Kusukela ebuncaneni ubewumuntu othanda ukuxazulula izinkinga ngobuchwepheshe. Lokho kuholele ekutheni uMnuz Samkelo Booi asungule Abelusi, i-app esebenza ngobuchwepheshe besimanje ukusiza abalimi abasafufusa bakwazi ukuxazulula izinkinga zabo zebhizinisi, iphinde isize bakwazi ukuthembeka emakhasimendeni abo.
UBooi uthi uhlose ukuthi Abelusi igcine seyaziwa ngomsebenzi wayo wokuxazulula izinkinga zabalimi isebenzisa ubuchwepheshe besimanje eNingizimu Afrika yonke. Konke akwenzayo uBooi kugxile kakhulu kule nkampani ayiphethe ngokubambisana nomlingani wakhe uMnuz Lunathi Hlakanyane.
“Ngesikhathi ngikhula, abazali bami babeza kimina ngoba babengawasebenzisi amakhompyutha okutheni. Ngoba bekukhonzile ukudlala ngawo, ngangifisa ukusebenza ngawo,” usho kanje exoxa neFood For Mzansi.
Ukwenza isifundo se-Information Technology (i-IT) esasesikoleni kwamsiza uBooi ukuqonda ukuthi lomkhakha ubanzi kangakanani, namathuba onawo.
Ukuthola iziqu ze-master’s
Kwathi efika kwaMatikuletsheni, uBooi wayevele esazi ukuthi uzokwenza izifundo ezizokwenza asebenze embonini yobuchwepheshe.
“Ngenze izifundo ze-information systems e-University of the Western Cape (i-UWC), zithinta ubuchwepheshe futhi uqonda kahle ukuthi zihlangana kanjani nezinye izinto,” uchaze kanje.
Ngo-2017 udlulele e-University of Cape Town (e-UCT) waphothula iziqu ze-master’s okwathi esazeza wase efisa ukuthola isipiliyoni sokusebeza, wasebenzela enye inkampani eluleka ngezinto ezihlukene.
“Ngisakuleyo nkampani, ngabona ukuthi kunesikhala ngoba umsebenzi esasiwenza wawugxile ekuqhamukeni nezixazululo, ukucwaninga imigomo elawula imboni yokudla neminye imisebenzi ehambisana nalokho,” kusho yena.
Isiza ngani i-app
UBooi uthe kwasiza ukuthi ngesikhathi eqala Abelusi kwakunabalingani abane ababephokophelele impumelelo njengaye.
“Asibanga nenkinga yemali yokuqala ibhizinisi ngoba kwakukhona ngaphakathi ababenamakhono angandile abasilekelela safinyelela la sikhona manje,” usho kanje.
Nokho akuthathanga sikhathi, yashintsha inkampani bagcina sebebabili esikhundleni sokuba yisihlanu.
“Inselelo enkulu wukuthola abalingani abafanele ebhizinisini. Kudingeka uzihluphe ngokuthola enizoba namakhono azonisebenzela nonke uma nisungula inkampani kodwa futhi kube ngabantu eninombono ofanayo nabo,” kusho uBooi.
Abelusi wubuchwepheshe besimanje obusebenzisa ulwazi olutholakala emphakathini obenza abalimi baqophe yonke into eyenzeka emapulazini abo, bakwazi ukubheka nokuthenga izimpahla abazisebenzisayo ngamanani angambi eqolo, badayisele amakhasimende imikhiqizo yabo futhi bathole ulwazi lokuzithuthukisa futhi bakwazi ukuqhathanisa indlela abancintisana nabo abenza ngayo ukukhulisa umsebenzi.
Izinsuku azifani
Njengomphathi, ugxile ezintweni ezithinta ukusebenza kwebhizinisi kodwa uyavuma ukuthi izinsuku kazifani. Umsebenzi wakhe ubuye udinge ahambe inqwaba yemihlangano, ahambele izindawo ezahlukene futhi usebenza amahora amade.
“Siyasizana nomlingani wami ngoba senza izinto ezingafani. Umlingani wami ugxile kakhulu ebhizinisini kanti mina ngibheka kakhulu ubuchwepheshe. Ngisebenzisana kakhulu nalaba abahlanganisa i-app futhi ngihambela imihlangano nabanye abantu esisebenzisana nabo,” usho kanje.
Amathiphu amahlanu uBooi awanika intsha:
- Uma ufuna ukuqala ibhizinisi, qala ngokubheka izinkinga ezikhona.
- Thola izixazululo zalezo zinkinga.
- Akunankinga ukuqala kancane.
- Yenza ucwaningo, ubheke izinto zokwenza ibhizinisi lakho lichume.
- Lalela izidingo zabantu.
Thola izindaba ngoshintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi.
Yiba yingxenye yeMzansi Today: Izindaba zansukuzonke ngokwenzeka kwezolimo






