Friday, September 4, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Kuthiwa ufuzo luyadlulela kanti kwaFakude, indodana yakhona, uSphamandla uhambe ezinyathelweni zikayise.

by Vateka Halile
23rd November 2023
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UMnuz Sphamandla Fakude uthi isifiso abo ukuthi iMtolo Farming iqhubeke izizukulwane ngezizukulwane.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Ukukhulela esigodini KwesakwaMthethwa, Empangeni, KwaZulu-Natali, kwenza uMnuz Sphamandla Fakude aqonde ukuthi ezolimo yibhizinisi lomndeni wakhe. Ngo-2014 ngesikhathi uyise, u-Anthony, ethatha umhlalaphansi, ungene kwezolimo enzela ukuchitha isizungu. Akuthathanga sikhathi kwagcina sekuyindlela aphila ngayo. UFakude uqale ukusebenza noyise ebhizinisini lezolimo ngokusemthethweni ngo-2015. 

Umndeni wakwaFakude ubusuhlale iminyaka Esikhawini, kodwa kuthe uma uFakude ethatha umhlalaphansi, baphindela KwesakwaMthethwa lapho beqale khona ukutshala izinhlobo zamaveji okukhona kuzo ummbila, ubhontshisi, ispinach, iklabishi, u-lettuce, utamatisi, i-butternut, upelepele, u-carrot, u-anyanisi, u-green pepper okutshalwe emhlabeni ongamahekthare amathathu.

UMnuz Sphamandla Fakude amakhasimende abo amakhulu abadayisi basemgwaqweni abathenga umkhiqizo omningi ngesikhathi. 

Ebuzwa ukuthi kuqale kanjani ngo-2014, uFakude uthe umhlaba abawusebenzisayo manje wawukade uyihlathi elinezihlahla notshani.

Emva konyaka wonke bewulungisa, bafaka amapitsi, futhi babiya. Uqale ukulima ngokusemthethweni ngo-2015.  baphinde babiya – ube eseqala ukutshala ngo-2015, esikhathini lapho iKZN yayibhekene nenkinga yesomiso futhi kunenqwaba yabalimi ebidayisa imfuyo yayo noma ithuthela kwezinye izindawo. 

“Kuwo wonke lowo nyaka ubaba ubebambisene nomama wethu, (uNkk) uLindiwe Fakude babebambisene bengilekelela ngaleso sikhathi uma ngithole ithuba.”

Amathanela asisizile 

Umndeni wakwaFakude wabona ukuthi ukusebenzisa amathanela yiyona ndlela engcono yokuqhubeka nokulima ngesikhathi sesomiso ngo-2014 kuya ku-2015 eKZN. 

Utshele iFood For Mzansi ukuthi into enkulu esizayo ngokutshala kumathanela ukukwazi ukutshala nanoma ngabe yisiphi isikhathi sonyaka. 

“Isifiso sethu ukutshala ukudla okungalimwa nanoma ngabe yinini, ngakho amathanela asisizile.”

Sebezokwengeza no-anyanisi ekudleni abakutshalayo besebenzisa amathanela.

Umndeni obambisene 

UFakude uthe umndeni yiwona obaluleke kakhulu, ikakhulukazi uma izinto ziba nzima.

Ngesikhathi iMtolo Farming ilungiselela ukukhiqiza ukudla okungatshalwa unyaka wonke kumathanela.

“Umndeni wethu unezinkinga njengeminye. Kodwa sikhuliswe ngokuthi sithandane futhi sesekane nanokuthi sikhulume uma kukhona okonakele. Yiyona ndlela esikwaze ngayo ukukhulisa iMtolo Farming ndawonye,” kusho uFakude. 

“Ngabe asikho lapha ukube asimthembi uNkulunkulu. Asingcono kunabanye abantu, kuphela nje sizikhandlile ukuze sifeze iphupho elifanayo.”

UFakude wengeze ukuthi ngesikhathi beyiqala iMtolo, izingane zakwabo, uZanele no-Ayanda zazimatasa. U-Ayanda wayesasenyuvesi kanti uZanele wayesebenza. Kodwa izinto sezingcono ngoba nabo sebeyingxenye yebhizinisi. Inhloso yabo ukuqhuba umsebenzi izizukulwane ngezizukulwane. 

“Senza isiqiniseko sokuthi siba ndwonye ngamaholidi uma kuvalwe izikole ukuze izingane zethu zazane futhi iMtolo Farming iqhubeke ngisho sesingasekho.”

