Saturday, September 5, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

Ukudla kwesintu kwase-Afrika nakho ‘kufanele ukubungazwa emhlabeni’

by Noluthando Ngcakani
6th October 2023
Ukudla kwesintu kwase-Afrika nakho ‘kufanele ukubungazwa emhlabeni’

Umbhali wencwadi yokupheka nompheki oqeqeshiwe uNks Nompumelelo Mqwebu.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Umpheki odabuka KwaZulu-Natali uNksz Nompumelelo Mqwebu oneminyaka ewu-43 ukholwa wukuthi kufanele abapheki baseNingizimu Afrika baziqhenye ngokudla kwakuleli zwe ngokukuthuthukisa, bebhala ngakho futhi babelane nomhlaba ngawo. Incwadi yakhe azishicilele yona esihloko sithi Through the eyes of an African chef, yenza kanye lokho njengoba ebhale ngezindaba ezichaza ngezinhlobo ezihlukene zokudla. 

“Uma udla ukudla kwesintu, kusuke kuthi tata emzimbeni wakho,” kusho uNks Mqwebu. Inhloso yencwadi yakhe esike yahlomula nomklomelo, wukuqeda inkoleloze ethi, ukudla kwesintu akufanele kusetshenziswe uma kuphekwa izibiliboco abapheki abatayela ngazo bephekela izindawo zokudlela. 

“Abantu bacabanga ukuthi ukudla kwesintu inyama kuphela kanti akunjalo. Inyama yayivelakancane ngoba abantu kwakufanele bayozingela ukuze bayithole,” usho kanje.

Ukudla kwesintu kwase-Afrika nakho ‘kufanele ukubungazwa emhlabeni’
Incwadi yokupheka kaMpheki Nompumelelo Mqwebu.

UNks Mqwebu ugqugquzela ukuthi kuqhakanjiswe ukudla kwesintu uma kukhulunywa ngokupheka okuseqophelweni eliphezulu. Uthe kuyamangalisa ukuthi siphila ezwenikazi elinezinhlobo ezihlukene zokudla kodwa akuqhakanjiswa ezikoleni eziqeqesha abapheki.

“Singabapheki siqeqeshwa ngokupheka ukudla kwaseFrance, ngakho njengabanye abapheki, nami ngaqala ukufunda ukupheka ngokwenza ama-sauce, ama-stock nokudla okuphekwa ngenhlama,” usho kanje.

Ngaphambi kokuhamba phambili ekugqugquzeleni ukudla kwesintu, uNks Mqwebu uqhamuka ekhaya labantu abebengenakho okutheni njengoba uyise wayenesitolo kanti unina ewumpheki.  Uyise ubenesitolo eMargate ayemsiza kusona ukudayisela abadobi izinto abazidingayo.

“Ngafunda okuningi endleleni ubaba ayesebenzisana ngayo nomphakathi ayewusebenzela. Wayewusomabhizinisi kodwa wayengabheki imali kuphela, wayenikela, okuyinto engayiqaphela nengiyilandelayo endleleni engenza ngayo izinto,” kusho uNks Mqwebu.

UNks Mqwebu uqeqeshwe eChristina Martin School of Food and Wine eMorningside, eThekwini, lapho ephothule khona iCity Guilds of London cookery diploma ngo-2004. Uthi kwamthusa ukuthi njengompheki owumuntu omnyama ukuthi wayengakwazi ukutayela ngokudla kwesintu. Kunalokho kwakulindeleke ukuthi “ahambisane nezindlela zokupheka zase-Europe.”

Ukudla kwesintu kwase-Afrika nakho ‘kufanele ukubungazwa emhlabeni’
UNks Mqwebu uyazifela ngokuthi kugcinwe ukudla kwesintu nendlela okuphekwa ngayo. 

UNks Mqwebu ukukhathalele ukuthi kugcinwe izindlela zokupheka ukudla kwesintu. Ukholwa wukuthi akufakwa ngoba kunenkolelo yokuthi ukudla kwesintu “akukho ezingeni”. Uyavuma ukuthi naye uke whalala iminyaka ekholwa wukuthi ukudla kwesintu akufanele kuqhakanjiswe ngoba eqeqeshwe ukupheka ukudla kwaseNtshonalanga. 

“Ngabona ukuthi kubukelwa phansi. Ngazitshela ukuthi sengiwumpheki (oqeqeshiwe) ngakho angidingi ukuzihlupha ngokupheka ‘leya nhlobo’ yokudla kodwa ngizopheka ‘okusemgangathweni’ kuphela.” 

UNks Mqwebu ukhumbula lapho avuleka khona amehlo ngesikhathi esafunda. Kwathi kuvalwe izikole egodukile ekubo eMlazi, waqala wazama ukupheka ezinye zezinto ayesezifundile, wazama ukupheka i-pasta eyenziwa ngamazambane i-gnocchi. Esikhundleni sokusebenzisa amazambane ajwayelekile, wasebenzisa amadumbe.

IRESIPHI: I-gnocchi yamadumbe efakwe inyama yentshe

Ngo-2005 waqala wahlanganisa izinto ezazimfikela azenze ebhizinisini lakhe i-Africa meets Europe. “Ngazitshela ukuthi nanoma ngabe yini esifundiswa yona esikoleni kufanele ukuthi singayenza sisebenzisa izithako eziwukudla kwesintu ukwenza okungcono.”

Kanti akabuzanga elangeni ukuthi inkulu lento ayiqalayo. Loku kudla kumcabele indlela emyisa empumelelweni waduma nakwamanye amazwe. Ukuxuba nokusebenzisa kwakhe ukudla kwesintu kwamfikisa kwiTaste of Chicago, idili lokudla elikhulu kunawo wonke emhlabeni. 

“Uma udla ukudla kwesintu kuthi tata emzimbeni wakho.” – Umpheki uNompumelelo Mqwebu. 

“Ngacelwa ukuthi ngithumele amaresiphi okudla kwesintu kwaseNingizimu Afrika. Ngicabanga ukuthi lokho kwagcwalisa kimina ukuthi kubalulekile ukuthi ngigxile ekwenzeni ukudla kwami, ngendlela engicabanga ngayo, kube nendlela okubonakala ngayo.”

Namhlanje uNks Mqwebu ungomunye wabasunguli beMzansi International Culinary Festival (MICF), idili lokudla eliba khona minyaka yonke, liqhakambisa ukudla kwesintu okusezingeni okuqhamuka emazweni ahlukene e-Afrika.

UNks Nompumelelo Mqwebu.

Phakathi kwemiklomelo eminingi aseke wayiwina embonini yokudla eNingizimu Afrika, kukhona iGourmand World Cookbook Award ayiwina ngo-2018 eYantai, eChina. 

UNks Mqwebu weluleka abafisa ukuba abapheki ukuthi bafunde. “Ayikho into engicasula njengomuntu ozibiza ngompheki ozifundise yena ukupheka,” usho kanje. 

“Kunomehluko phakathi komuntu okhonze ukudla nompheki oqeqeshiwe futhi ayikho into embi ngalokho. Kuningi engikufundile. Ukudla kuyisayensi. Uma usuyazi isayensi yalokho kudla, uyaqala ukwazi ukuyisebenzisa.”

IRESIPHI: I-gnocchi yamadumbe efakwe inyama yentshe.

Noluthando Ngcakani

With roots in the Northern Cape, this Kimberley Diamond has had a passion for telling human interest stories since she could speak her first words. A foodie by heart, she began her journalistic career as an intern at the SABC where she discovered her love for telling agricultural, community and nature related stories. Not a stranger to a challenge Ngcakani will go above and beyond to tell your truth.

Tags: African CuisineGautengKwaZulu-NatalMzansi FlavourUnited States of America
News

Aucamp outlines strategy for biosecurity, trade, and infrastructure

by Tiisetso Manoko
2nd September 2026

In an exclusive interview with Food For Mzansi, agriculture minister Willie Aucamp outlines his vision to accelerate the AAMP, tackle...

Read moreDetails
Tobias Doyer, CEO of Grain SA. Photo: Supplied/Grain SA Facebook

Rising costs, climate risk push Swartland wheat farmers to the brink

2nd September 2026
Sick spuds: No need to panic as SA’s potatoes are banned in Zim

Potato turning point ahead as onions double in price year-on-year

1st September 2026
Early calf care: Key growth targets every cattle farmer must track

Early calf care: Key growth targets every cattle farmer must track

1st September 2026

How to align your farming cycles with long-term financial success

1st September 2026

Dragon fruit thrives in KZN valley despite tough national season

Water rights alone won’t fix inequality in SA commercial farming

Honoured roots: A father’s legacy, a daughter’s farming dream

KZN farmer loses 90% of crop amid severe water shortages

Early calf care: Key growth targets every cattle farmer must track

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Podcast: How to keep your darling farm pets out of harm's way

Podcast: How to keep your farm pets out of harm's way

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Honoured roots: A father’s legacy, a daughter’s farming dream

Gauteng farmers urged to harness massive urban market

Foot-and-mouth crisis hits SA dairy industry with R1-billion loss

Tough times, hardy cattle: Why Mzansi farmers are choosing Nguni

Dragon fruit thrives in KZN valley despite tough national season

Government hikes sugar import price, but industry warns of gap

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.