Tuesday, October 20, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

UMorake uyikha ngamafosholo imali ebhizinisi lo mkhiqizo wobisi

Yize kudingeke ukuthi kube khona izinto azidelayo uNkk Mapula Morake ngesikhathi esakhulisa ibhizinisi lakhe iLa-Gomza, lo mama waseSoweto unezinhlelo ezinkulu ngekusasa lakhe njengoba ezimisele ukukhulisa le nkampani eguqula imikhiqizo yezolimo.

by Sinenhlanhla Mncwango
23rd October 2023
UMorake uyikha ngamafosholo imali ebhizinisi lo mkhiqizo wobisi

UNkk Mapula Morake ukholwa ukuthi ukuzikhandla yikona okuzomphumelelisa.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Ngesikhathi umhlaba ume nse ngasekuqaleni kweCOVID-19, uNkk Mapula Morake waseMeadowlands, eSoweto, waqhamuka neqhinga lokuziphilisa ngokuungula ibhizinisi eliguqula umkhiqizo wezolimo, iLa-Gomza, eselivelele. 

UNkk Morake ozalwa eHammanskraal, uyakholelwa ekutheni kufanele ayilwele into ayifunayo. 

“Ngiqale leli bhizinisi lokuguqula umkhiqizo wobisi ukulwa nendlala. Indlala ngenye yezinkinga ezinkulu ezweni lethu, futhi ngicabanga ukuthi kungenzeka sibe nenkinga yokushodelwa wukudla ngenxa yokushoda kwagesi. Ukuguqula umkhiqzo wezolimo kuyasiza ukuqeda indlala,” usho kanje.

Ukuba wumama kuthela izithelo 

Emva kokuthola kuthi indondana yakhe encane eyayineminyaka eyisithupha ngaleso sikhathi, iyazifela nge-yoghurt, waqala kancane ezijwayeza ukuyenza ekhishini lakwakhe. 

Uthi njengoba ayengenamava nalwazi kwezolimo, walandela lokhu igazi elalimtshela khona, waqala kanjalo ethi enzela ukujabulisa indodana yakhe. Waqala ngokuxuba impuphu ka-jelly nobisi ayethi uma esekuxubile bese ekufaka efrijini. 

Okunye okwamkhuthaza ukwenza i-yoghurt,ukuthi iyasiza kakhulu ezinganeni ezincane ngoba inezakhamzimba ezifana ne-protein, i-calcium ne-potassium. 

Kuthe ngokujwayela, wagcina esengenza izithelo kuyona – kwathi ngokukhuthazwa nokwesekwa wumyeni wakhe, lazaleka kanjalo ibhizinisi lokuguqula umkhiqizo wobiso ukwenza amasi ne-yoghurt. 

“Sengigcine sengiguqula umkhiqizo wobisi, ngangizenzela nje ukuqeda isithukuthezi ngesikhathi izwe livaliwe. Ngangenzela umndeni wami izinto ngingazinakile okutheni,” kusho yena.

Uzame izinto ezihlukene

Utshele iFood For Mzansi ukuthi ngenxa yokungabi nalo ulwazi lokuguqula umkhiqizo wobisi, kwadingeka enze ucwaningo ukuze aphucule imikhiqizo yakhe. 

Uthi konke lokho kwakungelula futhi kwathatha isikhathi eside, wasizwa wukubekezela osekuthele izithelo njengoba manje eLa-Gomza esekhiqiza i-drinking yoghurt, ifruit yoghurt, amasi nejusi yezithelo akukhiqizela iFood Lover’s Market, izitolo ezine zasePick n’Pay, izitolo zePolar Ice Cream nezipaza eSoweto.  

UNkk Morake uthi yize kumnandi ukuvuna izithelo zomsebenzi wakhe, kodwa akulula ebhizinisini futhi abasebenzi bashiya njalo. Uthi: “Muningi umsebenzi futhi unzima okwenza abasebenzi bashiye ngoba akulula.”

“Angikabi nayo imishini yesimanje engingavele ngicindezele. Ngibonda ubisi ngokwami okuyingakho abantu engibaqashayo bengahlali isikhathi eside ngoba akulula ukwenza lokho. Umuntu uhlala isonto noma inyanga bese eyashiya ngenxa yobunzima bomsebenzi obudinga nesineke esikhulu. 

“Kuthatha isikhathi eside kodwa uma ngingathola umshini kungaba lula. Kuyenzeka ngicabange ukuphonsa ithawula kodwa ngikhumbule ukuthi kukude kangakanani la engisuka khona, ngizitshele ukuthi uma ngingahlanganisa imali eyanele, ngingayitshala emshinini okungenza ngiguqule ubisi masinyane. Angazi kanjani kodwa ngikholwa ukuthi akukho okungenzeki kuNkulunkulu.”  

‘Ngiyazithemba’

Ukuzikhandla kukhiqiza le miphumela ayifunayo yize kusayibhizinisi elincane.  Lokhu kwenza angalikhangisi ngamandla ibhizinisi lakhe ngoba akakabi nazo izinsizakusebenza ezenele ukukhiqiza okungaphezu kwalokhu akwenzayo. 

