Monday, September 7, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Izindlela eziyishumi ezilula zokuba wumlimi

Uma ufisa ukuqala ibhizinisi lokutshala futhi unomhlaba kodwa ungazi ukuthi wenze njani, ungabe usakhathazeka. Nazi izinto eziyishumi ongazenza ukuqala.

by Dona Van Eeden
21st January 2023
in Farmer's Inside Track, isiZulu, Siyajula nomlimi
Reading Time: 5 mins read
A A
Abalimi bangomuso kufanele babe nohlaka lwebhizinisi, bathole umhlaba, bathole imali, bakhangise, bathole ulwazi, babe nezinsizakusebenza, babe nengqalasizinda nokunye okuningi.

Abalimi bangomuso kufanele babe nohlaka lwebhizinisi, bathole umhlaba, bathole imali, bakhangise, bathole ulwazi, babe nezinsizakusebenza, babe nengqalasizinda nokunye okuningi. Isithombe: Sithunyelwe

Eminyakeni embalwa edlule sandile isibalo sosomabhizinisi abancane abangena kwezolimo futhi ababheka ezinye izindlela zokuphila kunokusebenza emadolobheni. Nokho ukuqala ibhizinisi lezolimo kuwumcikilisho ngoba kuthinta izinto eziningi.

Abalimibangomuso kufanele babe nohlaka lwebhizinisi, bathole umhlaba, bathole imali, bakhangise, bathole ulwazi, babe nezinsizakusebenza, babe nengqalasizinda nokunye okuningi. Okumqoka kufanele bakwazi ukuhlanganisa umbono abanawo ngebhizinisi – umkhiqizo ozohambisana nezimiso zabo, ulwazi namava abanakho.

1. Qonda isimo sezulu

Ngaphambi kokuqala ukulima, kufanele uqonde isimo sezulu (njengokwazi ukuthi kwenzekani uma izitshalo zitholwe yilanga, yisithwathwa) nanohlobo lwenhlabathi. Zijwayeze ukuqonda umhlaba ozowusebenzisa nesimo sezulu sendawo.

Umhlaba uyisisekelo sokuthi uzolima kuphi, kanjani nokuthi uzolima ini. Isimo sezulu yisona esikuklamela ukuthi uzotshala ini nokuthi sizokuthinta kanjani wena nomsebenzi wakho.

Uhlobo lozokutshala luncike esimweni sezulu nenhlabathi ozotshala kuyona. Izitshalo ezihlukene zimila ezindaweni ezihlukene kanti uma ukhetha isitshalo esingayifanele leyo ndawo ngeke simile.

Uma ususijwayele isimo sezulu sendawo, xoxa nabanye abalimi owakhelene nabo, uqhathanise umhlaba wakho nowabo ukubona ukuthi yini ongayifunda kubona

2. Qonda inhlabathi yakho

 Inhlabathi ibaluleke kakhulu ezitshalweni kanti kuzofanele utshale imali enhlabathini yakho uze ihlale ivundile uma ufuna isivuno esikhulu.

Uma usuwazi uhlobo lwenhlabathi okufanele usebenze ngayo, ungaqala ucwaninge ngezinhlobo zezitshalo ezizozwana nendawo okuyona. Isithombe: Sithunyelwe
Uma usuwazi uhlobo lwenhlabathi okufanele usebenze ngayo, ungaqala ucwaninge ngezinhlobo zezitshalo ezizozwana nendawo okuyona. Isithombe: Sithunyelwe

Uma unemali, kungakuhle ukuqale uhlole inhlabathi yakho ukuze wazi ukuthi kukhona okufanele ukwengeze noma ukushintshe kuyona.

Yimba umgodi omncane, uthathe amasampula ambalwa epulazini lakho.

