to harness massive urban market

Foot-and-mouth crisis hits SA dairy industry with R1-billion loss

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.