Monday, September 14, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

Oletha ushintsho: uThamaga ubuyekeza impumelelo

Imenenja ehhovisi likaMengameli neleSikhulu esiPhezulu kwi-African Farmers Association of South Africa (i-AFASA), iklonyelisiwe ngomsebenzi omuhle ewenzayo ekuhlanganiseni imigomo nokukhankasa ukuze kuthuthuke ezolimo ezweni.

by Tiisetso Manoko
2nd November 2023
Oletha ushintsho: uThamaga ubuyekeza impumelelo

UMNUZ Malapane Thamaga, imenenja emahhovisi amabili e-African Farmers Association of South AFrica (i-AFASA) elikamengameli nelesikhulu esiphezulu kule nhlangano echaza ukuthi kusho ukuthini kuyena ukuklonyeliswa ngomklomelo weFood fo Mzansi owaziwa, i-Changemarkers Award.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Omunye wabaklonyeliswe iFood for Mzansi nge-Changemakers award, uMnuz  Malapane Thamaga, uthe indondo yakhe uyinikela kwezinye izishoshovu zezolimo. Lesi simemezelo usenze ngesikhathi kune-Young Farmers Indaba eba minyaka yonke, ebiseGauteng.

UThamaga wamenyezelwa  njengomunye  wabantu abaletha ushintsho ngenxa yokuzinikela ekuthuthukiseni ukulima nezolimo jikelele.

Njengemenenja ehhovisi likamengameli nelesikhulu esiphezulu kwi-African Farmers Association of South Africa (i-Afasa), ubambe iqhaza elikhulu ekusunguleni uphiko olubhekele imikhiqizo enhlobonhlobo. Unolwazi olunzulu ngale mboni njengoba engusomnotho wezolimo futhi uke wamela ungqongqoshe wezolimo, ukuthuthukisa umhlaba nezindawo zasemakhaya kwi-Maize Trust. UThamaga unamava nolwazi olujulile embonini yezolimo.

Engxoxweni neFood for Mzansi, uThamaga uchaze ukuthi kusho ukuthini ukuwina lo mklomelo.

“Lo mklomelo ukhombisa ukuthi ukhona obonayo futhi ohlabeke umxhwele ngomsebenzi esiwenzayo nsukuzonke ekuthuthukiseni ezolimo eNingizimu Afrika,” kusho yena.


Tiisetso Manoko (TM): Halala. Kusho ukuthini kuwena ukuthola lo mklomelo?

Malapane Thamaga (MT): IFood Mzansi Changemarkers Award isho ukuthi kukhona abaqaphelayo umsebenzi engiwenzayo emkhakheni wezolimo. Kulo mkhakha akufani nakweminye lapho kubhekwa ukuthi inzuzo oyenzile ingakanani okuyiyo echaza ukuthi usebenze kangakanani. Lapho sigxile khona ekuhlanganiseni imigomo nanokuba yisishoshovu, kuthatha isikhathi ngaphambi kokuthi kubonakale imiphumela.

Ngakho-ke lo mklomelo ukhombisa ukuthi ukhona obonayo futhi ohlabeke umxhwele ngomsebenzi esiwenzayo nsukuzonke ekuthuthukiseni ezolimo eNingizimu Afrika.

TM: Ikuphi okuzuzile uma ubheka ukukhula nokuthuthuka emkhakheni wezolimo?

Malapane Thamaga: Impumelelo yami kwezolimo ngiyikala ngesibalo sabalimi asebesizakele ukufeza amaphupho abo. Mathathu amaphuzu angasetshenziswa ukuphendula lombuzo:

  • Iqhaza lami ekusunguleni i-AFASA

Okokuqala ukulekelela ukusungula i-AFASA igcine isizimele, ingasathembele kwiNERPO ukuze ingabhekeleli imboni edayisa inyama ebomvu kuphela, kodwa kungene neminye imikhiqizo futhi nabanye abantu abenza ezinye izinto. Lokhu sakuzuza ngokusebenzisana noMengameli we-AFASA, uDkt Vuyo Mahlati;

  • Ukwenza izigcawu zokuthi abalimi bakwazi ukubonisana nabaphethe ezolimo nezikhulu zikahulumeni.

Okwesibili, ukuhola izigcawu zokubonisana lapho abalimi bezozikhulumela ngqo nabaphethe izinkampani kanjalo nezikhulu zikahulumeni kuhlanganisa nehhovisi likaMngameli. Sisebenzisa i-AFASA Agricultural Transformation Conference eba minyaka yonke, i-AFASA Business Breakfast sessions, imibukiso eyenziwa emgwaqweni nengqungquthela ebiyenziwa ngobuchwepheshe besimanje i-Agricultural Transformation Focus, okulekelela izinhlangano ezihlukene; 

  • Ukuzibandakanya nezinhlangano ezehlukene zezolimo

Okwesithathu, okungokogcina, ukubamba iqhaza ezikhungweni noma ezinhlanganweni ezehlukene zezolimo kuzo ezifana ne-AgriBEE ne-Maize Trust kusho ukuthi kuyabhungwa ngemibono yokuthuthukisa lo mkhakha.

