Saturday, September 5, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Akuthathanga isikhathi esitheni ukuthi ibhizinisi likaNksz Lungile Shelembe aliqale liyingadi encane lidlondlobale. Namhlanje, lo mlimi ozifelayo ngezingadi, usengamele izingadi ezingu-250 eXobho, KwaZulu-Natali.

by Vateka Halile
5th November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UNksz Lungile Shelembe akaze acabange ukuthi uthando lomsebenzi lungaholela ekutheni agcine esengamela izingadi eziwu-240.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

UNksz Lungile Shelembe, onezingadi eXobho, KwaZulu-Natali, uyazifela ngokulima ngendlela engayoni imvelo. Waqala ukutshala ngo-2018 ngoba eswele umsebenzi. Nokho, wayengalindele ukuthi lolu thando luzomholela ekutheni engamele izingadi eziwu-240 eXobho nasezindaweni eyakhelene nazo. 

UNks Shelembe uthe waqala ngokutshala u-beetroot, iklabishi nespinashi ukugwema ukuthenga yonke into esitolo. Lwaqala kanjalo uthando. 

Ugqugquzelwe ukubona umsebenzi wakhe ukhula. IXobho yindawo eyaziwa ngezimboni zikashukela namahlathi. Lapho iXobho ikhona eKZN ziyachuma ezolimo.

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga
UNksz Lungile Shelembe unesifiso sokuba nesikole sezolimo ngelinye ilanga. 

Ngaphambi kokuba ngumlimi, uNksz Shelembe wayedayisela omakhelwane, abantu abasemigwaqweni nanezingane zesikole amagwinya nama-chips.

Waqala efuna ukuziphilisa 

“Ngesikhathi ngiqala ukulima, ngangenzela ukuziphilisa. Ukuqeqesha abantu nomsebenzi ngangingakulindele.”

UNksz Shelembe waba nenhlanhla yokuqeqeshwa ngokuphatha ibhizinisi nanezokuxhumana yinhlangano iWozamoya. Wanikwa leli thuba ngoba kubonakala indlela azikhandla ngayo.

“Ngisho kunezinkinga zemali futhi amazinga okuntula imisebenzi ephezulu, ungawasebenzisa amakhono onawo ukuxosha ikati eziko ukuze ungalali ungadlile.”

Usizwe umhlaba wasendaweni 

UNksz Shelembe utshele iFood for Mzansi ukuthi wayengenayo indawo eyenele ekhaya emva kokudayisa esinye isivuno sakhe. Bayinqwaba abantu abafika befuna ukuthenga, kwadingeka aqhamuke necebo. Wabheka enye indawo angatshala kuyo, wangqongqoza esikoleni samabanga aphansi iCekazi esise-Emashekeni, eXobho. 

“Ngitshale emhlabeni oyihekthare elilodwa esikoleni, ngiyihlukanise yaba yizingadi ezincane eziwu-15. Ngitshale iklabishi, u-lettuce, ispinashi, i-kale, o-pepper abaluhlaza, u-anyanisi, i-cauliflower, u-brinjal, u-peas no-beetroot.”

Ngo-2021, wathola umsebenzi wokuba ngumxhumanisi. Umsebenzi wakhe uthinta ukufaka amanethi ezingadini nanokugxila ekutshaleni ngezindlela ezingawasebenzisi amakhemikhali. 

“Amakhasimende ami ngothisha basezikoleni iCekazi Primary ne-Imavangana Senior Secondary kanjalo namalungu omphakathi. Ngabe angikho lapho ngikhona ngaphandle kwabo.” 

Injongo yakhe

Omunye umsebenzi wakhe njengomxhumanisi wukufundisa umphakathi ukuthi ukwazi ukuziqalela izingadi zawo. Kade ebafundisa ukuzihlanganisela umanyolo nanezindlela zokushintsha izitshalo.

“IWozamoya isiza umphakathi ngokusabalalisa izimbewu namathangi amanzi. Imizamo yabo iyasiza kakhulu ukwenza izinto zibe lula.”

