Wednesday, September 9, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in Inspiration, isiZulu

UNks Prudence Mokwena ukhetha umfelandawonye wezinkukhu kune-clinical lab

UNks Prudence Mokwena oyi-microbiologist usebenzise ikhono analo lokuxazulula izinkinga ukuze aqale ipulazi elikhiqiza izikhukhu zenyama ezweni lapho beyidlanzana abangena kulo munxa wezolimo.

by Tiisetso Manoko
7th October 2023
UNKK Prudence Mokwena uzimisele ngokunqoba umkhakha wokufuya izinkukhu ngombono nomdlandla anawo. Imcrobiologist ikholwa ukuthi ziihlale zikhona izisombululo zanoma iyiphi inkinga.

UNKK Prudence Mokwena uzimisele ngokunqoba umkhakha wokufuya izinkukhu ngombono nomdlandla anawo. Imcrobiologist ikholwa ukuthi ziihlale zikhona izisombululo zanoma iyiphi inkinga.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Kuphele iminyaka eyishumi uNkk Mokwena esebenza kwaNestle lapho ayecubungula khona ukuthi izithako ezisetshenziswayo uma kwenziwa imikhiqizo inezithako ezifanele yini nokuhlola ukuthi umkhiqizo owenziwe ngalezo zithako uphephile futhi ukulungele yini ukudliwa.

Umsebenzi obalulekile kodwa ukulokhu enza into eyodwa bekumkhathaza. Ngemuva kweminyaka enza lo msebenzi ugcine engasakulangazeleli kangako ukwazi kusasa uzobe enzani ngoba wenza into eyodwa nsukuzonke.

Njengomuntu ohlale efuna ukuqhamuka namasu amasha, wenza ucwaningo ebheka ukuthi yini engamenza ukuthi abe nogqozi futhi. Lolo cwaningo lumholele ekufuyeni izinkukhu ecabanga ukuthi zingakanani izinkinga angazisombulula ngesikhathi akha ifa elizosalela izingane zakhe.

Ukuxazulula izinkinga zemboni

UNkk Mokwena uqale inkampani yakhe iRelebogile Bokamoso ba Makwena Chickens (iRKBM) Chicken ngo2020, uyiqambe ngamagama ezingane zakhe ezintathu.

“Ukuba imicrobilogist iminyaka engu-12 ngingakhushulelwa  esikhundleni kungigqugquzele ukuthi ngingene  emikhakheni wezolimo. Ngenze ucwaningo ngebiotechnology okungenye yezinto engizifundele. Le sifundo sivulekile singenze ngacabanga itshwele elinosuku olulodwa lizelwe, ukukhula kwalo lize libe isikhukhukazi esizalela amaqanda noma libe inkukhu esingadayiswa. Ngazizwa ngiba nentshisekelo,” usho kanje.

Okunye okumenze walangazela kakhulu ukungena kwezolimo, ucwaningo oluthi izinga lokukhiqiza izinkukhu kuleli okuwumkhakha akuwo, liphansi.

Ukhetha umfelandawonye wezinkukhu kune-clinical lab
UNkk Mokwena uyakholelwa emkhiqizweni wakhe  oyizinkukhu azikhangisayo abuye azidayise ngaphansi kwenkampani yakhe, iRKBM Chickens.

Ukubheka ukuthi yini angayenza

“Ngazibuza ukuthi kungani abantu bakuleli kumele badle inyama yenkukhu ekhiqizwa emazweni angomakhelwane? Ngabe senginquma ukuthi kumele ngiqale ibhizinisi ukuze ngikhuphule izinga  lezinkukhu ezikhiqizwe kuleli, ezithandwayo futhi ezingabizi ngokweqile. Ngisebenzise ikhono nobuciko enginabo ukuze ngibone ukuthi yini engingayenza. Ngangifuna ukubona ukuthi  ngingafika kuphi,” kusho yena.

UNkk Mokwena uqhube wathi uqale kancane.

” Ukuba usomabhizinisi akukona okomuntu obuthakathaka. Ukusombulula izinkinga namathuba ajabulisayo angavela, ngigcine sengizingabaza ekubeni abanye abantu bethembele kimi.”

“Ngifunde ukuthi uthando lukudonsela amakhasimende nabasebenzi abaqotho, luphinde lukugqugquzele ukuthi wenze umsebenzi ngendlela oyihlelile. Njengomlimi kudingeka uyithande into oyenzayo ukuze uphumelele.”

Thatha ithuba

Yize isimo isimotho nokuba ngusomabhizisini kuleli kuya ngokuya kuba  nzima, uNks Mokwena uthe ubheka ithuba eliphambi kwakhe ngoba   abantu kumele badle.

“Ukubambezeleka emsebenzini  kungisize ekutheni ngibe ngumuntu onekhono lokudayisa osezingeni onenqwaba yamakhasimende azimele engiwadayisela izinkukhu eziphilayo nawo azidayise futhi.

“Inkinga kagesi ekhona njengamanje ngenye yezinto eziphazamisayo kodwa ebuye ivule ithuba kusomabhizinisi wesifazane osemncane ongathembele kugesi njengamapulazi amakhulu nezitolo.

“Ukuhlanganisa ulwazi lwezolimo nengilithole emsebenzini ngeke kugcine ngokuthi kungenze nginqobe le nselelo kuphela kuzongenza ngiphumelele futhi,” usho kanje.

Ukhetha umfelandawonye wezinkukhu kune-clinical lab
UNKK Mokwena uwusomabhizinisi owaziyo ukuthi ufuna ukulibona likuphi ibhizinisi lakhe eminyakeni ezayo. Uhlela ukuthi ibhizinisi lakhe libe selikhiqiza izinkukhu zenyama eziphakathi kuka-15000 no-20 000

Ikusasa liphetheni

Njengoba ewunkosikazi onezingane ezithathu, uNkk Mokwena uthe umndeni wakhe uyinsika yakhe emsiza ekutheni aphikelele noma kunzima.

“Ngigxile kwengikwenza manje nangesikhathi esizayo,  ngiyakholwa ukuthi izinyathelo engizithathile zizongizuzisa ziphinde zithuthukise umphakathi. Ngifisa ukubona ibhizinisi lami iRBKM likhiqiza izinkukhu zenyama ezingu-15 000 kuya kwezingu20 000.” 

Uthe isu analo elokuthi ayeke ukusebenza agxile kwezolimo uma konke sekuhlelekile.

UNkk Mokwena ukholwa ukuthi kusekuningi okusamele kwenziwe uhulumeni ukuthuthukisa ezolimo, kuqiniswe ekufundisweni  izifundo zezolimo ezikhungweni zemfundo ephakeme futhi kwenziwe kube lula  ukuthola umhlaba.

“Ngicabanga ukuthi uma kungasetshenziswa izinkundla ezisetshenziswa kakhulu manje ukuthi kuhehwe abantu abasha ukuthi bangene emkhakheni wezolimo.  Ukusetshenziswa kwezobuchwepheshe ezisezingeni kulo mkhakha kungaheha abantu abasha.

OKUNYE ONGAKUFUNDA: Abalimi abasebasha abazinikele ukondla uMzansi

Thola izindaba eziletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi

Tiisetso Manoko

Tiisetso Manoko is a seasoned journalist with vast experience in community media. He possesses diploma in media studies majoring in journalism, certificate in civic leadership. He loves news from all angles with particular interest in local government, agriculture and politics. He is a staunch Mamelodi Sundowns Football club supporter.

Tags: broilersChicken farmerCommercialising farmerGautengInspire meWomen in Agriculture
Young farmers need structured opportunities, not just open doors
News

Young farmers need structured opportunities, not just open doors

by Patricia Tembo
7th September 2026

Farmers at the AgriCulture Gauteng Congress highlighted why practical support, market compliance, bank flexibility, and structured opportunities are essential for...

Read moreDetails
BenicaTheFarmer: The nurse who built an agricultural empire

BenicaTheFarmer: The nurse who built an agricultural empire

7th September 2026
Crime: Western Cape agriculture says it remains committed to creating safer rural communities following the brutal attack on Kilpheuwel, outside Moorreesburg which led to the death of Ingrid Kock. Supplied/Food For Mzansi

Rural safety under fire as stock theft and farm violence persist

7th September 2026
Land Bank: Blended finance gives SA farmers a fighting chance 

This week’s agri events: 07–11 September

7th September 2026
Tiger Brands CEO Tjaard Kruger addressed farmers at the Swartland Show in Moorreesburg in the Western Cape on Friday. Design: Food For Mzansi

Tiger Brands CEO calls for stronger food value chain

6th September 2026

Community-led farms boost food security and incomes in Limpopo

Young farmers need structured opportunities, not just open doors

Grain markets slide: Temporary pause or start of a downturn?

This week’s agri events: 07–11 September

RSVP now: Emerging farmers’ programme at Nampo Cape

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Stumbling blocks: Funding, land access curb women farmers

Stumbling blocks: Funding, land access curb women farmers

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Meet the top 10 finalists of Agri’s Got Talent 2026

How indigenous knowledge can help farmers survive water scarcity

OBP acting CEO suspended over FMD vaccine pricing scandal

Meyer: Agriculture needs a government that moves faster

Weaning calves: How to reduce stress for maximum weight gain

Grain markets slide: Temporary pause or start of a downturn?

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.