Tuesday, September 8, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

Owayengu-DJ uyibambe ngakho epulazini lakhe

Ngesikhathi izinto zimbhedela emculweni, uMnuz Sizwe Mchunu waxhumana nomuntu ayemjwayele wamxoxela ngesifiso sakhe sokungena kwezolimo. Izinto zahlangana kahle kanti manje usenezinhlelo ezingagcini nje ngepulazi lakhe.

by Vateka Halile
25th October 2023
Owayengu-DJ uyibambe ngakho epulazini lakhe

Ngaphambi kokungena kwezolimo, uMchunu wayesembonini kaqedisizungu.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Impilo kaMnuz Sizwe Mchunu isishintshe kaningi kusukela ekufundeleni ezobuchwepheshe, ukungena emculweni waba nguDJ kodwa uthando lwakhe lwezolimo oselushintshe impilo yakhe.

UMchunu odabuka eVolkstrust, esigodini esisenhla neLaing’s Nerk Pass, KwaZulu-Natali, uthi ukuze uphumelele kwezolimo, kudingeka ucijelwe ukuwenza lo msebenzi.

UMchunu ukhiqiza amaveji epulazini likamalume wakhe eliyihekthare eMpumalanga.

Ekuqaleni, abazali bakhe bamkhuthaza ukuthi enze izifundo zobuchwepheshe bamakhompyutha kanti wagcina enze i-systems development eBerea Technical College eseKZN.

“Nokho, angizithandanga. Ngafela ngaphakathi ngonyaka wokuqala nginethemba lokuthi ngizozithanda kodwa ngonyaka wesibili kwakunzima kakhulu, ngagcina ngishiya phansi,” kusho yena.

Kufanele uzazi ukuze uthuthuke

UMchunu udlule eBoston College lapho enze khona izifundo zokudidiyela nokubhala izingoma, into ayithanda kakhulu. Eseqedile usebenze iminyaka emithathu engu-DJ, umdidiyeli womculo, eshayela izimoto ze-Uber futhi edayisa.

Owayengu-DJ uyibambe ngakho epulazini lakhe
USizwe Mchunu : Photo: Supplied/Food For Mzansi

Kusuka ngo-2016 kuya ku-2021 usebenze esitebeleni somculo esaziwayo iSoul Candy Institute of Music. “Ngisakwezikaqedisizungu, bekunzima ukubeka imali. Ngihlangane nosaziwayo abaningi kodwa akungingeniselanga imali,” kusho yena.

UMchunu ukhulele eKZN naseMpumalanga, kusukela esafunda kwaze kwaba uyasebenza. 

Eqala ukukhiqiza amaveji ngo-2021, ubesebenzela eBethal, eMpumalanga, ebambisene nowayengumlingani wakhe ebhizinisini kwaze kwaba wuJanuwari wonyaka odlule.

Ucilo uthuke uzishaya endukwini

Esacijelwa umculo, impilo yakhe yashintsha mhla ehlangana noMnuz Nkosinathi Dlamini owayesebenza kwiGagasi FM, ongasekho emhlabeni. Ngesikhathi bexoxa, wamtshela ngothando analo ngezolimo.

Uqale ukulima epulazini likaDlamini eliseGingindlovu, idolobha elisoThungulu, KwaZulu-Natali. Kusukela ngoFebhuwari kuze kube ngu-Agasti ngonyaka odlule, ubelime amaveji emhlabeni abengawukhokheli.  

“Ubaba uDlamini wangeluleka ngokuthi ngilandele okusenhlizweni yami. Ukufisa kwakhe ukungisiza kufakazelwa nawukuthi wangivumela ukuthi ngisebenzise umhlaba wakhe ongamahekthare ayisihlanu.” 

Ngakolunye uhlangothi, umalume kaMchunu, uMnuz Musa Nyembe uqashisa ngamahekthare ayisishiyagalombili epulazi afuye kulona imfuyo eMpumalanga.

UMchunu uthi wathola ithuba lokuphindela ekhaya ayosebenza epulazini likamalume wakhe eCharleston. Uqhubekile nokutshala u-anyanisi, iklabishi, upelepele, i-kale, ispinashi, u-beetroot, u-lettuce ne-cauliflower akutshale kuleli pulazi elingamahekthare awu-10, kodwa yena ulime ihekthare elilodwa okwamanje. 

Amakhasmende akhe abanikazi bezitolo zendawo, abadayisi abasemgwaqeni, uSuper Spar eVolkstrust, uBoxer waseMiddelburg nomphakathi wasemalokishini iCharleston neVukuzakhe. 

UMchunu uthi uyaziqhenya ngokukhetha ezolimo kunodumo nezomculo. Uyaqonda ukuthi ngezolimo utshalela futhi uhlelela ikusasa lakhe.

Ngaphambi kokungena kwezolimo, uMchunu wayesembonini kaqedisizungu.
UMchunu uzimisele ngokukhulisa umsebenzini ngokuqala ukuguqula umkhiqizo wezolimo ngaphambi kokuwudayisa. Useqalile nge-chilli sauce. Photo: Supplied/Food For Mzansi

Izinhlelo aphezu kwazo

Ulwazi analo manje elokukhiqiza amaveji, ukuphatha ipulazi nokukhiqiza umkhiqizo wommbila, uzimisele ukuwandisa amakhono akhe. 

“Ngabona umfundaze kuFacebook. Ngafaka isicelo ngoba ezolimo yinto ebengihlale ngifuna uikuyenza. Ngifunde eBuhle Farmer’s Academy eDelmas, eMpumalanga, lapho ngifunde ngokukhiqiza amaveji kanti uhlelo lonke lwaluxhaswe yiSasol.” 

Uthi kwamjabulisa kakhulu ukuthi abafakwanga esikoleni sezolimo ukufunda ngokulima kuphela kodwa iSasol yabasiza ngokubaxhasa ngoR40 000 wokuqala umsebenzini. Ukholwa ukuthi imali ibaluleke kakhulu kwezolimo. Kwathiwa abahambe bayothola ukuthi izinto abazidingayo zibiza malini. 

Uhlu lwakhe lwalunamathangi amathathu amanzi, iziphehlimandla, amapayipi, ucingo lokubiya, izibonda zokubiya, izibulalimagciwane, wumanyolo, ifosholo, amabhala, namanye amathuluzi okukhiqiza amaveji.

Luvutha bhe uthando

UMchunu akazukugcina ngokutshala; usekhiqiza i-chilli sauce futhi uzimisele ukugxila ekuguquleni umkhiqizo wezolimo ngomuso.  Uzibona ekhula amakhono akhe ngokusungula impuphu yakhe neminye imikhiqizo yezolimo. 

Uthi ukuhlala entweni eyodwa kwenza umuntu agcine ebamba eyeka kanti uthi ukuze ukhue kufanele sonke sikwazi ukwamukela ukushintsha kwezinto empilweni.

OKUNYE ONGAKUFUNDA: Kungenzeka iSaudi Arabia iqale ukuthenga inyama ebomvu eNingizimu Afrika 

Thola izindaba ngabaletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabondla uMzansi.

Vateka Halile

Vateka Halile grew up in rural areas of Cofimvaba in the Eastern Cape. She was raised in a traditional family setting and found writing to be a source of comfort and escape. Vateka participated in an online citizen journalism course through Food For Mzansi, and her passion for health and medicine-related stories was born. Her dedication to community work and love for social justice and solidarity spaces is evident in her quality time with the community when she isn't working.

Tags: Commercialising farmerInspire meKasi farmerKwaZulu-NatalVegetable farmer
Tiger Brands CEO Tjaard Kruger addressed farmers at the Swartland Show in Moorreesburg in the Western Cape on Friday. Design: Food For Mzansi
News

Tiger Brands CEO calls for stronger food value chain

by Ivor Price
6th September 2026

Tiger Brands CEO Tjaart Kruger has called for a stronger, more connected agricultural and food value chain, warning that South...

Read moreDetails

Plant, pick, protect: The rising potential of urban foraging in SA

6th September 2026
From left: Jeremia Mathebula (vice-chairperson of Grain SA); Dr Jack Bloom (deputy minister of water and sanitation); Falon Mars (Mars Rossouw Attorneys INC); and André Cloete (award-winning Overberg farmer). All four are part of the lineup for the special emerging farmers’ programme at Nampo Cape. Photos: Supplied/Food For Mzansi

RSVP now: Emerging farmers’ programme at Nampo Cape

5th September 2026
Community-led farms boost food security and incomes in Limpopo

Community-led farms boost food security and incomes in Limpopo

5th September 2026
Farmers rethink water use as shortages threaten food production

Farmers rethink water use as shortages threaten food production

5th September 2026

This week’s agri events: 07–11 September

Aucamp outlines strategy for biosecurity, trade, and infrastructure

Dragon fruit thrives in KZN valley despite tough national season

Weaning calves: How to reduce stress for maximum weight gain

Plant, pick, protect: The rising potential of urban foraging in SA

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Podcast: How SA can navigate stringent export dynamics

Podcast: How SA can navigate stringent export dynamics

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Weaning calves: How to reduce stress for maximum weight gain

Grain markets slide: Temporary pause or start of a downturn?

Chilli farming: Why high-value crops are SA’s missed opportunity

SA pork industry builds resilience following disease outbreaks

Young farmers need structured opportunities, not just open doors

BenicaTheFarmer: The nurse who built an agricultural empire

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.