Ukusebenza engadini akuqale ngoba efuna ukupholisa ikhanda kugcine sekuwumsebenzi awenza ngokugcwele uNksz Sthembile Ngubane, umlimi wamaveji waselokishini laseMagabeni, KwaZulu-Natali.
UNksz Ngubane uthi wayedinga into azoyenza emva kwengxabano emndenini wakhe, luqale kanjalo-ke uhambo lwakhe lokuba wumlimi ngo-2018. Akaze abheke emuva kusukela ngaleso sikhathi.
“Into engayiqala ngizichithela isizungu engadini ingiholele emsebenzini wami omusha wokuba wumlimi. Ngibe sengicela indawo esesikoleni sendawo engasetshenziswa muntu ukuze ngilime kuyo,” usho kanje.
“Nganikezwa amahekthare awu-0.6 ngase ngithenga imbewu ngisizwa abalimi bendawo, ngayitshala. Kwakunzima ngasekuqaleni njengoba ngangingenzi inzuzo kodwa ngabambelela esifisweni sokuba wumlimi ovelele.”
Isimanga semboni yezolimo
Umlimi, UNksz Ngubane utshale ispinashi, i-butternut, utamatisi, iklabishi, ulettuce, ugreen pepper nobrinjal futhi uzimisele ngokuwandisa umsebenzi wakhe kule minyaka ezayo.
“Into ehlekisayo ukuthi ngesikhathi ngiqala ngangingazi lutho. Ngangingawazi umehluko phakathi kwezimbewu, kwadingeka ngithembele kwi-internet nabantu ababengenankinga yokungeluleka.
“Ukufunda ngezimbewu ezihlukene nokuthi zenzani kwakungelapha kakhulu. Ukusebenza ngomhlabathi, ukuhlakula nokuwulungiselela ukutshala yinto engangiyithanda kakhulu,” usho kanje.
Ukutshala amaveji ahlukene kumvulele iminyango futhi uke adayisele izitolo zokudla ezinjengoPick n Pay, iBoxer neSpar,
kanti amakhasimende akhe amakhulu ngabadayisa emgwaqweni.
“Okwamanje elokishini lami yimina ngedwa okwazi ukulima kangaka ngakho ngithola amakhasimende amaningi.
“Umsebenzi uyagqilaza futhi ngisasebenza ngedwa. Ngenza amaphutha amaningi ngesikhathi ngiqala futhi angizange ngiyenze inzuzo. Yima sekuqala ukuba ngcono futhi ngiyafunda. Ngifisa ukukhula ukuze ngikwazi ukucathulisa izisebenzi engizoziqasha ngelinye ilanga.”
Uhambo olunzima kodwa olunomvuzo
Ziningi izinselelo asehlangabezane nazo. UNks Ngubane uthi ukuguquguquka kwesimo sezulu kuyaphazamisa umsebenzi futhi kufanele ahlale ezijwayeza isimo sezulu esishintsha mawala, kungaba wukushisa noma imvula enamandla.
“Ngikholwa wukuthi kuzoba ngcono ngokuhamba kwesikhathi. Ezokuthutha zimqoka kulolu hambo lami lokuba wumlimi ngoba kufanele ngihambise amaveji. Anginayo imoto futhi kufanele ngiqashe iveni engibiza cishe uR200 indlela eyodwa,” kuchaza uNksz Ngubane.
Uthi uyakholwa ukuthi lukhulu asazolwenza njengomlimi njengoba azi ukuthi ukudla kubalulekile ezweni futhi ibambe ngakho njengoba ewumlimi.
“Sengisebenzile uma ngibheka ukuthi angizifundanga ezolimo, angiqhamuki lapho bekulinywa khona futhi bengithembele kwi-internet nakumtapowolwazi.
“Ngiyakholelwa ekuxoxeni nabantu ngakho ngixoxa nawo wonke umuntu okwezolimo. Ngenxa yalokho senginolwazi oluningi uma ngicabanga ukuthi zolo lokhu bengingawazi umehluko phakathi kogandaganda wokwakha nogandaganda wokulima.”
Kunzima ukulima ungenayo imishini efanele futhi yilokho okudingwa uNksz Ngubane kakhulu.
“Ngichelela umhlaba angamahethare angu-0.3 ngezigubhu zokuchelela kodwa akungihluphi lokho, ngiyayithanda into engiyenzayo. Ingilethela ukuthula futhi iyangijabulisa.”
Qala manje
Egqugquzela enye intsha elingana naye, uNksz Ngubane uthe, akukho okudlula ukuthi umuntu aqale ngakho lokhu okuncane anakho. Uthi kungagcina kukuholela ezintweni ezinkulu.
“Qala lapho ukhona ngalokhu onakho. Ngesikhathi ngiqala ngangingazi ngomanyolo, okubulala izinambuzane nezinye izinto ezihlobene nezolimo kodwa ngangifuna ukufunda futhi ngikholwa wukuthi ngisebenzile.”
Umlimi, UNksz Ngubane uthi kudingeke ahlele izinto zakhe kahle ngenxa yokusebenza nezitolo ezinkulu wase esungula inkampani iSthelo Esihle Farm. Uthi umiswe wukuxhaswa ngumphakathi wakubo nakuba eneminyaka emithathu eqalile ukuba nebhizinisi lezolimo.
“Uma unomhlaba obiyiwe, unamanzi nothando lwezolimo, usuke usungasebenza. Ngeke ukunqene ukusebenza ungcole ngoba vele kunjalo kwezolimo, kusetshenzwa ngomhlaba omanzi kwesinye isikhathi kanti kokunye usuke womile uyuzintuli.”
FUNDA FUTHI: Akekho ongavimba lo mlimi ukuthi ondle abantu
Thola izindaba ngabaletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi.