I-bunny chow yaziwa njengokunye ukudla okuthandwayo eThekwini. Ukuzitika ngalokhu kudla okugcwele inyama futhi okubabayo kufana nokubuyela kwezakwamzukwana njengezwe. I-bunny chow wukudla okwaqhamuka ngenxa yobunzima, ukuphaka isishebo esinkweni esikopolotiwe kwakwenza singabi bikho isidingo samapuleti nezipuni. Umpheki odabuka KwaZulu-Natali uNkk uZanele van Zyl usipha iresiphi yakhe enza ngayo lesi sidlo sodumo.
Umpheki osewine izindondo futhi onencwadi yokudla uNkk Van Zyl unamakilasi okufundisa ukupheka ezweni lonke. Uthi ukudla kwakhe kulula futhi kuyashesha uma ukupheka.
Nakuba ethanda ukupheka noma yini kodwa ukudla kwamaNdiya yikona okuhamba phambili. Kanti-ke njenganjalo wenze izinto ngendlela yaseMzansi, ibunny chow yesiklabu isiconsise amathe.

Yazi umpheki
UNkk Van Zyl waqala ukuma phambi kwesitofu ngesikhathi eneminyaka ewu-12 kanti sekuqhubekile lokhu kwagcina sekuwumsebenzi wakhe. Nanamhlanje uNkk Van Zyl usalikhumbula iphunga lokudla okwakuphekwa wunina elaligcwala indlu yonke.
“Selokhu kwathi nhlo ngiyakuthanda ukupheka. Ukusiza umama wami ekhishini yinto esikhule siyenza nodadewethu. Ebusika umama wayebasa umlilo kurawondi apheke ubhontshisi namathambo. Iphunga elaliqhamuka kulelo bhodwe lalifudumeza indlu yonke.”
Namhlanje usaziwa eMzansi njengompheki ongaconsi phansi futhi onamaphupho amakhulu. Uzimisele ukusabalalisa amaresiphi akhe emhlabeni jikelele.
Zama i-bunny chow yesiklabhu kaZanele
UNkk Van Zyl uxoxa ngezinto ezimbalwa ezingaziwa ngaye, kungabe wukudla akuthandayo nangokufundisa abantu ukupheka.
“Ngiyakuthanda ukudla kwamaNdiya. I-bunny chow, ubiryani wesiklabu nezishebo ezingokhari yikona engikuthandayo. Ngiyakuthanda ukuhlangana nabantu abasha futhi ngiyathanda ukufundisana ukupheka kodwa lokho kunginika ithuba lokwazana nabantu. Yize ngithanda ukwenza izinto ngendlela ehambisana nami kodwa ngiyayithanda nenselelo enhle.”
Awuzame nansi iresphi yakhe ye-bunny chow.
FUNDA FUTHI: Ubobotie ukudla kwesizwe sethu?
Ingredients
- Amafutha
- U-anyanisi oqotshiwe
- I-masala encane noma u-curry powder obabayo
- I-teaspoon lika-chilli powder
- U-15ml we-ground coriander
- U-10ml we-ground cumin
- U-5ml we-cayenne pepper
- U-500g wesiklabhu esingenamathambo esiqotshiwe
- Ugarlic omthathu oqotshiwe
- I-teaspoon lika-ginger oqotshiwe noma ogreyithiwe
- Ithini likatamatasi
- Uhhafu we-teaspoon sikashukela
- I-teaspoon eyodwa kasawoti
- Uhhafu we-teaspoon sika-black pepper
- Ulofu wesinkwa esimhlophe esiphelele, esingasikiwe
- amaqabunga ka-coriander
- Amazambane amabili ageziwe futhi aqotshwa
Instructions
-
Shisisa amafutha epanini, umlilo ungawubekile phezulu, bese uthosa u-anyanisi imizuzu eyisihlanu.
-
Faka imasala, icoriander, icumin, icayenne pepper no-chilli powder (uma uthanda ungangawufaka) ukuthose umzuzu owodwa kuya kwemibili kuze kube u-anyanisi ucishe uvuthwe.
-
Add the meat, garlic and ginger, and stir-fry for about three minutes. Faka inyama, igarlic ne-ginger bese uyakuhlanganisa cishe imizuzu emithathu.
-
Faka utamatisi, amazambane aqotshiwe, usawoti no-pepper. Qhubeka ulokhu ugovuza ususe phansi ukuze kungabi bikho lutho olubambelelayo.
-
Mboza ngesivalo uyeke kulokhu kubila emlilweni osuncishisiwe okungenani imizuzu ewu-30 ube ulokhu ugovuza ukuze ibhodwe lingashi.
-
Kupheke ungasalivalile ibhodwa imizuzwana ukuze kuhlangane kahle. Emva kwemizuzwana, susa ibhodwa eziko. Sekuvuthiwe futhi sekulungele ukudliwa. Nonga ngosawoti ne-pepper.
-
Sika isinkwa sibe ngamakota, ukopolote lokhu okuphakathi kwikota ngayinye ukuze isinkwa sibe “yisitsha”. Faka isishebo lapho ukopolote khona nesobho lakhona







