Tuesday, October 20, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Akuthathanga isikhathi esitheni ukuthi ibhizinisi likaNksz Lungile Shelembe aliqale liyingadi encane lidlondlobale. Namhlanje, lo mlimi ozifelayo ngezingadi, usengamele izingadi ezingu-250 eXobho, KwaZulu-Natali.

by Vateka Halile
5th November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UNksz Lungile Shelembe akaze acabange ukuthi uthando lomsebenzi lungaholela ekutheni agcine esengamela izingadi eziwu-240.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

UNksz Lungile Shelembe, onezingadi eXobho, KwaZulu-Natali, uyazifela ngokulima ngendlela engayoni imvelo. Waqala ukutshala ngo-2018 ngoba eswele umsebenzi. Nokho, wayengalindele ukuthi lolu thando luzomholela ekutheni engamele izingadi eziwu-240 eXobho nasezindaweni eyakhelene nazo. 

UNks Shelembe uthe waqala ngokutshala u-beetroot, iklabishi nespinashi ukugwema ukuthenga yonke into esitolo. Lwaqala kanjalo uthando. 

Ugqugquzelwe ukubona umsebenzi wakhe ukhula. IXobho yindawo eyaziwa ngezimboni zikashukela namahlathi. Lapho iXobho ikhona eKZN ziyachuma ezolimo.

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga
UNksz Lungile Shelembe unesifiso sokuba nesikole sezolimo ngelinye ilanga. 

Ngaphambi kokuba ngumlimi, uNksz Shelembe wayedayisela omakhelwane, abantu abasemigwaqweni nanezingane zesikole amagwinya nama-chips.

Waqala efuna ukuziphilisa 

“Ngesikhathi ngiqala ukulima, ngangenzela ukuziphilisa. Ukuqeqesha abantu nomsebenzi ngangingakulindele.”

UNksz Shelembe waba nenhlanhla yokuqeqeshwa ngokuphatha ibhizinisi nanezokuxhumana yinhlangano iWozamoya. Wanikwa leli thuba ngoba kubonakala indlela azikhandla ngayo.

“Ngisho kunezinkinga zemali futhi amazinga okuntula imisebenzi ephezulu, ungawasebenzisa amakhono onawo ukuxosha ikati eziko ukuze ungalali ungadlile.”

Usizwe umhlaba wasendaweni 

UNksz Shelembe utshele iFood for Mzansi ukuthi wayengenayo indawo eyenele ekhaya emva kokudayisa esinye isivuno sakhe. Bayinqwaba abantu abafika befuna ukuthenga, kwadingeka aqhamuke necebo. Wabheka enye indawo angatshala kuyo, wangqongqoza esikoleni samabanga aphansi iCekazi esise-Emashekeni, eXobho. 

“Ngitshale emhlabeni oyihekthare elilodwa esikoleni, ngiyihlukanise yaba yizingadi ezincane eziwu-15. Ngitshale iklabishi, u-lettuce, ispinashi, i-kale, o-pepper abaluhlaza, u-anyanisi, i-cauliflower, u-brinjal, u-peas no-beetroot.”

Ngo-2021, wathola umsebenzi wokuba ngumxhumanisi. Umsebenzi wakhe uthinta ukufaka amanethi ezingadini nanokugxila ekutshaleni ngezindlela ezingawasebenzisi amakhemikhali. 

“Amakhasimende ami ngothisha basezikoleni iCekazi Primary ne-Imavangana Senior Secondary kanjalo namalungu omphakathi. Ngabe angikho lapho ngikhona ngaphandle kwabo.” 

Injongo yakhe

Omunye umsebenzi wakhe njengomxhumanisi wukufundisa umphakathi ukuthi ukwazi ukuziqalela izingadi zawo. Kade ebafundisa ukuzihlanganisela umanyolo nanezindlela zokushintsha izitshalo.

“IWozamoya isiza umphakathi ngokusabalalisa izimbewu namathangi amanzi. Imizamo yabo iyasiza kakhulu ukwenza izinto zibe lula.”

Uphinde anakekele izingadi zomphakathi eziyisithupha, abhekelele izingadi eziwu-240 eXobho futhi uqeqesha imindeni nabesifazane ukuze bakwazi ukuziqalela izingadi zabo futhi balime beyimifelandawonye. 

Injongo yakhe enkulu wukuqhubeka nalo msebenzi wakhe omangalisayo nanokukhuthaza abantu ukuthi badle ukudla okunempilo ikakhulukazi emphakathini lapho kuphezulu ukuntuleka kwemisebenzi. 

“Isifiso sami esikhulu wukuba nomhlaba wami engingasungula kuwo isikole sezolimo.”

