Inyama yenkukhu ngenye yezinyama ezithandwayo emhlabeni. Kusuka ekhanda kuya ezinyaweni, abantu abathandi nje inyama engaphandle kuphela kodwa bathanda nokungaphakathi kwayo inkukhu. Isibindi senkukhu asinmandi nje kuphela kodwa futhi sibiza kahle.

Umpheki uNks Jabulile Dube usikhombisa ukuthi yena usipheka kanjani isibindi senkukhu esiba no-cream esidliwa nezingcezu ze-ciabatta roll. Ungakudla njengesidlo sokwendlalela noma nepapa uma ukhetha ukukudla njengokona kudla kwakho ngalolo suku. Isibindi sikaNks Dube ungakhipha unyawo ngaso ngisho ngabe kuthiwa ukhetha ukusidla kanjani.
“Ngiyathanda ukwenza isibindi sami nopelepele nesinkwa esithosiwe kodwa le resiphi iyahambisana nanepapa, i-rice noma i-pasta. Uma ufuna kubabe kakhulu, ungengeza upelepele noma ama-chili flake ngesikhathi upheka.”
Ngesikhathi esefuna ukushiya emsebenzini owawumatasa, uNks Dube usungule i Easy Cooking with J, ibhizinisi lokubhala ngokudla nokupheka ngo2019.
Yazi umpheki
Uzalelwe futhi wakhulela eParys, eFree State kanti uqale ukupheka kuyinto ayenza ngoba ezithandela kona ngaphambi kokukwenza ibhizinisi. I-blog yakhe lapho ebhala khona amaresiphi iyathandwa ezweni nakwamanye amazwe njengoba inabalandeli asebeke bazama bepheka ngamaresiphi akhe alula kodwa ahalisayo.
“Kuqale ngesikhathi kunzima emsebenzini wami. Ngangidinga ukwenza into okulula kimina ukuyenza futhi engiyithandayo, leyonto wukupheka,” kusho yena.
“Indlela abantu abayithanda ngayo ingimangazile. Abantu besilisa nabesifazane asebeke bawasebenzisa amaresiphi ami abawuvali umlomo futhi bayamangala ukuthi nabo bakwazile ukukupheka ukudla.”
Ukuzifela ngokudla kwaqala ngothando
UNks Dube uthi kuhle ukuthola into ongakhipha ngayo ingcindezi emsebenzini. Ukuchitha isizungu ngokupheka kumsizile wehlisa ingcindezi. Emva kokubona ingxoxo eyayinongoti wezokukhangisa uMnuz Khaya Dhlanga, ayekhuluma khona ngobizo lomuntu, uNks Dube wagqugquzeleka ukuthi alandele uthando lwakhe.
“Ngabuka ingxoxo eyayinoKhaya Dlanga ngonyaka odlule kanti uma ebuzwa ngobizo waphendula wathi ‘into oyithandayo iyohlezi ikuvulela iminyango’”.
UNks Dube uqale i-Easy Cooking with J ngenxa ngoba ukupheka kuyinto ayithandayo. “Kusukela ngaleso sikhathi angikaze ngizibone ngifanelwe wukuba kwenye indawo. Ngathola izicelo zabantu abafuna ukungiqasha ngibaphekele emva kwezinyanga ngiqalile ukubhala. Sengiyekile ukuzingabaza nokuzibukela phansi kusukela ngaleso sikhathi.”
Zama isibindi sakhe senkukhu
Uke usibone isibindi senkukhu esenziwe saze safakwa u-cream uma uzikhiphile endaweni yokudlela futhi ufise ukusipheka wena? Ungesabi, uNks Jabulile Dube uzokusiza. Ungasebenzisa iresiphi yakhe ukuzipheka esakho isibindi senkukhu esimnandi, esino-cream futhi esibabayo.
Nansi iresiphi elula futhi esheshayo ongayisebenzisa ukupheka ukudla okuyisendlalelo noma sosuku.
FUNDA NALOKHU: Udinga izindlela ezintsha zokwenza umphako wesikole wezingane? Zama lezi!
Thola iphephandaba le-Mzansi Flavour: Ukunikezwa kwamasonto onke kwamaresiphi afiselekayo namathiphu empilo awusizo.
Izithako
Ingredients
- U-500g wesibindi senkukhu esigeziwe kahle futhi esiqotshiwe
- Uhhafu wenkomishi ka-cream
- U-anyanisi owodwa omncane
- ithisipuni yodwa lika-garlic
- Uhhafu we-teaspoon le-paprika
- ithisipuni yodwa Knorrox yenkomo eyodwa
- ithisipuni yodwa elilodwa le-curry paste
- ithisipuni yodwa ye-tomato paste
- 2 teaspoon wamafutha
- Usawoti no-pepper
Instructions
1. Nonga isibindi ngosawoti, u-pepper ne-paprika
2. Shisa amafutha epanini, ufake isibindi size singathi siyasha ngomlilo ophezulu. (Lokhu kwenza siphekeke masinyane kodwa singavuthwa kakhulu).
3. Cwenga epanini ukubeke eceleni nalo lonke isobho lakhona, besekuthi kulona lelo pani, ushise u-anyanini no-garlic kuze kuthambe.
4. Faka i-Knorrox, i-curry paste ne-tomato paste epanini.
5. Faka amanzi amancane (u-80ml) uma kuwukuthi i-sauce ishube kakhulu. Pheka kuze kube zonke izinongo ziyahlangana futhi u-anyanisi uvuthwe.
6. Faka u-cream nesibindi epanini bese uyakupheka wehlise umlilo.
Amasu:
-
Ungasipheki isibindi sivuthwe kuze kweqe. Yingakho nje ngisishisa kancane bese ngisiqedela ne-sauce.
-
Ungawufaki u-cream umlilo uphezulu ngoba uzohlukana.
Ungasebenzisa i-plain yogurt esikhundleni sika-cream.








