uChambikura uyeke ukwenza amagceke wasungula ibhizinisi elivuthayo lamaveji eVereeniging, eVaal. Ngo-2021, lo mlimi waseMalawi uqale ukutshala utamatisi, ispinashi, i-butternut, i-green pepper neklabishi ukuze adayisele umphakathi ahlala kuwo.
Ngaphambi kokuba umlimi, ubenakekela amagceke nezingadi eMpumalanga. Ngaleso sikhathi, umsebenzi wakhe wawufaka ukutshala izihlahla, ukufaka umanyolo, amakhemikhali, ukuhlakula nokunakekela izitshalo.
“Ngangingenalo ulwazi olutheni ngezingadi. Yebo, ngangitshala ekhaya, kodwa hhayi ngale ndlela.”
Uthi ngesikhathi eqala ukusebenza ngezingadi, wakuthanda. Ukuba seduze nemvelo abukele izitshalo zikhula nezimbali ziqhakaza kuyamgqumgquzela ukuthi angakuyeki ukunakekela izingadi.
Okumphumelelisile engenalutho olutheni
UChambikura wazalwa futhi wakhulela eBlantyre, eMalawi. Uthi impilo yayinzima eMalawi futhi kungelula ukuphuma kulokho kuxakeka.
“Ngikhulele emndenini omkhulu, ohluphekayo. Sasiyisikhombisa sihlala ekhaya nomama owayesikhulisa yedwa ebamba amatoho ukuze asondle.”
Utshele iFood for Mzansi ukuthi wayeka ukufunda esaphakathi namabanga aphezulu ngenxa yokuntuleka kwemali ngoba umndeni wakhe wawungakwazi ukukhokhela isikole.
“Ngaqala ngabheka amatoho ukuze ngilekelele ekhaya. Kodwa nalokho kwakungenele.”
Amadlelo aluhlaza
Wathuthela eNingizimu Afrika ngo-2017 efuna amadlelo aluhlaza. Usebenza iminyaka emibili enza izingadi eMpumalanga kanti kuthe esaqashiwe lapho, wonga imali ukuze aqhubeke nokufunda.
Ube esehlangana nomngani wakhe osefana nomfowabo. Bobabili bebenothando lokuqala ibhizinisi lezolimo.
“Wangitshela ukuthi uyise ongasekho wayenomhlaba kanti bangakwazi ukuqala ipulazi. Kwangijabulisa ukuzwa lokho.”
Uthi waqasha ugandaganda uzolima ihekthare elilodwa ngesikhathi besaqala nakuba umhlaba wawungaphezu kwalokho.
Ubunzima bokulima: okumthuthukisile
Ngokusho kukaChambikura, isivuno sakhe sokuqala asiphumelelanga ngenxa yomhlabathi ongavundile. Uthi usefundile ukuzenzela umanyolo wakhe futhi ubonakala usebenza kahle.
“Ngiyazenzela umanyolo. Ngihlanganisa izinsalela zamaveji, okuhlutshwa eqandeni namathambo ngikuxube nenhlabathi.”
Wengeze ngokuthi lukhulu alufundayo njengokulungiselela inhlabathi. Uthi ukube wayazile ngakho phambilini, sasingeke simosheke isivuno sakhe sokuqala.
“Sengike ngavuna isipinashi esingumthamo owu-1000 futhi ngithemba ukuthi ngizovuna esiningi ngomuso. Kodwa ukungabi namoto kuyingqinamba enkulu.”
Uthi inqobo nje uma enamakhasimende athembekile futhi athenga epulazini lakhe ngqo, uyonga emalini yokuthutha izimpahla.
“Ngitshale utamatisi owu-8000, amaklabishi awu-4000, i-green pepper ewu-5000 ne-butternut embalwa. Ngoba sengiyazi ukuthi kule ndawo kuthandwa kakhulu i-butternut no-pepper, ngizoqinisekisa ukuthi ngikutshala kakhulu ngokuzayo.”
Amakhasimende akhe amaningi abantu bendawo kodwa uhlela ukukhuluma nezitolo zokudla ezinkulu maduzane.
Ukuba namaphupho amakhulu kuyamsiza
Uma ubheka ukuthi ulithanda kangakanani ibhizinisi uChambikura, usangathanda ukuqeqeshwa.
“Angifisi ukuzama ezinye izinto futhi ngikhule ngingakazi okuthengi ngemali, ukukhiqiza, imali yakwamanye amazwe nokunye okuhambisana nokuba nepulazi.
“Iphupho lami ukuba umlimi owenza izinto ezihlukene. Ngakho kuzobaluleka ukuthi ngibuyele esikoleni ukuze kube khona izinto engizifundayo.”
Ukholwa ukuthi noma ngabe iliphi ibhizinisi lidinga ikhono ukuze liphumelele. Uthi nakuba esekuhambeni kodwa uthi uyohlale ekubonga ukuhlangana nabantu ahlangane nabo, bamenze lo muntu awuyena namhlanje. Uyindoda ebazisayo ubuntu nokubambelela entweni eyodwa.
“Sengifundile ngokuhlangana nabantu nakwezolimo ukuthi ukuzinikela kuwukhiye. Nokho, ukubambelela futhi uphikelele nakho kumqoka.”
FUNDA FUTHI: USeboa uyazondla ngezolimo
Thola iZindaba ngoShintsho: Izindaba ezigqugquzelanayo ngabantu abondla uMzansi.