Monday, October 26, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Isisekelo Sokusungula Ibhizinisi Lezimonyo

Kulezi zinsuku ukwamukela indlela okuchazwa ngayo ubuhle kungaba nzima ukukuqonda kodwa uNkk Ndo Magwaza ngomkhiqizo wakhe ufuna ukugqugquzela abantu besifazane ukuthi bakushaye indiva konke lokho bazinqumele bona ukuthi busho ukuthini ubuhle kubona

by Nicole Ludolph
4th February 2023
in Abasigqugquzelayo, Agripreneur, isiZulu
Reading Time: 3 mins read
A A
UNkk Ndo Magwaza wasungula izimonyo iBlack African Organics nomyeni wakhe uMnuz Mondli Magwaza. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

UNkk Ndo Magwaza wasungula izimonyo iBlack African Organics nomyeni wakhe uMnuz Mondli Magwaza. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

KuNkk Ndo Magwaza ukusiza abantu bazikhethele ukuthi kusho ukuthini ukuba muhle yinto enkulu kakhulu. Umkhiqizo wakhe wezimonyo iBlack African Organics yisibonakaliso saleyo njongo yakho, enezithako zemvelo ezinakekela izinwele nesikhumba.

I-Black African Organics inezimonyo zesikhumba nezinwele ezihlukene. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi
I-Black African Organics inezimonyo zesikhumba nezinwele ezihlukene. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

UNkk Magwaza waqala leli bhizinisi ngo-2012 nomyeni wakhe uMondli. Ufundele ukuba yi-food technologist kanti wake wasebenza iminyaka eyisihlanu embonini yokudla ngaphambi kokusungula inkampani. 

“Ngiqhamuka edolobheni elincane KwaZulu-Natali okuthiwa yiseMtshezi. Emva kokuphothula uMatikuletsheni ngo-2007 ngathuthela ePitoli ngiyofunda i-food technology eTshwane University of Technology.”

AbakwaMagwaza banemikhiqizo engaphezu kwewu-12 kanti basizana ngezinto ezihlukene okungaba yizinduna noma ukuqothukelwa yizinwele. Black African Organics, uNkk Magwaza uthi wayisungula ngoba efisa ukwenza umehluko empilweni yabantu besifazane abamnyama. 

Esikhathini sanamuhla emphakathini ziningi izindlela zokuchaza ubuhle okungaba nzima ukumelana nazo kodwa uNkk Magwaza ngemikhiqizo yakhe ufuna ukugqugquzela abantu besifazane ukuthi bangakunaki lokho kodwa kunalokho bazinqumele bona ukuthi yini ubuhle. 

“Siyakuqonda ukuthi kubalulekile ukuthanda isikhumba sakho nokuzinakekela ngoba kunesandla esikhulu ekutheni abantu abaningi bazethembe.”

Uncintisana neminye imikhiqizo emikhulu

UNkk Magwaza uthi ukuzisebenza akulona uhambo olulula. Uthi enye yezinselelo wukuthi amakhasimende aqhathanisa imikhiqizo yabo neyezinkampani ezinkulu ezikwazi ukudayisa ngamanani aphansi.

Le mikhiqizo yenzelwe zonke izinhlobo zezinwele nesikhumba: Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi
Le mikhiqizo yenzelwe zonke izinhlobo zezinwele nesikhumba: Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

“Njengenkampani encane kufanele uhlale uchaza ukuthi imikhiqizo yakho ihluke ngani futhi kungani ibiza kancane kuneminye imikhiqizo.”

Uthi abantu bajwayele ukuthenga ngokuthi into ibiza malini, hhayi ngenxa yezinga layo. Abantu besifazane akufanele bathenge noma yini uma bekhetha imikhiqizo abafisa ukuziveza ngayo, kwengeza yena.

