Thursday, October 22, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu, News

Isiqalekiso sokulima emhlabeni ongaphasi kwamakhosi 

Indaba yomhlaba ingenye yalezo ezisusa inkulumompikiswano eNingizimu Afrika, akukhathaleki ukuthi ngumhlaba ongaphansi kwamakhosi, okungokahulumeni kodwa olawulwa abaholi bendabuko. Abalimi bayasixoxela ngezinto ezibahluphayo ngokusebenzisa umhlaba wamakhosi.

by Tiisetso Manoko
14th September 2023
Isiqalekiso sokulima emhlabeni ongaphasi kwamakhosi 

Umhlaba ongaphansi kwamakhosi eNingizimu Afrika usezindaweni zasemakhaya kakhulu futhi ungokahulumeni yize ulawulwa ngubuholi bendabuko. Osesithombeni nguNks Mmadipilo Letlape waseNorth West.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Yize uhulumeni eqhubeka “nokuziba nokugwema” umsindo mayelana nomhlaba ongaphansi kwamakhosi, abalimi bayaqhubeka nokuhlukunyezwa abaholi bendabuko.

Abakwazi ukwenza izinqumo ngomhlaba abawusebenzisayo futhi bathwala kanzima ukukhulisa amabhizinisi abo ngoba abanawo amatayitela.

INingizimu Afrika inomhlaba ongamahekthare angu-18 million ongaphansi kwamakhosi. Lo mhlaba okahulumeni kodwa ulawulwa ngabaholi bendabuko. Yize labo abafisa ukulima bekwazi ukuwuthola kalula umhlaba kodwa abalimi abakwazi ukuthatha izinqumo ngoba umhlaba akuwona owabo. 

U-Advocate Tembeka Ngcukaitobi, isishoshovu sepolitiki futhi onengosi kwiBusiness Day uthe: “Uma kukhona umuntu ongacacisa ngokwezepolitiki mayelana nomhlaba osezindaweni zamakhosi, ubudlelwano phakathi kwamakhosi nabantu, yi-ANC. Nokho, iqhinga layo ukuyigwema nokuyiziba indaba yombango othinta umhlaba ongaphansi kwamakhosi,” kusho u-Adv Ngcukaitobi.

UNks Mmadipilo Letlape ofuyile eNorth West uthi kufanele ukwazi ukuzibamba ziqine uma ufuna ukuba ngumlimi emhlabeni ongaphansi kwamakhosi. Usebenzela esigodini iLesung.

Isiqalekiso sokulima emhlabeni ongaphasi kwamakhosi 
UNks Mmadipilo Letlape, umlimi ofuye izinkomo esigodini iLesung eRustenburg, eNorth West.

“Inkunzi yami eyawo wonke umuntu futhi inkunzi yabanye nami ngeyami ngakho kunamathuba amahle okuthi angitholi amathole ami ohlobo lweSimbra. Omzala bami abanayo inkunzi kodwa bayahlomula ezinkunzini zethu futhi ayikho into esingayenza. Angikwazi ngisho ukulungisa isibaya ngoba wonke umuntu uzohlomula ngamandla ami,” kusho uNks Letlape. 

Umhlaba awusebenzisayo akuwona owakhe ngakho akakwazi ukuthola itayitela, into ephazamisa izinhlelo zakhe zokukhulisa umsebenzi. 

UNks Letlape wengeze ngokuthi: “Angikwazi ukuzenzela into yami (ngisasemhlabeni wenkosi). Nginethemba lokuthola umhlaba wami ngithuthe. Akuhambeki emgwaqweni oya epulazini uma linile. Ayikho imoto engenayo futhi angikwazi ukukulungisa lokho ngemali yami ekubeni kuzohlomula abanye abantu.”

Ezinye izinselelo ukuthi akakwazi ukwenza izinqumo masinyane ukuze kusizakale ipulazi. Imvamisa izinto ziyabambezeleka uma esecele imvume kanti kwesinye isikhathi izicelo zakhe ziyachithwa.

‘Ngahlukunyezwa…’ 

Isiqalekiso sokulima emhlabeni ongaphasi kwamakhosi 
Umlimi waseMpumalanga otshale amaveji uMnu Sphesihle Chata uzimisele ukukhulisa ibhizinisi lakhe yize enezingqinamba ezinkulu. 

Umlimi waseMpumalanga otshale amaveji uMnu Sphesihle Chata uyachaza ukuthi yini eyamphoqa ukuthi athenge umhlaba esigodini sakubo eBethal, okuqhele ngamakhilomitha angu-155 naseGoli. 

Uthi: “Emva kokulima futhi yonke into yayihamba kahle, kunabantu abafika kimina bathi yibona ababelima kulowo mhlaba, futhi bayawufuna. Kwafuneka ngiwushiye phansi wonke umsebenzi wami onzima ngikhulume nabaholi bendabuko lapho ngabuza khona ukuthi ayikho yini imali engingayikhokha ukuze ngisebenzise umhlaba isikhathi eside ngoba awukwazi ukuwuthenga noma uthole itayitela lawo. Into engayithola yincwadi eqinisekisayo kubaphathi ukuthi ngingawusebenzisa umhlaba kodwa kwakuyinselelo.”

UChata otshale umbila nobhontshisi uthe kubalulekile ukuthi uhulumeni ashaye umthetho wokuthi umhlaba ongaphansi kwamakhosi wabiwa futhi ulawulwa kanjani. 

