Sunday, August 30, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in Inspiration, isiZulu

Ibhizinisi lezolimo: Umama wethula ibhizinisi lokunakekela isikhumba

UNksz Lindiwe Magubane wavuka wazithatha emva kokuphela komshado wakhe okwamthwalisa kanzima. Wasebenzisa lesi sikhathi esasilikhuni ukushintsha impilo yakhe ngokuziqalela ibhizinisi elingasizi yena kuphela kodwa nenqwaba yabanye abantu.

by Octavia Avesca Spandiel
12th September 2023
UNksz Lindiwe Magubane kudingeke ashintshe izinto empilweni yakhe ukuze aphumelele kanti nebhizinisi lakhe lizaleke kanjalo.

UNksz Lindiwe Magubane kudingeke ashintshe izinto empilweni yakhe ukuze aphumelele kanti nebhizinisi lakhe lizaleke kanjalo.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Ukuphela kabuhlungu komshado wakhe ngo-2019, kwashiya umama ozikhulisela abantwana yedwa uNksz Lindiwe Magubane ekhathazekile futhi engenaso isiqiniseko sokuthi aqhubeke kanjani. Isikhumba sakhe siqubukile futhi waba namabala amnyama. Ngo-2021 unqume ukuyisukumela inkinga yakhe kanti usenebhizinisi elivelele lezimonyo aziqhenyayo ngalo emva kobunzima adlule kubo. 

UNksz Magubane beyingekho into angayenza ngaphandle kokuzihlanganisela imikhiqizo yesikhumba esebenzisa izithako zemvelo ezingenawo amakhemikhali futhi eshibhile ngoba engawutholi ezitolo umkhiqizo ongaxazulula izinkinga zakhe.

Uqale kanjani?

Ngokusho kukaNksz Magubane,umzimba wakhe wezwela kakhulu ngesikhathi ehlukanisa.  “Ukuhlukanisa kwangithusa kakhulu. Ngangingakulindele futhi ubuso bami buqale ukuba nezininga  ngemuva kokuhlukanisa,” kuchaza yena

Waqala ukuba nazo zonke izinhlobo zezinkinga zesikhumba ayengakaze abe nazo ngaphambili, njengezinduna ezishiya amabala amnyama ebusweni bakhe. “Into engingazange ngibe nayo nasebusheni bami,” usho kanje.

Uqhube wathi ukubhekana nengcindezi yokuhlukanisa nokuba ngumama osemncane kwabhebhezela isimo.

Ukuthola amakhasimende omkhiqizo ongenawo amakhemikhali

Ngokuhamba kwesikhathi  wathatha isinqumo sokuthi sekwanele, udinga umkhiqizo ozolungisa isikhumba sakhe. “Ngazama ukubheka ezitolo engingathola khona imikhiqizo engeke ingenze ngibe mpofu. Siyazi ukuthi imikhiqizo eminingi yokugcoba isikhumba ekhona inezithako ezenza isikhumba sishintshe sibe mpofu.  Mina bengifuna umkhiqizo ongenawo amakhemikhali.”

Wazama ukusebenzisa imikhiqizo eyehlukene eyayitholakala ezitolo kodwa wathola ukuthi akukho nowodwa kule mikhiqizo omsiza ngezinduna noma amabala amnyama. Wakhathazeka, kwadingeka athathe isinqumo.

Ukhethe ukuqala kabusha

“Ngelinye ilanga ngavele nganquma ukuzizamela ukuzihlanganisela into engizoyigcoba ngibone ukuthi ngeke yini isebenze.”

 Waqala ukwenza ucwaningo futhi wafinyelela esiphethweni sokuthi ukotapheya uyasiza. Esezamile isikhashana ngo-2021, uNksz Magubane wengeza izithako zakhe nge-shea butter. Wathola  abalimi baseGhana abatshala lolu hlobo lwamafutha avame ukusetshenziswa emikhiqizweni eyenza isikhumba sibe sihle.