“Siyaqonda ukuthi ayiminingi imikhiqizo enohlonze yezinhlobo zezinwele nesikhumba kanti sizoxazulula leyo nkinga. Ukuba nohlonze kwemikhiqizo yethu kuqinisekisa ukuthi zonke izinhlobo zezinwele ziyanakekelwa kanti ukubheka lawo makhasimende angafani namanye futhi siwafundisa yinto ethi cosololo enhliziyweni.”

Yize beqhathaniswa nabanye kodwa uNkk Magwaza uthi kuyabakhuthaza ukuzwa imibono yamakhasimende abo.

“Sinconywa kakhulu kuGoogle, kwi-website yethu naku-Takealot. Yilokhu okusigqugquzelayo. Ngikholwa wukuthi kuningi esisiza ngakho amakhasimende asuke efuna imikhiqizo yezinwele nesikhumba eyenziwe ngezithako zemvelo.”

Amasu kwabanye osomabhizinisi

Qala lapho ukhona

Ungalindi ukuba nezindodla zemali noma ukuxhaswa uhulumeni.

Zithobe futhi ufunde

Uma usaqala, kulula ukufuna ukwenza sengathi wazi yonke into. Funda kubantu abangabaholi embonini futhi asebeke bayenza into oyenzayo.

Mukela imibono oyitholayo

Funda kukhona futhi uphucule umkhiqizo noma umsebenzi wakho.

Zethembe

Njengoba uthando lo msebenzi wakho likusiza ukuthi uphumelele, ukuzethemba nakho kuyalisiza ibhizinisi lakho likhule. Bonke osomabhizinisi bayabhekana nezingqinamba ezenza bazibuze ukuthi kwakufanele yini baliqale ibhizinisi kodwa ukuvumela leyo micabango yokuzingabaza kuzokwenza izinto zibe nzima kakhulu. Zethembe, unake umsebenzi, ungayenza le nto.

Qasha abantu ngokuthi bawuhlobo olunjani

Kubalulekile ukuqasha abantu abafanele ngoba igama lenkampani yakho lincike ekutheni amakhasimende aphathwa kanjani. Uma uqasha umuntu, qikelela ukuthi uwumuntu onjani ngendlela onaka ngayo amakhono akhe, wazi ukuthi uhlobo lomuntu awuyena yikhona okuzobaluleka kakhulu uma ikhasimende liba nezinkinga. 

FUNDA FUTHI: UMosele ukhombisa ukuthi ungaba wumlimi wezingulube onobukhazikhazi

Tags: usomabhizinisi

Nicole Ludolph

Born and bred in Cape Town, Nicole Ludolph is always telling a story. After a few years doing this and that, she decided that she might as well get paid for her stories. Nicole began her journalism career writing science articles for learner magazine Science Stars and interning at Getaway Magazine.

Related Posts

Karoo sheep tallow finds new purpose in Mzansi beauty brand
Agripreneur

Karoo sheep tallow finds new purpose in Mzansi beauty brand

22nd October 2026
Mpumalanga agripreneur bottles family wisdom one chilli at a time
Agripreneur

Mpumalanga agripreneur bottles family wisdom one chilli at a time

15th October 2026
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
Farmer 101: Agritech apps worth using

Farmer 101: Agritech apps worth using

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Protect your soil and crops while saving water this season

This week’s agri events: 26 – 30 October

Shoprite opens second food garden competition with R1m in support

Costa Rica’s banana battle offers critical field lessons for SA

Africa’s indigenous crops and youth are the secret to ending hunger

Agda conference: Why giving farmers land isn’t enough

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

About this assistant

This feature generates automated answers summarised from Food For Mzansi articles. By using it, you are interacting with an AI system (provided by Google), not a human. AI can make mistakes. Please refer to the source articles for verification and citation purposes.

Our staff do not check or moderate Lerato’s answers in advance, but may review some later. Our journalists continue to write and edit all the articles Lerato uses as sources.

To estimate unique and returning web users, we store a random browser ID in this browser. WhatsApp users are counted by phone number. The same person using both channels may be counted twice.

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2026 Food for Mzansi