Wednesday, October 21, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

Ukudla kwesintu kwase-Afrika nakho ‘kufanele ukubungazwa emhlabeni’

by Noluthando Ngcakani
6th October 2023
Ukudla kwesintu kwase-Afrika nakho ‘kufanele ukubungazwa emhlabeni’

Umbhali wencwadi yokupheka nompheki oqeqeshiwe uNks Nompumelelo Mqwebu.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Umpheki odabuka KwaZulu-Natali uNksz Nompumelelo Mqwebu oneminyaka ewu-43 ukholwa wukuthi kufanele abapheki baseNingizimu Afrika baziqhenye ngokudla kwakuleli zwe ngokukuthuthukisa, bebhala ngakho futhi babelane nomhlaba ngawo. Incwadi yakhe azishicilele yona esihloko sithi Through the eyes of an African chef, yenza kanye lokho njengoba ebhale ngezindaba ezichaza ngezinhlobo ezihlukene zokudla. 

“Uma udla ukudla kwesintu, kusuke kuthi tata emzimbeni wakho,” kusho uNks Mqwebu. Inhloso yencwadi yakhe esike yahlomula nomklomelo, wukuqeda inkoleloze ethi, ukudla kwesintu akufanele kusetshenziswe uma kuphekwa izibiliboco abapheki abatayela ngazo bephekela izindawo zokudlela. 

“Abantu bacabanga ukuthi ukudla kwesintu inyama kuphela kanti akunjalo. Inyama yayivelakancane ngoba abantu kwakufanele bayozingela ukuze bayithole,” usho kanje.

Ukudla kwesintu kwase-Afrika nakho ‘kufanele ukubungazwa emhlabeni’
Incwadi yokupheka kaMpheki Nompumelelo Mqwebu.

UNks Mqwebu ugqugquzela ukuthi kuqhakanjiswe ukudla kwesintu uma kukhulunywa ngokupheka okuseqophelweni eliphezulu. Uthe kuyamangalisa ukuthi siphila ezwenikazi elinezinhlobo ezihlukene zokudla kodwa akuqhakanjiswa ezikoleni eziqeqesha abapheki.

“Singabapheki siqeqeshwa ngokupheka ukudla kwaseFrance, ngakho njengabanye abapheki, nami ngaqala ukufunda ukupheka ngokwenza ama-sauce, ama-stock nokudla okuphekwa ngenhlama,” usho kanje.

Ngaphambi kokuhamba phambili ekugqugquzeleni ukudla kwesintu, uNks Mqwebu uqhamuka ekhaya labantu abebengenakho okutheni njengoba uyise wayenesitolo kanti unina ewumpheki.  Uyise ubenesitolo eMargate ayemsiza kusona ukudayisela abadobi izinto abazidingayo.

“Ngafunda okuningi endleleni ubaba ayesebenzisana ngayo nomphakathi ayewusebenzela. Wayewusomabhizinisi kodwa wayengabheki imali kuphela, wayenikela, okuyinto engayiqaphela nengiyilandelayo endleleni engenza ngayo izinto,” kusho uNks Mqwebu.

UNks Mqwebu uqeqeshwe eChristina Martin School of Food and Wine eMorningside, eThekwini, lapho ephothule khona iCity Guilds of London cookery diploma ngo-2004. Uthi kwamthusa ukuthi njengompheki owumuntu omnyama ukuthi wayengakwazi ukutayela ngokudla kwesintu. Kunalokho kwakulindeleke ukuthi “ahambisane nezindlela zokupheka zase-Europe.”

Ukudla kwesintu kwase-Afrika nakho ‘kufanele ukubungazwa emhlabeni’
UNks Mqwebu uyazifela ngokuthi kugcinwe ukudla kwesintu nendlela okuphekwa ngayo. 

UNks Mqwebu ukukhathalele ukuthi kugcinwe izindlela zokupheka ukudla kwesintu. Ukholwa wukuthi akufakwa ngoba kunenkolelo yokuthi ukudla kwesintu “akukho ezingeni”. Uyavuma ukuthi naye uke whalala iminyaka ekholwa wukuthi ukudla kwesintu akufanele kuqhakanjiswe ngoba eqeqeshwe ukupheka ukudla kwaseNtshonalanga. 

“Ngabona ukuthi kubukelwa phansi. Ngazitshela ukuthi sengiwumpheki (oqeqeshiwe) ngakho angidingi ukuzihlupha ngokupheka ‘leya nhlobo’ yokudla kodwa ngizopheka ‘okusemgangathweni’ kuphela.” 

UNks Mqwebu ukhumbula lapho avuleka khona amehlo ngesikhathi esafunda. Kwathi kuvalwe izikole egodukile ekubo eMlazi, waqala wazama ukupheka ezinye zezinto ayesezifundile, wazama ukupheka i-pasta eyenziwa ngamazambane i-gnocchi. Esikhundleni sokusebenzisa amazambane ajwayelekile, wasebenzisa amadumbe.

IRESIPHI: I-gnocchi yamadumbe efakwe inyama yentshe

Ngo-2005 waqala wahlanganisa izinto ezazimfikela azenze ebhizinisini lakhe i-Africa meets Europe. “Ngazitshela ukuthi nanoma ngabe yini esifundiswa yona esikoleni kufanele ukuthi singayenza sisebenzisa izithako eziwukudla kwesintu ukwenza okungcono.”

Kanti akabuzanga elangeni ukuthi inkulu lento ayiqalayo. Loku kudla kumcabele indlela emyisa empumelelweni waduma nakwamanye amazwe. Ukuxuba nokusebenzisa kwakhe ukudla kwesintu kwamfikisa kwiTaste of Chicago, idili lokudla elikhulu kunawo wonke emhlabeni. 

“Uma udla ukudla kwesintu kuthi tata emzimbeni wakho.” – Umpheki uNompumelelo Mqwebu. 

“Ngacelwa ukuthi ngithumele amaresiphi okudla kwesintu kwaseNingizimu Afrika. Ngicabanga ukuthi lokho kwagcwalisa kimina ukuthi kubalulekile ukuthi ngigxile ekwenzeni ukudla kwami, ngendlela engicabanga ngayo, kube nendlela okubonakala ngayo.”

Namhlanje uNks Mqwebu ungomunye wabasunguli beMzansi International Culinary Festival (MICF), idili lokudla eliba khona minyaka yonke, liqhakambisa ukudla kwesintu okusezingeni okuqhamuka emazweni ahlukene e-Afrika.

UNks Nompumelelo Mqwebu.

Phakathi kwemiklomelo eminingi aseke wayiwina embonini yokudla eNingizimu Afrika, kukhona iGourmand World Cookbook Award ayiwina ngo-2018 eYantai, eChina. 

UNks Mqwebu weluleka abafisa ukuba abapheki ukuthi bafunde. “Ayikho into engicasula njengomuntu ozibiza ngompheki ozifundise yena ukupheka,” usho kanje. 

“Kunomehluko phakathi komuntu okhonze ukudla nompheki oqeqeshiwe futhi ayikho into embi ngalokho. Kuningi engikufundile. Ukudla kuyisayensi. Uma usuyazi isayensi yalokho kudla, uyaqala ukwazi ukuyisebenzisa.”

IRESIPHI: I-gnocchi yamadumbe efakwe inyama yentshe.

Noluthando Ngcakani

With roots in the Northern Cape, this Kimberley Diamond has had a passion for telling human interest stories since she could speak her first words. A foodie by heart, she began her journalistic career as an intern at the SABC where she discovered her love for telling agricultural, community and nature related stories. Not a stranger to a challenge Ngcakani will go above and beyond to tell your truth.

Tags: African CuisineGautengKwaZulu-NatalMzansi FlavourUnited States of America
Agda conference to tackle finance, market access and agri growth
News

Agda conference to tackle finance, market access and agri growth

by Patricia Tembo
19th October 2026

Farmers and agribusinesses seeking growth, funding, and stronger market connections can engage with industry leaders at the Agda Annual Stakeholder...

Read moreDetails

Reluctant farmer scales EC cabbage enterprise to supply Spar

19th October 2026
Reality check: What SA agri interns really experience on the farm

Reality check: What SA agri interns really experience on the farm

19th October 2026
This week’s agri events: 19 – 23 October

This week’s agri events: 19 – 23 October

19th October 2026

Stop the rot: Four steps to slash post-harvest losses

18th October 2026

Reality check: What SA agri interns really experience on the farm

Land Bank must step up support for farmers, says Aucamp

Fixing SA’s agricultural visa system to protect seasonal harvests

SA and Namibia reevaluate livestock trade after FMD outbreak

FNB puts relationships at the heart of commercial farming

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Podcast: How to keep your darling farm pets out of harm's way

Podcast: How to keep your farm pets out of harm's way

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Godongwana unveils fuel relief and R10 billion El Niño buffer

Smart irrigation: Precision tools boost crop yields while cutting costs

By-laws vs. livelihoods: Barriers facing WC smallholder farmers

CPAs urged to register for free governance support toolkits

Potatoes and tomatoes plunge while avocado prices soar

Becoming bankable: How to get your farm ready for finance

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

About this assistant

This feature generates automated answers summarised from Food For Mzansi articles. By using it, you are interacting with an AI system (provided by Google), not a human. AI can make mistakes. Please refer to the source articles for verification and citation purposes.

Our staff do not check or moderate Lerato’s answers in advance, but may review some later. Our journalists continue to write and edit all the articles Lerato uses as sources.

To estimate unique and returning web users, we store a random browser ID in this browser. WhatsApp users are counted by phone number. The same person using both channels may be counted twice.

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2026 Food for Mzansi