Tuesday, July 28, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Uyazifela ngezinkomo zeBonsmara

Umfuyi wezinkomo uMnuz Boikanyo Christopher Melamu usekwenze konke kodwa uma umbuza ngohambo lwakhe, lo mfuyi weBonsmara uzokutshela ukuthi usasekuqaleni

by Tiisetso Manoko
16th March 2023
in Inspiration, isiZulu, Siyajula nomlimi
Reading Time: 4 mins read
A A
Uzimisele ngokufinyelela esicongweni umfuyi waseVryburg, eNorth West, uMnuz Boikanyo Christopher Melamu. Kodwa akafuni ukukhuphuka yedwa

Uzimisele ngokufinyelela esicongweni umfuyi waseVryburg, eNorth West, uMnuz Boikanyo Christopher Melamu. Kodwa akafuni ukukhuphuka yedwa

Uzimisele ngokufinyelela esicongweni umfuyi waseVryburg, eNorth West, uMnuz Boikanyo Christopher Melamu. Kodwa akafuni ukukhuphuka yedwa. Ukucathulisa abantu nokufundisa amakhono yinto ayikhonzile futhi akakunqeni ukwabelana ngolwazi analo ngoba ufuna wonke umuntu aphumelele.

UMelamu odabuka eLamus Bonsmara ngasesigodini saseDithakwaneng akamusha kwezolimo. Uneminyaka engaphezu kwewu-20 ewumlimi kanti uyayithanda kakhulu imfuyo. 

UMelamu unamapulazi amabili, elilodwa elingamahekthare awu-1 200 eReivilo kanti elinye lingamahekthare awu-1 958 eNilsne. Uwumlimi ozalanisa izilwane obhalisiwe ngokusemthethweni.

Uqale kanjani

“Ngaqala ukuba wumlimi ngisemncane. Ngikhuliswe emndenini wabalimi kwaze kwaba kuba phakathi kweminyaka yo-2000 ngesikhathi nginquma ukuzimela.

“Ngaqala ngezinkomo ezinhlanu. Ngangisebenza ezimayini, ngonga imali ukuze ngiqale. Kwakungelula ukuthi ngifinyelele lapho ngikhona. Nokho, ukuzikhandla nokuzinikela yikhona okungimisile,” usho kanje.

UMelamu unomhlambi wezinkomo eziwu-350 futhi uzimisele ukuwandisa. Uthi ukufuya kubalulekile ezweni ngoba abazalanisi izinkomo kuphela kodwa badayisa nenyama yenkomo. 

UMnuz Boikanyo Melamu ekhombisa izisebenzi zakhe ukuthi zijovwa kanjani izinkomo epulazini lakhe eNorth West. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi.

Uqashe izisebenzi eziyisithupha ezisebenza ngokugcwele kodwa angathanda ukusandisa lesi sibalo ukuze izinto zibe lula kulaba abaqashile.

“Abanye abantu bathi nginezisebenzi eziningi kodwa ngiyaye ngiphendule ngokuthi ‘cha, ngidinga ezinye’. Ngifisa ukubaphungulela umsebenzi futhi ngizisize.

“Isifundo esibalulekile engisifundile ngempilo wukuthi kufanele wabelane ngolwazi onalo usize abanye abantu nganoma ngabe iyiphi indlela.”  

UMelamu uthi nabantu abaningi abamcathulisile futhi bamululeka ohambweni lwakhe nabakhumbulayo.

“Ngeke ngikhulume ngomuntu oyedwa noma ababili, baningana. Ngiyilolu hlobo lomumntu olubuza abantu abaningi kuye nesimo engizithola kuso. Kuyasiza futhi ngoba indlela yokwakha ubudlelwano nabantu abaningi wukuxoxisana nabantu abahlukene.”

Uyazibuthela imiklomelo

“Wuhambo olube luhle kimina ngoba miningi imiklomelo engiyitholile ngenxa yokuzikhandla kwami. Eyokuqala ngayithola ngo-2012 ngesikhathi ngiklomeliswa ngesikhathi ngiqokwa njengomuntu ozalanisayo osafufusa wonyaka kwase kuthi ngo-2016 ngangingomunye wabantu abawu-10 abahamba phambili kwiSouth African Stud Book Elite Awards. 

“Ngo-2020 ngawudla umhlanganiso futhi kwakumnandi ukuvuna izithelo zomsebenzi wami. Ukuzikhandla akukaze kubulale muntu.” 

