Njengoba kusanda kuqonga amanani e-ginger, kungenzeka ukuthi uyazibuza ukuthi ungenzenjani ukuze uwudayise njengoba kunje.
I-ginger yisitshalo esikhula ezindaweni lapho isimo sezulu sihlale sishisa khona futhi kunzima ukuthi ikhule ezindaweni ezingafudumele. Nokho zikhona izindlela ezisizayo ukukhulisa lesi sinongo ekhaya. Noma ngabe usitshalela ukupheka ngaso noma ukusidayisa, lesi sinongo esinokubaba yisitshalo okuhle ukusitshala kanti nansi indlela ongenza ngayo:
Thola impande
Okokuqala, kufanele uqale uthole isiqu se-ginger esitolo sokudla (i-ginger ayiyona impande kahle-hle kodwa isiqu sayo sicishe sifane nayo).

I-Good Housekeeping inamasu angakusiza uthole impande ye-ginger ongaqala ngayo. Thenga i-ginger elingana nesithupha sakho enamagqamuza amaningi anesikhumba esinombala ongagqunqile, ungawuthengi lona onamagqamuza amnyama.
Thola indawo efanele
Njengoba sishilo i-ginger iyisiqu, ayiyona impande yize ivame ukubizwa ngempande. Ngakho idinga ukutshalwa eduze kukasimende. I-Gardner’s Path iphakamisa ukuthi uthole ibhodwe elikhulu ozolibeka lapho kushisa khona ekhishini noma engadini yakho lapho kunomthunzi omncane nenhlabathi ekhipha kahle amanzi ongatshala kuyo.
Akukhathaleki ukuthi i-ginger uyitshala ebhodweni noma engadini, uma uqala udinga inhlabathi enhle ozoqala ngayo. Kufanele kube yinhlabathi enomsoco owanele ukukhulisa i-ginger yakhe (ungengeza ngomanyolo, bheka lapha ngezansi), kufanele ikwazi ubamba umswakamo ukuze ingomi kodwa kufanele ikwazi ukukhipha amanzi ukuze i-ginger yakho ingagcwali amanzi.
Izinyathelo zokuqala
Abanye abantu abatshalayo baphakamisa ukuthi ucwilise iziqu zika-ginger emanzini ubusuku bonke. Wumqondo omuhle lowo ngoba i-ginger ethengwe esitolo kungenzeka ukuthi ike yafakwa izinto ezenza ingakhuli kahle.
Awudingi indawo enkulu nhlobo ukutshala i-ginger. Sonke isiqu ositshalayo sizoqale siqhumise amaqabunga ambalwa endaweni eyodwa. Ngokuhamba kwesikhathi kuzogcwala kube kukhulu kodwa uma kungavunwa. Iziqu ezingaphansi azinankinga uma zicinene.
Ungazinquma iziqu ze-ginger zibe ncane noma uvele usitshale sihlangene sinjalo. I-Tropical Permaculture iluleka ngokuthi utshale impande ye-ginger ibe ngamasentimitha ayisihlanu kuya kwayishumi.
Chelelisisa emva kokutshala futhi kufanele amaqabunga aqale ukuqhuma emva kwesonto.
Ukunakekela isitshalo sakho se-ginger

Abatshali base-Good Housekeeping bathi enye indlela yokukhulisa kahle i-ginger wukuhlale uhlale uyivukuze inhlabathi. Njengoba kwenzeka ngezinye izitshalo zamazambane, iziqu ze-ginger ziyaqhuma enhlabathini bese zibaluhlaza okotshani elangeni. Abalimi abakhulu baye bathi kuyasiza ukuchelela njalo nokuvukuza inhlabathi kanye ngenyanga. Ukuze uthole imiphumela efanayo ekhaya, kuhle uvuvuzele umanyolo ebhodweni otshale kulona kanye ngenyanga uvikele izitshalo zakho elangeni.
Isikhathi sokutshala
Tshala i-ginger yakho ekuqaleni kwentwasahlobo ngesikhathi sekuqala ukushisa bese uyakhohlwa yiyo izinyanga eziyishumi ngaphambi kokuyivuna. I-Tropical Permaculture ichaza ibiza i-ginger njengesitshalo esinganakwa nhlobo engadini ngoba uma isitshaliwe ayinakwa kuze kufike isikhathi sokuyivuna.
I-ginger ilungela ukuvunwa ngezinyanga eziwu-10. Vuna i-ginger yakho entswasahlobo noma ehlobo ngonyaka olandelayo. Uzobona amaqabunga eqala eshintsha eba phuzi, okuzosho ukuthi sekulungele ukuvunwa. Vele uyisiphule i-ginger enhlabathini.
Qinisekisa ukuthi inhlabathi otshale kuyo i-ginger ihlala yomile futhi amanzi aphume kahle kuyo. I-ginger ayisidingi isithwathwa, ilanga, umoya onamandla nenhlabathi enamanzi.
Uyakwazi ukuthola inqwaba empandeni eyodwa ngakho ungaba ne-ginger unyaka wonke, uphe nabangani bakho.
ALSO READ: Agripreneur 101: Ginger beer and SA, a fabulous fusion








