Kuphele iminyaka eyishumi uNkk Mokwena esebenza kwaNestle lapho ayecubungula khona ukuthi izithako ezisetshenziswayo uma kwenziwa imikhiqizo inezithako ezifanele yini nokuhlola ukuthi umkhiqizo owenziwe ngalezo zithako uphephile futhi ukulungele yini ukudliwa.
Umsebenzi obalulekile kodwa ukulokhu enza into eyodwa bekumkhathaza. Ngemuva kweminyaka enza lo msebenzi ugcine engasakulangazeleli kangako ukwazi kusasa uzobe enzani ngoba wenza into eyodwa nsukuzonke.
Njengomuntu ohlale efuna ukuqhamuka namasu amasha, wenza ucwaningo ebheka ukuthi yini engamenza ukuthi abe nogqozi futhi. Lolo cwaningo lumholele ekufuyeni izinkukhu ecabanga ukuthi zingakanani izinkinga angazisombulula ngesikhathi akha ifa elizosalela izingane zakhe.
Ukuxazulula izinkinga zemboni
UNkk Mokwena uqale inkampani yakhe iRelebogile Bokamoso ba Makwena Chickens (iRKBM) Chicken ngo2020, uyiqambe ngamagama ezingane zakhe ezintathu.
“Ukuba imicrobilogist iminyaka engu-12 ngingakhushulelwa esikhundleni kungigqugquzele ukuthi ngingene emikhakheni wezolimo. Ngenze ucwaningo ngebiotechnology okungenye yezinto engizifundele. Le sifundo sivulekile singenze ngacabanga itshwele elinosuku olulodwa lizelwe, ukukhula kwalo lize libe isikhukhukazi esizalela amaqanda noma libe inkukhu esingadayiswa. Ngazizwa ngiba nentshisekelo,” usho kanje.
Okunye okumenze walangazela kakhulu ukungena kwezolimo, ucwaningo oluthi izinga lokukhiqiza izinkukhu kuleli okuwumkhakha akuwo, liphansi.

Ukubheka ukuthi yini angayenza
“Ngazibuza ukuthi kungani abantu bakuleli kumele badle inyama yenkukhu ekhiqizwa emazweni angomakhelwane? Ngabe senginquma ukuthi kumele ngiqale ibhizinisi ukuze ngikhuphule izinga lezinkukhu ezikhiqizwe kuleli, ezithandwayo futhi ezingabizi ngokweqile. Ngisebenzise ikhono nobuciko enginabo ukuze ngibone ukuthi yini engingayenza. Ngangifuna ukubona ukuthi ngingafika kuphi,” kusho yena.
UNkk Mokwena uqhube wathi uqale kancane.
” Ukuba usomabhizinisi akukona okomuntu obuthakathaka. Ukusombulula izinkinga namathuba ajabulisayo angavela, ngigcine sengizingabaza ekubeni abanye abantu bethembele kimi.”
“Ngifunde ukuthi uthando lukudonsela amakhasimende nabasebenzi abaqotho, luphinde lukugqugquzele ukuthi wenze umsebenzi ngendlela oyihlelile. Njengomlimi kudingeka uyithande into oyenzayo ukuze uphumelele.”
Thatha ithuba
Yize isimo isimotho nokuba ngusomabhizisini kuleli kuya ngokuya kuba nzima, uNks Mokwena uthe ubheka ithuba eliphambi kwakhe ngoba abantu kumele badle.
“Ukubambezeleka emsebenzini kungisize ekutheni ngibe ngumuntu onekhono lokudayisa osezingeni onenqwaba yamakhasimende azimele engiwadayisela izinkukhu eziphilayo nawo azidayise futhi.
“Inkinga kagesi ekhona njengamanje ngenye yezinto eziphazamisayo kodwa ebuye ivule ithuba kusomabhizinisi wesifazane osemncane ongathembele kugesi njengamapulazi amakhulu nezitolo.
“Ukuhlanganisa ulwazi lwezolimo nengilithole emsebenzini ngeke kugcine ngokuthi kungenze nginqobe le nselelo kuphela kuzongenza ngiphumelele futhi,” usho kanje.

Ikusasa liphetheni
Njengoba ewunkosikazi onezingane ezithathu, uNkk Mokwena uthe umndeni wakhe uyinsika yakhe emsiza ekutheni aphikelele noma kunzima.
“Ngigxile kwengikwenza manje nangesikhathi esizayo, ngiyakholwa ukuthi izinyathelo engizithathile zizongizuzisa ziphinde zithuthukise umphakathi. Ngifisa ukubona ibhizinisi lami iRBKM likhiqiza izinkukhu zenyama ezingu-15 000 kuya kwezingu20 000.”
Uthe isu analo elokuthi ayeke ukusebenza agxile kwezolimo uma konke sekuhlelekile.
UNkk Mokwena ukholwa ukuthi kusekuningi okusamele kwenziwe uhulumeni ukuthuthukisa ezolimo, kuqiniswe ekufundisweni izifundo zezolimo ezikhungweni zemfundo ephakeme futhi kwenziwe kube lula ukuthola umhlaba.
“Ngicabanga ukuthi uma kungasetshenziswa izinkundla ezisetshenziswa kakhulu manje ukuthi kuhehwe abantu abasha ukuthi bangene emkhakheni wezolimo. Ukusetshenziswa kwezobuchwepheshe ezisezingeni kulo mkhakha kungaheha abantu abasha.
OKUNYE ONGAKUFUNDA: Abalimi abasebasha abazinikele ukondla uMzansi
Thola izindaba eziletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi