Friday, September 4, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

UDlamini, owayeyisotsha uziphumuza ngokulima

Umlimi ofuyile notshale izihlahla uMnuz Bongani UDlamini uthi kusho lukhulu kuye ukuba wumuntu omnyama onomhlaba

by Magnificent Mndebele
31st March 2023
in Abasigqugquzelayo, Inspiration, isiZulu
Reading Time: 6 mins read
A A
UDlamini, owayeyisotsha uziphumuza ngokulima

UMnuz Bongani Dlamini ezihlalele onqenqemeni eduze kwepulazi lamaveji e-Amsterdam. Lo mfelandawonye wepulazi owentsha ayiqeqeshile wayisiza ithole umhlaba ezowusebenzisa emva kokufunda.

Kunjani ngempela ukuba wumuntu omnyama onomhlaba? Hhayi isiqeshana somhlaba kodwa udedangendlala womhlaba onabele izindawo eziningi? – UDlamini

“Uma ngingathi nginokuthula, angiboni ukuthi ngisho lokho kuchaza ngokwanele,” kusho uMnuz Bongani Dlamini exoxa neFood For Mzansi.  “Yindawo enhle futhi inokuthula. Ngingomunye wabantu baseNingizimu Afrika ababusisiwe futhi ngiyazi kunzima kanjani ukuba nomhlaba. Ngihlale ngiwabonga amadlozi ami.” 

UDlamini ukhumbula lapho eqhamuka khona ngesikhathi sihlala phansi emotweni yakhe iFord Ranger epulazini lakhe elingamahekthare angu-600 esigodini iSihanahana esiseMkhandlwini uMsukaligwa, eMpumalanga. Liseduze nedolobha i-Amsterdam elisezintabeni zaseMkhondo empumalanga nesifundazwe.  

FUNDA FUTHI: Uneminyaka ewu-19 kodwa usengumlimi ofuyile ovelele 

Kunezinto ezimbalwa lo baba wezingane ezingu-10 azenzile empilweni ngaphambi kokungena kwezolimo. Uke waba yisosha loMkhonto weSizwe, umbutho wamasosha we-ANC ngesikhathi sobandlululo futhi uke washayela itekisi eGoli.

Uke wazama nokufundisa amabanga aphansi kodwa “Ngabona ukuthi otakalani bafishane kakhulu kanti mina ngangiwuthisha omude kakhulu. Izingane zazimfishane ngisho kunamadolo ami, ngabona ukuthi kuzofanele ngishintshe umsebenzi,” kusho yena ehleka. 

“Ngakhetha ukuthuthukisa intsha. Ngabona ukuthi ifuna izinto zenzeke manje.” 

Igama lepulazi lakhe iKasthuli Agricultural Services kanti lisuselwa egameni lalowo owayengumnikazi walo kuqala owaziwa ngelikaSthuli endaweni.

UMnuz Bongani Dlamini lapho kungenwa khona epulazini lakhe eliseMpumalanga.

Dlamini uthi ukube walishintsha igama, babengadideka labo abase bevele belazi ipulazi. Ufuyile futhi utshale izihlahla. Ugxile kuwatela osetshenziswa ukwenza amalahle. Ufuye izimbuzi nezinkomo ezingaphezu kuka-110 zohlobo lweBeefmaster neBrahman.

“Kuyabanda (njengoba sihlangene). Njengoba sizowela umfula onqamula epulazini likaDlamini, kunezinkomo ezilandela iveni kaDlamini. Uthi izinkomo zihogela iphunga lokudla kwazo akuphethe. “Anginawo amanzi lana. Lo mfula yiwona kuphela engithola kuwo amanzi epulazini,” usho kanje.

Ngale kwezihlahla nemfuyo, wayetshale ummbila kodwa washintshela ekutshaleni utshani obudliwa yimfuyo. “Ngahluleka ngancama ekutshaleni ummbila ngoba anginalo ulwazi nakuba ngikhule ekhaya ngiwutshala. Kodwa kuhlukile lana,” usho kanje. 

“Okunye okwakungicasula ukuthi abantu babewuntshontsha ummbila, wawubona abantu bethwele inqwaba yommbila. Into eyayingaze igcine ikwenze ube

nenhliziyo elikhuni futhi ugcine usubalimaza abantu. Ngakho ngabona kungcono ukushintshela ekudleni kwezilwane.”

