Sunday, September 6, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Izingadi zogogo zondla izinkulungwane KwaZulu-Natali

Umsunguli weGranny Programme KwaZulu-Natali ukholwa wukuthi uma uthuthukisa ugogo, uthuthukisa umphakathi wonke

by Chantélle Hartebeest
11th January 2023
in isiZulu
Reading Time: 3 mins read
A A
Uhlelo lokweseka ogogo e-Valley of a Thousand Hills lufukula izaguga ezingaphezu kuka-500 ngezingadi zomphakathi

Uhlelo lokweseka ogogo e-Valley of a Thousand Hills lufukula izaguga ezingaphezu kuka-500 ngezingadi zomphakathi

Umsunguli wohlelo lwezalukazi KwaZulu-Natali i-Granny Programme ukholwa wukuthi uma uthuthukisa ugogo, uthuthukisa umphakathi wonke

E-Valley of a Thousand Hill enhle lokhu okungafelwa nkonyane KwaZulu-Natali kunomhlengikazi osathatha umhlalaphansi oneminyaka ewu-79 uNkk Cwengekile Myeni. Kukule ndawo lapho uNkk Myeni enikele khona ngeminyaka engu-30 yempilo yakhe esebenza emtholampilo i-Halley Scott Clinic e-Botha’s Hill.

Ngemva kwezinyanga ezintathu vo  ethathe umhlalaphansi, uNkk Myeni waxhumana nenhlangano engenzi inzuzo i-Hillcrest AIDS Centre Trust (i-HACT) ukuqala uhlelo lokusiza izaguga zendawo.

Ukuphumelela izingadi

https://www.foodformzansi.co.za/wp-content/uploads/2019/08/Cwengi-Myeni-1-1.jpg
https://www.foodformzansi.co.za/wp-content/uploads/2019/08/Cwengi-Myeni-1-1.jpg

Namuhla, ngemva kweminyaka engaphezu kweyishumi, iphupho elihle likaNkk Myeni selifezekile njengoba izaguga zendawo zenza inqwaba yezinto futhi zilima nezingadi eziwu-33. Izingadi zogogo zondla ogogo abangaphezu kuka-500 nabazukulu abawu-4 000 endaweni.

Ingabe yini eyenza umhlengikazi osethathe umhlalaphansi asungule inhlangano esiza umphakathi? Ngenkathi esasebenza uNkk Myeni wabona indlela isandulelangculazi nengculazi okuthinta ngayo impilo yogogo bendawo. Uthi iningi logogo “lishonelwa ngabantwana ngenxa yalesi sifo bese lisala linakekela abazukulu”.

“Ngabona ukuthi ayikho into eyenziwayo ukusiza laba bantu besifazane. Banezinselelo eziningi ezingafani nezabanye nezinto zabo hhayi zabantu besifazane abakhulile kodwa nangenxa yemiphumela yobhubhane lesandulelangculazi nengculazi,” kusho uNkk Myeni.

Ngenkathi luqala uhlelo ngo-2006, lwalusungulelwe ukweseka ogogo ababetabalasa ukunakekela abazukulu abayizintandane ngokwesimongqondo nezenhlalakahle. Ngokusho kukaNks Claire Hodgkinson, imenenja yezokukhangisa nokuqoqa imali eHACT, akuthathanga sikhathi esitheni ukuthi lolu hlelo lugcine seluqhamuka nezinye izindlela zokuthuthukisa umphakathi.

 “Kwathi lusuka laqhamuka nezinye izindlela zokuthuthukisa ogogo ngazo zonke izinto empilweni yabo ukuze bahlomule futhi kuhlomule aabazukulu abayizintandane ababanakekelayo abaningi,” kwengeza uNks Hodgkinson.

Ngale kokulima, izalukazi zenza ezinye izinto njengezemidlalo nokufundela ukuthunga
Ngale kokulima, izalukazi zenza ezinye izinto njengezemidlalo nokufundela ukuthunga

Inhloso yamasimu

Eminyakeni ewu-13 edlule lolu hlelo selukhuthaze ukuthi abantu bazinakekele, badle ukudla okunempilo futhi bavocavoce umzimba. Ezingadini eziwu-33 ezisemphakathini zabesifazane abakulolu hlelo kutshalwa isipinashi, iklabishi, ukherothi, u-anyanisi, amazambane, u-beetroot nobhatata. UNks Hodgkinson uthi lokhu kudla kondla ogogo abangaphezu kuka-500 nezingane eziwu-4 000 ngenyanga. 

“Ngikholwa wukuthi uma uthuthukisa ugogo, uthuthukisa umphakathi wonke,” kusho uNkk Myeni.

“Izingadi zogogo bethu sezibaluleke kakhulu ngoba sifuna ukubafukula nokubathuthukisa kodwa asikwazi ukwenza lokho belambile futhi bengenayo indlela yokondla imindeni yabo nsuku zonke,” kwengeza uNkk Myeni.

Ngalolu hlelo sekukhona amaqoqo okweseka ogogo awu-68. Omunye wogogo uNks Thengiwe Khanyeza, oneminyaka ewu-63. Uthi ingadi imsizile ukondla umndeni wakhe. “Ngingene eqoqweni elibizwa ngeNkululeko eminyakeni emithathu edlule ngemva kokuxoxelwa wumakhelwane ngalo,” kusho uNks Khanyeza.

Izingadi zomphakathi eziwu-33 zezalukazi zondla izalukazi abangaphezu kuka-500 nezingane eziwu-4 000 ngenyanga. Isithombe: Sithunyelwe
Izingadi zomphakathi eziwu-33 zezalukazi zondla izalukazi abangaphezu kuka-500 nezingane eziwu-4 000 ngenyanga. Isithombe: Sithunyelwe

UNks Khanyeza nguyena onakekela abazukulu abane kanti uthi “ukusebenza ezingadini kunzima kodwa kumnandi futhi kupholisa ikhanda. Siyaxoxa futhi sihleke ngesikhathi silima.”

Ngokukhula kohlelo uNkk Myeni nethimba lakhe babonile umphumela omuhle empilweni yogogo. Njengogogo wabantwana abawu-12, uNkk Myeni uthi: “Ngikholwa wukuthi uma uthuthukisa ugogo, uthuthukisa umphakathi wonke.”

Tags: KwaZulu-Natal

Chantélle Hartebeest

CHANTÉLLE HARTEBEEST is a young journalist who has a fiery passion for storytelling. She is eager to be the voice of the voiceless and has worked in both radio and print media before joining Food For Mzansi.

Related Posts

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

24th November 2023
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni
isiZulu

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
UNksz Bongiwe Mchunu ukholwa wukuthi uzonqoba nakuba kunenqwaba yezinselelo abhekene nazo njengoba engumlimi osafufusa waseShowe, KwaZulu-Natali. Isithombe: Sithunyelwe.

Ukuntula umsebenzi kuholele uMchunu kwelenyoni

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Tiger Brands CEO calls for stronger food value chain

Plant, pick, protect: The rising potential of urban foraging in SA

RSVP now: Emerging farmers’ programme at Nampo Cape

Community-led farms boost food security and incomes in Limpopo

Farmers rethink water use as shortages threaten food production

Honoured roots: A father’s legacy, a daughter’s farming dream

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.