Sunday, September 6, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu, News

Isiqalekiso sokulima emhlabeni ongaphasi kwamakhosi 

Indaba yomhlaba ingenye yalezo ezisusa inkulumompikiswano eNingizimu Afrika, akukhathaleki ukuthi ngumhlaba ongaphansi kwamakhosi, okungokahulumeni kodwa olawulwa abaholi bendabuko. Abalimi bayasixoxela ngezinto ezibahluphayo ngokusebenzisa umhlaba wamakhosi.

by Tiisetso Manoko
14th September 2023
Isiqalekiso sokulima emhlabeni ongaphasi kwamakhosi 

Umhlaba ongaphansi kwamakhosi eNingizimu Afrika usezindaweni zasemakhaya kakhulu futhi ungokahulumeni yize ulawulwa ngubuholi bendabuko. Osesithombeni nguNks Mmadipilo Letlape waseNorth West.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Yize uhulumeni eqhubeka “nokuziba nokugwema” umsindo mayelana nomhlaba ongaphansi kwamakhosi, abalimi bayaqhubeka nokuhlukunyezwa abaholi bendabuko.

Abakwazi ukwenza izinqumo ngomhlaba abawusebenzisayo futhi bathwala kanzima ukukhulisa amabhizinisi abo ngoba abanawo amatayitela.

INingizimu Afrika inomhlaba ongamahekthare angu-18 million ongaphansi kwamakhosi. Lo mhlaba okahulumeni kodwa ulawulwa ngabaholi bendabuko. Yize labo abafisa ukulima bekwazi ukuwuthola kalula umhlaba kodwa abalimi abakwazi ukuthatha izinqumo ngoba umhlaba akuwona owabo. 

U-Advocate Tembeka Ngcukaitobi, isishoshovu sepolitiki futhi onengosi kwiBusiness Day uthe: “Uma kukhona umuntu ongacacisa ngokwezepolitiki mayelana nomhlaba osezindaweni zamakhosi, ubudlelwano phakathi kwamakhosi nabantu, yi-ANC. Nokho, iqhinga layo ukuyigwema nokuyiziba indaba yombango othinta umhlaba ongaphansi kwamakhosi,” kusho u-Adv Ngcukaitobi.

UNks Mmadipilo Letlape ofuyile eNorth West uthi kufanele ukwazi ukuzibamba ziqine uma ufuna ukuba ngumlimi emhlabeni ongaphansi kwamakhosi. Usebenzela esigodini iLesung.

Isiqalekiso sokulima emhlabeni ongaphasi kwamakhosi 
UNks Mmadipilo Letlape, umlimi ofuye izinkomo esigodini iLesung eRustenburg, eNorth West.

“Inkunzi yami eyawo wonke umuntu futhi inkunzi yabanye nami ngeyami ngakho kunamathuba amahle okuthi angitholi amathole ami ohlobo lweSimbra. Omzala bami abanayo inkunzi kodwa bayahlomula ezinkunzini zethu futhi ayikho into esingayenza. Angikwazi ngisho ukulungisa isibaya ngoba wonke umuntu uzohlomula ngamandla ami,” kusho uNks Letlape. 

Umhlaba awusebenzisayo akuwona owakhe ngakho akakwazi ukuthola itayitela, into ephazamisa izinhlelo zakhe zokukhulisa umsebenzi. 

UNks Letlape wengeze ngokuthi: “Angikwazi ukuzenzela into yami (ngisasemhlabeni wenkosi). Nginethemba lokuthola umhlaba wami ngithuthe. Akuhambeki emgwaqweni oya epulazini uma linile. Ayikho imoto engenayo futhi angikwazi ukukulungisa lokho ngemali yami ekubeni kuzohlomula abanye abantu.”

Ezinye izinselelo ukuthi akakwazi ukwenza izinqumo masinyane ukuze kusizakale ipulazi. Imvamisa izinto ziyabambezeleka uma esecele imvume kanti kwesinye isikhathi izicelo zakhe ziyachithwa.

‘Ngahlukunyezwa…’ 

Isiqalekiso sokulima emhlabeni ongaphasi kwamakhosi 
Umlimi waseMpumalanga otshale amaveji uMnu Sphesihle Chata uzimisele ukukhulisa ibhizinisi lakhe yize enezingqinamba ezinkulu. 

Umlimi waseMpumalanga otshale amaveji uMnu Sphesihle Chata uyachaza ukuthi yini eyamphoqa ukuthi athenge umhlaba esigodini sakubo eBethal, okuqhele ngamakhilomitha angu-155 naseGoli. 

Uthi: “Emva kokulima futhi yonke into yayihamba kahle, kunabantu abafika kimina bathi yibona ababelima kulowo mhlaba, futhi bayawufuna. Kwafuneka ngiwushiye phansi wonke umsebenzi wami onzima ngikhulume nabaholi bendabuko lapho ngabuza khona ukuthi ayikho yini imali engingayikhokha ukuze ngisebenzise umhlaba isikhathi eside ngoba awukwazi ukuwuthenga noma uthole itayitela lawo. Into engayithola yincwadi eqinisekisayo kubaphathi ukuthi ngingawusebenzisa umhlaba kodwa kwakuyinselelo.”

