Ukuqala ukuzisebenza kungayinselelo kubalimi abancane, kodwa umlimi otshalile futhi ofuyile uMnuz Minenhle Ngubane wase-Ashburton, KwaZulu-Natali, ubhekana ngqo nenselelo ngayinye njengoba ekholwa ukuthi ezolimo ziwubizo lwakhe.
“Ngiyakuthanda. Uma ungavakasha epulazini, ungangithola emasimini noma ehhokweni,” usho kanje.
UNgubane ungusosayensi wezilwane ozalelwe futhi wakhulela eMgungundlovu. Ukukhulela emndenini olimayo kwatshala uthando olusha lwezolimo.
“Ngesikhathi ngikhula ngathola ithuba lokusebenza emapulazini kwaSwayimane nobaba wami. Ngafunda izindlela ezihlukene futhi ngaqonda ngezolimo ezithinta izilwane nokutshala.
“Kusukela ngaleso sikhathi, ngangifuna ukufunda ngezolimo futhi ngifunde konke engingakufunda ngemboni. Ngibe ngusosayensi wezilwane ngoba ngangifisa ukufaka isandla ekuthuthukiseni imboni nasekusunguleni izindlela zokwenza umsebenzi.”
Ukufunda ngesayensi ethinta izilwane
UNgubane uphothule isikole samabanga aphezulu eZakhe Agricultural College. Yilapho uthando lwakhe lwavuthelwa futhi lwakhuliswa khona. Uyachaza ukuthi wafunda kanjani ngezindlela ezehlukene zezolimo nanokuthi wazi kanjani ngezindlela ezihlukene zokufuya nokutshala.

Ukholwa ukuthi kwaba yisiqalo esihle ukuthola ulwazi ngezindlela ze-agronomy, i-horticulture ne-permaculture. Mayelana nezilwane, wafundiswa ukufuya izinkomo. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wafunda ngokufuya izinkukhu zenyama nezamaqanda.
Esephothule uMatikuletsheni wayezimisele ngokusebenza kwezolimo wase ebhalisea iBSc kwi-Animal Science eNyuvesi yaKwaZulu-Natali.
Usebenza noMnuz Owen Smith waseSmith Animal Feeds, indoda eyamthemba futhi yamnika ithuba lokuveza ikhono lakhe kwezolimo. UNgubane uthi ukucathuliswa uSmith sekumkhulisile nanendlela ethatha ngayo izinqumo ebhizinisini.
‘Ukulima kuyangisiza ukupholisa ikhanda’
“Yize ukusebenza embonini kwezolimo kubuye kugqilazana, senginendlela yokumelana nezimo okungisizayo futhi okungikhuthazayo. Ngiqala ngokuqikelela ukuthi ngihlale, ngihlale, ngihlabe ikhefu osukwini ukuze ngishaywe umoya.
“Lokhu kuyangisiza ngipholise ikhanda futhi kuyangisiza ngigxile emsebenzini engisuke ngibhekene nawo. Ukwazi ukuthi ngibhekephi kanjalo nomndeni wami kuyangikhuthaza. Amabovu yiwona angikhuthazayo futhi yiwona ahlale engigqugquzela. Noma ngabe yini esibhekene nayo manje noma ngomuso, umndeni wami uhlale ungigqugquzela.”
UNgubane wayehlale efuna ukungena kwezolimo, okuyinto eyamgqugquzela aqhubeke nezifundo zakhe futhi azihluphe nangokuba nesipiliyoni. Nokho, kwathi esezolifeza iphupho lakhe, zalakanyana izinselelo.
Izinselelo zokuqala
Unepulazi elingamahekthare amathathu e-Ashburton, edolobheni okwakuhamba kahle kulo ngesikhathi esafufusa, wavinjwa ukungabi namali ukuthi akhule.
Enye inkinga ahlale ebhekene nayo ukuthi amafemu akhelene nawo angcolisa umhlabathi, lokhu kunciphisa umhlaba angawulima. Enye inkinga wukushoda kwamanzi okuphazamisa ukukhula kwezitshalo.
“Ngishoda ngendawo ngoba ngincintisana namanye amabhizinisi namakhaya. Ngaphezu kwalokho, kukhona isimo sezulu okungelula ukusiqonda kanti ukuqikelela ukuthi izitshalo zami zivikelekile esimweni sezulu esingesihle kwengeza izinselelo engibhekana nazo, “ usho kanje.
Kodwa uNgubane uyaqhubeka yize kunezinselelo futhi utshele iFood For Mzansi ukuthi uthando lo msebenzi awenzayo yilona olumnika amandla okuqhubeka. Uthi ayikho into emnandi edlula ukuthi ahambe ehlola umsebenzi, enakekela izilwane, ezibona zikhula kanjalo nokuzikhiqizela ukudla ngezandla zakhe.
“Ngiwumuntu okwazisayo ukubona imiphumela. Ngiyathanda ukuba neqhinga elicacile kanjalo nesikhathi esanele sokuqhamuka necebo lokukuzuza lokho. Into enkulu esengiyizuzile njengomlimi ukuthi sikhuluma nje umkhiqizo wami ngiwudayisela esinye sezitolo ezinkulu zokudla eNingizimu Afrika nezimbili ezihamba phambili eMgungundlovu. Kule minyaka embalwa ezayo, ngingathanda ukubona ipulazi lami likhula futhi lichuma. Ngiyafisa ukuqhubeka ngisebenze ngemvelo hhayi ukuphikisana nayo.”
Intsha ingazithokozela ezolimo
Iphupho liselisha futhi usacathula. Akubuzwa ukuthi uNgubane uzobhekana nezinselelo kodwa ayikho into emthusayo lo muntu omusha. Empeleni ukholwa ukuthi intsha ingaba nokuthula uma ingangena kwezolimo kuphela nje uma izobekezela.
“Wonke umuntu kufanele azi ukuthi uma ungumlimi, ziningi izinto ezidingakalayo ukuze uphumelele. Ukwazi amaqhinga ezolimo yikona okumqoka. Ukubekezela nokuphokophela yizona zinto ezimbili ezibalulekile ozidingayo ngoba ezolimo akuwona umsebenzi ongavele uphumelele kuwo kanjalo nje.
“Bambelela, uphokophele. Uhlale ukhumbula ukuthi imiphumela oyitholayo izohambisana nesikhathi nothando okufakayo.”
FUNDA FUTHI: EZITHOMBENI: Kwethulwe indlu entsha yokukhulisela iziklabhu
Thola izindaba ngabantu abaletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi.