Saturday, September 5, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

UMorake uyikha ngamafosholo imali ebhizinisi lo mkhiqizo wobisi

Yize kudingeke ukuthi kube khona izinto azidelayo uNkk Mapula Morake ngesikhathi esakhulisa ibhizinisi lakhe iLa-Gomza, lo mama waseSoweto unezinhlelo ezinkulu ngekusasa lakhe njengoba ezimisele ukukhulisa le nkampani eguqula imikhiqizo yezolimo.

by Sinenhlanhla Mncwango
23rd October 2023
UMorake uyikha ngamafosholo imali ebhizinisi lo mkhiqizo wobisi

UNkk Mapula Morake ukholwa ukuthi ukuzikhandla yikona okuzomphumelelisa.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Ngesikhathi umhlaba ume nse ngasekuqaleni kweCOVID-19, uNkk Mapula Morake waseMeadowlands, eSoweto, waqhamuka neqhinga lokuziphilisa ngokuungula ibhizinisi eliguqula umkhiqizo wezolimo, iLa-Gomza, eselivelele. 

UNkk Morake ozalwa eHammanskraal, uyakholelwa ekutheni kufanele ayilwele into ayifunayo. 

“Ngiqale leli bhizinisi lokuguqula umkhiqizo wobisi ukulwa nendlala. Indlala ngenye yezinkinga ezinkulu ezweni lethu, futhi ngicabanga ukuthi kungenzeka sibe nenkinga yokushodelwa wukudla ngenxa yokushoda kwagesi. Ukuguqula umkhiqzo wezolimo kuyasiza ukuqeda indlala,” usho kanje.

Ukuba wumama kuthela izithelo 

Emva kokuthola kuthi indondana yakhe encane eyayineminyaka eyisithupha ngaleso sikhathi, iyazifela nge-yoghurt, waqala kancane ezijwayeza ukuyenza ekhishini lakwakhe. 

Uthi njengoba ayengenamava nalwazi kwezolimo, walandela lokhu igazi elalimtshela khona, waqala kanjalo ethi enzela ukujabulisa indodana yakhe. Waqala ngokuxuba impuphu ka-jelly nobisi ayethi uma esekuxubile bese ekufaka efrijini. 

Okunye okwamkhuthaza ukwenza i-yoghurt,ukuthi iyasiza kakhulu ezinganeni ezincane ngoba inezakhamzimba ezifana ne-protein, i-calcium ne-potassium. 

Kuthe ngokujwayela, wagcina esengenza izithelo kuyona – kwathi ngokukhuthazwa nokwesekwa wumyeni wakhe, lazaleka kanjalo ibhizinisi lokuguqula umkhiqizo wobiso ukwenza amasi ne-yoghurt. 

“Sengigcine sengiguqula umkhiqizo wobisi, ngangizenzela nje ukuqeda isithukuthezi ngesikhathi izwe livaliwe. Ngangenzela umndeni wami izinto ngingazinakile okutheni,” kusho yena.

Uzame izinto ezihlukene

Utshele iFood For Mzansi ukuthi ngenxa yokungabi nalo ulwazi lokuguqula umkhiqizo wobisi, kwadingeka enze ucwaningo ukuze aphucule imikhiqizo yakhe. 

Uthi konke lokho kwakungelula futhi kwathatha isikhathi eside, wasizwa wukubekezela osekuthele izithelo njengoba manje eLa-Gomza esekhiqiza i-drinking yoghurt, ifruit yoghurt, amasi nejusi yezithelo akukhiqizela iFood Lover’s Market, izitolo ezine zasePick n’Pay, izitolo zePolar Ice Cream nezipaza eSoweto.  

UNkk Morake uthi yize kumnandi ukuvuna izithelo zomsebenzi wakhe, kodwa akulula ebhizinisini futhi abasebenzi bashiya njalo. Uthi: “Muningi umsebenzi futhi unzima okwenza abasebenzi bashiye ngoba akulula.”

“Angikabi nayo imishini yesimanje engingavele ngicindezele. Ngibonda ubisi ngokwami okuyingakho abantu engibaqashayo bengahlali isikhathi eside ngoba akulula ukwenza lokho. Umuntu uhlala isonto noma inyanga bese eyashiya ngenxa yobunzima bomsebenzi obudinga nesineke esikhulu. 