Waqala ukusebenzisa umkhiqizo wakhe wesikhumba kwaba ukunyamalala kwamabala amnyama esikhunjeni sakhe. UNksz Magubane udayisa insipho yase-Afrika emnyama, ishea butter, i-avocado butter, amafutha kakotapeya, insipho kakotapeya nezinto zokugcoba ezenziwe ngokotapeya. Okwenza le mikhiqizo ukuthi yenziwe lapha eNingizimu Afrika, ayibizi kakhulu kanti yenziwe ngemikhiqizo yemvelo.

“Ukotapeya yisithako esikhulu esisisebenzisayo ngoba sizama ukuthi umkhiqizo wethu ube ngowemvelo ngokuphelele. Uma sikhiqiza siyawushintsha ukuze ugcobeke bese sifaka amafutha emvelo adingakalayo,” kusho yena.

Imali aqala ngayo

UNksz Magubane waqala ngo-R15 000. “Okokuqala, ngiyajabula ukuthi ngakwazi ukugcina amakhasimende ami, amakhasimende amadala abuyela kimi futhi lokho kwangikhombisa ukuthi umkhiqizo uyasebenza,” kuchaza yena.

Ungazitholela umkhiqizo owenziwe kuleli osabalaliswa ezweni lonke. Nakuba ikhasimende likhokhela izindleko zokuhanjiswa komkhiqizo, uNksz Magubane uyazama ukuthi umkhiqizo ungabizi.

Kuningi okunye abantu abasazokubona. Le ntokazi esingungoti ekukhiqizeni imikhiqizo engenawo amakhemikhali isaqhubeka nokwenza eminye imikhiqizo, kukhona esikhuluma nje iphezu kwawo.

Nazi izeluleko zikaNksz Magubane

  1. Yiba nothando nozwelo uma usebenza ngesikhumba sabantu.
  2. Yiba nomqondo ovulekile.
  3. Yenza ucwaningo lwakho futhi uthole lapho amakhasimende ekhona.
  4. Yiba nenhliziyo enozwelo uma kuziwa ekusebenzeni ngesikhumba sabantu.

FUNDA FUTHI: Oletha ushintsho: UPatel uzikhathalele kakhulu ezolimo eMzansi 

Bhalisa kuMzansi Today: Iziko elikulethela izindaba zezolimo nsukuzonke.

Octavia Avesca Spandiel

Raised by a close-knit family who loves her deeply, Octavia believes in the philosophy of ‘I am because you are'. This former news and content editor for radio is now living her best life in the agricultural sector as a commercial journalist at Food For Mzansi. Her soft spot for poetry and passion for life, writing and traveling inspires her to write compelling stories. Apart from being an excellent writer, Octavia has an educational background in youth work and loves working with people. 

Tags: AgripreneurConsumer interestInspire meNatural productsOrganic
Soul to Soil: Women urged to claim every corner of agriculture
News

Soul to Soil: Women urged to claim every corner of agriculture

by Patricia Tembo
27th August 2026

“Believe in what you have to offer.” Speakers at our Soul to Soil event, in partnership with Agda, urged women...

Read moreDetails
Countdown begins for 2026 SA Olive Awards in September

Countdown begins for 2026 SA Olive Awards in September

27th August 2026

Local food brand cracks the code to national retail growth

26th August 2026

Why SA’s poultry industry needs a new integration model now

26th August 2026
Growing women’s role in agriculture demands urgent land access

Growing women’s role in agriculture demands urgent land access

26th August 2026

The ‘Golden Hour’: Managing a newborn calf’s first hours

Water rights alone won’t fix inequality in SA commercial farming

QueenAgri’s reign: How Fellistus Sekgale scaled from scratch

Land reform: Why SA must shift from hectares to productive impact

Soul to Soil: Women urged to claim every corner of agriculture

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Nubian goat are great for goats milk production. Nubian goats are called Anglo-Nubian in Britain, where the breed originated. Photo: Sourced/Pinterest

Milking it: The key to successful goat milk production

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Water rights alone won’t fix inequality in SA commercial farming

Stats SA: Food sector income rises 8.4% as takeaways surge

Hemelhuijs tops 700 entries to win SA Preserve Product of the Year

QueenAgri’s reign: How Fellistus Sekgale scaled from scratch

Land reform: Why SA must shift from hectares to productive impact

New agriculture chair vows strict public sector oversight

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.