Tuesday, July 21, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in Inspiration, isiZulu

UMohotlheng ungumlimi obambe izinto ezihlukene

UMnuz Bakang Mohotlheng ubengaba umlimi ofuye izingulube kuphela kodwa ungumlimi ophokophele ukungena eminxeni eyehlukene yezolimo. Unethemba lokuthi kungekudala uzodayisa uju ezitolo njengoba esanda kwethula leli bhizinisi lakhe ngokusemthethweni

by Vateka Halile
5th October 2023
UMohotlheng uphakamisa ukuthi abalimi bangalimi umkhiqizo owodwa ukuze bahlale benomkhiqizo abawudayisayo

UMohotlheng uphakamisa ukuthi abalimi bangalimi umkhiqizo owodwa ukuze bahlale benomkhiqizo abawudayisayo

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Ngonyaka u-2020, uMnuz Bakang Mohotlheng waseKaalpan, eNorth West, uMohotlheng uqale ukuba umlimi elandela ezinyathelweni ziyayisemkhulu,  uMnuz Elias Moeketsi  Mohotlheng. Ungumsunguli weBaki Bee Farm.

UMohotlheng ungumlimi obambe izinto ezihlukene
UMnuz Bakang Mohotlheng umsunguli wepulazi elifuye izinyosi 

UMohotlheng uneDiploma in Agriculture Irrigation, ayithole eTaung Agricultural College ngo2021. Ibhizinisi lakhe uliqale ngo2020 ngesikhathi eyithwasa ngaphansi kweso likaMnuz Matlapele Morule, eBakang Farm eMahikeng.

Ufunde kabanzi ngokukhiqiza amaveji, ukunisela nokubaluleka kokuphatha ipulazi ngendlela efanele ngaphansi kweso likaMorule. 

“Sengiyaqonda ukuthi kungani sathunyelwa kubalimi ukuze siyofunda ukuthi umsebenzi wenziwa kanjani bukhoma, lapho ufunda lokhu obukufunda encwadini,” kusho yena.

Sebenzisa kahle ikhono nesikhathi

UMohotlheng usungule ibhizinisi lokufuya izinyosi futhi unebhizinisi lezinkukhu nezingulube . Uzimisele ukwenza konke okusemandleni ukuze aphumelele ngalezi zinsiza nesikhathi anaso.

Uthe akufundile ngokuqala ibhizinisi ukuthi kubalulekile ukuthi ungagxili  ekukhiqizeni umkhiqizo owodwa epulazini lakho ukuze kuhlale kunemali engenayo.

Kuntshontshiwe epulazini lakhe ngoFebhuwari emva kokuthi kucekelwe izimpahla phansi. Lokhu kwenze wabona ukuthi kubalulekile ukuba nezokuphepha nanophawu nokuthi imfuyo ibe nophawu ukuze itholakale kalula uma intshontshiwe. 

“Sengiqale nezinhlelo zokuthi ngisebenzise izinyosi ukuze zisabalalise impova kujikanelanga. Esikhundleni sokuthi ngibenzise umanyolo ukuze uthole umkhiqizo othe xaxa ngisebenzisa izinyosi emasimini kajikanelanga. Lokho kusiza nasekutheni  zisheshe ukukhiqiza uju,” echaza

Qinisekisa imfuyo ihleli kahle

Akukho okubaluleke ukudlula ukuba nomhlahlandlela wokusebenza uma ungumlimi ofuyile. Uthe uba nezingulube ezingu-17 nezinkukhu ezingu-200 uma zingazele. 

UMohotlheng ungumlimi obambe izinto ezihlukene
UMnuz Bakang Mohotlheng ufuye izingulube, izinkukhu nezinyosi 

Usitshele ngezinto ezimqoka okumele uzazi uma ufuye lolu hlobo lwezilwane.

Uthe uma ihhoko lezinkukhu lilincane, izinkukhu zimpintshene, zikhula zingalingani okwenza kube nzima ukuzidayisa. Uphakamise ukuthi ihhoko lakhiwe liphakame ukuze kubelula ukuthi abasebenzi bahambe kahle kulo. 

“Amagoqo ezingulube kumele akhiwe ngendlela ezokwenza ukuthi izingulube zikwazi ukukhula nokuthi zikwazi ukukhiqiza. Ngaphakathi kwegoqo kumele kube nezinga lokushisa elingabandi kakhulu futhi elingashisi kakhulu, kungene umoya, kube namanzi nendlela yokulawula umquba wazo izingulube” kusho yena.

Gwema ukusebenzisa izindlela ezisheshayo uma uphakela izingulube

“Esinye iseluleko enginaso esokuthi, gwema ukuphakela izingulube endaweni engcolile. Gwema ukuphakela izingulube ukudla okusale ezitolo osekulahliwe noma ngabe ukudla kwezingulube kuyabiza. Okunye ukudla okungakhelwanga ukudliwa izingulube kungazigulisa ikakhulukazi lokhu okusuke kulahlwa izitolo,” usho kanje. 