UMelamu uthi enye yezinto ezibalulekile ezizoqinisekisa ukuthi ibhizinisi lakho lezolimo liyakhula futhi liyaphumelela wukugcina amarekhodi ezinkomo, imithi nendlela imali esebenza ngayo. 

“Kufanele ugcine amarekhodi kusukela ekuzalweni nasekukalweni kwamathole,” usho kanje.

Ukuzama inhlanhla

“Ngaqala ngadayisa izinkomo zami endalini yeG7. Ngaqala ngingomunye wabadayisi ababefika ngaleso sikhathi ngo-2015. Kuqhubeke kanjalo iminyaka embalwa kwaze kwaba ngizenzela eyami indalo. Kwakungelula kodwa ngakwenza ngoba ngangidinga ukuzimela,” usho kanje.

Ngo-2020 uMelamu ube nendali lapho kwadayiswa khona izinkunzi eziwu-10 kweziwu-26. Ngesonto elidlule ubenendali yesithathu eReivilo lapho bekudayiswa khona izinkunzi eziwu-32. Ugcine edayise eziwu-27.

Izinkomo zikaMelamu beziyingxenye yendali ebibanjelwe epulazini lakhe eReivilo eNorth West. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi.

UMelamu uthi kumqoka ukuthi labo abafikayo kwezolimo bazimisele ukufunda ukuze baphumelele. Ucele abalimi abakhulu ukuthi balekelele labo abasafufusa, babacathulise. 

Uyaliphila leli vangeli alishumayelayo njengoba uma usuke engenzi lutho ecathulisa abalimi abawu-13 eDithakwaneng. 

“Bengibafundisa ukuthi zinakekelwa kanjani izinkomo. Bengibacathulisa iminyaka emihlanu lapho bengibafundisa khona yonke into abadinga ukuyazi, ukuthi zinakekelwa kanjani izinkomo nokuthi uyihlola kanjani ukuthi imithi yini. 

“Ngokwenza njalo, into engijabulisayo wukubona uhlobo lwamathole abalukhiqizayo kanti uma beyodayisa izinkomo zabo endalini, babuya bejabule. Ngalokho ngiyazi ukuthi oyedwa wabo uzokwazi ukubaluleka kokuba

Okumkhuthazayo

UMelamu uthi akubizi mali ukubuza imibuzo. Ukhuthaza abafisa ukungena kwezolimo ukuthi bacwaninge futhi baziqonde lezi zinto eziyisisekelo. 

“Akulona uhambo olulula, kunezinselelo eziningi, ngiyakwazi lokho. Kodwa uma uhambo luba nzima, hamba uyocela usizo kuhulumeni. Lungesheshe lufike kodwa bambelela. Asisukumeni sisebenze.” 

Uthe nakuba uhambo lwakhe lwezolimo lube luhle, zikhona izingqinamba ahlangabezana nazo.

“Ukuthola umhlaba nemali yizona zingqinamba ezinkulu ezivimba ukuthi ezolimo zikhule ezweni. Ukungabikhona komhlaba ongaphansi kwamakhosi omuhle nengqalasizinda efana nemigwaqo inselelo enkulu.” 

Kodwa zikhona noma zingekho izinselelo, uMelamuulungele noma yini.

FUNDA FUTHI: UTshepiso owumelaphi uyazifela ngezolimo

Thola izindaba ngabaletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelanayo ngabantu abondla uMzansi.

Tiisetso Manoko

Tiisetso Manoko is a seasoned journalist with vast experience in community media. He possesses diploma in media studies majoring in journalism, certificate in civic leadership. He loves news from all angles with particular interest in local government, agriculture and politics. He is a staunch Mamelodi Sundowns Football club supporter.

Related Posts

5 000 to 100 000 cabbages: EC co-op gamble pays off
Inspiration

5 000 to 100 000 cabbages: EC co-op gamble pays off

27th July 2026
No limits: Charlotte Mosena builds farm-to-table legacy in Gauteng
Inspiration

No limits: Charlotte Mosena builds farm-to-table legacy in Gauteng

24th July 2026
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post

Africa Agri Tech: Where SA has missed the boat

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

How sustainable potato farming secures finance and future yields

5 000 to 100 000 cabbages: EC co-op gamble pays off

Paarl farmer’s heartbreak as stock thieves destroy poultry dream

This week’s agri events: 27 – 31 July

Why SA must shift from climate response to climate readiness

Agriculture’s leading ladies unite: Get ready for Soul To Soil 2026

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.