“Uma abazali bami bengaqhamuka manje, angiboni ukuthi bangangibona. Bashona ngisafunda esikoleni samabanga aphansi,” usho kanje uMnuz Mapopa Gwenyo. Waziwa ngeziqalo zamagama abazali bakhe, ezithi PJ. “Ngikhuliswe yisigodi sonke futhi bengesekwa kahle.”
Esinye isizathu esenza uPJ athi abazali bakhe ngeke besambona yingoba useyimenenja ye-Integrated Aquaculture, ipulazi lapho kukhuliswa khona izitshalo nofishi kanyekanye kanti linesitifiketi esiqinisekisa ukuthi indlela okwenziwa ngayo ezolimo kulo yinhle njengokuhambisana nemigomo yeGlobal G.A.P certificate. Lokhu kukhombisa ukuzinikela kwakhe kuleli bhizinisi lezolimo ukukhiqiza amaveji angathakwa ngamakhemikhali ngendlela ephephile, esebenzisa amanzi ngendlela ehlelekile futhi enakekela imvelo uma kuqhathaniswa nokutshala ensimini evulekile.
Sekuphele iminyaka eyisikhombisa eyimenenja ye-Integrated Aquaculture eseHekpoort esemngceleni weGauteng neNorth West. Uma etshela abantu ukuthi uyimenenja yasepulazini, “bavele bacabange umsebenzi ofukuzisanayo womuntu ogqoke amabhuzu, ugandaganda nolimayo.”

Nokho bayamangala uma esebachazela ukuthi e-Integrated Aquaculture baqhuba umsebenzi wabo bephokophela ukuthi basebenzise ubuchwepheshe kakhulu kunakuqala njengoba besebenzisa i-Internet of Things toolbox. Uthi kuyamthokozisa ukuthi unesipiliyoni sokusebenza epulazini eligxile kwi-aquaponics.
U-PJ wengeze ngokuthi iDesertfoods International yaseJalimane ibeseke kakhulu ukuphucula indlela abalima ngayo belandela indlela ye-aquaponics kule minyaka emibili edlule nathi iyona ndlela abaqale ngayo ukusebenzisana.
Ingqikithi yokusebenzisana kwabo eHekpoort wukusungula i-aquaponic centre of excellence okungenye yezindlela inkampani ehlose ukukhula ngayo. “Inhloso yethu wukugqugquzela le ndlela yokulima ezweni lonke futhi sandise nesibalo sabantu abakwazi ukukwenza, okuyinto esiyithandayo sonke.”
Indlela yokulima enemicikilisho
“Kufanele sonke siyamukele lendlela yokulima,” kwengeza uPJ othe i-Integrated Aquaculture yipulazi elisebenzisa izindlela zokukhulisa ofishi nezitshalo endaweni evalelekile kusethenziswa okuthakwe ngamanzi okunomsoco.
Uthe zonke izinsuku basebenzisa ubuchwepheshe obubalekelela bakwazi ukugada ubusuku nemini izinto ezifana namazinga okushisa emanzini, ukwehla nokunyuka kwamanzi nokunye okufanele bakugade njengoba bekhulisa ufishi wohlobo lweNile Tilapia.
Nezitshalo kufanele zigadwe izinga le-pH ne-electrical conductivity emanzini.
Izinsalela zikafishi zigcwele umsoco othuthelwa kwezinye izindawo epulazini njengophiko lwe-mineralisation lapho kuhlangana khona okunamanzi nomsoco okhulisa izitshalo.
“Yilapho kwenzeka khona izimanga,” usho kanje. Lezi zinsalela zinomsoco osetshenziswa ukukhulisa izitshalo ezingenamakhemikhali.
“Lolu hlobo lokulima luyimicikilisho. Uthembele kwimvelo nama-microorganism ukusebenzisa umsoco owudingayo ukukhulisa izitshalo. Yingakho ngithi idinga ukuqonde lokhu, isineke futhi uzikhandle,” kusho uPJ owengeze ngokuthi lolu hlobo lokulima ludinga uhlale uthuthukisa ulwazi lwakho ngoba lusha kwezolimo.
“Kumnandi uma ngixoxa ngichaza ukuthi sizikhulisa kanjani izitshalo,” kusho uPJ emamatheka. Enye into engichazayo wukuthi sinezitshalo endaweni ekhiqizayo impela ewu-3 500 square metre. Uma ungazifaki emhlabathini, mhlawumbe ungadinga indawo ephindwe kashumi kunalena.”
Uma ubheka indawo okutshalwa kuyo, kuyamangalisa ukuthi bakwazi ukukhiqiza okungenani amathani angu-1.5 ka-lettuce, u-anyanisi, ama-chive, ispinashi, i-watercress ne-mint. Onke lamaveji ayahlungwa apakishwe epulazini epakishelwa amakhasimende ahlukene ezimakethe zaseGoli naseTshwane, eGauteng.

