UMnuz Zethembe Shezi ulikhumbula kahle usuku anquma ngalo ukutshala isipinashi engadini kayise. Wayeneminyaka ewu-11 kanti wathethiswa kabi ngunina owayecabanga ukuthi uganga ngembewu. Ngenhlanhla, leso sipanish sakhula sadliwa wumndeni wonke baze bapha nomakhelwane babo.
“Ngiwumfana ngikhula emakhaya, ukudlala ngenhlabathi ngeminye yemidlalo esasiyijwayele neminye imidlalo kanti ngangiyithakasela.”
UShezi uthi ziningi ezinye izinto ongazenza ngenhlabathi. Ngesikhathi bekhula nabangani bakhe babethanda inhlabathi kangangokuthi babakha imibhoshongo, izindlu namabhuloho enziwe ngodaka lwaso. Ukholwa wukuthi lolu thando lwesihlabathi lwamholela ekutshaleni.
“Ngaleyo nkathi ngangithanda ubuhle bezitshalo, ngingaboni ukuthi zinomsebenzi omkhulu kangakanani ekondleni abantu nasemnothweni wezwe.”

Kuningi ayekucabaga
UShezi wazalelwa eXobho, KwaZulu-Natali.
Uthi wayefuna ukuba wuthisha kodwa isimo semali sangavuma, ngakho wasebenza ezitolo ezihlukene ngemva kokuphothula uMatikuletsheni. “Ngesikhathi kuvalwa izwe okokuqala ngenxa yeCOVID-19, ngadilizwa emsebenzini wami wokuba yi-merchandiser.”
Waphindela kubo eXobho, kanti kulapho afikelwa khona wumqondo wokulima. “Ngathenga imbewu yesipinashi ngayitshala enhlabathini njengakudala. Ngayichelela mhlawumbe kabili ngosuku, ekuseni nantambama.”
UShezi udayisela izitolo zendawo nabantu besigodi isivuno sakhe. “Empeleni sengidiliva ngokuphindwe kabili manje ngoba amakhasimende ayakhula kanti umkhiqizo udayisa ngamandla.”
Okuhle nokubi ngezolimo
Ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu nokusweleka kwamanzi eNingizimu Afrika, uShezi uthi isimo sibi kakhulu eXobho. Uhamba ibanga elingamakhilomitha amathathu ukuyokha amanzi ngebhala. “Ngikwazi ukuphumula uma linile kuphela,” kusho yena.
“Enye inselelo abhekane nayo kusukela eqale ibhizinisi lakhe yizinambuzane ezicekela phansi ingadi. Ukunqoba le mpi usecele izeluleko kubalimi bendawo.
“Umama nabanye abalimi bangiluleka ukuthi ngakhe izithusabantwana. Kusebenzile lokho kepha isikhashana. Zabuya izinyoni, izithusabantwana zingasasebenzi ngagcina ngibone ukuthi kufanele ngishintshe izingubo nalapho ngizibeka khona. Ngenze njalo, manje sekuyasiza.”
Ukholwa wukuthi isimo sezulu KwaZulu-Natali yisona esiheha izinambuzane engadini yakhe. “Ukuxosha izinambuzane ngisebenzisa ingxube yekhofi, isu engalithola kwelinye iqoqo labalimi ezinkundleni zokuxhumana. Yingxube yekhofi namanzi engiyichela ekuseni ngaphambi kokuphuma kwelanga lihlabe engadini kanti lisebenza kahle.”
Ukutshala konga imali
“Into ebalulekile nokufanele uyiqonde ngokuzisebenza wukuthi yonke into isezandleni zakho. Ngisho ngabe kuthiwa amaqhinga akho mahle, kukuwena ukuthi uwasebenzisa kanjani. Lokho kuyasiza wazi okufanele ukunake nokuthi wenze izinqumo eziphusile.”
UShezi ulima iklabishi nesipinashi kanti uthi la maveji awadingi ukubhekwa kakhulu futhi atshaleka unyaka wonke. Isipinashi neklabishi wukudla okudliwa njalo ngoba kungamaveji angabizi.

Enye yezinto engizihlelayo wukuba nezinto zokuchelela nemfuyo. Ngibona ibhizinisi lami lihweba namazwe aphesheya ngelinye ilanga kanti ngikholwa wukuthi yonke into inesiqalo.”
UShezi uhlela ukukhuluma nezitolo zendawo kodwa inkinga yezinto zokuthutha nokungabi nendawo eyanele iseyinselelo okwamanje.
FUNDA FUTHI: Owayengumdayisi wasemgwaqweni usephendule izinselelo zaba yimpumelelo