Ukhale esifanayo noNks uKeaboka Motsemme waseMahikeng, eNorth West, okhale ngendlela abaphethwe ngayo abaphathi bendabuko. Ngonyaka odlule wafaka isicelo somhlaba angalima kuwo. Asiphumelelanga isicelo sakhe.

“Ngangifisa ukukhulisa umsebenzi ukuze ngiyeke ukulima egcekeni. Ngatshelwa ukuthi umhlaba engiwufunayo uzosetshenziswa nguhulumeni ukuletha intuthuko, ngayeka kanjalo-ke,” kusho uNks uMotsemme. 

‘Abaholi bendabuko kufanele benze kangcono’ 

I-Food For Mzansi izame ukukhuluma nabaholi bendabuko besizwe saBakwena baa Morare esigodini iPella, eNorth West. Okholume nathi ucele ukuthi igama lakhe lingadalulwa ngoba akagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba yize ezwelana nosizi lwabalimi. 

“Kukhona intokazi esencane eyafika ifuna ukulima, kwakungewona nomhlaba omkhulu kangako lona ababefuna ukuwulima. Kodwa umkhandlu wenkosi wanqaba, ngeke ngikwazi ukuzichaza izizathu. 

“Singenza kangcono njengobuholi bendabuko ukuqinisekisa ukuthi umhlaba uyatholakala ngoba siyabona ukuthi iyanda intsha enentshisekelo yokulima iziphilise ngakho. Kufanele siyibhekisise indlela esenza ngayo izinto futhi masinyane,” usho kanje.

‘Alarm bells should be ringing’

Umbiko owake wakhishwa i-Institute for Poverty, Land and Agrarian Studies (iPlaas) e-University of the Western Cape wathola ukuthi uhulumeni uyaphuza ukuphendula izikhalo zabalimi abaningi abadinga umhlaba. 

“Akwamukelekile ukuthi ngale kokuphuza ukunikeza abantu okungokwabo nomhlaba, uhulumeni uziphatha kanjena,” kusho abacwaningi oNks Constance Mogale noKatlego Ramantsima.

UNks Mogale uyi-national coordinator ye-Alliance for Rural Democracy besekuthi uNks Ramantsima ungumcwaningi futhi wenza iziqu zobudokotela kwiSARChI chair ePlaas.

“Indaba yomhlaba iyinkinga eNingizimu Afrika. Futhi uhulumeni awunandaba nokuyilungisa ngendlela enobulungisa neneqiniso. Kufanele ngabe sikhathazekile,” kusho oNks Mogale noRamantsima embikweni wabo.

“Njengoba indaba yomhlaba ongaphansi kwamakhosi ivele inabantu abaningi futhi namalungelo ethinta abantu abaningi kusho ukuthi kumqoka impela ukuthi kuphothulwe indaba yokubuyiswa komhlaba. Kuhamba kanjani ngokuphothula lezo zicelo?”

FUNDA OLULANDELAYO: ‘Abesifazane badinga umhlaba abazolima kuwo’

Bhalisa kuMzansi Today: Izindaba zakho zansukuzonke ngokwenzeka kwezolimo. 

Tiisetso Manoko

Tiisetso Manoko is a seasoned journalist with vast experience in community media. He possesses diploma in media studies majoring in journalism, certificate in civic leadership. He loves news from all angles with particular interest in local government, agriculture and politics. He is a staunch Mamelodi Sundowns Football club supporter.

Tags: Commercialising farmercommunal landSee metribal land
News

CPAs urged to register for free governance support toolkits

by Staff Reporter
21st October 2026

With 82% of registered CPAs facing non-compliance issues, Vumelana Advisory Fund has introduced free support toolkits to improve land management...

Read moreDetails

Potatoes and tomatoes plunge while avocado prices soar

20th October 2026
Becoming bankable: How to get your farm ready for finance

Becoming bankable: How to get your farm ready for finance

20th October 2026

Fixing SA’s agricultural visa system to protect seasonal harvests

20th October 2026
‘Beware the dangers of illegal foot-and-mouth vaccines’

SA and Namibia reevaluate livestock trade after FMD outbreak

20th October 2026

Promising early conditions predicted for 2027 SA wine harvest

How animal welfare and human rights shape food security

Becoming bankable: How to get your farm ready for finance

This week’s agri events: 19 – 23 October

Reality check: What SA agri interns really experience on the farm

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Snack attack: Wendy's moreish mopani worms steal the show

Snack attack: Wendy makes magic with mopani worms

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Agda pushes for pathways to commercialise emerging farmers

Karoo sheep tallow finds new purpose in Mzansi beauty brand

Why simple farm records beat complex systems

Crowdfunding breathes new life into neglected Limpopo citrus farm

Mogogelo farmers receive packhouse and cold storage facilities

Godongwana unveils fuel relief and R10 billion El Niño buffer

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

About this assistant

This feature generates automated answers summarised from Food For Mzansi articles. By using it, you are interacting with an AI system (provided by Google), not a human. AI can make mistakes. Please refer to the source articles for verification and citation purposes.

Our staff do not check or moderate Lerato’s answers in advance, but may review some later. Our journalists continue to write and edit all the articles Lerato uses as sources.

To estimate unique and returning web users, we store a random browser ID in this browser. WhatsApp users are counted by phone number. The same person using both channels may be counted twice.

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2026 Food for Mzansi