Angikuveze ukuthi kusekuningi okumele kwenziwe, kuyangijabulusa ukuthi kuningi osekuvele kuhleliwe okuzosiza abalimi bafeze amaphupho abo.

TM: Ucabanga ukuthi yini eshodayo ukuze kuqedwe izingqinamba zezolimo ikakhulukazi ezibhekene nentsha kwezolimo?

Malapane Thamaga: Isikhathi esiningi intsha ayifuni ukuphatha izikhundla, idedela abantu abadala kube yibo abayiholayo, bona babe izibukeli noma bagxeke nje kuphela. Kwesinye isikhathi abangeni kulezi zikhundla ngoba bengafuni ukungena kwipolitiki kanti ayikho indawo engenayo ipolitiki yayo, uma izinqumo zithathwa abantu ngokuhlanganyela.

Ngeshwa, izinqumo eziningi ezithathwayo ezweni zithathwa ngaphandle kokuthi intsha ibeke eyayo imibono ngoba ikholelwa ukuthi kungukuchitha isikhathi ukuhambela izigcawu zokubonisana ngezinto Okubuhlungu ukuthi abalimi abaningi sebeyintsha, bakufundele abakwenzayo futhi banolwazi olungasiza ekukhombeni indlela nokwenza isiqiniseko sokuthi abaphethe bayaphendula ngezinqumo abazithathayo kodwa abakukhuthaleli ukuba yingxenye.

Ngakho-ke ngiyafisa ukukhuthaza abantu abasha ukuthi baziphathe izikhundla, banikele ngesikhathi sabo. Akudingeki ukuthi uze ube umholi wesifundazwe noma kazwelonke uma usaqala. Ungaqala ezingeni lokuhlela izigcawu zokwabelana ngolwazi, usize ekuhlelweni kosuku lwabalimi bese uyakhula.

TM: Yini engenziwa ukuthuthukisa ukuzihlela kwezinhlangano zezolimo eNingizimu Afrika?

Malapane Thamaga: Izinhlangano eziningi zisungulwa kuphuthunywa kungabe kusaqikekelelwa ukuthi zinobuholi obuqinile obuzokwazi ukuphendula ngezinto ezithinta inhlangano, kuqinisekiswe ukulandela imigomo ukuxazulula izinkinga.

Ngeshwa, lokhu kudala ukuthi kugcine kunezinhlangano eziningi ezenza into eyodwa, okwenza kube nzima ukuthi uhulumeni wezolimo akhulume nazo zonke lezi zinhlangano ngoba zikhuluma ngokwehlukana.

Ngokujwayelekile kuba namahlabuka ngenxa yezizathu ezintathu, ukungaboni ngasolinye, ukuhluleka ukuxazulula izinkinga nokuzibona umkhulu kunenhlangano okuyo nokuba buthaka kwezinhlaka zokuphatha.

Izinhlangano ezihlubuke kwezinye ngokujwayelekile kwenziwa izizathu ezintathu:

  • Ukungaboni ngasolinye nokuhluleka ukuxazulula ukuxabana

Sesakhe isiko labaholi abangafuni ukuholwa. Ngaphansi kwaleli siko abaholi bazibona kuyibona kuphela okumele bahole, yize imigomo yenhlangano iyibeka icace imigomo okumele ilandelwe; 

  • Ukuzibona umkhulu kunenhlangano oyimele

Okunye okuhambisana naleli phuzu lokuqala; ngesinye isikhathi abaholi bacabanga ukuthi bakhulu kunezinhlangano abakuzo bese befuna ukuzithathela izinqumo ngaphandle kokulandela inqubo yokubonisana nababamele; bese 

  • Ubuthaka bezinhlaka zokuhola

Uma kusungulwa inhlangano sekuphuthunywa akubhekwa ukuthi abaholi bazokwazi yini ukuxazulula izinkinga uma sekufike leso sikhathi nokuthi ubuholi buzokwazi ukuhlale buphendula imibuzo amalungu aleyo nhlangano. Ngeshwa, loku kuholela ekutheni kube nezinhlangano eziningi ezenza umsebenzi ofanayo okwenza uhulumeni angakwazi ukukhuluma nazo njalo ngoba zikhuluma ngokwehlukana.

TM: Okokugcina, umyalezo wakho oqondiswe kubalimi baseMzansi

Malapane Thamaga: Ngeke ube umlimi ozimele yedwa. Kungabukeka sengathi ukulima kulula uma ukubukela kude kodwa kunezinselelo zako. Ngenhlanhla, bakhona abalimi abasuke sebenesikhathi bekulo mkhakha. Kubalulekile ukubheka ukuthi imuphi ongasebenzisana naye akusize uze ukwazi ukuzimela, kumele nihlale nihlangana nibe ngamaqoqo ukuze nizokwazi ukuxazulula izinselelo ngokuhlanganyela kunokubhekana nazo uwedwa. Thintanani ne-AFASA eseduze izonisiza nakhe iqoqo.

Yiba yingxenye yenhlangano yabalimi. Uma ungeyona ingxenye yabalimi yabo ngicebisa ukuthi ujoyine eyodwa, i-AFASA ingenye yezinhlangano ongazijoyina noma ungumlimi osacathula. I-AFASA isanda kusungula izinhlaka ezibhekelele yonke imikhiqizo yezolimo, iCommodity Chambers. Uma uyingxenye ye-AFASA uthola usekwa ngokulima, usizo lokungena ezimakethe nosizo lokuthola imali yokusebenza nomhlaba.

Phokophelela ukuthuthuka kodwa wazi ukuthi kungenzeka kungahambi ngendlela obuhlele ngayo. Awuyeki ukufunda emkhakheni wezolimo ngakho abalimi bayakhuthazwa ukuthi bahlale befunda okusha ngenani bahambele imibukiso yemikhiqizo yezolimo nezigcawu zokwabelana ngolwazi .Okunye okumele ukukwenze ukuzikala ukuthi izinga lakho lokuba umlimi liyakhula noma liyehla, khuphula  isivuno sakho, imali eyinzuzo oyitholayo.

Ngokujwayelekile kuhlale kunethuba lokuthi kube nengozi engakhinyabeza umkhiqizo wakho. Ingozi engadalwa isimo sezulu, izifo noma ukuhlasela kwezilwanyana. Uma kuhlasele isimo esinjalo, kunzima ukuthola amakhasimende ngenxa yokushintsha kwemali yokudayisa neyokuthenga imikhiqizo yezolimo.

Ngakho njengomlimi kudingeka uhlale uhlomile wazi ukuthi kunezinselelo ezinjengalezi, ube namasu owahlelile okubheka nazo. Ngokunjalo kukhona namathuba avelayo ngakho kumele uhlale ubhekile ukuthi uma kwenzeka kuvela ithuba ulisebenzise ngokulandela imigomo.

OKUNYE ONGAKUFUNDA: Abalimi abamnyama bakhuthazwa ukuthi bahlangane ukuze babe nenqubekela phambili. 

Bhalisa iMzansi Today: Izindaba zezolimo ozithola nsukuzonke. Thola konke okwenzeka ezogabeni ezehlukene zezolimo.

Tiisetso Manoko

Tiisetso Manoko is a seasoned journalist with vast experience in community media. He possesses diploma in media studies majoring in journalism, certificate in civic leadership. He loves news from all angles with particular interest in local government, agriculture and politics. He is a staunch Mamelodi Sundowns Football club supporter.

Tags: AFASACommercialising farmerInspire me
From left to right: AgriSA chief executive Johann Kotzé, Western Cape Department of Agriculture head Dr Mogale Sebopetsa, Land Bank acting chief executive officer Jabu Mphambo, Casidra chief executive Dr Keith du Plessis and Food For Mzansi managing director Ivor Price, panelists at the Food For Mzansi and Land Bank lunchtime conversation on day one of NAMPO Cape 2026. Photo: Supplied/Land Bank
News

Leaders tackle finance and farmer support at Nampo Cape

by Lisakanya Venna
10th September 2026

Day 1 of Food For Mzansi and Land Bank’s lunchtime conversation at Nampo Cape 2026 put farmer support in the...

Read moreDetails
Rising energy costs: Can solar save your farm’s bottom line?

Rising energy costs: Can solar save your farm’s bottom line?

10th September 2026

South African cherry exports gain access to China

10th September 2026

Bold policy can turn poultry feed cost crisis into youth agribusiness

9th September 2026
2026 AGT finalists

Meet the top 10 finalists of Agri’s Got Talent 2026

9th September 2026

Agribusiness confidence rebounds despite drought fears

Early preparation essential as super El Niño threatens agriculture

Meet the top 10 finalists of Agri’s Got Talent 2026

How to secure your farm’s future before the next crisis hits

BenicaTheFarmer: The nurse who built an agricultural empire

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
In pictures: Agri sector wraps up Breast Cancer Awareness month

In pictures: Agri sector wraps up Breast Cancer Awareness month

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

New weapon: SA soil fungus offers hope against African armyworm

How to secure your farm’s future before the next crisis hits

Agribusiness confidence rebounds despite drought fears

Langa urban garden feeds crèche, community to drive food justice

Sustainable livestock solutions take centre stage in Lesotho

Markets, water and finance key to Western Cape farm growth

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.