UChata otshale umbila nobhontshisi uthe kubalulekile ukuthi uhulumeni ashaye umthetho wokuthi umhlaba ongaphansi kwamakhosi wabiwa futhi ulawulwa kanjani. 

Ukhale esifanayo noNks uKeaboka Motsemme waseMahikeng, eNorth West, okhale ngendlela abaphethwe ngayo abaphathi bendabuko. Ngonyaka odlule wafaka isicelo somhlaba angalima kuwo. Asiphumelelanga isicelo sakhe.

“Ngangifisa ukukhulisa umsebenzi ukuze ngiyeke ukulima egcekeni. Ngatshelwa ukuthi umhlaba engiwufunayo uzosetshenziswa nguhulumeni ukuletha intuthuko, ngayeka kanjalo-ke,” kusho uNks uMotsemme. 

‘Abaholi bendabuko kufanele benze kangcono’ 

I-Food For Mzansi izame ukukhuluma nabaholi bendabuko besizwe saBakwena baa Morare esigodini iPella, eNorth West. Okholume nathi ucele ukuthi igama lakhe lingadalulwa ngoba akagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba yize ezwelana nosizi lwabalimi. 

“Kukhona intokazi esencane eyafika ifuna ukulima, kwakungewona nomhlaba omkhulu kangako lona ababefuna ukuwulima. Kodwa umkhandlu wenkosi wanqaba, ngeke ngikwazi ukuzichaza izizathu. 

“Singenza kangcono njengobuholi bendabuko ukuqinisekisa ukuthi umhlaba uyatholakala ngoba siyabona ukuthi iyanda intsha enentshisekelo yokulima iziphilise ngakho. Kufanele siyibhekisise indlela esenza ngayo izinto futhi masinyane,” usho kanje.

‘Alarm bells should be ringing’

Umbiko owake wakhishwa i-Institute for Poverty, Land and Agrarian Studies (iPlaas) e-University of the Western Cape wathola ukuthi uhulumeni uyaphuza ukuphendula izikhalo zabalimi abaningi abadinga umhlaba. 

“Akwamukelekile ukuthi ngale kokuphuza ukunikeza abantu okungokwabo nomhlaba, uhulumeni uziphatha kanjena,” kusho abacwaningi oNks Constance Mogale noKatlego Ramantsima.

UNks Mogale uyi-national coordinator ye-Alliance for Rural Democracy besekuthi uNks Ramantsima ungumcwaningi futhi wenza iziqu zobudokotela kwiSARChI chair ePlaas.

“Indaba yomhlaba iyinkinga eNingizimu Afrika. Futhi uhulumeni awunandaba nokuyilungisa ngendlela enobulungisa neneqiniso. Kufanele ngabe sikhathazekile,” kusho oNks Mogale noRamantsima embikweni wabo.

“Njengoba indaba yomhlaba ongaphansi kwamakhosi ivele inabantu abaningi futhi namalungelo ethinta abantu abaningi kusho ukuthi kumqoka impela ukuthi kuphothulwe indaba yokubuyiswa komhlaba. Kuhamba kanjani ngokuphothula lezo zicelo?”

FUNDA OLULANDELAYO: ‘Abesifazane badinga umhlaba abazolima kuwo’

Bhalisa kuMzansi Today: Izindaba zakho zansukuzonke ngokwenzeka kwezolimo. 

Tiisetso Manoko

Tiisetso Manoko is a seasoned journalist with vast experience in community media. He possesses diploma in media studies majoring in journalism, certificate in civic leadership. He loves news from all angles with particular interest in local government, agriculture and politics. He is a staunch Mamelodi Sundowns Football club supporter.

Tags: Commercialising farmercommunal landSee metribal land
The future of Mzansi's sugar industry hangs in the balance
News

Government hikes sugar import price, but industry warns of gap

by Staff Reporter
3rd September 2026

South Africa’s government has adjusted the sugar import reference price from $680 to $785 per tonne to curb surging imports....

Read moreDetails

Chicken is booming, but the real money is in the supply chain

2nd September 2026
How Tebogo beat post-harvest losses with smart agro-processing

How Tebogo beat post-harvest losses with smart agro-processing

2nd September 2026

Aucamp outlines strategy for biosecurity, trade, and infrastructure

2nd September 2026
Tobias Doyer, CEO of Grain SA. Photo: Supplied/Grain SA Facebook

Rising costs, climate risk push Swartland wheat farmers to the brink

2nd September 2026

Dragon fruit thrives in KZN valley despite tough national season

Tough times, hardy cattle: Why Mzansi farmers are choosing Nguni

How Tebogo beat post-harvest losses with smart agro-processing

RSVP now: Emerging farmers’ programme at Nampo Cape

Mamelodi farmers learn how to test soil with just a bottle and spade

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Snack attack: Wendy's moreish mopani worms steal the show

Snack attack: Wendy makes magic with mopani worms

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

RSVP now: Emerging farmers’ programme at Nampo Cape

Community-led farms boost food security and incomes in Limpopo

Farmers rethink water use as shortages threaten food production

Honoured roots: A father’s legacy, a daughter’s farming dream

Gauteng farmers urged to harness massive urban market

Foot-and-mouth crisis hits SA dairy industry with R1-billion loss

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.