Ukhulele endaweni enothe ngamasiko iSiyabusa, eMpumalanga, nezitshalo zemvelo zakuleli okungokusanhlamvu nezinye izitshalo. UNksz Nontsikelelo Kwezi ufise ukuba ngumlimi. Wahehwa ukuthi wayibona kuyimpilo enokuthula futhi engadingi okuningi.
Manje ungumlimi epulazini eliqhele ngamakhilomitha angu-1000 endaweni azalelwa kuyo kuCentane, eMpumalanga Kapa. UNksz Kwezi utshala iklabishi, ispinashi, u-anyanisi, ubeetroot namazambane. Ubuye atshale amawolintshi, ulamula nogwava.
Ukuba umlimi akuyona into aqala ethanda ukuyenza, wayefisa ukushayela izindiza. Uke wanikezwa ithuba lokujoyina umbutho wamasosha asemoyeni ukuze afeze iphupho lakhe kodwa uyise wenqaba ukusayina amaphepha akhe ukuze angene kulo mkhakha.
“Ubaba wathi akafuni nokucabanga ngokuthi angenzenjani uma etshelwa ukuthi ngishone ebhanoyini eliphahlazekile.”
Kwaba ukuphela kwephupho lakhe lokushayela amabhanoyi.

Ukulandela ubizo
Esikhundleni sakho wenza izifundo zezokuxhumana okuyinto ebizokwenza ukuthi angagqami futhi uyise abeyamukela. Wasebenza emkhakheni wezokuxhumana nobuchwepheshe iminyaka eyisishiyagalombili ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuzisebenzaa ngoSepthemba wango-2020 ukuze alandele ubizo lwakhe lokuba ngumlimi.
Uhambo lwakhe uluqale ngokutshala amazambane nombila, emhlabeni kayise eMpumalanga Kapa.
“Ubaba ubengigqugquzela kulolu hambo. Ubesho ephindelela ukuthi uma nginesifiso sokungena emkhakheni wezolimo, uzongisiza,” echaza.
Namhlanje iNyathiziyalima Farming co-op okungumfelandawonye awusungula futhi angumqondisi wawo usiza abantu basemakhaya bathole ukudla kalula.
Ukwehla komthwalo
Uthe ezolimo zibaluleke kakhulu ezindaweni zasemakhaya. Uthe abanye abantu basemakhaya bahamba ibanga elide elingamakhilomitha angu-140 beyothenga amaveji nezithelo.
“Izinga lendlala liphezulu kubantu abaningi ezindaweni zasemakhaya. Ngaphezu kwalokho badinga kokubili ezolimo nokuthi bazenzele imali, ngeshwa kulo mkhakha wezolimo uma usaqala awuholi. Selokhu siqalile kuhamba kahle. Senza isiqiniseko sokuthi ukudla esikudayisayo akumbi eqolo ukuze bonke abantu bakwazi ukukuthenga.”
Amakhasimende kaNksz Kwezi ngabantu abahlala ezindaweni eziseduze kwalapho etshala khona. Unobudlelwane obuhle nabadayisa izithelo namaveji ezitaladini kuCentane naseButterworth. INyathiziyalima co-op iphakela izitolo zokudla uBoxer noKwikspar abaseButterworth.
“Abanye abantu abathenga umkhiqizo wethu ngabantu abahola izibonelele zikahulumeni . Uma kuyizinsuku zokuhola siyabadayisela, kuyenzeka sibakweletele bakhokhe uma sebehole izibonelelo zabo.”
Izinselelo
UNksz Kwezi uthe udinga inkasa ngoba njengamanje banisela ngamabhakede. Uma besebenzisa ipayipi amanzi aya ohlangothini olulodwa lwensimu ngenxa yokuthi endaweni abahlala kuyo kunomoya ohlale uvunguza.
“Ukunisela izitshalo ngamabhakede kuyakhathaza futhi kungathatha amahora amahlanu uma unisela yonke insimu.”

Ngesinye osikhathi ubuye axabane namakhasimende akhe angabanikazi bezitolo ezinkulu.
“Kuyenzeka utshelwe ukuthi kunomunye umlimi ozobalethela umkhiqizo yize kade wazi ukuthi nguwena obekumele uwuhambise ngalelo langa. Kunzima nokulwa ngokuphelele uma ungenayo inkontileka.”
Ingakho ethanda ukudayisela abathengisa emgwaqweni. Uma sebephoxwe amasuphamakethe umkhiqizo wabo bawudayisela izotolo ezincane nabadayisa emgwaqweni.
“Ukuthola amakhasimende kunzima. Ngokwesipiliyoni enginaso bekungaba lula ukubeka imali yokubiya noma ukuthenga ezinye izinsiza zokulima uma unemakethe eqondile.”
Yize kunezinselelo ezinje, uNksz Kwezi kuyamjabulisa ukuthi unokuthula njengoba esengene emkhakheni wezolimo. Kuyena ukulima kuyimpilo, angakhetha ukuyiphila noma anganikwa ithuba lokukhetha kabusha .
OKULANDELAYO FUNDA: UNgubane ozithandela ezolimo uqaphe intengo
Thola izindaba eziletha ushintsho: Izindaba ezinikeza ugqozi ngabantu abondla uMzansi