Wednesday, July 22, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Amakhosi aseKZN afuna ukukhulisa umnotho ngezolimo

IKwaZulu-Natali kuningi engakwenza ngezolimo kodwa izibhicongo ezifana nemibhikisho, izikhukhula nokucima ugesi okwenzeka zonke izinsuku kusimoshile isifundazwe. Kodwa amakhosi anethemba lokuthi ngokudedela umhlaba, umnotho ungavuselelwa ngezolimo.

by Tiisetso Manoko
4th May 2023
in isiZulu, Izindaba
Reading Time: 3 mins read
A A
Amakhosi aseKZN afuna ukukhulisa umnotho ngezolimo

Amakhosi aKwaZulu-Natali azimisele ukudedela umhlaba kodwa anombandela owodwa: kufanele usetshenziselwe ukuvula amathuba omsebenzi nokukhulisa unotho, isho kanje inkosi Sifiso Shinga

Amakhosi azimisele ukudedela umhlaba ukuze usetshenziselwe ezolimo inqobo nje uma kuzothuthuka umphakathi , kuvuleke imisebenzi futhi kukhulise umnotho wasezindaweni zasemakhaya. Isho kanje inkosi Sifiso Shinga weKwaZulu-Natal House of Traditional and Khoi-San Leaders abathe akubanjiswane ukukhiqiza ukudla. 

Engxoxweni neFood For Mzansi, uShinga uthe umhlaba ukhona, nokho okushodayo ngabantu abanele abanamakhono KwaZulu-Natali. UShinga wenaba ngentuthuko ezindaweni zasemakhaya nanomphumela wokubiza kwezindleko zokwenza umsebenzi kanjalo nezikhukhula emnothweni wasezindaweni zasemakhaya.


UTiisetso Manoko: Yiziphi izingqinamba imiphakathi yasemakhaya ebhekana nayo uma izozikhiqizela ukudla?

Amakhosi aseKZN afuna ukukhulisa umnotho ngezolimo
Inkosi Sifiso Shinga weKwaZulu-Natal House of Traditional and Khoi-San leaders. 

Inkosi Sifiso Shinga: Isifundazwe sethu sinenhlanhla yokuthi sikwazi ukukhiqiza izinhlobo eziningi zokudla. Sinesimo sezulu esihle futhi umhlabathi wethu uvundile, izitshalo eziningi ziyakhula kahle. Into kuphela esishoda ngayo amakhono, abantu bethu abanawo amakhono afanele okulima. 

Yingakho sicela uhulumeni nabemboni ezimele babambisane ngoba uma abantu sebenamakhono, izinto zizokwenzeka. Njengamakhosi, sikulungele ukukhipha umhlaba. Sifisa ukubona isifundazwe sizondla futhi sondla izwe lonke. Muningi umhlaba okhona, sizimisele ukuwudedela ukuze kuthuthukwe. Njengamakhosi asikwazi ukusonga isandla kube kunobubha futhi kushoda imisebenzi, kufanele sisukume sixoxe nezinye izinhlaka ukuze igcine ifikile intuthuko ezindaweni zasemakhaya. 

Amakhosi alishumayela kanjani leli vangeli emiphakathini? 

Kubalulekile ukuvuma ukuthi intuthuko yasemakhaya nezolimo ikakhulukazi esifundazweni esinezindawo engamakhaya kakhulu, kubalulekile. Uma ngibuka lapho sihlala khona, kunomhlaba futhi ezolimo yizona okuphilwa ngazo kakhulu. 

Ngakho sibheka izinhlelo ezizokwenza umehluko ezimpilweni zabantu bethu abathembele kuphela kwezolimo nalabo abalimela ukondla imindeni yabo nemiphakathi. 

Kungabe ezolimo seziphucukile esifundazweni emva kwalezi zinhlelekelele esezike zaba khona? 

Imibhikisho yangoJulayi (ngo-2021), ukucinywa kukagesi nezikhukhula kuphazamisile impela, ikakhulukazi izikhukhula. Ukushoda kukagesi kubhebhezele isimo ngoba sekuyinto eyenzeka zonke izinsuku. 

Siyazi ukuthi abanye abalimi banemishini esebenzisa ugesi ephazamisekayo uma kulokhu kucinywa ugesi. Abafuye izinkukhu nelabo abagaya ukudla yibona abathinteka kakhulu. 

Siyazi ukuthi abanye abalimi bawile emva kwezikhukhula ezamosha umhlabathi nengqalasizinda okwenza kwaba likhuni ukuqhubeka nokulima.

I-KZN inobuholi obusha bezolimo, yikuphi enikulindele njengamakhosi nabaholi bama-Khoi San? 

Silindele lukhulu kuNgqongqoshe omusha woMnyango wezolimo nokuthuthukisa izindawo zasemakhaya uMnu uSuper Zuma, ikakhulukazi uma sikhuluma ngentuthuko. Sizoxoxa naye maduzane futhi sithemba ukuthi ubudlelwane bethu buzothela izithelo ngomuso. 

Umnyango wezolimo kufanele uzikhandle ukuqeda ububha esifundazweni zethu futhi sikholwa ukuthi yinto abanawo amandla okuyenza. Umsebenzi wethu ukubeseka ngemisebenzi yokuletha intuthuko ezindaweni zasemakhaya abazoyilethela abantu bethu.

FUNDA FUTHI: Imiphakathi yasemakhaya nesisombululo sesimo sezulu 

Yiziphi izinyathelo okufanele zithathwe yiKwaZulu-Natali ukuze kuthuthuke izindawo zasemakhaya? 

Izindleko zokuba nepulazi ezifana nomanyolo, u-diesel nezinye ziyabiza, sidinga umnyango ungenelele ukusiza abalimi. Asikwazi ukwenza ezolimo ngaphandle kwentsha, sidinga ukuthi babe yingxenye yezolimo ukunciphisa isibalo sentsha engasebenzi.

Baningi abantu abasha abafundile kodwa abangazithandi. Kodwa bangasebenza kwezolimo besebenzisa ubuchwepheshe. Ngifisa ukubona intsha yaKwaZulu-Natali ingena lapho. 

Kufanele ezobuchwepheshe nokuqhamuka nezinto ezintsha kwezolimo kuholwe intsha ngoba yibona abazi ngobuchwepheshe ukudla abantu abadala. 

FUNDA INDABA ELANDELAYO: IBhange loMhlaba: Izindlela ezixubile zokuxhasa abalimi abamnyama

Yiba yingxenye yeMzansi Today: Izindaba zezolimo ozithola zonke izinsuku.

Tags: communal landTraditional leaders

Tiisetso Manoko

Tiisetso Manoko is a seasoned journalist with vast experience in community media. He possesses diploma in media studies majoring in journalism, certificate in civic leadership. He loves news from all angles with particular interest in local government, agriculture and politics. He is a staunch Mamelodi Sundowns Football club supporter.

Related Posts

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

24th November 2023
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni
isiZulu

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
IN PICTURES: Judges laud SA's dairy products

IN PICTURES: Judges laud SA's dairy products

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Smart vineyard irrigation starts below the ground

Treat food processing as essential national infrastructure – Khoury

Farmers urged to embrace uncertainty and build resilience

SA poultry industry calls for urgent bird flu vaccine rollout

Mother’s legacy, neighbour’s grace: Venessa Simelane’s farm story

Deadline looms: Register water use by 23 July or risk penalties

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.