Amasampula angathunyelwa lapho kuhlolwa khona inhlabathi ukuze bezokutshela ukuthi nhloboni yenhlabathi eyakho (wubhuqu, isihlabathi noma ubumba noma inhlanganisela yezinhlobo ezimbili noma zontathu) isimo sayo (umsoco wayo namazinga e-nitrogen, i-phosphorus, i-potassuim noma i-sulphur, njlll) nokuthi inohlonze kangakanani nokuthi ine-acid engakanani.

3. Khetha izitshalo zakho

Uma usuyazi indawo nenhlabathi ozosebenza kuyo, usungaqala ucwaninge ngezitshalo ezizoyifanela indawo. Izinhlobo zezitshalo zingaya nanokuthi ufisa ukuba nepulazi elinjani, izinsizakusebenza onazo nomkhiqizo ofisa ukugcina uwudayisile. Ukukhumbule lokho ngesikhathi ucwaninga ngenkathi ulandela izindlela ezingezansi ezilandelayo.

Hlala ugade izindaba zeFood For Mzansi ezibheka izithombo ezihlukile noma ezithandwayo. Kule minyaka nje, i-kiwi, i-blueberry namaveji aluhlaza amancane namakhowa yikhona okugqamile. Cwaninga ukuze wazi ukuthi yiziphi ezifanele ipulazi nendawo yakho.

4. Cwaninga imakethe yakho

Usuyayazi indawo yakho injani, uyayazi inhlabathi futhi usunqumile ukuthi yisiphi isitshalo esifanele ipulazi lakho? Okusele wukuthi ucabange ikusasa. Uma usuvunile, uzosenzani leso sivuno?

Ngisho kungathiwa awazi lutho ngezindlela zokucwaninga ngebhizinisi, ungazenzela ucwaningo ngokuthi uzihluphe ngokufunda ngamakhasimende akho nangezindlela zokusabalalisa umkhiqizo. Isithombe: i-iStock
Ngisho kungathiwa awazi lutho ngezindlela zokucwaninga ngebhizinisi, ungazenzela ucwaningo ngokuthi uzihluphe ngokufunda ngamakhasimende akho nangezindlela zokusabalalisa umkhiqizo. Isithombe: i-iStock

Ngabe utshale into ezodinga ukwenziwa omunye umkhiqizo ngaphambi ukwazi ukuyidayisa?

Uyakwazi ukufinyelela ezindaweni ongadayisa umkhiqizo wakho kuzo? Ubani ozowuthenga futhi uzowuhambisa kanjani umkhiqizo kubona?

Ngisho ngabe kuthiwa awazi lutho olutheni ngezindlela zokucwaninga imakethe, ungazicwaningela ngokuzihlupha ngokufunda kabanzi ngabangase babengamakhasimende akho nezindlela zokusabalalisa umkhiqizo.

Uma kunomkhiqizo osuvele uwuthanda, funda kabanzi ngemakethe yakho.

Bheka izimakethe zabalimi, uhlangane nabanye abalimi, ukhulume namakhasimende ngenkathi uthenga ukubona ukuthi azikho yini izinto ezidayisayo ezinqabile. Okungcono kunalokho, yenza ucwaningo ngesikhathi usemakethe ukubheka ukuthi kungabe ukhona yini umkhiqizo ongandile.

5. Hlanganisa uhlaka lebhizinisi

Uma ufana nabalimi abaningi abasafufusa, kungesikho ukuthi uthole ifa eliyipulazi, ukuthola imali ezokusiza uqale ukufeza iphupho lakhe yiyonanto okuzofanele iqhinga lakho lokuzikhangisa ligxile kuyona. Ukwenza lokhu, kuzodingeka uthole imali futhi ube nohlaka lwebhizinisi oluzokusiza ukuthi uthole imali.