Izindlela zokulima ezihambisana kahle nemvelo
Le menenja yasepulazini eneziqu ze-national diploma in mining and engineering, yake yasebenza embonini yezindawo zokudlela nokuvakasha. Uma ebuzwa ngohambo lwakhe lokuba yimenenja yasepulazini kuze kube yimanje, ujabule kakhulu.
“Eyi! Ngazuthi sekuphele iminyaka engu-10 kuya kwewu-15 ngenxa yezinguquko ngenxa yobuchwepheshe, izinguquko kwezemvelo nezindlela zokutshala. Ungahamba uyolala izitshalo zibukeka kahle futhi ziphila kodwa ngakusasa zibe sezishintshile.”
U-PJ kube yisibusiso ukufunda le ndlela yokutshala.
“Khumbula ukuthi abalimi abatshala emhlabathini kulula kubona ukulungisa inkinga ngoba basebenzisa amakhemikhali. Thina sithembele kuma-microorganism ukuthi asenzele umsebenzi.”
Yingakho izindlela abatshala ngazo zihambisana kakhulu ne-biology nabantu. “Yingenxa yokuqonda nokuhlonipha imvelo ngoba uma singafaka amakhemikhali onke ama-microrganism angafa. Uma ufaka amakhemikhala emhlabathini, umhlabathi uyonakala ugcine ungasenampilo.”
Selifikile ikusasa
I-Integrated Aquaculture iqashe okungenani izisebenzi eziwu-20. Konke abakutshalile kutshalwe emhlabeni ongaphansana kwamahekthare amabili epulazini elingamahekthare angu-50.
UMnuz Lance Quiding, umsunguli nesikhulu esiphezulu e-Integrated Aquaculture, uyena owanikeza u-PJ ithuba eminyakeni eyisikhombisa edlule kuwuSuku loMama.
Uthi uhambo luka-PJ njengomphathi wepulazi lube yimpumelelo. “Angingabazi ukuthi mhla wahamba lapha, uyoba yinyama kunanoma ngabe yiliphi ipulazi ayoya kulo emhlabeni, noma ngabe akulona ele-aquaponics. Indaba kaPJ ikhuthaza abanye abantu abasha ngoba kukhona umuntu abangabukela kuye.

UQuiding wengeza ngokuthi: Siyibhizinisi elikwesekayo ukuthuthukisa ababencishwe amathuba. Into elandelayo
wukumugqugquzela ukuthi adlulele esigabeni esilandelayo futhi usekulungele lokho. Udinga ukwazi ukuthi yini azobhekana nayo uma esephethe elakhe ipulazi.”
UPJ uyavuma naye ukuthi usekulungele ukufunda izinto ezintsha.
“Sengikwazi ukwenza yonke into manje. Manje sekufanele ngifunde le-ngxenye ye-biology njengokuqonda ukuthi iyiphi i-bacteria esizayo, iyiphi engasizi. Kanjalo nokuthi wenzenjani ukuze ushintshe ekubeni nepulazi elingamahekthare amabili ulikhulise libe wu-20?”
Uma esefinyelele lapho ephokophele khona ufisa ukukhunjulwa njengomuntu owenza izinto ezintsha futhi onesibindi. “Ngizimisele ngokuzama ezinye izinto ezintsha futhi angisabi.” U-PJ uthando lwakhe lwe-aquaponics luqhamuka nasekutheni lolu wuhlobo lokulima okuyilona elizosetshenziswa ngomuso uma kubhekwa umonakalo odalwa wukuguquguquka kwesimo sezulu.
U-PJ usevele usenza izinto ngendlela ezizokwenziwa ngayo ngomuso. “Ngingazibona njengesehluleki uma ngingaphumeleli kwi-aquaculture ne-aquaponics. Yilokhu engifisa ukukwenza namhlanje, kusasa, unomphelo.”
FUNDA FUTHI: Abalimi abaphila nokukhubazeka bayavelela kwi-aquaponics.
Thola izindaba ngabaletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelayo nabantu abondla uMzansi.