Monday, July 27, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

’Usuke uwinile’ uma uwusosayensi wezitshalo

Usosayensi wezitshalo uNks Diana Mngomezulu uzibona enenhlanhla njengoba ehlanganisa uthando lwezolimo nesayensi kusukela esamncane

by Staff Reporter
10th March 2023
in Abasigqugquzelayo, AgriCareers, isiZulu
Reading Time: 3 mins read
A A
’Usuke uwinile’ uma uwusosayensi wezitshalo

Plant scientist Diana Mngomezulu is researching Fusarium head blight disease in wheat as part of her Master’s studies at the University of the Free State. Photo: Kobus Louwrens/Food For Mzansi

UNks Diana Mngomezulu odabuka oPongola, KwaZulu-Natali, ungomunye wososayensi bezitshalo abasafufusa abakhiqizwe yi-University of Free State (i-UFS).

Emva kokuphothula izifundo zakhe ze-honours egxile ekufundeni izindlela zokunciphisa ukufa kwezitshalo ngenxa yezifo, uNks Mngomezulu usenza i-Master’s lapho ecwaninga khona isifo iFusarium head blight (FHB) kukolweni.

IFusarium yisifo esishisa ukolweni nokwehlisa umkhiqizo wembewu esuke itshaliwe. Singesinye sezifo ezimandla kulezo ezihlasela ukolweni. Ucwaningo lwakhe lugxile ekukhiqizeni ukolweni okwazi ukumelana kangcono ne-FHB. Ayikho enye into ayeyicabanga uNks Mngomezulu ngaphandle kokuba wusosayensi kodwa utshele iFood For Mzansi ukuthi izifundo zakhe akuyona kuphela into ayeyinakile.

“Ezemidlalo enye yezinto engangizimisela kuyo ikakhulukazi ngoba kwakusho ukuthi ngiyaphuma ekilasini ngivakashele ezinye izikole. Ngesikhathi ngivakashile ngangibona izitshalo ezihlukene, amadamu nemifula endleleni. Ngokukhulela oPongola ngibe nenhlanhla yokubona ukuthi yini ongayikhiqiza emhlabathini ovundile kanjalo nezilwane zasendle ezikhona ezweni lethu,” kusho yena. 

Usosayensi wezitshalo uNks Diana Mngomezulu (kwesokunxele) ubengomunye wabebemele i-University of Free State abebehambele iFood For Mzansi Agri Careers roadshow eDouglas, eNorthern Cape. Uthathwe lapha nomculi wehip hop uJerome Rexa, inhloko ye-plant sciences e-UFS uDkt Adré Minnaar-Ontong noDkt Chrisna Steyn. Isithombe: Ivor Price/Food For Mzansi

Ulandele ipupho akhule nalo

UNks Mngomezulu uyakhumbula ukuthi uthando lwakhe lweziBalo lwaqala esafunda amabanga aphansi. Yisona sifundo ayezibambela kusona kalula yize evuma ukuthi nakwiSayensi kwakuyiso leso.

“Ngazi ngisafunda amabanga aphansi ukuthi ngifisa ukuba wusosayensi. Ngangithanda ukwazi ngeloli engezwa kuthiwa lithutha indle liyiyise emafemini ukuze kuhlanganiswe umanyolo wezitshalo. Ngazitshela ukuthi ‘Njengoba abalimi besenzela ukudla, name ngifisa ukondla izitshalo ngokudla.’”

Yikho lokhu okwamholela emnyangweni we-plant sciences e-UFS.

“Ezolimo ziyamangalisa, njengakho nje ukuba wusosayensi. Ngenhlanhla ngikwazile ukukuhlanganisa kokubili ukwenza okuhle. Ngifunde eVryheid Agricultural High School [eNyakatho yeKwaZulu-Natali]. Isinqumo ngomsebenzi ozowenza senziwa esikoleni samabanga aphezulu. Izifundo ozikhetha kwaGrade 10 yizona ezikukhombisa imisebenzi ongakwazi ukuyifundela uma ususesikhungweni semfundo ephakeme.”

UNks Mngomezulu uthi izifundo ayezenza kwakuyi-mathematics, i-physical science, i-life sciences ne-agricultural sciences. Wayeyingxenye yeqembu esikoleni sakhe elalibhekelela ukuqoqwa kukadoti futhi wasebenza ne-Global Learning and Observation to Benefit the Environment yaseMelika. Lokhu kwaholela ekutheni ahambele e-India ngo-2014 eyocobelela ulwazi. 

Wengeze ngokuthi nakuba kungesibo bonke abafundi ababa namamaki enele ukuze bathathwe enyuvesi, uthi i-UFS inolunye uhlelo lokufundisa olwengeziwe alubhalisela. Uphothule izifundo zeBSc in botany and plant breeding ngo-2020.

Once she completes the next phase of her academic career, Mngomezulu feels the possibilities are endless.

“Kufana nokuthi ubambe i-jackpot uma uwusosayensi wezitshalo,” usho kanje.

Uthi mining imisebenzi eyenziwa ngama-plant breeder ethinta ukusiza izitshalo zikwazi ukumelana nezifo, ukuzondla nokunye okuhambisana nokukhulisa izitshalo.

“Bangasebenza nanjengabacwaningi e-laboratory, i-technician, umhlaziyi wezibalo, abameli(abagxile kumalungelo ama-plant breeders, othisha basemanyuvesi nama-extension officer. Lona ngumuntu oxhumanisa ama-plant breeder nabalimi kodwa kufanele kube wukuthi uqeqeshelwe ukuba yi-plant breeder.

“Uma umuntu eneziqu ze-botany, angasebenza agxile kwezemvelo, i-plant biotechnology, i-plant physiology, i-plant biochemistry, i-plant molecular biology, i-plant taxonomy, i-plant systematics nokunye okuningi. Angikayiphathi nokuyiphatha imisebenzi ekwi-plant pathology.”

Nakuba uNks Mngomezulu engakabi nalo ulwazi olutheni kwi-plant pathology, usefunde lukhulu kuDkt u-Adré Minnaar-Ontong, inhloko ye-plant sciences e-UFS, nasethimbeni le-plant pathology laboratory. “Ngizothi ngiqeda iziqu zami ze-Master’s ngizobe senginolwazi olunzulu,” kusho yena ngeqholo.

FUNDA FUTHI: Umfundi waseNorthern Cape wenza ezibukwayo embukisweni i-AgriCareers exhibition

.Thola izindaba ngabaletha ushintsho: Izindaba ezigqugquzelayo ngabantu abondla uMzansi.

Staff Reporter

Researched and written by our team of writers and editors.

Related Posts

How this KZN agricultural advisor is bringing tech to rural fields
AgriCareers

How this KZN agricultural advisor is bringing tech to rural fields

16th July 2026
Schooled by the soil: Zondi’s passion for indigenous plant science
AgriCareers

Schooled by the soil: Zondi’s passion for indigenous plant science

25th June 2026
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
Podcast: Become competitive with HelloChoice

Podcast: Lead the way with HelloChoice

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

How sustainable potato farming secures finance and future yields

5 000 to 100 000 cabbages: EC co-op gamble pays off

Paarl farmer’s heartbreak as stock thieves destroy poultry dream

This week’s agri events: 27 – 31 July

Why SA must shift from climate response to climate readiness

Agriculture’s leading ladies unite: Get ready for Soul To Soil 2026

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.