Tuesday, July 21, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Isosha eliwumlimi lifuye izinkomo zamaNguni

Isosha eliwumlimi osafufusa elifuye izinkomo zamaNguni, uMnuz Phakade Khanyile uzimisele ukuwandisa umhlambi wakhe. Izinkomo zamaNguni kade zaqala ukuba yingxenye yesiko lakwaZulu.

by Magnificent Mndebele
8th March 2023
in Abasigqugquzelayo, Farmers, isiZulu
Reading Time: 4 mins read
A A
Isosha eliwumlimi lifuye izinkomo zamaNguni

UMnuz Phakade Khanyile uyisosha futhi uwumlimi ofuye izinkomo zamaNguni odabuka e-Amersfoort, eMpumalanga. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

Isosha elisebenzela umbutho wezokuVikela eNingizimu Afrika osekumsize wafunda ukuthi awukwazi ukuvele uliphonse ithawula. Lo mqondo usiza noMnuz Phakade Khanyile epulazini eMpumalanga lapho esebenza khona noyise.

UKhanyile oneminyaka ewu-41 uneminyaka engaphezu kwewu-20 emasosheni. Ngaphambi kokujoyina umbutho wokuvikela waqeqeshwa iminyaka emibili ukuze akulungele ukuba yisosha. 

“Kukhona konke okwenzayo, zimisele,” usho kanje exoxa neFood For Mzansi.

Ukuzimisela kwakhe kubonakala nangokuthi akasebenzeli nje izwe lakhe embuthweni kuphela kodwa nakwezolimo. Eminyakeni eyisithupha edlule waqala ukusebenza noyise onepulazi elidayisa izinkomo, izimvu nezitshalo. 

UKhanyile uqale ukufuya izinkomo zamaNguni 

“Ngikhethe izinkomo zamaNguni ngoba ngizama ukukhulisa umhlambi okuzothi ngomuso uthathwe njengowekhethelo,” usho kanje. Izinkomo zakhe uzifuye emhlabeni ongamahekthare awu-200 awuqashe emphakathini onomhlaba ongamahekthare awu-1 800. 

UKhanyile uphumelele ukuthenga izinkomo zamaNguni ngo-Okthoba wango-2019 ngesikhathi ethenga izinkomo ezinhlanu ezimithi.

“Ngiyohlale ngibabonga labo abangeluleka ukuthi ngiqale kancane futhi ngigxile ekwenzeni umsebenzi onehlonze. Ngikholwa wukuthi ukuthenga izinkomo zekhethelo kanjalo nokuphatha ngendlela efanele kuwukhiye ebhizinisini lokufuya,” usho kanje.

Uma kwenzeka ezithola enemali ethe xaxa, ubevele athenge ezinye izinkomo.

Ipulazi likaKhanyile lise-Amersfoort, indawo engamahora amathathu uma usuka ePitoli. Umhlambi wakhe usunezinkomo eziwu-42 kanti kukhona umuntu amqashe ngokugcwele ozigadayo izinkomo zakhe uma esuke etshalwe kwenye indawo wuMbutho wezokuVikela.

Izinkomo zamaNguni eziyingxenye yamasiko esiZulu eMzansi zigqugquzela umlimi waseMpumalanga uMnuz Phakade Khanyile. Isithombe: Sithunyelwe /Food For Mzansi

Ubuhle bezinkomo zamaNguni

Uthi wazikhetha ngamabomu izinkomo zamaNguni ngoba “zinakekeleka kalula nangenxa yothando.” 

UKhanyile uthi izinkomo zamaNguni zikwazi ukukhula nokuphila noma ngabe yikuphi eNingizimu Afrika. Azidingi ukunakekelwa kakhulu futhi azinazo nezindleko ezinkulu zodokotela. 

Uthi ziyazala kakhulu futhi azinalo ulaka okwenza kube lula ukuzigada futhi kunciphisa namathuba okulimala.

“Ngiyazithanda ngoba yizinkomo ezinhle nendlela ezixube ngayo imibala kanjalo nezimpondo zazo ezinhle. Izinkomo zobabamkhulu kusukela emandulo. Kunesisho sesiZulu esithi ‘inkunzi isematholeni’ esisho ukuthi intsha ngabaholi bakusasa. Ngibona ukuthi abalimi abasafufusa njengami bahlalelwe wumsebenzi wokuqhubeka nokufuya izinkomo zamaNguni ukugcina ukuze izizukulwane ezizayo zazi ngomlando wethu. Angikwazi ukuchaza indlela engizizwa ngayo uma ngiseduze kwazo,” kusho uKhanyile. 

Usebhalise kwiKaonafatso ya Dikgomo Scheme esiza abalimi abasafufusa bathole amathuba atholwa ngabalimi abakhulu futhi isebenzisana ne Agricultural Research Council. Uthi lokhu “kuyangisiza ngigcine amarekhodi okuthi umsebenzi uqhubeka kanjani, ngibone ukuthi yiziphi izilwane ezisebenzayo futhi ezingenisa inzuzo.”  

“Ngizimisele ukuba nomhlambi wezinkomo eziwu-100 eminyakeni emihlanu ezayo. Ngifuna ukuphucula uhlobo lwezinkomo engizidayisayo, ngidayise izinkomo ezinhle,” kusho uKhanyile owengeze ngokuthi ukuba nezinhlobo ezihlukene yikona okumise ibhizinisi lakhe. 

“Izinkomo zamaNguni yizona zinkomo okwazi ukuzixuba uma uzizalanisa. Azizona izinkomo ezinkulu okutheni kodwa azijwayelekile izinkinga uma zizala ngisho kusho ngabe ingakanani inkomo ebisetshenziswe.” 

Iqhinga likaKhanyile lokwandisa umhlambi wakhe

UKhanyile uyathemba ukuthi iqhinga alisebenzisayo ukuzalisa nokwandisa umhlambi wakhe lizomsiza agcine enezinkomo eziwu-100 singakapheli leesi sikhathi azibekele sona. “Nginesikhathi lapho ngizalisa khona, ngibeka inkunzi ngoJanuwari nangoFebhuwari. Amathole azalwa ngo-Okthoba nangoNovemba. Ayeka ukuncela ngoMeyi nangoJuni. Izinkomo ezingamithi ziyahlinzwa ngoba umhlambi muncane ukuthi ungathwalana nezinkomo ezingazali.” 

Indlela ondla ngayo izinkomo zakhe nokuqinisekisa ukuthi zinohlonze ilula. 

“Ngizinika i-phosphate lick ehlobo ne-maintenance lick phakathi kukaMeyi no-Agasti lapho ngisuke sengishintsha i-production lick kuze kube notshani oluhlaza. Umhlambi wami aziwudli utshani nezinsalela zezitshalo lezi ezithukuswayo ukuze zondle izinkomo ebusika,” usho kanje. 

“Eminyakeni eyishumi ezayo ngithemba ukuthi ibhizinisi lami liyobe selisimeme futhi linomhlambi omuhle owaziwayo ukuthi unehlonze.” 

Nanka amathiphu uKhanyile awapha abalimi inkonyane esathuka isisinga kubo:
  • Yenza ucwaningo.
  • Ungazithathi izindlela ezinqamulelayo.
  • Thenga izinkomo ezinohlonze ngoba lokho kuzokusiza ngokuhamba kwesikhathi. 
  • Indlela ibuzwa kwabaphambili. 
  • Okokugcina, kuqikelela ukuthi unamabhuku obhala kuwo yonke into.

FUNDA FUTHI: I-KZN inezinhlelo ezinkulu zabalimi abafuyile

Yiba yingxenye ye-Farmer’s Inside Track: Yiba ngomunye wabantu abathola izindaba zekhethelo ngabantu abafikayo embonini yezolimo, ama-newsletter nama-podcast.  

Tags: eMpumalangaUMFUYI WEZINKOMO

Magnificent Mndebele

Magnificent Mndebele grew up in Thokozane, an impoverished village. He values journalism that covers remote rural areas from a socially committed perspective.

Related Posts

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

24th November 2023
Fab five: Food For Mzansi catches up with farmers 5 years later
Farmers

Fab five: Food For Mzansi catches up with farmers 5 years later

24th November 2023
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
Hydroponics: Experts outline do's and don'ts

Hydroponics: Experts outline do's and don'ts

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Farmers urged to embrace uncertainty and build resilience

SA poultry industry calls for urgent bird flu vaccine rollout

Mother’s legacy, neighbour’s grace: Venessa Simelane’s farm story

Deadline looms: Register water use by 23 July or risk penalties

This week’s agri events: 20 – 24 July

Climate change: SA’s food processors are feeling the heat

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.