Wednesday, October 21, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Kuthiwa ufuzo luyadlulela kanti kwaFakude, indodana yakhona, uSphamandla uhambe ezinyathelweni zikayise.

by Vateka Halile
23rd November 2023
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UMnuz Sphamandla Fakude uthi isifiso abo ukuthi iMtolo Farming iqhubeke izizukulwane ngezizukulwane.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Ukukhulela esigodini KwesakwaMthethwa, Empangeni, KwaZulu-Natali, kwenza uMnuz Sphamandla Fakude aqonde ukuthi ezolimo yibhizinisi lomndeni wakhe. Ngo-2014 ngesikhathi uyise, u-Anthony, ethatha umhlalaphansi, ungene kwezolimo enzela ukuchitha isizungu. Akuthathanga sikhathi kwagcina sekuyindlela aphila ngayo. UFakude uqale ukusebenza noyise ebhizinisini lezolimo ngokusemthethweni ngo-2015. 

Umndeni wakwaFakude ubusuhlale iminyaka Esikhawini, kodwa kuthe uma uFakude ethatha umhlalaphansi, baphindela KwesakwaMthethwa lapho beqale khona ukutshala izinhlobo zamaveji okukhona kuzo ummbila, ubhontshisi, ispinach, iklabishi, u-lettuce, utamatisi, i-butternut, upelepele, u-carrot, u-anyanisi, u-green pepper okutshalwe emhlabeni ongamahekthare amathathu.

UMnuz Sphamandla Fakude amakhasimende abo amakhulu abadayisi basemgwaqweni abathenga umkhiqizo omningi ngesikhathi. 

Ebuzwa ukuthi kuqale kanjani ngo-2014, uFakude uthe umhlaba abawusebenzisayo manje wawukade uyihlathi elinezihlahla notshani.

Emva konyaka wonke bewulungisa, bafaka amapitsi, futhi babiya. Uqale ukulima ngokusemthethweni ngo-2015.  baphinde babiya – ube eseqala ukutshala ngo-2015, esikhathini lapho iKZN yayibhekene nenkinga yesomiso futhi kunenqwaba yabalimi ebidayisa imfuyo yayo noma ithuthela kwezinye izindawo. 

“Kuwo wonke lowo nyaka ubaba ubebambisene nomama wethu, (uNkk) uLindiwe Fakude babebambisene bengilekelela ngaleso sikhathi uma ngithole ithuba.”

Amathanela asisizile 

Umndeni wakwaFakude wabona ukuthi ukusebenzisa amathanela yiyona ndlela engcono yokuqhubeka nokulima ngesikhathi sesomiso ngo-2014 kuya ku-2015 eKZN. 

Utshele iFood For Mzansi ukuthi into enkulu esizayo ngokutshala kumathanela ukukwazi ukutshala nanoma ngabe yisiphi isikhathi sonyaka. 

“Isifiso sethu ukutshala ukudla okungalimwa nanoma ngabe yinini, ngakho amathanela asisizile.”

Sebezokwengeza no-anyanisi ekudleni abakutshalayo besebenzisa amathanela.

Umndeni obambisene 

UFakude uthe umndeni yiwona obaluleke kakhulu, ikakhulukazi uma izinto ziba nzima.

Ngesikhathi iMtolo Farming ilungiselela ukukhiqiza ukudla okungatshalwa unyaka wonke kumathanela.

“Umndeni wethu unezinkinga njengeminye. Kodwa sikhuliswe ngokuthi sithandane futhi sesekane nanokuthi sikhulume uma kukhona okonakele. Yiyona ndlela esikwaze ngayo ukukhulisa iMtolo Farming ndawonye,” kusho uFakude. 

“Ngabe asikho lapha ukube asimthembi uNkulunkulu. Asingcono kunabanye abantu, kuphela nje sizikhandlile ukuze sifeze iphupho elifanayo.”

UFakude wengeze ukuthi ngesikhathi beyiqala iMtolo, izingane zakwabo, uZanele no-Ayanda zazimatasa. U-Ayanda wayesasenyuvesi kanti uZanele wayesebenza. Kodwa izinto sezingcono ngoba nabo sebeyingxenye yebhizinisi. Inhloso yabo ukuqhuba umsebenzi izizukulwane ngezizukulwane. 

“Senza isiqiniseko sokuthi siba ndwonye ngamaholidi uma kuvalwe izikole ukuze izingane zethu zazane futhi iMtolo Farming iqhubeke ngisho sesingasekho.”

Bakha ifa lomndeni

IMtolo Farming yibhizinisi elinezifiso ezinkulu zokuba yisikhondlakhondla eKZN nasezweni lonke. UFakude uthi izitshalo zabo ziyinyama kangangokuthi abakwazi ukumelana nakho konke okudingwa umphakathi waseMpangeni. Ngakho, banamahekthare amthathu adinga ukuphuculwa ukumelana nomthamo womsebenzi. 

“Ukube besinomhlaba owanele bekungenza umehluko omkhulu kithina. Ukuba yinkampani encane kusinqinda ukwenza izinto ezifana nokuqasha abantu.”

Uthe ukholwa wukuthi ezolimo akumele kube yinto umuntu ayikhethayo, ukholwa ukuthi ngelinye ilanga iNingizimu Afrika iyoba nenkinga ingakwazi ukuthenga nokudayisela amanye amazwe ukudla futhi abantu bayozisola ukuthi abaqalanga ngani ukuzitshalela ukudla kwabo kusanesikhathi.

“Okungikhathaza kakhulu wukuthi kuyokwenzekani mhla sekungabantu abathile bodwa abakwazi ukuthenga ukudla ezitolo? Ukuzitshalela ukudla yiyona ndlela yokusombulula lenkinga.”

Basabalalisa umsebenzi wabo 

Badayisela iFood Lover’s Market, iBoxer naseSpar waseMpangeni. UFakude uthe usekuqakuphelile ukuthi amakhasimende abo amaningi ngabadayisi basemgwaqweni abathenga umkhiqizo omningi ngesikhathi futhi kwesinye isikhathi kunzima ukudayisela  amakhasimende amaningi kakhulu. 

Ubonge bonke ababasekile ukuze iMtolo Farming izoba lapho isikhona manje.

Ukukhulisa ibhizinisi lo mndeni yisifiso esihle. Kodwa lingafezeka ngokuba nezinhloso ezingangamandla akho, ukuzikhandla, ukuzinikela futhi ukuphokophela. Ukusebenza nomndeni wakho ukufeza lelo phupho kwenza nisondelane futhi nakhe ifa lo mndeni. Yikho kanye lokhu iMtolo Farming ekwemzile.

Thola izinda ngoshintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi

FUNDA FUTHI: Yini okufanele uyiqaphele uma uhlanganisa imikhiqizo yobisi lwezinkomo

Vateka Halile

Vateka Halile grew up in rural areas of Cofimvaba in the Eastern Cape. She was raised in a traditional family setting and found writing to be a source of comfort and escape. Vateka participated in an online citizen journalism course through Food For Mzansi, and her passion for health and medicine-related stories was born. Her dedication to community work and love for social justice and solidarity spaces is evident in her quality time with the community when she isn't working.

Tags: KwaZulu-NatalVegetable farmer
News

Stop the rot: Four steps to slash post-harvest losses

by Abeeb Omotoso Abiodun Omotayo Adeyemi Aremu and Olaniyi Fawole
18th October 2026

Did you know nearly a third of all food produced globally never makes it to the table? Poor roads, lack...

Read moreDetails
A standing ovation for agriculture’s incredible talent! The Agri’s Got Talent 2026 top three celebrate their achievements: winner Honey Katoo of Endulini Fruit in Patensie, alongside runner-up Clareece Vlotman of Wolfpack in Wolseley and finalist Lwandile Nantsi of Laastedrift in Ceres. Photo: Supplied/Food For Mzansi

Patensie claims Agri’s Got Talent crown for second year running

17th October 2026
The panellists at FNB Business’s “Farming together” discussion at the Royal Show explored how market access, mentorship, financial discipline and strong commercial relationships can help farmers build sustainable businesses. Featured from the left are Bertram July (FNB’s distribution sales lead), commercial farmer Shakes Shabalala; Sandy Gumede (co-founder of Zulu Girl Wines), and Janis Robson (FNB’s head of development and SME business development). Photo: Food For Mzansi

FNB puts relationships at the heart of commercial farming

17th October 2026
Agri Skills Transfer students gain hands-on experience at the institution’s Cullinan Farm Training Centre, where agricultural theory meets the realities of commercial production. Photo: Supplied/Food For Mzansi

Build your future in agriculture with Agri Skills Transfer

17th October 2026
Durbanville Hills tastes sweet success at Michelangelo Awards

Promising early conditions predicted for 2027 SA wine harvest

17th October 2026

Stop the rot: Four steps to slash post-harvest losses

Build your future in agriculture with Agri Skills Transfer

Fixing SA’s agricultural visa system to protect seasonal harvests

Reality check: What SA agri interns really experience on the farm

How animal welfare and human rights shape food security

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Key figures speaking at Food For Mzansi’s 2024 AgriFuture SA conference: Theo Boshoff (Agbiz), Leona Archary (Agda), Tebogo Mokgoadi (Kagiso Trust), Fhumulani Mashau (Fruit SA, Abongile Balarane (South African Poultry Association), and Thandokwakhe Sibiya (South African Farmers Development Association). Photos: Supplied/Food For Mzansi

2024 AgriFuture SA conference to unveil path for sector’s future

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Potatoes and tomatoes plunge while avocado prices soar

Becoming bankable: How to get your farm ready for finance

Fixing SA’s agricultural visa system to protect seasonal harvests

SA and Namibia reevaluate livestock trade after FMD outbreak

Agda conference to tackle finance, market access and agri growth

Reluctant farmer scales EC cabbage enterprise to supply Spar

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

About this assistant

This feature generates automated answers summarised from Food For Mzansi articles. By using it, you are interacting with an AI system (provided by Google), not a human. AI can make mistakes. Please refer to the source articles for verification and citation purposes.

Our staff do not check or moderate Lerato’s answers in advance, but may review some later. Our journalists continue to write and edit all the articles Lerato uses as sources.

To estimate unique and returning web users, we store a random browser ID in this browser. WhatsApp users are counted by phone number. The same person using both channels may be counted twice.

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2026 Food for Mzansi