Uhlaka lwebhizinisi yisona sikhali sakho esiyinto ebhalwe phansi. Yilona olunezinjongo zakho, izizathu ezenza ucabange ukuthi uzokwazi ukuzifeza necebo lokuthi uzokwenza kanjani lokho. Ngisho kungathiwa awufuni ukuboleka imali kodwa lolu hlaka yilona olukusizayo ubone ukuthi yikuphi kulezi zinto ozicabangayo ezingenzeka futhi likukhumbuza izinjongo zakho.

Ingxenye yohlaka lwakho ifaka izindleko zokuqala zepulazi lakho nezindleko zomsebenzi womkhiqizo wakho. Uma usuzazi izindleko zakho, udinga ukwazi ukuthi wumkhiqizo ongakanani ongawenza ngomhlaba wakho nokuthi imali ezongena izozikhokhela yini izindleko.

6. Khokhela iphupho lakho

Uhulumeni uyazi ukuthi ezolimo zibaluleke kangakanani, ngenhlanhla yakho kunezindlela eziningi ongaxhaswa ngazo njengemali ongayiboleka ukuqala ipulazi lakho elincane.

Nantu uhla lwezindawo ongabheka amathuba okuxhaswa kuzona.

  • Ciphiza lapha ukuze ubone amathuba okuxhaswa Umsobomvu Youth Fund (i-UYF) National Development Agency (i-NDA).
  • Le website kahulumeni inohla lwamathuba amaningi lapho abantu ababencishwe amathuba bengafaka khona izicelo zokuboleka imali, izibonelelo nezinye izinhlelo ezifana neComprehensive Agricultural Support Programme (iCASP).
  • Uma ungaphumeleli ukuthola lawo mathuba, iGreenAgri inolunye uhla lwamathuba okuxhaswa.
  • I-SME South Africa inohlu lwamathuba osizo lwemali kuhulumeni. Nakuba engaqondene nezolimo kodwa kungenzeka ungathole amanye amathuba khona.

FOOD FOR MZANSI TV: Usihlanganisa kanjani isabelomali esizokuphumelelisa

7. Bhalisa ibhizinisi lakho

Amanye amabhizinisi ezolimo adinga izimvume, amalayisensi namalungelo okuthile. Lezi zinto ziyachazwa kuma-website kahulumeni kanti kungenzeka ukuthi azikuthinti. Kuya ngokuthi ufuna ukudayisani nokuthi ufuna ukuyidayisa kuphi.

Ungabhalisa inkampani yakho kwi-website yeCompanies and Intellectual Property Commission (iCIPC). Ungayibhalisa futhi inkampani yakho ebhange.

Kungenzeka kuthathe isikhathi ukuthi uthole amaphepha akho ngokusho kwe-Online PTY Registration. Ukubekisa igama kuthatha phakathi kwezinsuku eziyisikhombisa neziwu-21. Isitifiketi senkampani singathatha izinsuku ezintathu kuya kwezinhlanu kuye ngokuthi zonke izinto ebezifuneka uzithumele ngesikhathi yini futhi nomthamo womsebenzi ehhovisi okubhaliswa kulona.

I-SME South Africa inemininingwane ngeminye imibuzo evame ukubuzwa ongayifunda ume unemibuzo engaphendulekile.

8. Thola ulwazi!

Ngokufinyelela kuleli gxathu usuke usunakho konke ozokudinga ngebhizinisi lakho lezolimo. Nokho kungenzeka udinge ukulinda kancane uthole nolwazi lwezolimi uma kuwukuthi awunalo futhi awunamava.

Ngeke uluswele ulwazi uma ufisa ukufunda ngezolimo. Abalimi bangakini bazokwazi ukuphendula imibuzo onayo futhi kukhona ne-internet. Kodwa kwi-internet kubuye kugcwale ulwazi nezinsizakusebenza ezingabuye zikudide ngenxa yobuningi bazo uma uzama ukuzifundisa ukulima.

I-Food For Mzansi inezindaba ezikhuthazayo zinsuku zonke, kunolwazi oluningi nolunzulu kwi-AgriCareers. Lena yindawo ongaya kuyona uma kuwukuthi usukulungele ukwenza izifundo ezimfishane neziqu zesikhathi eside ukuze uthole ulwazi ngaphambi kokuqala.

9.  Qala kancane, mf’ethu!

Kuningi ozokufunda uma uqala ulima futhi kuningi okungonakala ngenkathi ufunda. Ngakho qala kancane, uzame lokhu nalokhu, ubone yini ezwana nawe kanti ungazisoli kakhulu uma kukhona okungalungi.

Buka yonke inselelo njengethuba lokufunda bese uqhubekela phambili wazi ukuthi ngeke uliphinde iphutha elilodwa kabili ngenkathi ukhulisa ibhizinisi lakho.

Qala udayise onakho, wandise uhlu lwabantu abakwaziyo futhi wonge ukuze ukhulise ibhizinisi lakho. Sebenzisa lesi sikhathi ukuzifundisa lokhu okuqalwa ngakho ngaphambi kokukhulisa ibhizinisi lakho. Okokugcina kodwa okumqoka…

10. Zakhele igama

Izinkundla zokuxhumana zizoba wumngani wakho omkhulu omusha. Ngobani? Yilapho kungakhangiseka khona ngamanani abiza kahle. Ukulima sekuyathandeka kanti baningi abalimi abasha abasebenzisa izinkundla zokuxhumana ukutholela amabhizinisi abo umsebenzi.

UMnuz Andile Ngcobo uphethe iTusokuhle Farming eMgungundlovu. Ungomunye wabalimi abasha ongabalandela ezinkundleni zokuxhumana. Isithombe: Sithunyelwe
UMnuz Andile Ngcobo uphethe iTusokuhle Farming eMgungundlovu. Ungomunye wabalimi abasha ongabalandela ezinkundleni zokuxhumana. Isithombe: Sithunyelwe

Sebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuxhumana namakhasimende onawo manje namakhasimende osawadoba ukuze ukhulise isibalo samakhasimende azohlala nawe, yenza into ehlukile futhi uxhumane nongabambisana nabo ebhizinisini. Kungakuthatha isikhathi kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ukuzimisela nokutshala imali ekukhuliseni igama lakho nokuzikhangisa, uzophumelela ukukhangisa ipulazi lakho.

Akubizi mali ukuthi ibhizinisi lakho libe ne-email nokuthi ube nezinkundla zokuxhumana. Omunye wabantu abasebenzisa neFood For Mzansi, iYehBaby Digital ingakusiza ngalokhu, thumela i-email ku: hello@yehbaby.co.za ubatshele ukuthi yiFood For Mzansi ekutshele ngabo. Uzothola isaphulelo ngalokhu.

Tags: indlela yokuqondisa

Dona Van Eeden

Dona van Eeden is a budding writer and journalist, starting her career as an intern at Food for Mzansi. Furnished with a deep love and understanding of environmental systems and sustainable development, she aims to make the world a better place however she can. In her free time you can find her with her nose in a book or wandering on a mountain, looking at the world through her camera's viewfinder.

Related Posts

How Tebogo beat post-harvest losses with smart agro-processing
Farmer's Inside Track

How Tebogo beat post-harvest losses with smart agro-processing

2nd September 2026
Early calf care: Key growth targets every cattle farmer must track
Farmer's Inside Track

Early calf care: Key growth targets every cattle farmer must track

1st September 2026
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
SA saw robust agricultural machinery sales in 2022

SA saw robust agricultural machinery sales in 2022

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Tiger Brands CEO calls for stronger food value chain

Plant, pick, protect: The rising potential of urban foraging in SA

RSVP now: Emerging farmers’ programme at Nampo Cape

Community-led farms boost food security and incomes in Limpopo

Farmers rethink water use as shortages threaten food production

Honoured roots: A father’s legacy, a daughter’s farming dream

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.