Sunday, November 1, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result
in isiZulu

Owayengu-DJ uyibambe ngakho epulazini lakhe

Ngesikhathi izinto zimbhedela emculweni, uMnuz Sizwe Mchunu waxhumana nomuntu ayemjwayele wamxoxela ngesifiso sakhe sokungena kwezolimo. Izinto zahlangana kahle kanti manje usenezinhlelo ezingagcini nje ngepulazi lakhe.

by Vateka Halile
25th October 2023
Owayengu-DJ uyibambe ngakho epulazini lakhe

Ngaphambi kokungena kwezolimo, uMchunu wayesembonini kaqedisizungu.

Share on FacebookShare on TwitterShare on WhatsApp

Impilo kaMnuz Sizwe Mchunu isishintshe kaningi kusukela ekufundeleni ezobuchwepheshe, ukungena emculweni waba nguDJ kodwa uthando lwakhe lwezolimo oselushintshe impilo yakhe.

UMchunu odabuka eVolkstrust, esigodini esisenhla neLaing’s Nerk Pass, KwaZulu-Natali, uthi ukuze uphumelele kwezolimo, kudingeka ucijelwe ukuwenza lo msebenzi.

UMchunu ukhiqiza amaveji epulazini likamalume wakhe eliyihekthare eMpumalanga.

Ekuqaleni, abazali bakhe bamkhuthaza ukuthi enze izifundo zobuchwepheshe bamakhompyutha kanti wagcina enze i-systems development eBerea Technical College eseKZN.

“Nokho, angizithandanga. Ngafela ngaphakathi ngonyaka wokuqala nginethemba lokuthi ngizozithanda kodwa ngonyaka wesibili kwakunzima kakhulu, ngagcina ngishiya phansi,” kusho yena.

Kufanele uzazi ukuze uthuthuke

UMchunu udlule eBoston College lapho enze khona izifundo zokudidiyela nokubhala izingoma, into ayithanda kakhulu. Eseqedile usebenze iminyaka emithathu engu-DJ, umdidiyeli womculo, eshayela izimoto ze-Uber futhi edayisa.

Owayengu-DJ uyibambe ngakho epulazini lakhe
USizwe Mchunu : Photo: Supplied/Food For Mzansi

Kusuka ngo-2016 kuya ku-2021 usebenze esitebeleni somculo esaziwayo iSoul Candy Institute of Music. “Ngisakwezikaqedisizungu, bekunzima ukubeka imali. Ngihlangane nosaziwayo abaningi kodwa akungingeniselanga imali,” kusho yena.

UMchunu ukhulele eKZN naseMpumalanga, kusukela esafunda kwaze kwaba uyasebenza. 

Eqala ukukhiqiza amaveji ngo-2021, ubesebenzela eBethal, eMpumalanga, ebambisene nowayengumlingani wakhe ebhizinisini kwaze kwaba wuJanuwari wonyaka odlule.

Ucilo uthuke uzishaya endukwini

Esacijelwa umculo, impilo yakhe yashintsha mhla ehlangana noMnuz Nkosinathi Dlamini owayesebenza kwiGagasi FM, ongasekho emhlabeni. Ngesikhathi bexoxa, wamtshela ngothando analo ngezolimo.

Uqale ukulima epulazini likaDlamini eliseGingindlovu, idolobha elisoThungulu, KwaZulu-Natali. Kusukela ngoFebhuwari kuze kube ngu-Agasti ngonyaka odlule, ubelime amaveji emhlabeni abengawukhokheli.  

“Ubaba uDlamini wangeluleka ngokuthi ngilandele okusenhlizweni yami. Ukufisa kwakhe ukungisiza kufakazelwa nawukuthi wangivumela ukuthi ngisebenzise umhlaba wakhe ongamahekthare ayisihlanu.” 

Ngakolunye uhlangothi, umalume kaMchunu, uMnuz Musa Nyembe uqashisa ngamahekthare ayisishiyagalombili epulazi afuye kulona imfuyo eMpumalanga.

UMchunu uthi wathola ithuba lokuphindela ekhaya ayosebenza epulazini likamalume wakhe eCharleston. Uqhubekile nokutshala u-anyanisi, iklabishi, upelepele, i-kale, ispinashi, u-beetroot, u-lettuce ne-cauliflower akutshale kuleli pulazi elingamahekthare awu-10, kodwa yena ulime ihekthare elilodwa okwamanje. 

Amakhasmende akhe abanikazi bezitolo zendawo, abadayisi abasemgwaqeni, uSuper Spar eVolkstrust, uBoxer waseMiddelburg nomphakathi wasemalokishini iCharleston neVukuzakhe. 

UMchunu uthi uyaziqhenya ngokukhetha ezolimo kunodumo nezomculo. Uyaqonda ukuthi ngezolimo utshalela futhi uhlelela ikusasa lakhe.

Ngaphambi kokungena kwezolimo, uMchunu wayesembonini kaqedisizungu.
UMchunu uzimisele ngokukhulisa umsebenzini ngokuqala ukuguqula umkhiqizo wezolimo ngaphambi kokuwudayisa. Useqalile nge-chilli sauce. Photo: Supplied/Food For Mzansi

Izinhlelo aphezu kwazo

Ulwazi analo manje elokukhiqiza amaveji, ukuphatha ipulazi nokukhiqiza umkhiqizo wommbila, uzimisele ukuwandisa amakhono akhe. 

“Ngabona umfundaze kuFacebook. Ngafaka isicelo ngoba ezolimo yinto ebengihlale ngifuna uikuyenza. Ngifunde eBuhle Farmer’s Academy eDelmas, eMpumalanga, lapho ngifunde ngokukhiqiza amaveji kanti uhlelo lonke lwaluxhaswe yiSasol.” 

Uthi kwamjabulisa kakhulu ukuthi abafakwanga esikoleni sezolimo ukufunda ngokulima kuphela kodwa iSasol yabasiza ngokubaxhasa ngoR40 000 wokuqala umsebenzini. Ukholwa ukuthi imali ibaluleke kakhulu kwezolimo. Kwathiwa abahambe bayothola ukuthi izinto abazidingayo zibiza malini. 

Uhlu lwakhe lwalunamathangi amathathu amanzi, iziphehlimandla, amapayipi, ucingo lokubiya, izibonda zokubiya, izibulalimagciwane, wumanyolo, ifosholo, amabhala, namanye amathuluzi okukhiqiza amaveji.

Luvutha bhe uthando

UMchunu akazukugcina ngokutshala; usekhiqiza i-chilli sauce futhi uzimisele ukugxila ekuguquleni umkhiqizo wezolimo ngomuso.  Uzibona ekhula amakhono akhe ngokusungula impuphu yakhe neminye imikhiqizo yezolimo. 

Uthi ukuhlala entweni eyodwa kwenza umuntu agcine ebamba eyeka kanti uthi ukuze ukhue kufanele sonke sikwazi ukwamukela ukushintsha kwezinto empilweni.

OKUNYE ONGAKUFUNDA: Kungenzeka iSaudi Arabia iqale ukuthenga inyama ebomvu eNingizimu Afrika 

Thola izindaba ngabaletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabondla uMzansi.

Vateka Halile

Vateka Halile grew up in rural areas of Cofimvaba in the Eastern Cape. She was raised in a traditional family setting and found writing to be a source of comfort and escape. Vateka participated in an online citizen journalism course through Food For Mzansi, and her passion for health and medicine-related stories was born. Her dedication to community work and love for social justice and solidarity spaces is evident in her quality time with the community when she isn't working.

Tags: Commercialising farmerInspire meKasi farmerKwaZulu-NatalVegetable farmer
News

Veggie prices plummet: Why your grocery bill might drop this week

by Raylentia Simmons
29th October 2026

Fresh produce markets are sending a clear signal: supply is winning the battle against demand. Potatoes fell over 20%, tomatoes...

Read moreDetails

SA’s sugar industry at a crossroads: The shift to bioethanol

28th October 2026
Maleka engineers hydroponic solutions for emerging farmers

Maleka engineers hydroponic solutions for emerging farmers

28th October 2026
Agda congress: Why production alone won’t save your farm

Agda congress: Why production alone won’t save your farm

28th October 2026
Youth agri programme graduates the first cohort of young farmers

Youth agri programme graduates the first cohort of young farmers

28th October 2026

Shoprite opens second food garden competition with R1m in support

Eastern Cape farmer bets on poultry and grows a diverse business

Early heat lowers Tru-Cape cherry harvest, but brings top quality

NWK grain silos turn pink to support breast cancer survivors 

Fruit SA: Giving transformation a seat at the strategy table

Join Food For Mzansi's WhatsApp channel for the latest updates!

JOIN NOW!
Next Post
Podcast: How SA can navigate stringent export dynamics

Podcast: How SA can navigate stringent export dynamics

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Early heat lowers Tru-Cape cherry harvest, but brings top quality

Godlimpi calls for innovative sugarcane grower financing

Brotherly hustle: Limpopo duo takes egg business to campus

Nedbank: ‘Transformation must deliver sustainable farmers’

Municipal failure drives up production costs for poultry farmers

Minister launches R1.2b land reform programme to support farmers

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

About this assistant

This feature generates automated answers summarised from Food For Mzansi articles. By using it, you are interacting with an AI system (provided by Google), not a human. AI can make mistakes. Please refer to the source articles for verification and citation purposes.

Our staff do not check or moderate Lerato’s answers in advance, but may review some later. Our journalists continue to write and edit all the articles Lerato uses as sources.

To estimate unique and returning web users, we store a random browser ID in this browser. WhatsApp users are counted by phone number. The same person using both channels may be counted twice.

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2026 Food for Mzansi