USolwazi Mulunda Mwanza ucela abalimi basisukumele lesi sifo esibulalayo. Ukunyuka kwamazinga okushisa nokushoda komgomo owenziwa i-Onderstepoort Biological Products (OBP) kunyuse amaphaphu abalimi abasaba ukuqubuka kwesifo i-Bluetongue ihlobo lonke.
USolwazi Mulunda Mwanza ucela abalimi basisukumele lesi sifo esibulalayo. Ukunyuka kwamazinga okushisa nokushoda komgomo owenziwa i-Onderstepoort Biological Products (OBP) kunyuse amaphaphu abalimi abasaba ukuqubuka kwesifo i-Bluetongue ihlobo lonke.
“Isifo esijwayelekile lesi. Izifundazwe ezifana neFree State zivame kakhulu ukuba naso,” kusho uMwanza.
Weluleka abalimi ukuthi bayithuthe imfuyo yabo endaweni egcwele imiyane “imvamisa okuyizindawo ezisezansi neziba yingozi emva kwemvula enamandla.”
I-Bluetongue yisifo esingathathelani esitholakala ezinambuzaneni nesivame ukuhlasela kakhulu iziklabhu kanti asivamile ezinkomeni. Asibaphathi abantu kodwa yisifo esitholakala ezinambuzaneni.

Umlimi waseMpumalanga Kapa ofuye iziklabhu uMnuz Eben du Plessis, utshele iFood For Mzansi ukuthi kudingeka umgomo walesi sifo okhiqizwa eNingizimu Afrika.
“Isifo esimandla nesihlasela kakhulu abalimi abafuyile ezindaweni ezimaphakathi nezwe. Sivame uma kade linile. Belilihle ihlobo kwezinye izindawo[line kahle] iminyaka emibili ilandelana.”
UDu Plessis uthi ukushoda komgomo yiyona ngozi enkulu ababhekene nayo ikakhulukazi izilwane ezincane.
“Njengoba ungekho umgomo e-Onderstepoort, kushukuthi abalimi kufanele baqhamuke necebo lokuvimba izinambuzane zingasondeli ezilwaneni ngoba iyona ndlela esingena ngayo lesi sifo,” kusho uDu Plessis.
Usethembele kwizibulalimagciwane ukulawula izinambuzane.
“Zikhona izikhungo ezizimele eseziqala ukubhalisa ukuze zihlanganise umgomo, kodwa lokho kuzomudla umlimi. Okwamanje utholakala noma ikephi. Umlimi waseNingizimu Afrika uhlale eqhamuka nendlela yokwenza izinto ngakho kufanele sijwayele izimo esibhekene nazo ukuqinisekisa ukuthi siyazivikela izilwane.”
Izibulalimagciwane zingazivikela izilwane
Khonamanjalo imenenja yeRuminant Veterinary Association of South Africa (iRuVASA) uDkt Faffa Malan naye unxuse abalimi ukuthi bathathe izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi imfuyo ihlale ivikelekile.
Uthe: “Kufanele zonke iziklabhu zigonywe ngaphambi kokuthi liqale line ngoba izinambuzane zithelelana ngezifo. Abalimi kudingeka basuse imfuyo yabo, ikakhulukazi iziklabhu, ezindaweni ezisezansi nezimanzi lapho kuvame khona imiyane. Okubaluleke kakhulu, abalimi kufanele bafuthe imfuyo yabo nge-Deltamethrin nom i-Cypermethrin,” kusho uDkt Malan.
Kufanele wenze njani uma uhlaselwe i-bluetongue
Ungoti wezempilo wezilwane ezibizwa ngama-Bovine uDkt
Chris van Dijk uthe ukugoma iziklabhu okuyizo ezisengozini kakhulu yiyona ndlela esebenzayo yokugwema lesi sifo. Abalimi kufanele bagade nezimpawu zalesi sifo.
“Izimpawu ezinkomeni kuvame ukuba wubhici emehlweni, amehlo abomvu kakhulu akhalayo namalonda. Ezimbuzini kuyenzeka wehle mawala umkhiqizo, amalonda, amafinyila nokuba bomvu kwesikhumba,” kusho uDkt Van Dijk.
UDkt Van Dijk weluleke abalimi ukuthi bavalele iziklabhu amakhempini amancane anokudla, amanzi nomthunzi kuthi lezi ezinye izilwane zidedelwe zizolapheka.
FUNDA ELANDELAYO: Inkinga yokushoda kwemigomo yezilwane ‘isizophela’ kusho i-OBP