Bakha ifa lomndeni

IMtolo Farming yibhizinisi elinezifiso ezinkulu zokuba yisikhondlakhondla eKZN nasezweni lonke. UFakude uthi izitshalo zabo ziyinyama kangangokuthi abakwazi ukumelana nakho konke okudingwa umphakathi waseMpangeni. Ngakho, banamahekthare amthathu adinga ukuphuculwa ukumelana nomthamo womsebenzi. 

“Ukube besinomhlaba owanele bekungenza umehluko omkhulu kithina. Ukuba yinkampani encane kusinqinda ukwenza izinto ezifana nokuqasha abantu.”

Uthe ukholwa wukuthi ezolimo akumele kube yinto umuntu ayikhethayo, ukholwa ukuthi ngelinye ilanga iNingizimu Afrika iyoba nenkinga ingakwazi ukuthenga nokudayisela amanye amazwe ukudla futhi abantu bayozisola ukuthi abaqalanga ngani ukuzitshalela ukudla kwabo kusanesikhathi.

“Okungikhathaza kakhulu wukuthi kuyokwenzekani mhla sekungabantu abathile bodwa abakwazi ukuthenga ukudla ezitolo? Ukuzitshalela ukudla yiyona ndlela yokusombulula lenkinga.”

Basabalalisa umsebenzi wabo 

Badayisela iFood Lover’s Market, iBoxer naseSpar waseMpangeni. UFakude uthe usekuqakuphelile ukuthi amakhasimende abo amaningi ngabadayisi basemgwaqweni abathenga umkhiqizo omningi ngesikhathi futhi kwesinye isikhathi kunzima ukudayisela  amakhasimende amaningi kakhulu. 

Ubonge bonke ababasekile ukuze iMtolo Farming izoba lapho isikhona manje.

Ukukhulisa ibhizinisi lo mndeni yisifiso esihle. Kodwa lingafezeka ngokuba nezinhloso ezingangamandla akho, ukuzikhandla, ukuzinikela futhi ukuphokophela. Ukusebenza nomndeni wakho ukufeza lelo phupho kwenza nisondelane futhi nakhe ifa lo mndeni. Yikho kanye lokhu iMtolo Farming ekwemzile.

Thola izinda ngoshintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi

FUNDA FUTHI: Yini okufanele uyiqaphele uma uhlanganisa imikhiqizo yobisi lwezinkomo

Vateka Halile

Vateka Halile grew up in rural areas of Cofimvaba in the Eastern Cape. She was raised in a traditional family setting and found writing to be a source of comfort and escape. Vateka participated in an online citizen journalism course through Food For Mzansi, and her passion for health and medicine-related stories was born. Her dedication to community work and love for social justice and solidarity spaces is evident in her quality time with the community when she isn't working.

Tags: KwaZulu-NatalVegetable farmer
Tobias Doyer, CEO of Grain SA. Photo: Supplied/Grain SA Facebook
News

Rising costs, climate risk push Swartland wheat farmers to the brink

by Staff Reporter
2nd September 2026

Severe drought in the Swartland is threatening South Africa’s national wheat production. With June–August rainfall 79% below average and direct...

Read moreDetails
Sick spuds: No need to panic as SA’s potatoes are banned in Zim

Potato turning point ahead as onions double in price year-on-year

1st September 2026
Early calf care: Key growth targets every cattle farmer must track

Early calf care: Key growth targets every cattle farmer must track

1st September 2026

How to align your farming cycles with long-term financial success

1st September 2026
Strategic support sparks record-breaking growth at WC grape farm

Strategic support sparks record-breaking growth at WC grape farm

1st September 2026

Mamelodi farmers learn how to test soil with just a bottle and spade

Gauteng farmers urged to harness massive urban market

Government hikes sugar import price, but industry warns of gap

Former electrical engineer builds farming powerhouse on tribal land

Potato turning point ahead as onions double in price year-on-year

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Key figures speaking at Food For Mzansi’s 2024 AgriFuture SA conference: Theo Boshoff (Agbiz), Leona Archary (Agda), Tebogo Mokgoadi (Kagiso Trust), Fhumulani Mashau (Fruit SA, Abongile Balarane (South African Poultry Association), and Thandokwakhe Sibiya (South African Farmers Development Association). Photos: Supplied/Food For Mzansi

2024 AgriFuture SA conference to unveil path for sector’s future

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Gauteng farmers urged to harness massive urban market

Foot-and-mouth crisis hits SA dairy industry with R1-billion loss

Tough times, hardy cattle: Why Mzansi farmers are choosing Nguni

Dragon fruit thrives in KZN valley despite tough national season

Government hikes sugar import price, but industry warns of gap

Chicken is booming, but the real money is in the supply chain

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.