Into ayiqala ezichithela isizungu isikhule yaba yibhizinisi lezolimo elisemazweni amabili ahlukene. Namhlanje uMnuz Justin Dziruni ongumgcinimabhuku eqashiwe ngokugcwele uqashe abantu abawu-12 abasebenza ngokugcwele nenqwaba eyitoho.
Inkampani yakhe iZazo Boergoats izalanisa izimbuzi iBoergoats neRed Kalahari. Ugxile kakhulu eNingizimu Afrika. Kodwa lukhona nolunye uphiko eMashonaland maphakathi neZimbabwe okwenza uDziruni akwazi ukudayisa amakhasimende izimbuzi eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.
Engxoxweni neFood For Mzansi, uDziruni said uthemba ukuthi ngeliye ilanga uyokwethula isikhungo esiqeqesha ngokufuya izimbuzi ukuze afundise isizukulwane esilandelayo sabalimi. Kulo nyaka uqokwe njengoMlimi woNyaka emncintiswaneni iSA-Zim Archivers.
Tiisetso Manoko: Umhlambi wakho wezimbuzi ucishe ube ngu-400. Kuyanocmeka kakhulu lokhu uma kubhekwa ukuthi uwumuntu oqale esebenzela izinkampani ezizimele. Luqale kanjani uthando lwemboni yezolimo?
Justin Dziruni: Ngiqale kwezolimo ngisewumfana omncane. Ngiqale ngakhulela esigodini saseHonde eZimbabwe. Kodwa uthando lokufuya latshalwa umalume wami ngisafunda esikoleni samabanga aphezulu. Wayefuye izinkomo kodwa enazo izimbuzi ezincane. Ngangithanda ukumvakashela epulazini lakhe iNyanga uma kuvalwe izikole. Ngangithanda ukuba seduze kwezinkomo futhi nginesifiso sokuba nomhlambi wami ngelinye ilanga. Izinto zenzeke ngenye indlela kimina ngagcina ngifuye izimbuzi.
Umuntu uma ebheka indlela ibhizinisi lakho eliqhuba kahle ngayo, kufanele ukuthi uzifundele ezolimo…
Empeleni angizifundele ezolimo. Ekukhuleni kwami, ngalandela olunye uthando lwami, umsebenzi wokuba umgcinimabhuku okuholele ekutheni ngigcine ngiyi-chartered accountant. Ulwazi oluningi enginalo ngokufuya izimbuzi ngizifundisile lona, ngifunde nangokwenza kanjalo nakubantu abangicathulisile embonini yezimbuzi.
Yini ekugqugquzele ukuthi ungene kwezolimo?
Empeleni selokhu kwathi nhlo ngangifisa ukuthatha umhlalaphansi epulazini. Ukugqilazana komsebenzi wokugcina amabhuku kwadinga ukuthi ngithole ezinye izindlela zokuqinisekisa ukuthi ngiyinakekela kahle impilo, ngingagcini nje ngokusebenza. Yilokho okwangenza ngathola izindlela zokuchitha isizungu epulazini kusukela ngo-2013. Ngathenga umhlaba eVereeniging ngaqala ngatshala amaveji uma kuyimpelasonto.
Into engayiqala ngizichithela isizungu iphenduke yaba yibhizinisi uma ngibona ukuthi ngisangawujabulela umhlaba uma ngikhona ngempelasonto kodwa futhi ngizenzele imali ngokudayisa.
Ibhizinisi lamaveji livele lakhula mawala kwaze kwadingeka sandise indawo. Ngesikhathi ngibheka omunye umhlaba ngazithela phezu komhlaba eModimolle. Into yokuqala eyangifikela uma ngiwubona kwaba “izimbuzi”.
Lokhu kungenxa yokuthi umhlaba oxube ama-shrub nezihlahla kanti ngangazi ukuthi izimbuzi ziyathanda ukuhambe zibukela, ngiyakukhumbula ngikubona lokhu uma ngangivakashele umalume. Ngawuthenga umhlaba ngo-2014 kanti iyona ndawo esifuye kuyo izimbuzi.

FUNDA FUTHI: Le yindlela yokukhulisa igalikhi yakho
Yiziphi izinselelo osuke wabhekana nazo embonini yezimbuzi?
Inselelo enkulu kimina ukubhalansisa umsebenzi engiwenzayo nowasepulazini. Ukulungisa le nselelo, bekubalulekile ukuthi ngiqashe imemenja ezophatha epulazini. Umsebenzi wami ukwengamela umsebenzi wonke ukuqikelela ukuthi kuneqhinga elilandelwayo epulazini. Ngakhetha nokugxila ekufuyeni izimbuzi kuphela ngoba azidingi isikhathi sami kakhulu. Okumqoka ukuba nemenenja ephethe ipulazi ethembekile nezisebenzi. Nginenhlanhla ukuba nethimba lezisebenzi eliwaziyo umsebenzi.
Awugcini ngokufuya kodwa udayisela namanye amazwe. Akunayo imicikilisho eminingi lokho?
Uma uzalanisa izimbuzi lezi okuthiwa amaBoergoat, izimbuzi zakho zifunwa emhlabeni-jikelele. Nginenhlanhla ukuthi ngidayisela amanye amazwe ase-Afrika izimbuzi. Kuwumsebenzi ukudayisela amanye amazwe futhi kunemigudu eminingi okufanele uyilandele ngaphezu kokuthi izimbuzi kufanele zihlolwe ngamajaji eBoer Goat Association.
Whoa! Ngiyabona ukuthi uzobakhuthaza abanye abalimi abasafufusa kwiFood For Mzansi. Ukhona umyalezo ongabanika wona?
Into enkulu ongayenza ukuqala. Kuningi esengikufundile ngokuzibambela mathupha. Njengoba uzibonela ngolwami uhambo, uthando lwakho kuphela olukuthwalayo uma unezinselelo.
Nakuba ezolimo ziwumsebenzi onzima, umsebenzi onomvuzo omkhulu uma uzimisele ukuzikhandla ngendlela edingakalayo. Uma uZazo ekwazile ukukwenza futhi waphumelela, nawe ungakwenza!
Thola Izindaba ngabaletha uShintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabondla uMzansi.








