Epulazini laseNorth West eliphakathi kwePotchefstroom ne-Vanderbijlpark, umlimi ofuyile uMnuz Buti Malinga uthwele kanzima njengoba ezama ukuthi lingawi ipulazi lakhe elincane.
UMalinga uphethe iVukani Piggery engamahekthare awu-154 ubukhulu nodadewabo uCathy. Ipulazi linezinkinga zemali, esikhathini esingaphansi kwamasonto amabili, bangenelwe yizigebengu.
NgoDisemba ngo-2022, amasela agqekeza epulazini labo antshontsha izingulube eziwu-24. Kuthe kungakapheli amasonto amabili, ngoJanuwari, ahlasela futhi amasela. Kulokhu ashaye achitha nezingulube eziwu-48.
Ngokusho kukaMalinga, lezi zigameko zombili zibalahlekisele ngemali engaphezu kukaR200 000. “Siwuqale kabi unyaka. Imali eningi lena futhi kusihlehlisela emuva.”
UMalinga uthi imali lena ebebengayisebenzisela ezinye izinto.
“Kufanele sikhokhele ukudla, imithi, abantu, ugesi, ukunakekela ipulazi, intela nokunye okudinga imali.”

‘Yingalesi sikhathi unganakile’
UMalinga uthi amasela ahlasela epulazini lakhe ngalesi sikhathi enganakile, ezikhululekele. NgoDisemba amasela ahlasela iVukani Piggery phakathi kuka-1:00 no-4:00 ekuseni. Bakwenza lokhu ngokusika uthango okubiyelwe ngawo nokugqekeza ukhiye.
Uyakhiya ngaphakathi nangaphandle. “Kodwa lokhu akuzange kubavimbe. Bagcina bengenile ngokunqamula uthango.”
UMalinga ukholwa ukuthi izigebengu zasebenzisa indlela efanayo ngesikhathi zigqekeza okwesibili.
“Bese bekhona abantu abebezothenga izingulube. Angazi ukuthi umuntu uzodlula kanjani kulento.”
UMalinga udayisa izingulube zakhe ngesikhathi sezisinda u-90kg no-100kg kanti ziba uR39 ikilo likabhekeni noR40 ikilo inyama.
Kumosheke kakhulu
“Engikudayisayo yikona okulungiselela okuzayo,” usho kanje. Uma ngidayisa manje, yilokho okwenza ngilungiselele ingomuso. Ngizokwenze njani uma sekufanele ngidayise futhi ngilahlekelwe imali engaphezu kukaR200 000?
UMalinga unovalo lokuthi ngeke bakwazi ukudayisa uma sekufike isizini elandelayo. Ngeshwa lokhu kwenza iVukani Piggery ibonakale njengabantu abangathembekile.
Izingulube ezantshontsha epulazini likaMalinga kwakufanele zidayiswe ngesonto lesibili likaFebhuwari. Esikhundleni sokudayisa izingulube ezicela kweziwu-60, uMalinga wadayisa eziwu-20 kuphela. Lesi sibalo asanele ukuvala isikhala semali elahlekile.

Amacala avuliwe nemfuyo elahlekile
Ngokusho kukaNdunankulu waseNorth West premier, uMnu Kaobitsa Maape, isifundazwe sinenkinga yokuntshontshwa kwemfuyo okuphazamisa kakhulu abalimi abasafufusa ezindaweni zasemakhaya.
“Ezolimo enye yezinsika zomnotho wesifundazwe futhi zenza kube nokudla okwenele, okusiza ukuqeda ububha ngenxa yabalimi abancane ababambisene,” kusho uMaape.
Kubikwa amacala angaphezu kuka-130 000 okwebiwa kwemfuyo njalo ngonyaka eMzansi. Kunesibalo esikhulu samacala angabikwa ngoba abalimi babona ukuthi ayikho into ezokwenziwa.
FUNDA FUTHI: IMpumalanga Kapa iyona entshontshelwa imfuyo kakhulu eMzansi. Kungani?
Izibalo ze-Statistics South Africa ziveza ukuthi acela ku-70.7% amacala okwebiwa kwemfuyo angabikwa. KuMalinga, lokhu kufana nomunye umsebenzi wakhe. Kukhona okungenani amacala ayisishiyagalombili okwebiwa kwemfuyo awabikile emaphoyiseni angakubo. Amanye alamacala enzeka ngo-2015 kodwa alikho nelilodwa eseliphothuliwe.
“Emva kwezinyanga ezimbalwa, amaphoyisa athi asikho isidingo sokuthi icala liqhubeke liphenywe ngoba alukho ulwazi olusha. Kuphela kanjalo.”

Amasela agasela kabili onyakeni
Ngo-2022, uMalinga utshele iFood For Mzansi ukuthi wayecabanga ukuthi basindile ekugqekezelweni ngoba kuvame ukwenzeka phakathi kuka-Okthoba noNovemba. Kodwa akubanga njalo kulokhu.
“Kule minyaka emibili edlule [izigebengu] zifike kabili ngonyaka.[Ngaphambi kwalokho] bezifika kanye. Sekuyanda manje.”
Ezigamekwei ezimbili ezidlule, kwantshontshwa izingulube eziwu-40 eVukani Piggery ngo-Okthoba 2021. Ngo-2020, kwantshontsha iziklabhu eziwu-25. Nakuba iziklabhu zabuye zatholakala, zaphinde zantshontshwa kungakapheli nenyanga, zahamba zonke.
“Laba bantu abasintshontsheli ngoba belambile. Uzintshontsha kanjani izingulube eziwu-72 ngoba ulambile?”
UMalinga uthi kokunye izigebengu ziyazisiza nangezimpahla zasehhovisi, nanoma yini enye ezikwazi ukuyilayisha emotweni ezisuke zihamba ngayo.
“Njengefriji elinomuthi wezilwane. Ibhodlela elincane lomgomo libiza cishe uR2000.”
‘Kufanele ngilale nazo yini izilwane zami?’
Uyavuma ukuthi ukwebiwa kwemfuyo kumandla lapho ehlala khona, ukholwa ukuthi izinga lakho linyukile kule minyaka edlule.
Omakhelwane bakaMalinga, iningi labo okungabalimi abakhulu, nabo bakhala esifanayo.
“Kodwa kungcono bona banamandla okumelana nakho. Uma (uwumlimi) omncane njengami, kulikhuni,” usho kanje.
“Kuzwela kakhulu ngoba asikabi bakhulu ngakho asinawo amandla okufaka ezokuphepha ngendlela edingakalayo emapulazini ethu.”

Ngesikhathi sixoxisana naye, kukhona elinye ipulazi kuyo le ndawo elahlaselwa. Kulona kwebiwe iziklabhu eziwu-30.
“Ngathi kufanele sivele silale nazo izilwane zethu. Izophelelaphi yonke lento?” kubuza uMalinga.
“Sifuyela izigebengu. Sisebenza kanzima bese zona ziyanquma ukuthi zizofika nini zizozitapela. Laba bantu abasintshontsheli ngoba belambile. Uzintshontsha kanjani izingulube eziwu-72 ngoba ulambile? Uzibekaphi? Bangamaqembu ezigebengu asebenzisanayo. Sizolutholaphi usizo?”
Ithemba lezobulungisa
UMalinga uthi okwamanje uzama ukulungisa isimo ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuphenya icala lakamuva alivulile.
“Ngiyazikhuthaza ngokuthi ngizitshele ukuthi ngeke bangiqede amandla. Siyathemba zizobanjwa izigebengu.”

UMalinga unxuse amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo.
“Lezo zingulube sezafa, ngeke ngisazithola. [Kodwa] sidinga iqhinga, siyazazi izindawo abahlasela kuzo kakhulu. Sidinga isibalo samaphoyisa esithe xaxa futhi abonakale. Sidinga abantu abazokwenza okufanele kwenziwe,” kusho uMalinga.
FUNDA OKULANDELAYO: Nalu uhla lwezindawo eziwu-10 okubhoke kuzo ukwebiwa kwemfuyo
Bhalisa kuMzansi Today: Izindaba zezolimo nsukuzonke.






