Monday, September 28, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in Inspiration, isiZulu

Uthando lwezolimo lwenza uMkhize angalali

Kwesinye isikhathi akuzona izinkinga ezenza uqwashe ebusuku kodwa yizinto osuke ubona ukuthi zingenzeka. Yiso lesi isimo esibheken noMnuz Andile Mkhize ongakwazi ukuyeka ukucabanga ngezinto afisa ukuzenza ngesikhathi eqhuba umsebenzi wakhe kanjalo nokukhulisa ibhizinisi lakhe lezolimo.

by Tiisetso Manoko
9th October 2023
UMnuz Andile Mkhize ungumlimi wamaveji futhi usebenza eToutele Agricultural College KwaZulu-Natali.

UMnuz Andile Mkhize ungumlimi wamaveji futhi usebenza eToutele Agricultural College KwaZulu-Natali.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Ukukhiqiza ukudla nokuthuthukisa intsha yizinto eziyingxenye yempilo kaMnuz Andile Mkhize. Ukhule emndenini wabalimi, usebenzela isikhungo sezolimo futhi usengumlimi.  

Uzalwe futhi wakhulela emishini KwaMagwaza, eMelmoth located, enyakatho neKwaZulu-Natali. Selokhu ajoveka ngothando lwezolimo kusukela ngaleso sikhathi. 

“Ezolimo yizona ezazisondla kungabe ngokudayisa izinkomo noma ngokutshala izinto ezifana namadumbe. Ngakho ezolimo zisegazini kimi, uthando lwami lwale mboni ludala futhi lujulile. Emva kokuphothula umatikuletsheni ngabhalisela iziqu ze-genetics and microbiology kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngabona ukuthi kufanele ngilandele uthando lwami lwezolimo,” kuosho uMkhize.

UMkhize utshale ispinach kubo, nokho, uzimisele ukuthola indawo enkulu ukuze ezotshala namanye amaveji. 

“Sigxile ekuqinisekiseni ukuthi umkhiqizo unohlonze futhi ungathengwa nanoma ngabe iliphi ikhasimende okugcine kusitholele inkontileka enhle noSpar wasendaweni. 

UMnuz Andile Mkhize waKwaZulu-Natali uthembisa ukuguqula indela abantu ababuka ngayo ezolimo nentsha.  

“Ukungena ezitolo ezinkulu akulula ngoba siyinkampani encane futhi kunezinkontileka zeminyaka nabanye abadayisi.”

UMkhize wabhalisela iziqu ze-crop production eMangosuthu University of Technology aseyiphothulile.

Kuyamjabulisa ukukhiqiza ukudla 

Uthi uMkhize uthando lwakhe lwezolimo nentuthuko lwenza angalali ebusuku ngoba ufuna ukubona inqwaba yentsha ithola indaowo kwezolimo. 

“Kade ngibambe iqhaza ekuxhumaneni nomphakathi ngaphansi kwe-Enactus South Africa ebhekelele ukusimamisa amabhizinisi omphakathi, iningi lawo akwezolimo. 

“Ukubamba kwami iqhaza emisebenzini yomphakathi nasebhizinisini lezolimo kuholele ekutheni ngifakwe ohlwini lwentsha engu-100 ehlakaniphe kakhulu e-Afrika ngo-2022,” usho kanje.

UMkhize usebenza eToutele Agricultural KwaZulu-Natali. Uphethe uphiko lwabaqeqeshi futhi usebenza kakhulu nentsha efisa ukwenza ezibukwayo kwezolimo.

“Ukubambelela nesineke yikona okufunekayo, ezolimo ziyashintshashintsha futhi izinkinga zijwayelekile. Njengomlimi omncane, kufanele ubekezele ngezikhathi ezinzima. 

“Ngiyaqonda manje ukuthi impumelelo kwezolimo idinga isineke nokubuka izinto ngeso elibanzi. Okubalulekile kimina ukuze uphumelele ukuthi kufanele uxhumane nabantu, usebenzisane nabo okuwukhiye wokwakha ubudlelwane nabanye abalimi, abadayisi nomphakathi,” usho kanje. 

Ngeke ukwazi ukukwenza wedwa

Ukusebenzisana nabalimi nezitshudeni kwenze uMkhize wakhumbula ekhaya lapho ezolimo nokukhiqiza ukudla kungenziwa ngendlela okufanele ngabe kwenziwa ngayo.

“Abantu abangithandayo yibona abangiqinisayo futhi abangesekayo, bayaziqonda izinselelo engibhekana nazo zonke izinsuku futhi bayangigqugquzela, bangisize lapho ngidinga khona usizo. 

“Nabanye abalimi abahlale befuna kusetshenziswane, abangicathulisayo nabangilulekayo bayangeseka.”

UMkhize wengeze ngokuthi usesebenzela ukuthi ethule ubuchwepheshe kwezolimo ukuze ahehe intsha.

Ukushintsha ezolimo ngobuchwepheshe 

“Sizimisele ukushintsha ikusasa lezolimo ngobuchwepheshe ngakho sizobambisana nabalimi abaningi embonini.”

Uthi uthando analo ngemboni yezolimo yilona olumenza azinikele ekulimeni nasekukhiqizeni ukudla kwalabo bantu abangekho eduze kwamadolobha amakhulu. 

“Ziningi izizathu ezenza ngithande ezolimo. Zikuxhumanisa nemvelo, uyakwazi ukuzinakekela futhi kuyasiza ukuthi kube nokudla okwanele. Kukhona izinto ohlale uzizuza, uhlale ufunda futhi uqhamuka nezinto ezintsha.”

FUNDA FUTHI: Umthethosivivinyo weNkantolo yoMhlaba usudinga kusayine uRamaphosa

Thola izindaba ezikugqugquzelayo: Izindaba ezigqugquzelanayo ngabantu abondla uMzansi. 

Tiisetso Manoko

Tiisetso Manoko is a seasoned journalist with vast experience in community media. He possesses diploma in media studies majoring in journalism, certificate in civic leadership. He loves news from all angles with particular interest in local government, agriculture and politics. He is a staunch Mamelodi Sundowns Football club supporter.

Tags: Commercialising farmerCrop farmerInspire meKwaZulu-Natal
Grandmother’s lessons inspire Irene Dioka’s indigenous food brand
Agripreneur

Grandmother’s lessons inspire Irene Dioka’s indigenous food brand

by Vateka Halile
24th September 2026

Deep in the Northern Cape, Irene Dioka turned personal tragedy into purpose by founding Malimpunyane-21. Honouring her late grandmother’s teachings,...

Read moreDetails

Why traditional farming knowledge must be saved for Mzansi

24th September 2026
Land Bank’s blended finance scheme has supported about 540 clients since its launch in 2022/23, reflecting strong demand for affordable finance among qualifying farmers. Photo: Supplied/Food For Mzansi

Strong demand sees Land Bank pause blended finance scheme

23rd September 2026

How Africa’s poultry feed crisis could hatch youth enterprises

23rd September 2026

How SA farmers can protect profits amid surging input costs

23rd September 2026

Grandmother’s lessons inspire Irene Dioka’s indigenous food brand

Smart sensors track nighttime jackal attacks to protect livestock

Landrace seeds can safeguard SA’s harvests during El Niño

Grazing shortages? Here is how Voermol protects livestock wealth

How SA farmers can protect profits amid surging input costs

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Race against time: Poultry vaccination drive now critical

Race against time: Poultry vaccination drive now critical

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Spekboom: Nutritious, indigenous solution to SA’s food security

Farmers forced to cut jobs as operational costs skyrocket

Smart sensors track nighttime jackal attacks to protect livestock

KZN’s Sakhile Zondo grows family roots with Legacy Farm

Sign up now: Equip your farm team for safer crop protection

Choosing local sugar is critical to keeping SA’s heritage alive

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.