Umlimi waseFree State oneminyaka engu-26 usekhulise ibhizinisi lakhe ngomhlaba awuphiwa ngesikhathi ehlanganisa iminyaka engu-21. Isipho sikaMnuz Joseph Makhosana Mtambo ngumhlaba ongamahekthare angu-710 kanti lo mhlaba uzale ibhizinisi lokufuya ihectares iMtambo Boerdery ngo-2011.
Uyisemkhulu, uSamuel noyise uJabu, babona ukuthi kungakuhle bathenge umhlaba ukuze bakhe umcebo oyosiza izuzukulwane. Bakwenza lokhu ngokuthenga ipulazi eliseVrede ngo-1999.
Lo mlimi omncane okhuliswe eThree Rivers, eVaal Triangle, eGauteng uthi uthande izilwane nempilo yasemakhaya ngenxa kayisemkhulu.
“Uyena owavukuza uthando lwami lwezolimo kwase ubaba walunisela. Ngo-2014 ngaqala ukuzisebenzela ipulazi lami ngeyami indlela, kwaba ukuqala kwami kwezolimo.”
UMtambo waphiwa ipulazi ngo-2011 ngesikhathi ehlanganisa iminyaka engu-21. Ngale kokuthi wayekade eqalile ukuzazi ezolimo kodwa uthi okwamgqugquzela kakhulu wukuthi kuningi ongakwenza kwezolimo.
“Udinga ukudla, udinga izimpahla zokugqoka futhi zonke lezo zinto ziqhamuka kwezolimo. Siyaphila ngenxa yomkhiqizo wezolimo.”
Epulazini afuye kulo iMtambo Boerdery inamahekthare angu-148 ongalinywa namanye amahekthare angu-518 ongamadlelo nomhosha abathola kuwo amanzi. Unehekthare elilodwa alima kulo amaveji atshala kulo ispinach nethanga.
IMtambo Boerdery igxile ekuthuthukiseni intsha kanti uqashe abantu abasha abayisikhombisa abeneminyaka ephakathi kwengu-18 nengu-35. Umsebenzi uyakhula yize engenawo amakhasimende aqondile awadayiselayo. Okwamanje uMtambo udayisa umkhiqizo wakhe endalini nasebhusha lendawo. Yize ibhizinisi lihamba kahle kodwa uMtambo uthi bekungelona uhambo olulula.
“Ingqalasizinda epulazini icekeleke phansi, amapayipi amanzi adinga ukulungiswa, amapitsi adinga ukulungiswa kanti nomhlaba ongalinywa awusetshenziswa wonke ngenxa yokungabi nayo imishini,” usho kanje.

Njengabalimi abaningi ababhekene nezinselelo ezifanayo, uthi zingaxazululeka ngosizo lukahulumeni. Kodwa lo mlimi ozenzela yonke into ngemali yakhe unqume ukuqhubeka alikhulise ibhizinisi lakhe futhi emva kweminyaka emithathu selenza inzuzo.
“Kukhona isisho esithi ‘Yiphutha labazali bakho ukuthi uzalwe uhlupheka kodwa ukufa uhlupheka, yisinqumo sakho’. Singazikhethela singabantu, singazikhethela indlela esizohamba ngayo bese sivuna umsebenzi wokuzikhandla.”
FUNDA FUTHI: Usolwazi wezolimo ulungiselela intsha ithole amathuba ahambisana nobuchwepheshe.
UMtambo uthi kunenkoleloze entsheni yokuthi ezolimo yimboni ewubukhazikhazi futhi inenzuzo eningi. Uthi yize kunjalo kodwa kuyafukuzwa uma ufuna inzuzo kule mboni.
“Kule mboni usebenza uMsombuluko kuya kuMsombuluko. Alikho ilanga ongasebenzi ngalo. Uma intsha ingaba nalowo mqondo ingaphumelela. Awukho umholo ekupheleni kwenyanga. Kuyalindwa.”
Wengeze ngokuthi uphumelela ngenxa yokuzimisela nokukhuthala afundiswa kona esamncane. “Luyafuneka uthando. Akufanele wenze into ngoba uvala isikhala nje kodwa uma into uyithanda, nayo iyakuthanda kodwa uma wenzela imali futhi ngoba ulambile, ungenalo uthando, ngeke ube nombono nendlela ozowufeza ngayo.”
Isisekelo sebhizinisi likaMtambo wukuthi kufanele kube nokudla okwanele. Lo mlimi omncane unephupho lokuthi ngelinye ilanga kube nguyena okuzobe kuthengwa kuyena kakhulu ukudla emphakathini wangakubo.
“Ucwaningo lusitshela ngo-2050 kuyobe sekungekho ukudla okwanele eNingizimu Afrika ngenxa yokuthi akukhiqizwa ukudla okwanele. Senzela isizukulwane esilandelayo, ngakho ngikhethe ukuthi ngizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi abantu emphakathini wami nasezweni bangalali bengadlile. Umsebenzi wethu thina kwezolimo wukuthi kube nokudla okwenele izizukulwane ezizayo.”
UMtambo uhlela ukuthi asebenzise lo mhlaba wokulima ngokwandisa amaveji awatshalile. Unanethemba lokukhulisa umkhiqizo wokunobisi nokwandisa isibalo sentsha ayiqashile.
“Konke kusemqondweni. Ngizitshelile ukuthi ngelinye ilanga uma senginabantwana ngeke ngivume bathathe enye indlela ngaphandle kwalena. Ifa leli engilakhaya lisukela kwisisekelo esakhiwa umkhulu nobaba wami benzela kube nomnotho wezizukulwane.”
Thola izindaba zabaletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelanayo ngabantu abondla uMzansi.






