Saturday, September 5, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Agripreneur: Uvutha bhe umkhiqizi we-chilli sauce

UNks Babe Sophie Masuge uthi ukujaha inzuzo akuyona kuphela into okufanele uyibheke ngebhizinisi kodwa kunalokho kufanele uzakhele igama. Nakuba usamkhulu umsebenzi omhlalele ukuze akhulise ibhizinisi lakhe le-chilli sauce kodwa ayikho into ezomvimba ukuthi afeze amaphupho akhe.

by Nicole Ludolph
6th March 2023
in Abasigqugquzelayo, Agripreneur, isiZulu
Reading Time: 5 mins read
A A
Agripreneur 101: Uvutha bhe umkhiqizi we-chilli sauce

UNks Babe Sophioe Masuge washintsha ibhizinisi lakhe lokudla ngo-2020 kanti manje usekhiqiza i-chilli sauce. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

Selokhu kwathi nhlo, uNks Babe Sophie Masuge, umsunguli weBSMS Chili House, uyakuthanda ukupheka. Uze wasukumela ibhizinisi lakhe emva kokuthuswa yindlela izinto ezenzeka ngayo ngesikhathi seCOVID-19.

Ama-sauce kaNks Masuge atholakala ngezinhlobo ezihlukene njenge-hot pineapple chilli. Izithombe: Zithunyelwe/Food For Mzansi

UNks Masuge odabuka eRustenburg, eNorth West, uyazifela ngebhodwe. Waqala ibhizinisi lokupheka ngo-2006 ephekela imishado neminye imicimbi emikhulu ayeyithola ngamathenda. 

“Ngiyakuthanda ukupheka ngaso sonke isikhathi kodwa nganginalento yokuthi ngifisa ukuqala ibhizinisi lezinto ezibabayo.”

Uthi ngo-2020 kwashintsha indlela abuka ngayo izinto mayelana nokuphatha ibhizinisi lakhe. Wayeqashiwe kwenye indawo ngokugcwele kanti ibhizinisi wayelenza eceleni kodwa yamthusa indlela izinto ezenzeka ngayo ngesikhathi kuhlasele iCOVID-19, wabhekisisa izinto ebhizinisini lakhe.

“Ngesikhathi sisekhathini lapho izwe lalivalwe khona, yilapho engathi khona akengiphushe lento engifisa ukuyenza. Kunenqwaba yamabhizinisi asungulwa ngo-2020 ngoba yize kwakuwunyaka omubi, mhlawumbe kwakuyisikhathi sokuthi abantu bahlale phansi bacabange. Siphila emhlabeni osheshayo lapho sihlezi sinezinto esizicabangayo futhi imvamisa sibuye sizibeke eceleni.” 

Ngaphambi kuka-2020 uNks Masuge uyavuma ukuthi “wayezijahela inzuzo” nje kuphela, efuna umsebenzi olandelayo angawuthola kodwa engakunakile kangako ukukhulisa umsebenzi.  

“Ngangiziphekela, ngizifakela amathenda. Babengikhokhela kuphinde futhi ngiqhubeke kanjalo. Uma unake inzuzo kuphela kusho ukuthi awusoze waba nebhizinisi. Uyohlezi nje wenza lokho kodwa ngeke ube nebhizinisi elisimeme. Kodwa manje ngizwa ukuthi sekufike isikhathi sokuthi ngenze lokhu engangikade ngikufisa futhi ngizakhele igama.”

Uhambo lokukhiqiza i-chilli sauce

UNks Masuge wacela iSmall Enterprise Development Agency (iSEDA) imsize akhulise ibhizinisi lakhe. Ngesikhathi eqala ukwenza i-chilli sauce yakhe, wayeyidayisela abangani nomndeni wakhe. 

“Kuthe uma sekuqala izwe livulwa kancane, nganginikeza abangani bami, umndeni wami nezihlobo ukuthi ziwuzame futhi wonke umuntu wayebabaza ubumnandi bayo. Ngabe sengiya e-SEDA ngabachazela ukuthi ngifisa ukwenzani nokuthi igama nakho konke okunye senginakho.” 

UNks Masuge wahambisa umkhiqizo wakhe wayohlolwa ukuqinisekisa ukuthi uphephile ukuthi abantu bawudle futhi uthole nezitifiketi ezifanele eziwubufakazi balokhu. 

“Sayihambisa e-SABS ukuze bayihlole, manje isinombiko ohlaziya kahle konke enakho, umsoco nokunye okukuyo. Uma uphendula ibhodlela uma uyithenga, uyawubona umbiko lapho. Ikukhombisa ukuthi ine-sodium engakanani nokunye odinga ukukwazi ngombiko. Ingahlala emashalofini unyaka wonke.” 

I-BSMS Chili House yenza i-harissa chilli paste, i-chilli garlic oil, i-hot pineapple chilli sauce ne-chilli salt. I-SEDA imsizile ahlanganise uhlaka lwebhizinisi lakhe angakwazi ukulikhombisa labo okungenzeka bamxhase ngemali. 

Yize egxile ekukhuliseni igama lenkampani okwamanje, uNks Masuge uthi ukuthola imali ezomxhasa nokufinyelela emakhasimendeni yizona zinselelo ezimbili nezinkulu abhekene nazo.

UNk Masuge uthi amakhasimende akhe ayazifela ngomkhiqizo osuke uhlangiswe ebhokisini wenziwa isipho. Izithombe: Zithunyelwe/Food For Mzansi

Ukungabi nengqalasizinda kuyamvimba afinyelele emakhasimendeni

Okwamanje ikomkhulu le-BSMS Chili House lisekhisini likaNks Masuge. 

