Kukhona izinto okwafuneka ukuthi uNgalavu azifunde njengoba wayesenqume ukuthi uzongena kwezolimo ukuze ondle umndeni wakhe nomphakathi walapho ehlala khona. Lo thisha uphase ngamalengiso ezintweni abezifunda zezolimo.
UNgalavu uthe unqume ukusebenzisa indawo evulelekile ukutshala amaveji. Ukholwa ukuthi ezolimo azipheleli ekukhiqizeni ukudla kodwa zisho ukuletha ithemba kulabo elibaphelele. UNgalavu owumnikazi weShammah AgriFarm, utshele iFood For Mzani ukuthi ezolimo zisegazini kuyena. Iphupho lakhe ukubona intsha eningi iba ngamalimi ngoba kuningi ukudla okudingekayo ngenxa yokunyuka kwesibalo sabantu abakhona ezweni.
Uqale kanjani
“Mina nomkami sabona igebe emakethe ngoba babengekho abatshale amaveji lapho sihlala khona eThornville, eMgungundlovu. Ngakho sabona ukuthi asingapholisi maseko siqale silime.

“Sinomhlaba ongamahekthare awu-5.6 abawuqashile iminyaka emihlanu. Sikhiqiza isipinashi neklabishi, sithemba ukuthi sizokwengeza ezinye izitshalo uma sesinomunye umhlaba.”
UNgalavu uthe badayisela izitolo ezimbili zakwaBoxer eMgungundlovu kanjalo namalungu omphakathi.
“Ngesikhathi siqala inhloso yethu kwakuwukuvala igebe elikhona phakathi kokushoda kokudla nemisebenzi. Umuntu ongasebenzi akakwazi ukuthenga ukudla ikakhulukazi uma kufanele bahambe ibanga elide ukuyothenga amaveji.
“Thina silimela ukuqinisekisa ukuthi abantu esakhelene nabo bakwazi ukuthola lamaveji esiwakhiqizayo, iqiniso wukuthi, ukudla kuyimpilo futhi sidinga ukudla zonke izinsuku.”
Umkakhe uyena oqhuba ibhizinisi ngesikhathi yena esemsebenzini,
uyamelekelela uma esebuyile esikoleni. Uthi into enkulu eyenziwa ngu-Ayanda wukudiliva umkhiqizo phakathi nezinsuku nokuqinisekisa ukuthi konke kumi ngomumo ngezidingo zebhizinisi.
“Inseleo enkulu kusukela siqalile kuze kube yimanje ukuthi sibheka indawo yethu esingalima kuyo, sifisa ukwandisa umkhiqizo wethu. Uma uhulumeni
engasisiza ngomhlaba omkhulu, singabonga.”
‘Singatshala okuthe xaxa’
UNgalavu uthi yize bethole ithuba lokusebenzisa umhlaba abalima kuwo, isifiso sakhe wukuba nomhlaba wabo ukuze imali abaqashe ngayo bezoyisebenzisela ukwandisa umkhiqizo wabo.
“Sibona inkampani yethu izoqasha abantu abawu-100, uma senza njalo, sizonciphisa ukuntuleka kwemisebenzi okungenye yezinto eziyingozi enkulu ezweni. Uma sinomhlaba omkhulu, singatshala konke esikufisayo okungandisa umkhiqizo wethu.”

Ngokusho kukaNgalavu, imindeni yabo yombili iyona ebesekayo futhi ebagqugquzelayo ukuthi babhukule nangezikhathi ezinzima.
“Sesikhule kangaka ngenxa yendlela abafake ngayo isandla futhi bafaka nemali yabo. Imindeni yethu yaseseka kusukela kusayinto esiyicabangayo sizixoxela ngayo. Basigqugquzela ukuthi sibhukule ukuze kungagcini kuyiphupho.
“Silapho sikhona ngenxa yabo, asikaze sixhaswe nguhulumeni, basikhuthazile futhi siyababonga ngalokho,” usho kanje.
Ukukhuthaza intsha
UNgalavu uthi njengomuntu omusha, ukhathazekile ukuthi intsha ayiwasebenzisi amathuba enikwa wona yizinkampani ezizimele nanohulumeni ukungena kwezolimo ngenxa yemali.
“Iqiniso ukuthi kuningi esingakwenza singabantu abashan kodwa asikuzami ngenxa yokungabi nayo imali, abanye abaqali kwakuqala. Uhulumeni kufanele aseke intsha ngokubhekelela izidingo zayo ukuze sikwazi ukusebenzisa futhi siveze amakhono ethu,” usho kanje.
Izindaba ngabaletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngagbondla uMzansi.






