USolwazi Kenny Mnisi yindodana yabalimi abaqavile, ngakho akazixwayi ezolimo. Nokho, uthando lwakhe lwezilwane luqale eneminyaka eyisithupha kade evakashele eKruger National Park.
Namhlanje uMnisi ungusosayensi wezilwane
ofisa ukufundisa abalimi ukubaluleka kokunakekela impilo yezilwane nokuphucula nezindlela ezisetshenziswayo ukukhiqiza izilwane.
UMnisi oneminyaka ewu-30 nodabuka eMasibekela, eMpumalanga, uthi ezolimo zisegazini kuye. Bobabili abazali bakhe bangabalimi abaziwayo futhi ukhule ebabuka befuyile.
Kodwa ngesikhathi eye eKruger Park, wabona izinto ngamanye amehlo. Wabona ngamehlo izilwane ayezigcina kuthelevishini.
Njengoba athola ubizo lwakhe esamncane, uMnisi ufisa ukugqugquzela intsha ingene emkhakheni akuwo.
Ukwakha ibhizinisi elingezukuwa
UMnisi uneziqu zobudokotela iPhD in animal sciences yaseNorth West University. Isifiso sakhe wukufundisa abalimi, ikakhulukazi abasezindaweni ezisemajukujukwini, ukubaluleka kokunakekela impilo yezilwane nendlela efanele yokuzidayisa.
“Kuthiwa uma udlile namhlanje, bonga umlimi. Lokhu kusho ukuthi, ngaphandle kwezolimo, singazithola sihlaselwa indlala, wukungondleki kahle nokungabi nokudla okwanele.

“Ngakho kubalulekile ukuthi abafuyile baziqonde izimiso zokukhulisa izilwane ukuqinisekisa ukuthi bakha amabhizinisi angenisa inzuzo futhi azokwazi ukuqhubeka afake isandla ekukhiqizeni imikhiqizo esezingeni elifanele edingekayo embonini yokudla.”
Ngokusho kukaMnisi, izibalo zakamuva ziveza ukuthi u-9.9% wabantu emhlabeni awukutholi ukudla okwanele.
Sidinga ukuqeqesha nokukhiqiza abalimi abazoqinisekisa ukuthi ngisho amazwe angenalutho ayakwazi ukuthola inyama eyanele futhi ebiza kahle.”
Ucwaningo luyasiza
Lososayensi usanda kukleliswa ohlwini lwabacwaningi iY2 yiNational Research Foundation. Uyanaba ngokuthi kusho ukuthini lokhu kuye.
“Ukuthola iY2 rating yigxathu lokuqala lokukhuphuka. Ngikholwa wukuthi uma nginezinsizakusebenza ezifanele, ingqalasizinda futhi ngisekelwa, ngiyobalwa nososayensi bezilwane abasesicongweni ngelinye ilanga.
“Kuyangikhuthaza ukuthi imizamo yami, ukuzidela, ukuzikhandla namahora amade ngisebenza ema-laboratory ezilwane sekuthela izithelo.”
Ucwaningo lwakhe lugxile ekutholeleni imboni yezolimo izixazululo zokondla izilwane ikakhulukazi labo balimi abangenakho okutheni futhi abangakwazi ukukhokhela ukudla okubizayo.
“Ukusebenzisa izitshalo zakulelizwe ezizimilelayo futhi ezitholakala kalula uxube nemithi yisona sisombululo esingasisebenzisa ukugqugquzela amabhizinisi ezolimo agxile ezilwaneni asebenza kahle futhi akhiqiza inzalo.”
UMnisi useshicilele ucwaningo izikhawu eziwu-40 nokucishe kuphindaphindwe kunalokhu ayekwenzile ngeikhathi ekleliswa. Uphinde abe ngomunye wabahleli beSouth African Journal of Animal Science.
Ukuphokophela
Ekhuluma ngokuthi yini emsizayo aqhubeke yize ziningi izinselelo abhekana nazo, uMnisi uthi wukuphokophela.
“Sengafunda ukuthola okuhle esimweni noma sisibi. Okunye, ngingathanda ukuthi kulabo abasembonini yemfundo ephakeme, ayisho lutho iminyaka yakho futhi abazame ukwamukela nokweseka wonke umuntu.
“Ngaqala ngineminyaka ewu-23 ukufundisa (enyuvesi) ngakho ngaso sonke isikhathi kwakufanele ngiveze ukuthi yini engikwazi ukuyenza. Kwakufanele ngisebenze okudlulele kunabanye, ngikholwa wukuthi yilokho okungenze lomuntu engiwuyena.”
UMnisi usitshela ngalokho esingakulindela kuye ngomuso mayelana nezempilo zezilwane
“Ngivele ngiyingxenye yemisebenzi eminingi eqhubekayo njengamanje okuhloswe ngayo ukuphucula izindlela zokukhiqiza izilwane kusetshenziswa ukudla, izitshalo nezinye izithako zemvelo ezingajwayelekile
“Lokhu kubalulekile ikakhulukazi njengoba iningi lamabhizinisi afuye izilwane liwa ngenxa kokubiza kokudla kwezilwane okudla ngaphezu kuka-70% wezindleko.
“Ngakho ukwakha amabhizinisi ezikwane azokhula futhi enze inzuzo kudinga kusetshenziswe ukudla kwezilwane okungabizi nokutholakala kalula kulelizwe nezithako ezitholakala kalula ezizokhulisa izilwane kodwa zibe zigqugquzela ukunakekela imvelo.”
Ukulekelela intsha
UMnisi uyakuthanda ukukhuthaza intsha kwezolimo. Useke wacathulisa abafundi abangaphezu kuka-20 abebenza iziqu ze
BSc honors nabangu13 ababenza ama-postgraduate abayisishiyagalombili kubo baphase iziqu zeMaster’s ngamalengiso.
Umatasa nabayisikhombisa abenza iPhD nabayisithupha abenza iMSc in animal sciences.
Ekhuthaza intsha ibe ngososayensi bezilwane, uMnisi ubanxuse ukuthi bathande ezolimo.
“Umyalezo wami kubo wukuthi bangazilaleli izinto ezibagxekayo kodwa abaphokophele ukwenza umsebenzi osezingeni.
“Ukuzimisela, ukuzikhandla nokuhlonipha umsebenzi yizona zinto eziphumelelisanayo, ngakho yilokho abakudingayo. Inkulu imboni yososayensi bezilwane, wonke umuntu angaphumelela, ngakho abazimisele ukuthi kuzwakale ukuthi bake baba khona.”
FUNDA FUTHI: Usolwazi wezolimo ulungiselela intsha ithole amathuba ahambisana nobuchwepheshe.
Thola izindaba zabaletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelanayo ngabantu abondla uMzansi.