Wednesday, July 22, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Usewumlimi omkhulu owaqala elusa

UMnuz Mahlatsi Manamela wathanda ezolimo ngesikhathi eneminyaka eyisihlanu. Namhlanje utshale ukotini, amaveji futhi ufuyile kwesiye sezigodi eLimpopo.

by Sinesipho Tom
28th April 2023
in Abasigqugquzelayo, Inspiration, isiZulu
Reading Time: 4 mins read
A A
Usewumlimi omkhulu owaqala elusa

UMnuz Mahlatse Manamela uwumlimi kakotini ofuye nezinkomo wasesigodini saseLissa-Gakgare, eLimpopo owaqala ukulima ngo-2008.

Ngesikhathi elusa izimbuzi zikamkhulu wakhe esigodini saseLimpopo, iLissa-Gakgare, eminyakeni engaphezu kwewu-30 edlule uMnuz Mahlatse Manamela, wayeye azibone naye ngelinye ilanga enepulazi elithi yena futhi edayisa umkhiqizo wakhe ezweni lonke.  

Ugogo nomkhulu bakaManamela babefuyile izimbuzi nezimvu ababeziphilisa ngazo kodwa yena wayenesifiso sokwenza okungaphezu kwalokhu. Isifiso sakhe kwakuwukuba umlimi onebhizinisi elikhulu. 

“Kusukela ngiwumfana omncane ngangazi ukuthi ngifisa ukuba nepulazi ngoba uthando lwezolimo lwangingena ngineminyaka eyisihlanu. Ngangifuna ukuba nemfuyo yami futhi ngidayisele izindawo ezihlukene ezweni,” usho kanje ekhumbula. 

FUNDA FUTHI: Ukuthi uMokgadi wawalaxaza kanjani amaqhoks wakhetha amabhuzu ukuze akhe umcebo

UManamela waqale ibhizinisi lakhe lezolimo ngokufuya izinkomo ngo-2008 kanti umhlambi wakhe usukhule kakhulu kusukela ngaleso sikhathi. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi 

Ngo-2008 wanquma ukufuya izinkomo wabe esethenga izinkomo ayezifuye emhlabeni wendawo eLissa-Gakgare. Emva kweminyaka embalwa, umkhulu wakhe wamupha izimbuzi ngesikhathi eshada.  

Uthando lokutshala amaveji lumngene ngo-2012 kanti waqala ngokutshala amazambane, iklabishi, ispinashi ne-mustard spinach.

Njalo ngoMsombuluko emva kwamasonto amabili, uManamela udayisa ispinashi, imustard spinach neklabishi eSpar naseBoxer eBochum, Limpopo. 

Uthemba ukuthi iklabishi uzolidayisa naseGauteng ngoba utshale iklabishi eliningi. Utshale ukutshala ukotini ngoNovemba nyakenye kanti yiwona asegxile kuwo. 

“Indlela engingene ngayo kukotini ukuthi ngibonile ukuthi ukotini uyamila ekhaya. Kodwa lona omilayo ekhaya yilona okuthiwa i wild cotton. Ngakho ngibe sengiya kwi-internet ngayocwaninga ukuthi ‘utshalwa kanjani ukotini’? Ngithole inombolo yocingo yeCotton SA. Ngibe sengithola inombolo yocingo ka(Mnuz) Tertius Schoeman ngamshayela ucingo, wangiphendula wabe esehlela ukuthi sihlangane emahhovisi aseCotton SA ePitoli

“Ngafika khona wase enginika lonke ulwazi oludingayo ukuqala utshale ukotini, uwutshala nini, uwuchelela kanjani…Wangitshela yonke into engithanda engidinga ukuyazi ngokutshala ukotini. Wabe esengixhumanisa nabase-Better Cotton wase ethi ‘Uma ukotini wakho usulungile, uwuyise khona’.”

UManamela waqala ukutshala ukotini ngoNovemba ngonyaka odlule kanti kwathi kusephakathi naleyo nyanga waphinda uSchoeman wamthinta, kulokhu wayesefuna ukuza epulazini. 

