Isibindi, ithemba nokubuka izinto ngeso elibanzi kuvulele uMnuz Thabo Mavundza, ongomunye wonjiniyela bezolimo abavelele eNingizimu Afrika, iminyango eminingi.
UMavundza wenza izinto eziningi, ezibaluleke zonke kuyena, kusho yena.
Akagcini nje ngokuba yinhloko ye-agriculture Africa eWestfalia Fruit Africa, inkampani enkulu enamagatsha emazweni amaningi edayisa izithelo nemikhiqizo yazo egayiwe emazweni aphesheya, kodwa ungumengameli we-South African Institute for Agricultural Engineering (i-SAIAE).
Eminye imisebenzi ayenzayo wukuba ngusihlalo we-Tzaneen Irrigation Board, ilungu lekomiti le-Engineering Council of South Africa, umqondisi omkhulu ongaholi we-South African Avocado Growers Association nosihlao we-Advisory Board of Bioresources Engineering eNyuvesi yaKwaZulu-Natali.
Nakuba engumuntu omqoka embonini yezolimo, kepha kuMavundza akusho lutho ukubamba izinto eziningi uma engenagalelo elibonakalayo.
“Kubalulekile ukuthi ngibe yisibonelo esihle ezinganeni zami, intsha ekhulele esimweni esifana nengikhulele kuso noma esinzima kunaso kanti okubalukekile kakhulu wukuthi kushe umsebenzi.
“Ngihlela ukushintsha umhlaba, kanti iqhaza lami ngilibamba ngokugqugquzela abanye abantu nangokukhiqiza abanye abaholi esibadinga kabi,” kusho uMavundza.
FUNDA NGAYE: Onjiniyela basukumela eyokushoda kokudla
Umholi onogqozi lokuqhamuka nezinto ezintsha ezinekusasa
UMavundza wazalelwa eMavalani, isigodi esibudebuduze neGiyani, eLimpopo. Wakhuliswa ngabazali bakhe enabafowabo abathathu.
“Ngikhuliswe ngabazali abahloniphayo, abathobekile futhi abaphansi ababuswa wubuntu. Kube nesikhathi eside lapho umama bekunguye kuphela umuntu wesifazane empilweni yami. Udele amaphupho akhe ukuze asikhulise futhi ngalokho ngiyohlale ngimbonga futhi ngibazisa abantu besifazane lapho ngikhona.”
Njengoba namuhla eyinhloko ye-agriculture Africa eWestfalia Fruit Africa, uMavundza wenza ukuthi abazali bakhe baziqhenye ngaye ngayo yonke indlela. Enkampanini ayisebenzelayo ekhiqiza izithelo nokudla okugayiwe, uMavundza wengamele uphiko oluqondene nezingadi, umkhiqizo kakotapeya, ukupakisha nemisebenzi yobunjiniyela.
Uthi wumsebenzi omthokozisayo ngoba uthola izisombululo zokushoda kokudla esizwa yithimba lakhe.
“Kuyintokozo kimi ukuba wumholi ebhizinisini lapho sikhiqizela khona amakhasimende ethu ukotapeya ngendlela ehambisana nemvelo. Ukuqhamuka nezindlela ezintsha futhi ezingasebenza nangomuso yiyona ndlela esenza ngayo izinto eWestfalia Fruit.”
Ukholwa wukuthi lokhu sekuvulele iminyango nabanye onjiniyela bezolimo ukuthi baqhamuke nezixazululo ezintsha nokungathenjelwa kuzona izindawo zezithombo, izindawo zezihlahla nezindawo okupakishelwa kuzona.

UThabo olula isandla emphakathini
Umsebenzi wakhe wokuba ngumengameli we-SAIAE wukugqugquzela ezobunjiniyela kwezolimo ngokuthi kube nesigcawu lapho onjiniyela bengacobelelana khona ngolwazi, bacathulise futhi baqeqeshe izihlabani ezisencane. Ngaphezu kwalokho, yindlela yokubambisana neminyango kahulumeni efanele, abaxhasi, izinkampani ezizimele namanyuvesi asezweni nawaphesheya.
UMavundza uchaza inhlalo yakhe e-SAIAE njengemnandi. Uthi lokhu ikakhulu kungenxa yokuthi uthathe izintambo izinto zingahambi kahle kulesi sikhungo.
“Kuyangijabulisa ukuthi isibindi sami, ithemba nokubuka izinto ngeso elibanzi sekulethe umdlandla emkhandlwini nakubaphathi bawo. Sesizilungisile izinto kanti kuhamba kahle ziyashelela.”
Lesi sikhungo sisanda kubanengqungquthela yonyaka yezolimo nezobunjiniyela eLimpopo, lapho kwakubuthene khona abanye babantu bezolimo abavelele ezweni bedingida ngezindlela zokuthuthukisa le mboni.
Akungatshazwa ukuthi uMavundza uyaziqhayisa.
“Ngibone abantu besilisa nabesifazane abancane benza izinto ngomdlandla. Inhliziyo yami igcwele intokozo nokubonga. Engqungqutheleni bekukhona onjiniyela abamnkantshubomvu bemikhakheni ehlukene kanti manje sebeyayibona indawo yabo esikhungweni sethu. Lokhu kukhuthaza kakhulu.”
Uma uMavundza engasebenzi, uzothola epheka, efunda noma enza izinto ezizoshintsha imiphakathi yasezindaweni zasemakhaya ngeThabo Mavundza Foundation.
Njengoba engumsunguli wayo, unothando olujulile lwemiphakathi yasezindaweni zasemakhaya kanti inhlangano yakhe iphokophele ukusiza intsha yasezindaweni ezisemakhaya ukuthi ibone amathuba amasha futhi ithole namava.
UMavundza uthi inhloso yakhe wukusiza intsha ibe namaphupho amakhulu, inganqindwa yisimo ekhulela kusona. Uthemba ukuthi uzosebenzisa inhlangano yakhe engenzi nzuzo ukushintsha impilo yabantu basemakhaya kancane kancane.
UNGAFUNDA: Onjiniyela bezolimo baqhamuka nezisombululo zokuguquguquka kwesimo sezulu







