Thursday, September 3, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Amasela emfuyo awisa umlimi waseNW

Kubikwa amacala angaphezu kuka-130 000 okwebiwa kwemfuyo njalo ngonyaka eMzansi. Kwelinye ipulazi eNorth West, umlimi ofuyile, usegqekezelwe izikhawu eziyisishiyagalombili kusukela ngo-2015. Ngale kokuthi ulahlekelwa yimali, alikho nelilodwa kulamaca eselixazululiwe.

by Duncan Masiwa
18th May 2023
in isiZulu
Reading Time: 6 mins read
A A
Amasela emfuyo awisa umlimi waseNW ne izingulube

UMnuz Buti Malinga, umlimi waseNorth West ofuyile ungomunye wabantu asebentshontshelwe imfuyo, okungenye yezinselelo ezinkulu ezibhekene nabafuyile eNingizimu Afrika. Usegqekezelwe izikhathi eziyisishiyagalombili kusukela ngo-2015 futhi alikho icala eseliphothuliwe.

Epulazini laseNorth West eliphakathi kwePotchefstroom ne-Vanderbijlpark, umlimi ofuyile uMnuz Buti Malinga uthwele kanzima njengoba ezama ukuthi lingawi ipulazi lakhe elincane. 

UMalinga uphethe iVukani Piggery engamahekthare awu-154 ubukhulu nodadewabo uCathy. Ipulazi linezinkinga zemali, esikhathini esingaphansi kwamasonto amabili, bangenelwe yizigebengu. 

NgoDisemba ngo-2022, amasela agqekeza epulazini labo antshontsha izingulube eziwu-24. Kuthe kungakapheli amasonto amabili, ngoJanuwari, ahlasela futhi amasela. Kulokhu ashaye achitha nezingulube eziwu-48. 

Ngokusho kukaMalinga, lezi zigameko zombili zibalahlekisele ngemali engaphezu kukaR200 000. “Siwuqale kabi unyaka. Imali eningi lena futhi kusihlehlisela emuva.”

UMalinga uthi imali lena ebebengayisebenzisela ezinye izinto. 

“Kufanele sikhokhele ukudla, imithi, abantu, ugesi, ukunakekela ipulazi, intela nokunye okudinga imali.”

Amasela emfuyo awisa umlimi waseNW
Izigebengu zaqale zabulala izingulube ngoba izingulube zibanga umsindo futhi awukwazi ukuzintshontsha ziphila.

‘Yingalesi sikhathi unganakile’

UMalinga uthi amasela ahlasela epulazini lakhe ngalesi sikhathi enganakile, ezikhululekele. NgoDisemba amasela ahlasela iVukani Piggery phakathi kuka-1:00 no-4:00 ekuseni. Bakwenza lokhu ngokusika uthango okubiyelwe ngawo nokugqekeza ukhiye. 

Uyakhiya ngaphakathi nangaphandle. “Kodwa lokhu akuzange kubavimbe. Bagcina bengenile ngokunqamula uthango.”

UMalinga ukholwa ukuthi izigebengu zasebenzisa indlela efanayo ngesikhathi zigqekeza okwesibili. 

“Bese bekhona abantu abebezothenga izingulube. Angazi ukuthi umuntu uzodlula kanjani kulento.”

UMalinga udayisa izingulube zakhe ngesikhathi sezisinda u-90kg no-100kg kanti ziba uR39 ikilo likabhekeni noR40 ikilo inyama. 

Kumosheke kakhulu

“Engikudayisayo yikona okulungiselela okuzayo,” usho kanje. Uma ngidayisa manje, yilokho okwenza ngilungiselele ingomuso. Ngizokwenze njani uma sekufanele ngidayise futhi ngilahlekelwe imali engaphezu kukaR200 000? 

UMalinga unovalo lokuthi ngeke bakwazi ukudayisa uma sekufike isizini elandelayo. Ngeshwa lokhu kwenza iVukani Piggery ibonakale njengabantu abangathembekile. 

Izingulube ezantshontsha epulazini likaMalinga kwakufanele zidayiswe ngesonto lesibili likaFebhuwari. Esikhundleni sokudayisa izingulube ezicela kweziwu-60, uMalinga wadayisa eziwu-20 kuphela. Lesi sibalo asanele ukuvala isikhala semali elahlekile.

Amasela emfuyo awisa umlimi waseNW
Ingxenye yehhoko ebiyiwe okuyiyona amasela angena kuyo ukuntshontsha izingulube zikaMnuz Buti Malinga. 

Amacala avuliwe nemfuyo elahlekile 

Ngokusho kukaNdunankulu waseNorth West premier, uMnu Kaobitsa Maape, isifundazwe sinenkinga yokuntshontshwa kwemfuyo okuphazamisa kakhulu abalimi abasafufusa ezindaweni zasemakhaya.  

“Ezolimo enye yezinsika zomnotho wesifundazwe futhi zenza kube nokudla okwenele, okusiza ukuqeda ububha ngenxa yabalimi abancane ababambisene,” kusho uMaape.

Kubikwa amacala angaphezu kuka-130 000 okwebiwa kwemfuyo njalo ngonyaka eMzansi. Kunesibalo esikhulu samacala angabikwa ngoba abalimi babona ukuthi ayikho into ezokwenziwa. 

FUNDA FUTHI: IMpumalanga Kapa iyona entshontshelwa imfuyo kakhulu eMzansi. Kungani?

Izibalo ze-Statistics South Africa ziveza ukuthi acela ku-70.7% amacala okwebiwa kwemfuyo angabikwa. KuMalinga, lokhu kufana nomunye umsebenzi wakhe. Kukhona okungenani amacala ayisishiyagalombili okwebiwa kwemfuyo awabikile emaphoyiseni angakubo. Amanye alamacala enzeka ngo-2015 kodwa alikho nelilodwa eseliphothuliwe. 

“Emva kwezinyanga ezimbalwa, amaphoyisa athi asikho isidingo sokuthi icala liqhubeke liphenywe ngoba alukho ulwazi olusha. Kuphela kanjalo.”

Amasela emfuyo awisa umlimi waseNW
Lo mqingo ukhombisa amacala okwebiwa kwemfuyo asukela ku-2015 asebikwe uMnuz Buti Malinga.  Isithombe: Sithunyelwe/Buti Malinga

Amasela agasela kabili onyakeni

Ngo-2022, uMalinga utshele iFood For Mzansi ukuthi wayecabanga ukuthi basindile ekugqekezelweni ngoba kuvame ukwenzeka phakathi kuka-Okthoba noNovemba. Kodwa akubanga njalo kulokhu. 

“Kule minyaka emibili edlule [izigebengu] zifike kabili ngonyaka.[Ngaphambi kwalokho] bezifika kanye. Sekuyanda manje.”

Ezigamekwei ezimbili ezidlule, kwantshontshwa izingulube eziwu-40 eVukani Piggery ngo-Okthoba 2021. Ngo-2020, kwantshontsha iziklabhu eziwu-25. Nakuba iziklabhu zabuye zatholakala, zaphinde zantshontshwa kungakapheli nenyanga, zahamba zonke. 

“Laba bantu abasintshontsheli ngoba belambile. Uzintshontsha kanjani izingulube eziwu-72 ngoba ulambile?”

UMalinga uthi kokunye izigebengu ziyazisiza nangezimpahla zasehhovisi, nanoma yini enye ezikwazi ukuyilayisha emotweni ezisuke zihamba ngayo. 

“Njengefriji elinomuthi wezilwane. Ibhodlela elincane lomgomo libiza cishe uR2000.”

‘Kufanele ngilale nazo yini izilwane zami?’

Uyavuma ukuthi ukwebiwa kwemfuyo kumandla lapho ehlala khona, ukholwa ukuthi izinga lakho linyukile kule minyaka edlule. 

Omakhelwane bakaMalinga, iningi labo okungabalimi abakhulu, nabo bakhala esifanayo. 

“Kodwa kungcono bona banamandla okumelana nakho. Uma (uwumlimi) omncane njengami, kulikhuni,” usho kanje. 

“Kuzwela kakhulu ngoba asikabi bakhulu ngakho asinawo amandla okufaka ezokuphepha ngendlela edingakalayo emapulazini ethu.”

Amasela emfuyo awisa umlimi waseNW ne izingulube
UMnuz Buti Malinga ukhiyela izingulube zakhe ngaphandle nangaphakathi ngoba ezama ukuzivikela. 

Ngesikhathi sixoxisana naye, kukhona elinye ipulazi kuyo le ndawo elahlaselwa. Kulona kwebiwe iziklabhu eziwu-30. 

“Ngathi kufanele sivele silale nazo izilwane zethu. Izophelelaphi yonke lento?” kubuza uMalinga. 

“Sifuyela izigebengu. Sisebenza kanzima bese zona ziyanquma ukuthi zizofika nini zizozitapela. Laba bantu abasintshontsheli ngoba belambile. Uzintshontsha kanjani izingulube eziwu-72 ngoba ulambile? Uzibekaphi? Bangamaqembu ezigebengu asebenzisanayo. Sizolutholaphi usizo?”

Ithemba lezobulungisa

UMalinga uthi okwamanje uzama ukulungisa isimo ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuphenya icala lakamuva alivulile. 

“Ngiyazikhuthaza ngokuthi ngizitshele ukuthi ngeke bangiqede amandla. Siyathemba zizobanjwa izigebengu.”

Amasela emfuyo awisa umlimi waseNW ne izingulube
Buti Malinga and a farmworker arrive at the scene of the incident. Photo: Supplied/Buti Malinga

UMalinga unxuse amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo.

“Lezo zingulube sezafa, ngeke ngisazithola. [Kodwa] sidinga iqhinga, siyazazi izindawo abahlasela kuzo kakhulu. Sidinga isibalo samaphoyisa esithe xaxa futhi abonakale. Sidinga abantu abazokwenza okufanele kwenziwe,” kusho uMalinga. 

FUNDA OKULANDELAYO: Nalu uhla lwezindawo eziwu-10 okubhoke kuzo ukwebiwa kwemfuyo

Bhalisa kuMzansi Today: Izindaba zezolimo nsukuzonke.

Tags: farm crimeslivestock theftNorth West

Duncan Masiwa

DUNCAN MASIWA is the assistant editor at Food For Mzansi, South Africa’s leading digital agriculture news publication. He cut his teeth in community newspapers, writing columns for Helderberg Gazette, a Media24 publication. Today, he leads a team of journalists who strive to set the agricultural news agenda. Besides being a journalist, he is also a television presenter, podcaster and performance poet who has shared stages with leading gospel artists.

Related Posts

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

24th November 2023
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni
isiZulu

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post

IN PICTURES: AgriCareers

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Government hikes sugar import price, but industry warns of gap

Chicken is booming, but the real money is in the supply chain

How Tebogo beat post-harvest losses with smart agro-processing

Aucamp outlines strategy for biosecurity, trade, and infrastructure

Rising costs, climate risk push Swartland wheat farmers to the brink

Potato turning point ahead as onions double in price year-on-year

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.