“Kuthatha isikhathi eside kodwa uma ngingathola umshini kungaba lula. Kuyenzeka ngicabange ukuphonsa ithawula kodwa ngikhumbule ukuthi kukude kangakanani la engisuka khona, ngizitshele ukuthi uma ngingahlanganisa imali eyanele, ngingayitshala emshinini okungenza ngiguqule ubisi masinyane. Angazi kanjani kodwa ngikholwa ukuthi akukho okungenzeki kuNkulunkulu.”  

‘Ngiyazithemba’

Ukuzikhandla kukhiqiza le miphumela ayifunayo yize kusayibhizinisi elincane.  Lokhu kwenza angalikhangisi ngamandla ibhizinisi lakhe ngoba akakabi nazo izinsizakusebenza ezenele ukukhiqiza okungaphezu kwalokhu akwenzayo. 

“Ngiyazethemba futhi ngiyayazi into engiyifunayo, okungigqugquzelayo ukuthi ngizikhandle,” usho kanje. 

Nakuba ibhizinisi likhula kahle, uNkk uMorake ukhala ngokuthi linomphumela omubi emndenini wakhe ngoba akasenaso isikhathi esanele sokuhlala nezingane zakhe. Yize kunjalo, umndeni wakhe yiwo kanye omesekayo.

Ukuzidela

“Umndeni wami yiwona oyinsika yami ngoba kuyenzeka ngingabi naso isikhathi sokuhlala nabo. Uthunjana wami uneminyaka eyisishiyagalolunye kanti kwesinye isikhathi angikwazi nokuhlala naye phansi, ngimsize ngomsebenzi wakhe wesikole, okuphoqa ukuthi asizwe wumfowabo. Asikho ngempela isikhathi; bese ngizitshele ukuthi ngizophumula ngezimpelasonto, kodwa ama-oda ayangena nsukuzonke.”

Ilukululu lokunakekela umndeni wakhe yilona elimgqugquzelayo njengoba ezimisele ukudlondlobalisa iLa-Gomza igcine isiyinkampani enkulu eyenza umkhiqizo wobisi edayisela amanye amazwe e-Afrika. 

“Uma uzazi ukuthi ufunani empilweni, akulula kodwa kufanele ulokhu uzamile. Ngingaluleka noma ubani ofisa ukuqala noma yiliphi ibhizinisi ukuthi angapheli amandla ngoba kudingeka isineke,” usho kanje ehleka kancane. 

OKUNYE ONGAKUFUNDA: UMchunu owayenguDJ wenza izinto zenzeke epulazini lakhe

Yiba yingxenye yeMzansi Today: Izindaba zansukuzonke ngokwenzeka kwezolimo

Sinenhlanhla Mncwango

Sinenhlanhla Mncwango is from a small town in KZN. She is a Journalism Honours graduate from the University of Johannesburg and has experience in online news, sports journalism and radio. She enjoys a good game of cricket and hockey and is interested in learning different languages.

Tags: Agro-processingblack female farmersCommercialising farmerConsumer interestStimulate meyogurt
News

Aucamp outlines strategy for biosecurity, trade, and infrastructure

by Tiisetso Manoko
2nd September 2026

In an exclusive interview with Food For Mzansi, agriculture minister Willie Aucamp outlines his vision to accelerate the AAMP, tackle...

Read moreDetails
Tobias Doyer, CEO of Grain SA. Photo: Supplied/Grain SA Facebook

Rising costs, climate risk push Swartland wheat farmers to the brink

2nd September 2026
Sick spuds: No need to panic as SA’s potatoes are banned in Zim

Potato turning point ahead as onions double in price year-on-year

1st September 2026
Early calf care: Key growth targets every cattle farmer must track

Early calf care: Key growth targets every cattle farmer must track

1st September 2026

How to align your farming cycles with long-term financial success

1st September 2026

Potato turning point ahead as onions double in price year-on-year

Dragon fruit thrives in KZN valley despite tough national season

Foot-and-mouth crisis hits SA dairy industry with R1-billion loss

Strategic support sparks record-breaking growth at WC grape farm

Chicken is booming, but the real money is in the supply chain

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Fruit South Africa looks ahead amid 10-year celebrations

Fruit South Africa looks ahead amid 10-year celebrations

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Honoured roots: A father’s legacy, a daughter’s farming dream

Gauteng farmers urged to harness massive urban market

Foot-and-mouth crisis hits SA dairy industry with R1-billion loss

Tough times, hardy cattle: Why Mzansi farmers are choosing Nguni

Dragon fruit thrives in KZN valley despite tough national season

Government hikes sugar import price, but industry warns of gap

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.