Uphakamise ukuthi abafuyi basebenzise ukudla kwezingulube okwakhelwe zona ukuze ziithole umscoco ofanele kukho bese zikhula ngendlela futhi zibe nempilo.

“Uma sekudlule isikhathi sokuncelisa, siyaqala ukufundisa amachwane ukudla. Ngalesi sikhathi siyaqaphela ukuthi siwaphakela isikali esenele sokudla. Ngokujwayelekile ingulube kumele idle u2.5kg ngosuku kodwa ngenxa yokukhula kwezindleko zokudla sihlanganisa isaka elilodwa lezingulube ezisakhula namasaka amabili ombila ogayiwe  senze ukudla kwamachwane okuzohlala  amasonto amathathu kuya kwamane.”

Uqhube wathi izingulube uzikala  isisindo  njalo, ukuze abone ukukhula kwazo nokuthi  isisindo sazo siyehla noma siyenyuka yini kusukela zizelwe. Uhlala eqaphile ukukhula kwazo ukuze akhiqize izingulube ezikhipha inyama enefutha anempilo ekhule kahle.

Uma izingulube zinikezwa ukudla okungenele kungaphazamisa ukukhula kwazo, kube lula nokuthola izifo.

“Enye yezinkinga esihlangabezana nazo singabafuyi bezinkukhu ukucishwa kukagesi, ikakhulukazi ebusuku lapho singakwazi ukulawula izinga lokushisa  emahhokweni.”

Yazi imakethe yakho

UMohotlheng udayisela abantu abajwayelekile esebenzisa izinkundla zezokuxhumana, ikakhulukazi abasebenzi bakahulumeni, aqondanise izinsuku zakhe zokudayisa nezinsuku zokuhola kwabo 

“Ngidayisela oshisanyama bakwaBuddies e0Itsoseng namadela ahlinza  izinkukhu akwaBenade eBhurimansdrift.”

Lo mlimi ufisa ukuqeqesha abalimi abafisa ukufuya izinyosi okuwumkhakha awuqale sakudlala.

“Ngike ngakucabanga ukuqashisa ngezidleke zezinyosi kwabanye abalimi abafuna ukuzebenzisa izinyosi ukuze zisabalalise impova ezitshalweni eziqhakaza izimbali nokudayisa uju ezitolo,” echaza ngekusasa.

UMohotlheng angaba muncane kodwa imibono yakhe yebhizinisi izomsiza ekutheni ibhizinisi lakhe lithele izithelo ezinhle.

OKUNYE ONGAKUFUNDA: Abalimi abasebancane bejabulela ukondla uMzansi

Thola izindaba eziletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi

Vateka Halile

Vateka Halile grew up in rural areas of Cofimvaba in the Eastern Cape. She was raised in a traditional family setting and found writing to be a source of comfort and escape. Vateka participated in an online citizen journalism course through Food For Mzansi, and her passion for health and medicine-related stories was born. Her dedication to community work and love for social justice and solidarity spaces is evident in her quality time with the community when she isn't working.

Tags: BeekeepingChickensCommercialising farmerInspire meNorth WestPig farmer
The Forest of Renewal at Rustlers Valley celebrates the intertwined legacies of Frik Grobbelaar, Anton Chaka and Riky Rick, inviting South Africans to restore the land while cultivating hope, belonging and community. Illustration: ChatGPT
Food for Thought

Rustlers Valley offers a blueprint for South Africa’s renewal

by Ivor Price
18th July 2026

As the Rustlers Valley Memorial Forest is launched in the eastern Free State this weekend, Ivor Price reflects on why...

Read moreDetails
Grain SA appoints Mabuza to lead farmer development

Rising stars: 2026 PGP finalists redefining SA grain farming

18th July 2026
Rooibos heads to space in groundbreaking Mzansi experiment

Rooibos heads to space in groundbreaking Mzansi experiment

18th July 2026

Seriti Institute CEO wins prestigious Best Woman 2026 CSI award

17th July 2026
Farmers and brewers call for budget that builds, not breaks

Minister details Land Bank’s success in boosting black farmers

17th July 2026

Rising stars: 2026 PGP finalists redefining SA grain farming

This week’s agri events: 20 – 24 July

Rustlers Valley offers a blueprint for South Africa’s renewal

Deadline looms: Register water use by 23 July or risk penalties

Smart vineyard irrigation starts below the ground

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
In pictures: Merino sheep instantly ignite warm, fuzzy feelings

In pictures: Merino sheep instantly ignite warm, fuzzy feelings

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Smart vineyard irrigation starts below the ground

Treat food processing as essential national infrastructure – Khoury

Farmers urged to embrace uncertainty and build resilience

SA poultry industry calls for urgent bird flu vaccine rollout

Mother’s legacy, neighbour’s grace: Venessa Simelane’s farm story

Deadline looms: Register water use by 23 July or risk penalties

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.