“Ngiyazethemba futhi ngiyayazi into engiyifunayo, okungigqugquzelayo ukuthi ngizikhandle,” usho kanje. 

Nakuba ibhizinisi likhula kahle, uNkk uMorake ukhala ngokuthi linomphumela omubi emndenini wakhe ngoba akasenaso isikhathi esanele sokuhlala nezingane zakhe. Yize kunjalo, umndeni wakhe yiwo kanye omesekayo.

Ukuzidela

“Umndeni wami yiwona oyinsika yami ngoba kuyenzeka ngingabi naso isikhathi sokuhlala nabo. Uthunjana wami uneminyaka eyisishiyagalolunye kanti kwesinye isikhathi angikwazi nokuhlala naye phansi, ngimsize ngomsebenzi wakhe wesikole, okuphoqa ukuthi asizwe wumfowabo. Asikho ngempela isikhathi; bese ngizitshele ukuthi ngizophumula ngezimpelasonto, kodwa ama-oda ayangena nsukuzonke.”

Ilukululu lokunakekela umndeni wakhe yilona elimgqugquzelayo njengoba ezimisele ukudlondlobalisa iLa-Gomza igcine isiyinkampani enkulu eyenza umkhiqizo wobisi edayisela amanye amazwe e-Afrika. 

“Uma uzazi ukuthi ufunani empilweni, akulula kodwa kufanele ulokhu uzamile. Ngingaluleka noma ubani ofisa ukuqala noma yiliphi ibhizinisi ukuthi angapheli amandla ngoba kudingeka isineke,” usho kanje ehleka kancane. 

OKUNYE ONGAKUFUNDA: UMchunu owayenguDJ wenza izinto zenzeke epulazini lakhe

Yiba yingxenye yeMzansi Today: Izindaba zansukuzonke ngokwenzeka kwezolimo

Sinenhlanhla Mncwango

Sinenhlanhla Mncwango is from a small town in KZN. She is a Journalism Honours graduate from the University of Johannesburg and has experience in online news, sports journalism and radio. She enjoys a good game of cricket and hockey and is interested in learning different languages.

Tags: Agro-processingblack female farmersCommercialising farmerConsumer interestStimulate meyogurt
News

Stop the rot: Four steps to slash post-harvest losses

by Abeeb Omotoso Abiodun Omotayo Adeyemi Aremu and Olaniyi Fawole
18th October 2026

Did you know nearly a third of all food produced globally never makes it to the table? Poor roads, lack...

Read moreDetails
A standing ovation for agriculture’s incredible talent! The Agri’s Got Talent 2026 top three celebrate their achievements: winner Honey Katoo of Endulini Fruit in Patensie, alongside runner-up Clareece Vlotman of Wolfpack in Wolseley and finalist Lwandile Nantsi of Laastedrift in Ceres. Photo: Supplied/Food For Mzansi

Patensie claims Agri’s Got Talent crown for second year running

17th October 2026
The panellists at FNB Business’s “Farming together” discussion at the Royal Show explored how market access, mentorship, financial discipline and strong commercial relationships can help farmers build sustainable businesses. Featured from the left are Bertram July (FNB’s distribution sales lead), commercial farmer Shakes Shabalala; Sandy Gumede (co-founder of Zulu Girl Wines), and Janis Robson (FNB’s head of development and SME business development). Photo: Food For Mzansi

FNB puts relationships at the heart of commercial farming

17th October 2026
Agri Skills Transfer students gain hands-on experience at the institution’s Cullinan Farm Training Centre, where agricultural theory meets the realities of commercial production. Photo: Supplied/Food For Mzansi

Build your future in agriculture with Agri Skills Transfer

17th October 2026
Durbanville Hills tastes sweet success at Michelangelo Awards

Promising early conditions predicted for 2027 SA wine harvest

17th October 2026

Reclaiming the kraal: Cultural heritage sparks a farming dream

Promising early conditions predicted for 2027 SA wine harvest

Fixing SA’s agricultural visa system to protect seasonal harvests

Potatoes and tomatoes plunge while avocado prices soar

Build your future in agriculture with Agri Skills Transfer

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Fruit South Africa looks ahead amid 10-year celebrations

Fruit South Africa looks ahead amid 10-year celebrations

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Potatoes and tomatoes plunge while avocado prices soar

Becoming bankable: How to get your farm ready for finance

Fixing SA’s agricultural visa system to protect seasonal harvests

SA and Namibia reevaluate livestock trade after FMD outbreak

Agda conference to tackle finance, market access and agri growth

Reluctant farmer scales EC cabbage enterprise to supply Spar

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

About this assistant

This feature generates automated answers summarised from Food For Mzansi articles. By using it, you are interacting with an AI system (provided by Google), not a human. AI can make mistakes. Please refer to the source articles for verification and citation purposes.

Our staff do not check or moderate Lerato’s answers in advance, but may review some later. Our journalists continue to write and edit all the articles Lerato uses as sources.

To estimate unique and returning web users, we store a random browser ID in this browser. WhatsApp users are counted by phone number. The same person using both channels may be counted twice.

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2026 Food for Mzansi