Tuesday, July 21, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UMnuz Minenhle Ngubane uyakwazi ukubekezela futhi ukholwa ukuthi ubizo lwakhe lukwezolimo. Akawasweli amaqhinga ngisho ngabe kuthiwa yini abhekana nayo kwezolimo.

by Sinenhlanhla Mncwango
21st November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

Umlimi otshalayo futhi ofuyile uMinenhle Ngubane uthemba ukuthi uzolifeza iphupho lakhe lokuba ngumlimi omkhulu.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Ukuqala ukuzisebenza kungayinselelo kubalimi abancane, kodwa umlimi otshalile futhi ofuyile uMnuz Minenhle Ngubane wase-Ashburton, KwaZulu-Natali, ubhekana ngqo nenselelo ngayinye njengoba ekholwa ukuthi ezolimo ziwubizo lwakhe.

“Ngiyakuthanda. Uma ungavakasha epulazini, ungangithola emasimini noma ehhokweni,” usho kanje. 

UNgubane ungusosayensi wezilwane ozalelwe futhi wakhulela eMgungundlovu. Ukukhulela emndenini olimayo kwatshala uthando olusha lwezolimo. 

“Ngesikhathi ngikhula ngathola ithuba lokusebenza emapulazini kwaSwayimane nobaba wami. Ngafunda izindlela ezihlukene futhi ngaqonda ngezolimo ezithinta izilwane nokutshala. 

“Kusukela ngaleso sikhathi, ngangifuna ukufunda ngezolimo futhi ngifunde konke engingakufunda ngemboni. Ngibe ngusosayensi wezilwane ngoba ngangifisa ukufaka isandla ekuthuthukiseni imboni nasekusunguleni izindlela zokwenza umsebenzi.”

Ukufunda ngesayensi ethinta izilwane 

UNgubane uphothule isikole samabanga aphezulu eZakhe Agricultural College. Yilapho uthando lwakhe lwavuthelwa futhi lwakhuliswa khona. Uyachaza ukuthi wafunda kanjani ngezindlela ezehlukene zezolimo nanokuthi wazi kanjani ngezindlela ezihlukene zokufuya nokutshala.  

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

Ukholwa ukuthi kwaba yisiqalo esihle ukuthola ulwazi ngezindlela ze-agronomy, i-horticulture ne-permaculture. Mayelana nezilwane, wafundiswa ukufuya izinkomo. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wafunda ngokufuya izinkukhu zenyama nezamaqanda. 

Esephothule uMatikuletsheni wayezimisele ngokusebenza kwezolimo wase ebhalisea iBSc kwi-Animal Science eNyuvesi yaKwaZulu-Natali. 

Usebenza noMnuz Owen Smith waseSmith Animal Feeds, indoda eyamthemba futhi yamnika ithuba lokuveza ikhono lakhe kwezolimo. UNgubane uthi ukucathuliswa uSmith sekumkhulisile nanendlela ethatha ngayo izinqumo ebhizinisini.

‘Ukulima kuyangisiza ukupholisa ikhanda’

“Yize ukusebenza embonini kwezolimo kubuye kugqilazana, senginendlela yokumelana nezimo okungisizayo futhi okungikhuthazayo. Ngiqala ngokuqikelela ukuthi ngihlale, ngihlale, ngihlabe ikhefu osukwini ukuze ngishaywe umoya. 

“Lokhu kuyangisiza ngipholise ikhanda futhi kuyangisiza ngigxile emsebenzini engisuke ngibhekene nawo. Ukwazi ukuthi ngibhekephi kanjalo nomndeni wami kuyangikhuthaza. Amabovu yiwona angikhuthazayo futhi yiwona ahlale engigqugquzela. Noma ngabe yini esibhekene nayo manje noma ngomuso, umndeni wami uhlale ungigqugquzela.”

UNgubane wayehlale efuna ukungena kwezolimo, okuyinto eyamgqugquzela aqhubeke nezifundo zakhe futhi azihluphe nangokuba nesipiliyoni. Nokho, kwathi esezolifeza iphupho lakhe, zalakanyana izinselelo.

Izinselelo zokuqala

Unepulazi elingamahekthare amathathu e-Ashburton, edolobheni okwakuhamba kahle kulo ngesikhathi esafufusa, wavinjwa ukungabi namali ukuthi akhule.

Enye inkinga ahlale ebhekene nayo ukuthi amafemu akhelene nawo angcolisa umhlabathi, lokhu kunciphisa umhlaba angawulima. Enye inkinga wukushoda kwamanzi okuphazamisa ukukhula kwezitshalo. 