FUNDA FUTHI: Umlimi oxakwe yisomiso: ‘Ngiphila ngomusa kaNkulunkulu’

UDlamini uqashe abantu abawu-11 abasebenza ngokugcwele epulazini lakhe kanti uyaye aqashe abayitoho ikakhulukazi uma kuyisikhathi sokuvuna, ukuhlakula nokuhlanza amahlathi. Uthi usenikeze izisebenzi eziqashe epulazi amahekthare angu-60 ukuze azakhele imizi nezinto zokuzijabulisa kanjalo nehlathi abazothola kulo izinkuni.

 Ukunqoba izingqinamba 

UDlamini wathola ipulazi ngo-2010 emnyangweni wokuthuthukisa izindawo zasemakhaya nokuvuselelwa komhlaba eMpumalanga. Waqala wazama ukufuya izinkukhu. Kodwa kwasheshe kwaphela emva kokuthi emadeleni bemoshe izinkukhu zakhe ezingu-500. 

“Bahlinza izinkukhu zami bangazifaka efrijini kunalokho bazifake kwi-freezer eyayinamagcinwa. Uma uyipheka yayinephunga futhi yayikhipha igwebu elimhlophe kungathi yonakele. Ngabona ukuthi sidinga ukuba namadela ethu njengabafuyi bezinkukhu abamnyama ukuze engeke enzelwe phansi amabhizinisi ethu.” 

UMnuz Bongani Dlamini ehlola ipulazi lakhe ekuseni ngesikhathi kuphuma ilanga. 

Kodwa-ke lokho akuzange kumdikibalise, wadlulela ebhizinisini elilandelayo. Wasebenzisana nomunye umfelandawonye wabalimi basungula omunye umfelandawonye bathola ithenda lokukhiqiza amaveji athengwa yizikole ezingaphezu kwezingu-30 eMkhondo. 

Lo msebenzi wachuma kangangokuthi wayebona kahle ukuthi sebewele ngelibanzi. Kodwa uthi kukhona ababenzela phansi ezikhulwini, wawa umsebenzi. 

Bathola ukuthi umsebenzi usubaphelele sebefake imali engaphezu kukaR500 000 ebhizinisini. Bazi ngoba sebethi bahambisa ukudla ezikoleni sebethola ukuthi umsebenzi usunikwe omunye umuntu. “Lokhu kwagcina kudala ukungazwani kumalungu omfelandawonye.” 

“Angiwathengi amaveji (ezitolo). Uma ufuna inkukhu noma amaqanda, ukuthatha egcekeni. Ngingathatha izinkomo ezintathu ngizisenge uma ngifuna ubisi.”

Ezolimo zidinga isineke 

Nokho wavuka wazithatha emva kokuwa okwesibili, ibhizinisi leli elacishe lashabalalisa onke amaphupho ayenawo ngezolimo. Uthe esevuke wazithatha kodwa kulokhu wakhetha ukusebenza yedwa. Lube ngcono uhambo kulokhu kodwa kuningi obekufanele akuqaphele. 

“Inselelo enkulu ukuthi udinga ukuba nemali ozoyitshala ngaphambi kokuthi kube khona imali ebuyayo. Kufanele ube nesineke. Ngifike ngo-2010 lana kodwa kuphele iminyaka eyisihlanu ngisebenzisa imali, nginakekela futhi ngitshala epulazini. 

“Ikakhulukazi uma ufuna ukulima, kufanele uyazi ngempela into oyenzayo ngoba izinto ezidingakalayo ziyabiza. Kodwa usuwubambe kahle, kuyaqonda konke. Umhlabathi yiwona okulawulayo, wenzani nini, uma uphunyukwe yisikhathi, ngeke ingene imali.”  

UDlamini uzithola esekhathele. Sizohlangana nomunye umhlambi wezinkomo bese siyama siwubuke. Usejabule futhi ubuyelwa amandla, uyaphuma evenini yakhe, azishayele ikhwela axoxe nazo. “Nikephi bafowethu, ngingapha mina. Wozani! Wozani! Ziphi izitsha zenu zokudla?” 

Ngempela izinkomo ziyasondela ngobuningi bazo ku “baba” wazo. Uyahleka esho ukuthi uzithanda kakhulu kangangokuthi kwesinye isikhathi uyeza nje azozibuka. Izinkomo azisakwazi ukulinda kangangokuthi sezifuna ukudlela evenini. “Yimani kancane, hhayi manje. Ngizonipha ukudla kwenu ezitsheni. Siyezwana angithi?” 

