Wednesday, July 22, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

uNksz Mokgadi Manamela ushiye amaqhokisi wakhetha amabhuzu

Umlimi uNksz Mokgadi Manamela unebhizinisi lokuphatha imvelo nelezolimo elixubile nathi yifa azolishiyela izingane zakhe

by Sinesipho Tom
12th April 2023
in Advertorial, Changemakers, isiZulu, Sidla Amathambo Engqondo
Reading Time: 4 mins read
A A
uNksz Makgadi Manamela ushiye amaqhokisi wakhetha amabhuzu

UNks Mokgadi Manamela uneziqu ze-environmental management science kanti uphinde atshale amaveji, ukotini futhi ufuyile esigodini sase-Lissa-Gakgare, Limpopo.

uNksz Mokgadi Manamela, Umlimi oneminyaka ewu-33 ubudala wasesigodini saseLissa-Gakgare, eLimpopo, wayefuna ukuba ngomunye wabakhiqizi bamaveji angafakwe makhemikhali ezweni. Wayengafuni nje kuphela ukukhiqiza izitshalo ezinohlonze kodwa nokufaka isandla ekuqinisekiseni ukuthi izwe linokudla okwanele.

 “Ubaba wayengumlimi futhi efuyile, ngakho ngikhule ngibamba amatoho ngokulima naye,” kusho yena ekhumbula.

“Yize ngangifisa ukufana naye kodwa ngangifuna ukwenza ngendlela ehlukile kuneyakhe. Wayengumlimi omncane kodwa mina ngangifuna ukuba umlimi omkhulu odayisela kuleli nakwamanye amazwe ukuze ngizozakhela igama izingane zami ezizongikhumbula ngalo,” usho kanje. 

FUNDA OKUNYE: Obebhuquza ekhaya neziqu usengumlimi futhi uyakuthanda!

UNksz Mokgadi Manamela oneminyaka ewu-33 uneziqu ze-Environmental Management Science, kodwa kwagcina kungezolimo azithanda kakhulu. Utshale amaveji futhi ufuyile. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

Uthando lwezolimo kuNksz Manamela lwalumandla kangangokuthi ngangokuthi mhla ezama ukusebenza emkhakheni we-Environmental Management Science, wagajwa wuthando lokulima.

“Emuva kokuphula iziqu zami eNyuvesi yasePitoli ngo-2012 ngavula inkampani ye-environmental management, health and safety engiyiphethe nodadewethu. Ngithe ngisenza lokho, zangilanda ezolimo zangikhumbuza imvelaphi yami, ngakho ke nginqume ukukuhlanganisa kokubili,” usho kanje.

ze-Environmental Management Science

 Inkampani yakhe iluleka abalimi ezweni lonke ibafundise ngokulima, ukuqwashisa ngemvelo, ngezempilo, ukuphepha, ukunakekela imvelo nokuthola amalayisensi okulima. Ubuye afundise izisebenzi zasemapluazini  ngokuxhashazwa, nokusebenzisa imishini ukugwema ukulimala emsebenzini, ukusebenzisa amanzi ngokuwonga nokuthi yiziphi izitshalo ekumele zitshalwe ukugwema ukumosheka  kwamanzi.

Inkampani iqale ukusebenza ngo-2012 kodwa igcine ivulwa ngokusemthethweni ngo-2015. “Siqale ePitoli kodwa manje sesisebenza  ezweni lonke,” usho njalo.

UNksz Manamela usebenzisa amakhono akhe okuphatha imvelo ukuqhuba umsebenzi epulazini lakhe elingamahekthare awu-10 i-AgriHlase. Ulandela izindlela zokulima ezingazifaki izikhuthazi futhi uyawashintshanisa amaveji awatshalayo.

UNksz Mokgadi Manamela ufuye izimbuzi nezinkomo kodwa ufisa ngelinye ilanga ukufuya izinkukhu. 

“Okwamanje nginamasimu amabili, insimu eyodwa inombila kanti enye inokotini.  Ngingomunye wabesifazane abambalwa abamnyama eNingizimu Afrika abalima ukotini abasizwa abakwaCotton SA, abangisizile ukuthi ngithole ukotini osezingeni elifanele. 

“Yisikhathi sokuvuna kanti njengoba sisebenza neCottonSA, sebevele basinikeza namakhasimende azothenga ukotini kithina ukuze enze izingubo. Mangabe usuvuniwe ukotini sizotshala amazambane.”

UNksz Manamela uhlela ukunweba  ipulazi lakhe ukuze abe nendawo eyanele yokutshala amaveji ukuze ezodayisela izinkampani ezinkulu ezifana noSimba noKnorr. Ufuna udayisela namanye amazwe

“Uma senginemali eyanele ngiyolifeza  iphupho lami, ngoba ngizokwazi ukusebenzisa  enye indawo yami, ingamahekthare angu-15 ubukhulu futhi ayikude nalapho engilima khona.”

UManamela ubenelinye ipulazi eGauteng kodwa ngenxa yokuthi kwakunombango womhlaba, lagcina lidayisiwe. Uthi ufuna ukuthenga elinye ipulazi eGauteng ngoba yilapho ehlala khona.

“Ezolimo zidinga uzibambele futhi ube khona ukuze kuphumelele.” 

Lo mlimi ophothule uMatikuletsheni eBakone Nkwe Secondary School uqashe izisebenzi ezintathu epulazini nabaqondisi ababili enkampanini yakhe yezemvelo. Uthi ezolimo azilula. 

“Ukulima kudinga uzibambele. Kwesinye isikhathi uyalahlekelwa uma ulima, kwesinye isikhathi uzuze, ngoba kuncike kwezemvelo kubuye kudinge isineke.” 

FUNDA FUTHI: Okwenze uMusa aqale efufusa kodwa kugcine sekuhamba kahle esikhathini esingangonyaka

Okumphumelelisile

UNksz Manamela uthi ukuhlonishwa iCorteva neCotton SA ezinye zezinto ezinkulu azizuzile. 

“Ukuhlonishwa izinkampani kuyasiza kakhulu ngoba manje uyazi ukuthi kumele uxhumane nobani uma udinga usizo.  ICoverta ingisizile ngathuthuka, ngathola usizo lwemali, ngadayisa futhi ngakhula.”  

ICotton SA  ingitholele amakhasimende, ngenkathi ngisebenzisana nabo uumkhiqizo wami ufinyelele kubantu. Kungenzeka ukuthi unawo umkhiqizo kodwa ungazi uzowudayisa kuphi nokuthi udinga umthamo ongakanani, iCotton SA ingisize ngalokho. 

Ngelinye ilanga ufisa ukufuya izinkukhu nokudayisa amaqanda awadayisele izinkampanini ezifana neTiger brands, uWoolworths nezinye izinkampani ezibhakayo.

Iseluleko uNksz Mokgadi Manamela ululeka intsha efisa ukungena kwezolimo ngokuthi:

  • Bheka amathuba – Maningi amathuba kwezolimo abantu abasha, badinga nje ukubheka ezindaweni ekuyizona bakhohlwe ipolitiki.
  • Qala kancane – Ungaqala egcekeni lakho uma likhona. Ungaba nesivuno esihle engadini yakho encane.
  • Iba nothando – kufanele ubenothando lokusebenza, ngoba ezolimo ziwumsebenzi.
  • Cela usizo – kubalimi amakhulu, abakade baqala, bazokusiza.

FUNDA FUTHI: Obesebenza emakhishini usengumlimi ofuye izinkukhu 

Tags: Corteva AgriscienceCotton SALimpopo

Sinesipho Tom

Sinesipho Tom is an audience engagement journalist at Food for Mzansi. Before joining the team, she worked in financial and business news at Media24. She has an appetite for news reporting and has written articles for Business Insider, Fin24 and Parent 24. If you could describe Sinesipho in a sentence you would say that she is a small-town girl with big, big dreams.

Related Posts

Smart vineyard irrigation starts below the ground
Advertorial

Smart vineyard irrigation starts below the ground

21st July 2026
Mother’s legacy, neighbour’s grace: Venessa Simelane’s farm story
Inspiration

Mother’s legacy, neighbour’s grace: Venessa Simelane’s farm story

20th July 2026
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
ICYMI: GOSA symposium looks to the future

ICYMI: GOSA symposium looks to the future

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Shoprite hits 300th food garden milestone in Bredasdorp

Tech and solar upgrades drive growth at Ceres Fruit Growers

Smart vineyard irrigation starts below the ground

Treat food processing as essential national infrastructure – Khoury

Farmers urged to embrace uncertainty and build resilience

SA poultry industry calls for urgent bird flu vaccine rollout

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.