“Ngishoda ngendawo ngoba ngincintisana namanye amabhizinisi namakhaya. Ngaphezu kwalokho, kukhona isimo sezulu okungelula ukusiqonda kanti ukuqikelela ukuthi izitshalo zami zivikelekile esimweni sezulu esingesihle kwengeza izinselelo engibhekana nazo, “ usho kanje.

Kodwa uNgubane uyaqhubeka yize kunezinselelo futhi utshele iFood For Mzansi ukuthi uthando lo msebenzi awenzayo yilona olumnika amandla okuqhubeka. Uthi ayikho into emnandi edlula ukuthi ahambe ehlola umsebenzi, enakekela izilwane, ezibona zikhula kanjalo nokuzikhiqizela ukudla ngezandla zakhe. 

“Ngiwumuntu okwazisayo ukubona imiphumela. Ngiyathanda ukuba neqhinga elicacile kanjalo nesikhathi esanele sokuqhamuka necebo lokukuzuza lokho. Into enkulu esengiyizuzile njengomlimi ukuthi sikhuluma nje umkhiqizo wami ngiwudayisela esinye sezitolo ezinkulu zokudla eNingizimu Afrika nezimbili ezihamba phambili eMgungundlovu. Kule minyaka embalwa ezayo, ngingathanda ukubona ipulazi lami likhula futhi lichuma. Ngiyafisa ukuqhubeka ngisebenze ngemvelo hhayi ukuphikisana nayo.”

Intsha ingazithokozela ezolimo

Iphupho liselisha futhi usacathula. Akubuzwa ukuthi uNgubane uzobhekana nezinselelo kodwa ayikho into emthusayo lo muntu omusha. Empeleni ukholwa ukuthi intsha ingaba nokuthula uma ingangena kwezolimo kuphela nje uma izobekezela.

“Wonke umuntu kufanele azi ukuthi uma ungumlimi, ziningi izinto ezidingakalayo ukuze uphumelele. Ukwazi amaqhinga ezolimo yikona okumqoka. Ukubekezela nokuphokophela yizona zinto ezimbili ezibalulekile ozidingayo ngoba ezolimo akuwona umsebenzi ongavele uphumelele kuwo kanjalo nje. 

“Bambelela, uphokophele. Uhlale ukhumbula ukuthi imiphumela oyitholayo izohambisana nesikhathi nothando okufakayo.”

FUNDA FUTHI: EZITHOMBENI: Kwethulwe indlu entsha yokukhulisela iziklabhu

Thola izindaba ngabantu abaletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi.

Sinenhlanhla Mncwango

Sinenhlanhla Mncwango is from a small town in KZN. She is a Journalism Honours graduate from the University of Johannesburg and has experience in online news, sports journalism and radio. She enjoys a good game of cricket and hockey and is interested in learning different languages.

Tags: animal scientistCommercialising farmerCrop farmingInspire meKwaZulu-Natal
Advertorial

Seriti Institute CEO wins prestigious Best Woman 2026 CSI award

by Staff Reporter
17th July 2026

PARTNER CONTENT: In a major boost for grassroots development, Seriti Institute CEO Juanita Pardesi has won the South African CSI...

Read moreDetails
Farmers and brewers call for budget that builds, not breaks

Minister details Land Bank’s success in boosting black farmers

17th July 2026
Wits students step up to fight campus hunger

Wits students step up to fight campus hunger

17th July 2026
Making the right choice between open-pollinated and hybrid maize seeds is key to maximising yields and ensuring sustainable crop production.

Drought and heatwaves force SA maize farmers to adapt or switch

17th July 2026
Early harvest and larger crops mark unusual 2026 lemon season

Early harvest and larger crops mark unusual 2026 lemon season

17th July 2026

Early harvest and larger crops mark unusual 2026 lemon season

Climate change: SA’s food processors are feeling the heat

Rising stars: 2026 PGP finalists redefining SA grain farming

Dune spinach: A climate-hardy green transforming coastal farming

Seriti Institute CEO wins prestigious Best Woman 2026 CSI award

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Protect farming profits with low-stress cattle handling

Protect farming profits with low-stress cattle handling

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

SA poultry industry calls for urgent bird flu vaccine rollout

Mother’s legacy, neighbour’s grace: Venessa Simelane’s farm story

Deadline looms: Register water use by 23 July or risk penalties

This week’s agri events: 20 – 24 July

Climate change: SA’s food processors are feeling the heat

Rustlers Valley offers a blueprint for South Africa’s renewal

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.