Wednesday, July 22, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo elilokhu likhule njalo.

by Vateka Halile
24th November 2023
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UNksz Zaza Mbatha wasOsizwe uyaziqhenya ngasekuzuzile ngengadi yakhe yokudla.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Esemncane uNksz Zaza Mbatha wasOsizweni, eNewcastle, KwaZulu-Natali, wayesebenza engadini ngoba ethunyiwe kodwa engazi ukuthi ngelinye ilanga kungagcina kuyinto ayizwa ekhaleni.

Namhlanje uNksz Mbatha useziphilisa ngengadi yize ayengakufuni nokukubona ngesikhathi unina emcela ukuthi alekelele. Kuyinselelo kuyena ukulima kodwa uzinika isikhathi sokukwenza ngothando.

Gardening gives KZN's Mbatha a pep in her step
UNksz Zaza Mbatha uthi ukulima kusho ukusebenzisa imali encane.

Engadini ewu-12×12 square metre utshale, ubeetroot, ubroccoli, ucarrot, ijalapeno, upelepele, ikalabishi eliluhlaza nelibomvu, u-anyanisi obomvu, upepper, ithanga, utamatisi,  ugarlic, icoriander, imint, ugreen beans, ubhontshisi wesizulu, amabele, ulettuce, nezithelo (amawolintshi, amaguwava, i-apricot, ulamula, umkhiwane, izindoni, ukotapeya, amapentshisi) nesipinashi. 

Uthi wayefisa ukuba wudokotela kodwa washintsha umqondo eselandela umkhakha wobusonhlalakahle, izifundo agcina engaziphothulanga.

Uthuthele eGoli lapho esebenze khona iminyaka engaphezu kwewu-20 embonini ezimele enzela ukukhulisa ingane yakhe. Udiliziwe ngo-2018 futhi waphoqeleka ukudayisa umuzi wakhe ukuze athuthele eduze komndeni wakhe eKZN. 

“Ngathenga umuzi, ngenhlanhla wawunegceke elikhulu. Ngangixakekile futhi imali engiyongile incipha ngase ngiqala ukulima.”

Usizo lwezinkundla zokuxhumana 

Konke ayeqale engakwazi ngezolimo, wakufunda ngokuxhumana nabanye abalimi ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kuFacebook. Uthole ulwazi lokunakekela izitshalo kanjalo nokwazi ukuthi yiziphi izitshalo ezitshalwa ngasiphi isikhathi. 

“Yize ngaqala ngenza amaphutha ngisaqala kodwa manje sengiyakwazi ukwenza kahle ezinye izinto,” usho kanje.UNksz Mbatha uqale etshala ispinashi, iklabishi nebutternut. Yize ibutternut lishabalele ngo-Ephreli, ispinashi neklabishi bekukhephuzela.

Amakhono okuzithuthukisa

“Ngiqale ngisebenzisa ulwazi engilutholile. Ukususa izinambuzane, ngaqale ngasebenzisa izindlela ezijwayelekile kodwa ezingaxubi amakhemikhali,” kusho uNksz Mbatha. 

Uthi usebenzisa ineem oil ukuqeda izinambuzane ezitshalweni zayo. UNksz Mbatha uthi kuyabiza kodwa kusebenza kahle. Usebenzisa umanyolo wezimbuzi nezinkomo. 

Ukuzethemba kwakhe kukhuliswe ukuba nomkhiqizo omuhle futhi onempilo. Kube ngaphezu kwalokhu umndeni wakhe obukudinga ngakho uqale wapha abangani nomakhelwane kanti babengawuvali umlomo. 

“Ngonyaka odlule utamatisi odayise kakhulu, wawumningi kakhulu. Nginqume ukukhuluma nezitolo zendawo.”

UNksz Mbatha uthe waphindela ekhaya esenezitolo ezintathu ezasezivumile. “Sonke sidla kulesi sivumo futhi senza inzuzo enhle.”

