Tuesday, June 24, 2025
SUBSCRIBE
21 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Balimi abasha: Nakhu okuzonisiza

Maluta Netshauluby Maluta Netshaulu
20th February 2023
in Food for Thought, isiZulu, Sidla Amathambo Engqondo
Reading Time: 5 mins read
A A
I-Agriculture Research Council (i-ARC) imenyezelwe njengomqashi ohamba phambili ngo-2023. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

I-Agriculture Research Council (i-ARC) imenyezelwe njengomqashi ohamba phambili ngo-2023. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

Balimi abasha: Nakhu okuzonisiza
Ubuchwepheshe bezolimo buyayithuthukisa mawala imboni nokuletha ithemba kulabo abaqhamuka nezinto ezintsha embonini. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi. 

Ufuna ukuphumelela ngo-2023? Qala ngokuba nethemba ngendlela obuka ngayo izinto futhi usukume uzenze izinto, lesi yiseluleko sikaMnuz Maluta Netshaulu, usomnotho wezolimo futhi owungoti wamabhange. Indlela obuka ngayo izinto iyona ekusizayo.


Kunezincwadi zokufunda ezibhalwe ababhali abaphambili. Enye yalezi zinto ukukwazi kwabo ukubekezela baze baphumelele kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Lokhu kukunikeza umuntu ongamsebenzisa futhi ubheke impilo, ngokuphonsa ithawula uze ulithole. Ikakhulukazi balimi abasha

Abalimi, njengosomabhizinisi nabo bayazidinga izinto ezisizayo, ukuze baphumelele. Sengihlangane nenqwaba yabalimi ngenxa yomsebenzi wami, umehluko omkhulu phakathi kwabalimi abaphumelelayo nalabo abatabalasayo noma abasebenzayo nje okungatheni yindlela ababuka ngayo impilo.

Indlela ababuka ngayo impilo, wukuvuma ukuthi ngeke baphumelele bebodwa bayabadinga abazobambisana nabo (umeluleki wemali, ungoti wasebhange, umdayisi, umgcinimabhuku, i-agronomist, udokotela wezilwane, umakhenikha, njalonjalo); wukubaluleka kokuqonda yonke into ngebhizinisi (umsebenzi, ukuphathwa kwemali, ukufinyelela emakhasimendeni, ukwengamela ingozi nethimba elisebenzayo); wukubaluleka kwemfundo (ukuqonda imboni akuyona, izinselelo namathuba akhona, izindlela nezidingo ezintsha zabathengi, abangenayo embonini, ubuchwepheshe nezinto ezintsha) kanjalo nokubaluleka kokuphucula amakhono abo okuphatha.

Zizohlezi zikhona izinto ezingezukuhamba kahle kwezolimo. Abanye bahlangabezana nalezi zinto bengakaqali nokuqala kwezolimo. Njengokuthola umhlaba nokungabi namakhono okulima. Noma abanye benawo umhlaba kodwa baswele imali edingakalayo ukuwulima umhlaba.

Abanye bangaba nomhlaba, amakhono okulima nemali (okungaba yisibonelelo noma abayibolekile) kodwa bangakwazi ukufinyelela kumakhasimende. Abanye bangaba nomhlaba, bakwazi ukulima, babe nemali namakhasimende kodwa bangabi nazo izinto zokugada ingozi njengomshwalense obavikela uma bentshontsheliwe, kube nezibhicongo ezidalwa isimo sezulu noma ukuguquguquka kwesimo sezulu. 

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!

Ukuthembela osizweni lukahulumeni 

Enye into evame ukwehlela abalimi abasanda kuqala wukuba nazo zonke izinsizakusebenza kodwa ungabi nayo imishini oyidingayo ukuze ulime. Lokhu kuphoqa umlimi ukuthi athembele kuhulumeni noma osonkontileka nokungaphazamisa indlela akhiqiza ngayo uma lowo mshini ewuthola sesidlulile isikhathi abewudinga ngaso (sokutshala, sokuchelela amakhemikhali noma sokuvuna) noma uma lowo mshini ungahleliwe kahle okungasho ukuthi ziyamosheka izitshalo.

Ukuqonda lezi zinselelo nokuqhamuka nezindlela zokuvikela isinkwa somlimi, yikona okuhlukanisa labalimi kulabo abahlalela ethembeni lokuthi ngeke kwenzeke lutho oluzobeka ibhizinisi labo engcupheni. Ukwenza kanjena kufana nokuthenga imoto uyishayele ingenawo umshwalense ngoba uhlalele ethembeni lokuthi ngeke kwenzeke lutho emotweni; ukushayisana nezinye izimoto, isichotho, ukuntshontshelwa noma kucekeleke phansi. Ingozi okungafanele uyithathe.

Abalimi abavelele abajatshuliswa wukwenza into eyodwa njalo. Bahlezi bebheka izindlela zokuphucula umkhiqizo wabo ngokuphucula indlela abalima ngayo nangokusebenzisa izinsizakusebenza abanazo ngendlela efanele.Abanye basebenzisa ubuchwepheshe obufana (nama-satellite noma ama-drone) ne-Internet of Things ukulawula kangcono amapulazi abo kanti abanye babheka izinto ezifana nokusebenzisa ugesi ovuselelwayo ukugwema ukuphazamisa ngenxa yokungasebenzi kahle kukagesi.

Abanye abalimi engibaziyo sebeke bazama izinto ezifana nokukhulisa ukudla kwemfuyo kuma-container asemikhunjini.

Ukuthola izisombululo

Isikhathi sokukhiqiza kusukela ekutshaleni imbewu kuya ekuvuneni kwaba amasonto esikhundleni sezinyanga okuzithathayo uma utshale ensimini evulekile. Sengike ngahlangana nomlimi womkhiqizo wobisi owayenenkinga yamanzi eyayenza angakwazi ukunyusa umkhiqizo wakhe.  

Waqhamuka nesisombululo esimangalisayo ngokuthi wacela umasipala wakhe ukuthi umvumele asebenzise amanzi lawa aphuma uma abantu begeza noma bewasha. Wonke umuntu wasizakala ngoba umasipala wawungasenayo leyonkinga kanti yena wayenesemanzi angawasebenzisa ukuchelela umhlaba wakhe nokumsize akwazi ukwandisa umkhiqizo wakhe.

Ukufunda ukubekezela noma ngabe kwenzakalani kungenzeka kube yiyona mfihlo yempumelelo kwezolimo

Ukusebenzisa amandla obuchwepheshe bezolimo

Sivamile ukuzwa abalimi abavelele nongoti bezolimo bexwayisa abantu ngokulima ungenazo izivumelwano zamakhasimende azibophezela ekuthengeni umkhiqizo wakho. Lezi zivumelwano zimqoka ngoba zenza umlimi azi ukuthi likhona ikhasimende elilinde umkhiqizo wakhe. 

Lezi zivumelwano ikakhulukazi lezo ezisuke zilisho lenani okuzothengwa ngalo ziyamusiza umlimi akwazi ukuhlela izimali zakhe ngendlela futhi ziyamsiza enze isinqumo esiphusile ngokuthi inkontileka efanele yini noma bazama ukumxhaphaza kanjalo nokuthi uzokwazi yini ukukhokhela zonke izindleko zakhe zomkhiqizo. 

Abalimi abakhulu bayazi ukuthi umkhiqizo wabo uthengwa ezimakethe kanjalo nabemifelandawonye kodwa abalimi besimanjemanje banezindlela ezihlukile zokufinyelela emakhasimendeni. Ababheki nje izimakethe ezijwayelekile kodwa babheka nezindlela zokubhalisa umkhiqizo wabo nabantu abasebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje. 

Lezi zindlela ezintsha zivumela abalimi ukuthi babahlise imikhiqizo abanayo emazikweni obuchwepheshe bengakavuni nokubasiza ukuthi banciphise ukumosheka kwesivuno. Lokhu kwandisa nemali umlimi ayitholayo kodwa uzidayisela yena ngqo. 

Bonke abasebenzisa le ndlela (abalimi abadayisayo nalabo abathengayo) bayavikeleka kulabo bantu abagangile kodwa kunezindlela zokulandela konke okwenziwayo ngobuchwepheshe. Kuyakwazi nokuthi kube khona indali nokusho ukuthi umlimi ugcina ethole imali enkulu kakhulu. 

Kodwa-ke kufanele abalimi bazazi lezi zinto ukuze bakwazi ukuwasebenzisa lamathuba ngale kwalokho bazoqhubeka basebenzisa izimakethe ezindala. Lokhu kusho ukuthi kufanele abalimi, ikakhulukazi laba abasha, bahlezi befunda ngezinto ezintsha ezenzakalayo embonini kanjalo nangobuchwepheshe obungabasiza.

Balimi abasha: Thola ulwazi olufanele 

Ngivamile ukuthola ucingo kwabasekhaya, engangifunda nabo enyuvesi, esazana nabo ezinkundleni zokuxhumana noma engisebenza nabo. Ingxoxo yethu ijwayele ukuthi “Sawubona Maluta, nginomhlaba kodwa angazi ngiwenzeni.” 

Iqiniso wukuthi abantu abanomhlaba kodwa abangenalo ulwazi ngezolimo nanokuthi yiliphi ibhizinisi lezolimo elifanele umhlaba ongakanani nendawo enjani kanjalo nemicikilisho yalelo bhizinisi bazohlezi benale nkinga. Kodwa ukwazi ukuthi yini okufanele uyikhiqize (izitshalo noma imfuyo) akwanele. 

Ngaphandle uma kuwukuthi ukufundele futhi unesipiliyoni, uyaludinga ulwazi oluthe thuthu ngebhizinisi lezolimo osuke usunqume ukuliqala. Uma usuqedile ngalokho, udinga ukwazi ukuthi uzodinga malini ukukhiqiza. 

Uma usunalo lolo lwazi futhi wanelesekile ngolwazi onalo, kufanele unqume ukuthi uzokukhokhela kanjani ukukhiqiza. Kungabe ngemali yakho, isibonelelo ozoxhaswa ngaso noma ngemali ozoyiboleka noma uzozisebenzisa zonke lezi zindlela zokuthola imali. 

Uma uzoboleka imali, kumqoka ukuwazi kahle umhlaba wakho, izikhungo ezibolekisa ngemali zifuna ukwazi konke lokhu nokunye ongakwenza ngomhlaba. 

Inselelo ngemboni yezolimo eNingizimu Afrika wukuthi alikho iziko elinesisombululo esiphelele salokhu, izikhungo ezikulethela ulwazi ngokukhiqiza nanokuqeqesha, izikhungo ezihlanganisa isabelomali samabhizinisi ahlukene, izikhungo ezixhasana ngemali nezikhungo ezikulethela amakhasimende.  

Uma lingakabi bikho leli ziko lolwazi, kufanele kube wukuthi ukwabelana ngolwazi wumsebenzi wawo wonke umuntu, uhulumeni, abezindaba, izinkampani ezizimele nabaholi embonini ukuze kuvaleke igebe lokushodwa kolwazi. 

  • UMaluta Netshaulu wusomnotho wezolimo, ungoti wamabhange, ingcicabuchopho, umyeni nobaba. Imibono ebhalwe lapha ngeyakhe, akusho ukuthi iFood For Mzansi iyavumelana nayo.

FUNDA FUTHI: Uyicaba kanjani indlela yokuba wumlimi wokuqala emndenini wakho

Bhalisela i-Mzansi Namuhla: Ukuthatha kwakho nsuku zonke ngezindaba kanye nokwenzekayo ochungechungeni lwenani lezolimo.

Maluta Netshaulu

Maluta Netshaulu

Related Posts

Closed doors: Young farmers still left out of agri power circles
Food for Thought

Closed doors: Young farmers still left out of agri power circles

24th June 2025
Land reform needs real budgets, not just promises
Food for Thought

Land reform needs real budgets, not just promises

17th June 2025
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
Financial literacy: A gateway for farmers who dream big

Budget speech: Farmers list their top concerns

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

How to compile a winning agribusiness plan

Mzansi on the menu: SA flavours shine at Africa Food Show

Closed doors: Young farmers still left out of agri power circles

Wesgro hails China’s zero-tariff trade boost for Africa

Maditsi’s high school hustle becomes promising poultry venture

Grain industry cheers as Leaf Services gets the boot

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.