Uphinde anakekele izingadi zomphakathi eziyisithupha, abhekelele izingadi eziwu-240 eXobho futhi uqeqesha imindeni nabesifazane ukuze bakwazi ukuziqalela izingadi zabo futhi balime beyimifelandawonye. 

Injongo yakhe enkulu wukuqhubeka nalo msebenzi wakhe omangalisayo nanokukhuthaza abantu ukuthi badle ukudla okunempilo ikakhulukazi emphakathini lapho kuphezulu ukuntuleka kwemisebenzi. 

“Isifiso sami esikhulu wukuba nomhlaba wami engingasungula kuwo isikole sezolimo.”

Uthi ukuqeqeshwa kumsizile wakwazi ukufeza izinto ezinkulu asezenzile nalabo asebenza nabo. 

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga
Izingadi zibalulekile ekukhuleni kwezitshalo ngendlela efanayo.

Ukushintshanisa izitshalo

“Abanye emphakathini babekhathazekile ngokutshala izitshalo ezithile ebusika ngenxa yemvula enamandla, abanye babekhathazekile ngokulima ehlobo ngenxa yelanga elikhipha umkhovu etsheni. Ngethula uhlelo lokuthi sishintshe izitshalo futhi abantu bawamukela kahle lowo mbono.”

Ngokusho kukaNksz Shelembe, ezolimo ezindaweni zasemakhaya zihamba kahle. Nokho, inselelo ebhekene nabalimi baseXobho ukushoda kwamanzi. 

“Ukube besinamadamu, mhlawumbe besizochuma ngaphandle kokukhathazeka ngezinselelo zamanzi.”

Ukholwa ukuthi ukuthembela ezinhlanganweni nakubaxhasi akusizi ngoba imishini idinga ukunakekelwa. 

UNksz Shelembe uqale enzela ukuzithuthukisa yena, manje usekwenzela umphakathi. Ubani owaziyo ukuthi yini elandelayo azoyenza? 

FUNDA FUTHI: Yini okufanele uyiqaphele uma uhlanganisa imikhiqizo yobisi lwezinkomo

Thola izindaba zoshintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi.

Vateka Halile

Vateka Halile grew up in rural areas of Cofimvaba in the Eastern Cape. She was raised in a traditional family setting and found writing to be a source of comfort and escape. Vateka participated in an online citizen journalism course through Food For Mzansi, and her passion for health and medicine-related stories was born. Her dedication to community work and love for social justice and solidarity spaces is evident in her quality time with the community when she isn't working.

Tags: KwaZulu-NatalSustainable agriculture
Food for Thought

Chicken is booming, but the real money is in the supply chain

by Ishmael Sunga
2nd September 2026

Growing the poultry industry requires more than just producing birds; it means building commercially viable suppliers. Sacau CEO Ishmael Sunga...

Read moreDetails
How Tebogo beat post-harvest losses with smart agro-processing

How Tebogo beat post-harvest losses with smart agro-processing

2nd September 2026

Aucamp outlines strategy for biosecurity, trade, and infrastructure

2nd September 2026
Tobias Doyer, CEO of Grain SA. Photo: Supplied/Grain SA Facebook

Rising costs, climate risk push Swartland wheat farmers to the brink

2nd September 2026
Sick spuds: No need to panic as SA’s potatoes are banned in Zim

Potato turning point ahead as onions double in price year-on-year

1st September 2026

Gauteng farmers urged to harness massive urban market

Government hikes sugar import price, but industry warns of gap

Farmers rethink water use as shortages threaten food production

Community-led farms boost food security and incomes in Limpopo

Strategic support sparks record-breaking growth at WC grape farm

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Podcast: Feedlot management for lamb fattening

Podcast: Feedlot management for lamb fattening

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Community-led farms boost food security and incomes in Limpopo

Farmers rethink water use as shortages threaten food production

Honoured roots: A father’s legacy, a daughter’s farming dream

Gauteng farmers urged to harness massive urban market

Foot-and-mouth crisis hits SA dairy industry with R1-billion loss

Tough times, hardy cattle: Why Mzansi farmers are choosing Nguni

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.