Useyawugaya umkhiqizo wakhe

UNksz Mbatha waphelelwa umsebenzi emva kokudilizwa ngesikhathi eqala ukulima. Wayekhathazekile ngomphako wezingane ngakho waqala wahlanganisa izithelo engadini yakhe waxova ujamu awugcoba esinkweni sazo. 

Gardening gives KZN's Mbatha a pep in her step
UNksz Zaza Mbatha uzenzela ujamu wakhe netiye elinongwe ngamakhambi asengadini yakhe. 

“Ngabona nokuthi ngingenza ijusi yamawolintshi, ngakho ngenza lokho futhi yayimnandi.”

UNksz Mbatha wenza nechilli sauce ngopelepele osegcekeni lakhe futhi izingane zayijabulela kuma-burger azo.

“Ngiwuhlobo lomuntu ongakuthandi ukudla okuthule nje. Ngihlale ngenza isiqiniseko sokuthi ukudla kubukeka kahle. Yingakho ngidinga ukuzitshalela ukudla kwami.”

Uthi usebenzisa ispinach ukwenza i-savoury rice, imint ukunonga itiye lakhe le-rooibos, abuye engeze ngamawolintshi kwesinye isikhathi. 

“Ngihlela ukugxila ekwenzeni izidlo ezingenayo inyama ngemikhiqizo yami.”

Mbatha adds that she isn’t bothered by her age since everything happened at the perfect moment, and she is eager to shine even more in the future. 

UNksz Mbatha uthe ayimkhathazi indaba yeminyaka yakhe ngoba yonke into yenzeka ngesikhathi sayo futhi uzimisele ukuphokophela ukuthi ikusasa lami liqhakazile. 

FUTHI FUTHI: UMama Joye unqobe ubunzima ukondla umndeni wakhe

Thola izindaba zoshintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi.

Vateka Halile

Vateka Halile grew up in rural areas of Cofimvaba in the Eastern Cape. She was raised in a traditional family setting and found writing to be a source of comfort and escape. Vateka participated in an online citizen journalism course through Food For Mzansi, and her passion for health and medicine-related stories was born. Her dedication to community work and love for social justice and solidarity spaces is evident in her quality time with the community when she isn't working.

Tags: KwaZulu-NatalWomen in Agriculture
Harnessing the power of passive rainwater harvesting
News

Deadline looms: Register water use by 23 July or risk penalties

by Lisakanya Venna
20th July 2026

South African water users have until 23 July 2026 to declare their usage to the DWS. Whether you’ve bought new...

Read moreDetails
This week’s agri events: 20 – 24 July

This week’s agri events: 20 – 24 July

20th July 2026

Climate change: SA’s food processors are feeling the heat

19th July 2026
The Forest of Renewal at Rustlers Valley celebrates the intertwined legacies of Frik Grobbelaar, Anton Chaka and Riky Rick, inviting South Africans to restore the land while cultivating hope, belonging and community. Illustration: ChatGPT

Rustlers Valley offers a blueprint for South Africa’s renewal

18th July 2026
Grain SA appoints Mabuza to lead farmer development

Rising stars: 2026 PGP finalists redefining SA grain farming

18th July 2026

Deadline looms: Register water use by 23 July or risk penalties

Early harvest and larger crops mark unusual 2026 lemon season

No one-size-fits-all: Liane’s lessons on leaving the land better

This week’s agri events: 20 – 24 July

Rustlers Valley offers a blueprint for South Africa’s renewal

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Podcast: Navigating sorghum crop health challenges and solutions

Podcast: Learn how plant diseases can strike in sorghum

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

No one-size-fits-all: Liane’s lessons on leaving the land better

Shoprite hits 300th food garden milestone in Bredasdorp

Tech and solar upgrades drive growth at Ceres Fruit Growers

Smart vineyard irrigation starts below the ground

Treat food processing as essential national infrastructure – Khoury

Farmers urged to embrace uncertainty and build resilience

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.