 FUNDA FUTHI: Ukuzinikela kukaRefilwe kwezemvelo kugqugquzela uthando lwakhe lwezolimo 

UMnuz Bongani Dlamini eshaya ikhwela exoxa nomhlambi wezinkomo zakhe. “Nikephi bafowethu, ngingapha mina. Wozani! Wozani! Ziphi izitsha zenu zokudla?” 

Ukukwazi ukuthola umhlaba kubalulekile 

Njengoba sizishiya izinkomo uthi uyafisa sengathi uhulumeni ubengasheshisa uhlelo lokubuyiselwa komhlaba. Uthi ukuba nomhlaba kubalulekile ukuze ukwazi ukubamba iqhaza emnothweni. 

“Emadolobheni amakhulu impilo yimpilo, inqobo nje uma unemali. Uma ngibuka isimo sepolitiki eNingizimu Afrika, akubonakali sizoba nekusasa lapho kunciphe khona ukuntuleka kwemisebenzi. Bayanda abantu abadilizwayo.” 

UDlamini uthi uma abantu benganikwa umhlaba owanele lokho kungasiza ukunciphisa ububha futhi kwandise nokudla okunempilo futhi okungafakiwe amakhemikhali. 

“Angiwathengi amaveji (ezitolo). Ngithenga kuphela lawo angakhuli kahle lapha. Nginezinkukhu ezingaphezu kuka-50. Uma ufuna inkukhu noma amaqanda, uvele uthathe egcekeni. Ngingamathole cishe awu-25. Ngiyakwazi ukuthatha izinkomo ezintathu ngizisenge uma ngifuna ubisi. Incane imali oyifaka emhlabathini ukuze uzitshalele ukudla kwakho.”

Intsha kwezolimo 

UDlamini ufisa intsha ibone ukubaluleka kwezolimo. Uqeqesha intsha afisa ibone ukuthi ingasebenza kwezolimo ibambe iqhaza emnothweni. 

Ngo-2018 wathola i-AgriSETA learnership. Uyayincoma i-AgriSETA ngokusungula nokuvulela abanamabhizinisi ezolimo amathuba okuthuthukisa amakhono adingwa yile mboni.

Emva kokuthola i-learnership, uqeqeshe intsha engu-100 eMpumalanga. Kulaba abawu-100, uDlamini ukwaze ukusiza labo abase-Amsterdam eduze kwakhe ukuthi bathole umhlaba abatshale kuwo amaveji. 

“Ngaphuma ngingena ngibafunela umhlaba futhi iNational Youth Development Agency ibaxhasile ukuze bakwazi ukuchelela kahle,” kusho yena engeza ngokuthi uyasebenzisana naneSmall Enterprise Development Agency (Seda). 

“Yathi iqeda intsha ezigcawini zokucobelela ulwazi, imiqondo yazo yayisivulekile ukuze ibone amathuba akhona kwezolimo.”

UDlamini uthi: “Nganquma ukuthuthukisa intsha ngoba ngabona ukuthi ithanda izinto ezisheshayo, ifuna ukuhlomula manje. Ngibafundisa ukuthi bawulinde umhlabathi ubaphe ukudla. Isibonelo nje, ihekthare elilodwa uyakwazi ukutshala amaklabishi angu-20 000 angabiza uR10 lilodwa. Lokhu kusho ukuthi ezinyangeni ezintathu ungaba noR200 000. Ngizama ukubakhombisa ukuthi bangaphila ngezolimo futhi bathole imali enhle.”

Tags: izinkukhuMpumalangaUMFUYI WEZINKOMO

Magnificent Mndebele

Magnificent Mndebele grew up in Thokozane, an impoverished village. He values journalism that covers remote rural areas from a socially committed perspective.

Related Posts

Former electrical engineer builds farming powerhouse on tribal land
Inspiration

Former electrical engineer builds farming powerhouse on tribal land

31st August 2026
QueenAgri’s reign: How Fellistus Sekgale scaled from scratch
Inspiration

QueenAgri’s reign: How Fellistus Sekgale scaled from scratch

28th August 2026
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
Mtolo scoops AGRICOLLEGES scholarship

Lunga bags first Food For Mzansi scholarship

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Gauteng farmers urged to harness massive urban market

Foot-and-mouth crisis hits SA dairy industry with R1-billion loss

Tough times, hardy cattle: Why Mzansi farmers are choosing Nguni

Dragon fruit thrives in KZN valley despite tough national season

Government hikes sugar import price, but industry warns of gap

Chicken is booming, but the real money is in the supply chain

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.