Friday, September 11, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Yizwa ukuhlohloza kwe-ginger beer kaChef Nono

Lezi zinsuku ziyashisa futhi zimnyama (ngenxa ye-Eskom) kodwa kukhona okuthembisayo ngenxa yesinye seziphuzo ezithandwayo eMzansi. Lethani ikwetsa!

by Noluthando Ngcakani
24th January 2023
in Amaresiphi, isiZulu
Reading Time: 2 mins read
A A
Omunye wabapheki bodumo eMzansi uChef Nono Mtshali ehlanganisa i-ginger beer ethe ukuhluka kancane. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

Omunye wabapheki bodumo eMzansi uChef Nono Mtshali ehlanganisa i-ginger beer ethe ukuhluka kancane. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

Ayikho into emnandi njengokuvuna izithelo zomsebenzi wakho ekhishini. Yini engaba mnandi ekhishini lakho ukudlula ingilazi ebanda ize ijuluke ye-ginger beer? Umpheki wodumo owaziwa ngelika-chef Nono Mtshali usipha iresiphi yakhe yalesi siphuzo esiqeda ukushisa ehlobo.  

I-ginger beer esinye seziphuzo ezikade zathandwa eNingizimu Afrika, ipholisana kamnandi uma libhoke ngokushisa.

Kuthi kla kuChef Nona uma epheka. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi
Kuthi kla kuChef Nona uma epheka. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

Iresiphi esisetshenziswe yizizukulwane

U-Chef Nono, igama adume ngalo, waqala ukuthanda ikhishi esemncane KwaZulu-Natali. Enye yezinto ezimnandi azikhumbulayo ngokukhula kwakhe kwakuwukulungiselela abantu abadala ukudla futhi ababone bekuthakasela. Yikona okwamgqugquzela kakhulu ukuthi afune ukusebenza ngokudla. 

Uthi selokhu aqala ukupheka, wugogo wakhe owayegqugquzela lolu thando kakhulu. 

 “Uyena ohlale engeseka futhi engifisela okuhle. Ziningi izikhathi empilweni lapho bengike ngifise khona ukuphonsa ithawula kodwa njalo ugogo unginika ithemba kanti ngaphandle kwalokho, kuningi asenzela khona (thina bazukulu bakhe) ngemikhuleko yakhe, isikhathi, ukusinakekela, uthando nokuseseka.”

Lo somabhizinis oqeqesha abafisa ukuba ngabapheki esebenzisa izinkundla zokuxhumana lapho ebizwa khona ngo-In the Kitchen with Nono. “Ngiba namakilasi afundisa ukupheka lapho kusuke kuyimina kuphela ofundisayo. Kodwa uma ngenza imicimbi yabantu, ngisebenza nabanye abapheki abancane abangisizayo ngezinto ezifana nokuqoba nokubathuma ngenkathi ngisapheka.”

U-Chef Nono ukhipha iresiphi yakhe yokwenza i-ginger beer. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi
U-Chef Nono ukhipha iresiphi yakhe yokwenza i-ginger beer. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

Zama iresiphi yakhe

UNksz uNono Mtshali, umpheki owazalelwa oLundi, uzokufundisa ukwenza i-ginger beer eyehla esiphundu. Usezakhele igama embonini yokudla ethuthukisa inqwaba yabesifazane nabesilisa ngamaresiphi okudla ongeke usinike esingaboni.

Iresiphi yakhe ilula, inezithako zokudla eziyisithupha kanti uzokwenza ufune impinda. Ungayiphuza nomndeni wonke ngoba ayinabo utshwala futhi inempilo. 

FUNDA FUTHI: Ngezimpiko zenkukhu ezishaya emhloleni ezenziwa uThembeka we ‘Tee-licious  

Ingredients

  • Izinkomishi eziwu-8 zamanzi
  • Inkomishi eyodwa kashukela
  • Ithis’puni le-dry yeast
  • U-⅓ wejusi kalamula
  • Uhhafu we-teaspoon we-cream ye-tartar
  • U-⅓ ye-ginger ehlutshiwe futhi yagaywa nge-grater

Instructions

1. Bilisa ijusi kalamula, i-ginger, i-cream of tartar nezinkomishi ezine zamanzi ebhodweni elikhulu.

2. Nciphisa umlilo bese ufaka ushukela. Goqoza ukuze kuncibilike.

3. Faka amanzi abandayo asele nemvubelo. Goqoza bese uvala ngendwangu ubeke endaweni emnyama amahora amathathu. 

4. Cwenga izinsalela ze-ginger. Thela esigujini esingamalitha amabili.

5. Shiya indawo phezulu ukuze kukhukhumale.

6. Kubeke endaweni efudumele nemnyama izinsuku ezimbili. Ulokhu uvula isivalo kancane ukuze kuphume umoya. 

7. Faka efrijini, bandisa bese uzitika!

Tags: ugqozi lokudla

Noluthando Ngcakani

With roots in the Northern Cape, this Kimberley Diamond has had a passion for telling human interest stories since she could speak her first words. A foodie by heart, she began her journalistic career as an intern at the SABC where she discovered her love for telling agricultural, community and nature related stories. Not a stranger to a challenge Ngcakani will go above and beyond to tell your truth.

Related Posts

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

24th November 2023
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni
isiZulu

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
Cow dung fuels new tractor (and so much more!)

Cow dung fuels new tractor (and so much more!)

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Sustainable livestock solutions take centre stage in Lesotho

Markets, water and finance key to Western Cape farm growth

Early preparation essential as super El Niño threatens agriculture

Degree meets dirt: Lerato turns a love for the outdoors into purpose

Leaders tackle finance and farmer support at Nampo Cape

Rising energy costs: Can solar save your farm’s bottom line?

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.