Uthi ukuqeqeshwa kumsizile wakwazi ukufeza izinto ezinkulu asezenzile nalabo asebenza nabo. 

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga
Izingadi zibalulekile ekukhuleni kwezitshalo ngendlela efanayo.

Ukushintshanisa izitshalo

“Abanye emphakathini babekhathazekile ngokutshala izitshalo ezithile ebusika ngenxa yemvula enamandla, abanye babekhathazekile ngokulima ehlobo ngenxa yelanga elikhipha umkhovu etsheni. Ngethula uhlelo lokuthi sishintshe izitshalo futhi abantu bawamukela kahle lowo mbono.”

Ngokusho kukaNksz Shelembe, ezolimo ezindaweni zasemakhaya zihamba kahle. Nokho, inselelo ebhekene nabalimi baseXobho ukushoda kwamanzi. 

“Ukube besinamadamu, mhlawumbe besizochuma ngaphandle kokukhathazeka ngezinselelo zamanzi.”

Ukholwa ukuthi ukuthembela ezinhlanganweni nakubaxhasi akusizi ngoba imishini idinga ukunakekelwa. 

UNksz Shelembe uqale enzela ukuzithuthukisa yena, manje usekwenzela umphakathi. Ubani owaziyo ukuthi yini elandelayo azoyenza? 

FUNDA FUTHI: Yini okufanele uyiqaphele uma uhlanganisa imikhiqizo yobisi lwezinkomo

Thola izindaba zoshintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi.

Vateka Halile

Vateka Halile grew up in rural areas of Cofimvaba in the Eastern Cape. She was raised in a traditional family setting and found writing to be a source of comfort and escape. Vateka participated in an online citizen journalism course through Food For Mzansi, and her passion for health and medicine-related stories was born. Her dedication to community work and love for social justice and solidarity spaces is evident in her quality time with the community when she isn't working.

Tags: KwaZulu-NatalSustainable agriculture
News

Stop the rot: Four steps to slash post-harvest losses

by Abeeb Omotoso Abiodun Omotayo Adeyemi Aremu and Olaniyi Fawole
18th October 2026

Did you know nearly a third of all food produced globally never makes it to the table? Poor roads, lack...

Read moreDetails
A standing ovation for agriculture’s incredible talent! The Agri’s Got Talent 2026 top three celebrate their achievements: winner Honey Katoo of Endulini Fruit in Patensie, alongside runner-up Clareece Vlotman of Wolfpack in Wolseley and finalist Lwandile Nantsi of Laastedrift in Ceres. Photo: Supplied/Food For Mzansi

Patensie claims Agri’s Got Talent crown for second year running

17th October 2026
The panellists at FNB Business’s “Farming together” discussion at the Royal Show explored how market access, mentorship, financial discipline and strong commercial relationships can help farmers build sustainable businesses. Featured from the left are Bertram July (FNB’s distribution sales lead), commercial farmer Shakes Shabalala; Sandy Gumede (co-founder of Zulu Girl Wines), and Janis Robson (FNB’s head of development and SME business development). Photo: Food For Mzansi

FNB puts relationships at the heart of commercial farming

17th October 2026
Agri Skills Transfer students gain hands-on experience at the institution’s Cullinan Farm Training Centre, where agricultural theory meets the realities of commercial production. Photo: Supplied/Food For Mzansi

Build your future in agriculture with Agri Skills Transfer

17th October 2026
Durbanville Hills tastes sweet success at Michelangelo Awards

Promising early conditions predicted for 2027 SA wine harvest

17th October 2026

This week’s agri events: 19 – 23 October

FNB puts relationships at the heart of commercial farming

Becoming bankable: How to get your farm ready for finance

Mpumalanga agripreneur bottles family wisdom one chilli at a time

Land Bank must step up support for farmers, says Aucamp

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Podcast: Feedlot management for lamb fattening

Podcast: Feedlot management for lamb fattening

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Potatoes and tomatoes plunge while avocado prices soar

Becoming bankable: How to get your farm ready for finance

Fixing SA’s agricultural visa system to protect seasonal harvests

SA and Namibia reevaluate livestock trade after FMD outbreak

Agda conference to tackle finance, market access and agri growth

Reluctant farmer scales EC cabbage enterprise to supply Spar

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

About this assistant

This feature generates automated answers summarised from Food For Mzansi articles. By using it, you are interacting with an AI system (provided by Google), not a human. AI can make mistakes. Please refer to the source articles for verification and citation purposes.

Our staff do not check or moderate Lerato’s answers in advance, but may review some later. Our journalists continue to write and edit all the articles Lerato uses as sources.

To estimate unique and returning web users, we store a random browser ID in this browser. WhatsApp users are counted by phone number. The same person using both channels may be counted twice.

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2026 Food for Mzansi