“Inselelo esinayo wukungakwazi ukufinyelela emakhasimendeni ngoba asinayo indawo ehambisana nemigomo yezempilo ezweni lethu. Ukukunikeza isibonelo, uma uya ePick n Pay bazokubuza ukuthi ‘Unayo indawo ehambisana neHACCP?’”

UNk Masuge uthi amakhasimende akhe ayazifela ngomkhiqizo osuke uhlangiswe ebhokisini wenziwa isipho. Izithombe: Zithunyelwe/Food For Mzansi

I-HACCP noma iHazard Analysis Critical Control Point yisitifiketi esisebenza emhlabeni wonke esilekelela abakhiqiza ukudla bakwazi ukubona uma kukhona ingozi elengela ekudleni.

“Uma ungenayo indawo ehambisana nezinga le-HACCP, abakwazi ukukusiza. Ngikhuluma ngefemi noma ibhilidi elihambisana naleyo mithetho.” 

UNks Masuge uthe ukuswela kwakhe indawo enkulu kunqinda nesikali akwazi ukusikhiqiza ikakhulukazi njengoba engenayo imishini emikhulu. Isibonelo nje, umshini agaya ngawo ukwazi ukukhiqiza u-1.5 litres ngosuku, okusho ukuthi ukwenza amabhodlela awu-100 kumthatha inyanga yonke. 

“Ngesonto lokuqala enyangeni ngenza mhlawumbe i-harissa paste. Ngesonto elilandelayo ngenze i-hot pineapple chilli sauce. Elilandela lelo, ngenze i-chilli garlic sauce. Umshini wami awudalelwe ukusetshenziswa wumuntu okhiqizela ukudayisa ngakho uma ungitshela ukuthi usukhathele, kufanele ngiwulalele, ngiwuphumuze.” 

Ukuswela indawo yokusebenzela nokungakwazi ukufinyelela emakhasimendeni yikona okwenza uNks Masuge alujabulele usizo aluthole kwiSEDA. 

“Into enhle wukuthi iSEDA imile name. Bangisizile kakhulu.” 

Iseluleko angasinika abanamabhizinisi ezolimo

UNks Masuge uthi into enkulu emgqugquzelayo wukufuna ukuzakhela igama, into athi wayengayiqondi kahle ngesikhathi eqala ukuba nebhizinisi lokupheka. 

“Sengiyaliqonda ibhizinisi kangcono kunakuqala. Kunezinto eziningi manje engangingazicabangi ngesikhathi nginebhizinisi lokupheka futhi manje kuyangikhuthaza lokhu engikwenzayo. Ngikhuthazwa yigama lenkampani engiyakhayo nomlando engifisa ukuwushiya.” 

Legacy, she says, is not just something she is building for her family. She wants to contribute to the economic legacies of black women in the country, Uthi umlando afisa ukuwushiya akenzeli nje umndeni wakhe kodwa ufisa nokufaka isandla nasemlandweni wabesifazane abamnyama emnothweni. 

“Ngiyababona abantu bakithi. Siyasebenza kodwa ngazuthi sinebhakede elivuzayo. Uyawafaka amanzi kulelo bhakede kodwa aligcwali ngoba amanzi aphinde aphume. Ngicabanga ukuthi kufanele thinga bantu besifazane abamnyama siqinisekise ukuthi ibhakede esiliphethe alivuzi futhi silibone ligcwala lichichima.” 

Iseluleko uMasuge asinika abangosomabhizinisi kwezolimo: 

Zinike isikhathi

Imvamisa abantu basebenzisa igama elithi “siyaphanta”. Kodwa uma wenza izinto futhi ungazenzi ngendlela efanele, akukho okutheni ozokuzuza. Ngakho kufanele sizinike isikhathi. 

Yenza izinto ngendlela efanele

Kufanele silandele indlela efanele. Sengike ngabona abantu emibukisweni benza izinto ezinhle kodwa bengayilandeli imithetho nemigomo yezwe. Kubalulekile ukwazi indlela efanele okufanele siyilandele. 

Ungajahi nje inzuzo

Ungajahi nje inzuzo ngoba uzocabanga ukuthi usuphumelele kanti akunjalo. Njalo uma leyo nzuzo isiphelile, kufanele uphindele emuva. Kodwa uma uyithanda into oyenzayo, kukhona lento evukayo. Kusho ukuthi kunento okufanele uyenze, kusho ukuthi uzoyikhangisa inkampani yakho. Emva kwalokho uzobe usuwenza inzuzo. 

FUNDA FUTHI: Agripreneur 101: Okuhle ngokusungula inkampani ye-juice

Thola izindaba ngabaletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelanayo ngabantu abondla uMzansi. 

Tags: intshonalanga esenyakathousomabhizinisi

Nicole Ludolph

Born and bred in Cape Town, Nicole Ludolph is always telling a story. After a few years doing this and that, she decided that she might as well get paid for her stories. Nicole began her journalism career writing science articles for learner magazine Science Stars and interning at Getaway Magazine.

Related Posts

EC entrepreneur turns ancestral wisdom into a wellness brand
Agripreneur

EC entrepreneur turns ancestral wisdom into a wellness brand

27th August 2026
Chemistry meets creativity in Neo Mokhomo’s soya candle brand
Agripreneur

Chemistry meets creativity in Neo Mokhomo’s soya candle brand

20th August 2026
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
Rand volatility impacts Mzansi’s food choices

Rand volatility impacts Mzansi’s food choices

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

RSVP now: Emerging farmers’ programme at Nampo Cape

Community-led farms boost food security and incomes in Limpopo

Farmers rethink water use as shortages threaten food production

Honoured roots: A father’s legacy, a daughter’s farming dream

Gauteng farmers urged to harness massive urban market

Foot-and-mouth crisis hits SA dairy industry with R1-billion loss

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.