“Saya sonke epulazini. Wafika, wahlola umhlabathi futhi wawuthanda. Kuthe uma kuqhubeka isikhathi, bengilokhu ngimtshela ukuthi kuqhubeka kanjani futhi bengimthumelela izithombe ngoWhatsApp bese engitshela ‘Faka lo muthi, faka lo manyolo’ ukuphucula ukotini wami.” 

UManamela usetshale amahekthare amabili kakotini epulazini lakhe futhi usethole amakhasimende eMpumalanga. 

UManamela udayisa ukotini efemini kakotini eLoskop, eMpumalanga. Uthi kulula ukulima ukotini, uthi futhi kulula ngisho kuneklabishi ngoba iklabishi kufanele lifakwe umanyolo nezibulalimagciwane njalo ngesonto. 

Nokho, nalo lolu hambo lwakhe lunezinselelo. Ipulazi lakhe eliseLimpopo liqhele kakhulu neLoskop Cotton eMpumalanga. Esigodini sangakubo ayashoda amanzi. 

Izinselelo uzishaya indiva 

Kuyamdumaza ukuthi ibhizinisi lakhe liyaphazamiseka ngenxa yokucinywa kukagesi. 

“Ugesi ucinywa kakhulu eLimpopo. Uma kukhona abantu abathwala kanzima kakhulu ngenxa yokucinywa kukagesi, yithina ezindaweni zasemakhaya, liyaphela usuku singenawo ugesi futhi kuyasihlupha kakhulu. 

“Nginepitsi engidonsa kulo amanzi ukuze ngichelele izitshalo zami. Njengoba ugesi ucinywa kuba nzima ukwenza njalo futhi eLimpopo kuyashisa kakhulu. Uma kudlula usuku ungazichelele izitshalo zakho, ngakusasa zisuke seziqala ukufa.” 

UManamela uthi usethenge amathangi eJojo amane ukuze axazulule le nkinga. Noma yinini uma ethola ithuba uyaqinisekisa ukuthi amanzi akawafaki ngqo emhlabathini kodwa uwafaka ethangini okusiza ngokuthi uma ugesi uhamba, usuke enamanzi enele. 

“Kungcono ezindaweni zasemadolobheni ugesi uhamba amahora amabili. Indlela okwenzeka ngayo ezindaweni zasemakhaya njengaseLimpopo, ayiqondakali, ugesi uvele uhambe nje. Uke uhambe ngo-5 ntambama uze ubuye ngakusasa ngo-9 ekuseni, ngakho lawo mathangi ayasiza.” 

Yize zikhona lezi zinselelo, ipulazi lakhe likhulile laba amahekthare amane kusukela eqale ukulima ngo-2008. Ayimumangalisi indlela asekhule ngayo, kakade ukulima yinto esegazini emndenini wakhe. 

“Yinto yezizukulwane. Into eyaqalwa umkhulu wami owadlulisela kubaba wami. Kuthe uma ubaba eseshonile, kwase kuba yimina othatha izintambo.” 

FUNDA FUTHI: Leli qhawe lezolimo lithuthukisa abalimi abasafufusa abawu-120

Thola Izindaba zoShintsho: Izindaba ezigqugquzelanayo ngabantu abondla uMzansi.

Tags: CottonLimpopo

Sinesipho Tom

Sinesipho Tom is an audience engagement journalist at Food for Mzansi. Before joining the team, she worked in financial and business news at Media24. She has an appetite for news reporting and has written articles for Business Insider, Fin24 and Parent 24. If you could describe Sinesipho in a sentence you would say that she is a small-town girl with big, big dreams.

Related Posts

Mother’s legacy, neighbour’s grace: Venessa Simelane’s farm story
Inspiration

Mother’s legacy, neighbour’s grace: Venessa Simelane’s farm story

20th July 2026
Feathered Fields: Young farmer defies odds with poultry production
Inspiration

Feathered Fields: Young farmer defies odds with poultry production

13th July 2026
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
Sphamandla Fakude

Fakude believes in keeping family legacy alive

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Tech and solar upgrades drive growth at Ceres Fruit Growers

Smart vineyard irrigation starts below the ground

Treat food processing as essential national infrastructure – Khoury

Farmers urged to embrace uncertainty and build resilience

SA poultry industry calls for urgent bird flu vaccine rollout

Mother’s legacy, neighbour’s grace: Venessa Simelane’s farm story

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.