Tuesday, July 28, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Izindlela Ezingcono Zokutshala o-Pepper

O-pepper bayagcwala emafrijini ethu kulezi zinsuku futhi ukuthandwa kwabo kuyakhula nakubalimi baseMzansi. Abalimi abathathu bo-pepper babalula izinto ezinhlanu abathi zimqoka uma utshala o-pepper

by Nicole Ludolph
11th February 2023
in Farmer's Inside Track, isiZulu, Siyajula nomlimi
Reading Time: 4 mins read
A A
O-pepper yintandokazi emakhisini aseNingizimu Afrika. Yazi ngakho konke okuthinta lesi sitshalo. Isithombe: Sithunyelwe/Food for Mzansi

O-pepper yintandokazi emakhisini aseNingizimu Afrika. Yazi ngakho konke okuthinta lesi sitshalo. Isithombe: Sithunyelwe/Food for Mzansi

Cishe njengo-anyanisi noma amazambane, o-pepper yintandokazi emakhishini aseMzansi. Ukutshala o-pepper kwenziwa cishe kuzo zonke izifundazwe kanti iLimpopo iyona ekhiqiza abaningi ezweni.

Igama langempela lo-pepper iCapsicum Annuum kanti isitshalo esidabuka eSouth America. Ukusetshenziswa kwawo emhlabeni wonke kwenzeka ngesikhati amakoloni ehamba edla amazwe kwagcina esesabalele e-Europe nase-Asia emva kweminyaka yama-1500s.

Ngesikhathi kwenziwa i2017 census of commercial agriculture  iStats SA yathola ukuthi abalimi baseMzansi batshale o-pepper emhlabeni ocishe ube ngamahekthare awu-3000 ezweni lonke kanti bakhiqiza amathani awu-74 000. Lesi sibalo sesikhuphukile kule minyaka emihlanu edlule. 

Sixoxe nabalima u-pepper uNksz Thandeka Maseko, uMnuz Eric Mauwane noNksz Tebogo Nyathela. 

Uqalaphi?

UNksz Tebogo Nyathela waseFarmer’s Hope eNorth West. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi
UNksz Tebogo Nyathela waseFarmer’s Hope eNorth West. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

UNksz Masego ( should this be Masego or is it meant to be Maseko?) umlimi waseMiddleburg, eMpumalanga, uthi kungcono abaqalayo ukutshala o-pepper bathenge imbewu yabo kubadayisi bayo abaziwayo. Uthi uma abalimi bezama ukuzenzela eyabo imbewu kungcono bathole inhlabathi enomanyolo wekhethelo edayisa ezitolo ezihlukene. 

“Imvamisa kunzima ukuzikhulisela imbewu ikakhulukazi uma uqala. Into esiyenzayo siyathenga kubantu bezingadi. Ukuze ube nembewu, ungathenga isihlabathi esinomanyolo kanjalo nama-tray akho. Ungafaka amanethi phezu kwama-tray akho ukuze imbewu yakho ingaphazanyiswa umoya nelanga.”

Indawo ekulungele ukutshala kuyo

Lesi seluleko se-Agricultural Research Council (ARC) sithi lesi sitshalo esikhula endaweni eshisayo futhi esingakwazi ukubekezelela iqhwa. O-pepper bakhula esimeni sezulu esiphakathi nendawo esingaphezu kuka-12°C.

UNksz Masego uthi o-pepper abazwani nelanga. Kunezindlela ezihlukene abalimi abangagwema ngazo lokhu inqobo nje uma uzosivikela isitshalo ngendlela efanele.

 “Uma uzotshala o-green pepper bakho ensimini, kunamakhemikhali awuvikela elangeni. Uma ungafuni ukulokhu uhlushwa ilanga, ungawakhulisela kwi-tunnel noma kuma-greenhouse. Kodwa uma uthenga amakhemikhali azoqinisa izitshalo zakhe, (qinisekisa ukuthi) azishiswa yilanga.”

Inhlabathi nomanyolo

Izindlela Ezingcono Zokutshala o-Pepper
UMnuz Eric Mauwane umlimi wo-pepper nesikhulu esiphezulu se-ONEO. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

Omunye umqulu ohlanganiswe yi-ARC uthi o-pepper badinga umhlabathi ojulile, ovundile futhi okwazi kahle ukukhipha amanzi ukuze bakhule. Uthi akufanele utshalwe lapho kuke kwatshalwa khona ummbila noma i-soya bean ngoba izinsalela zalezi zitshalo ziyabamosha o-pepper. 

O-pepper bathatha isikhathi eside ukukhula uma umhlabathi ubanda. UMauwane ongumlimi nesikhulu esiphezulu se-ONEO Farms uthi enye yezindleko ezinkulu ngokutshala o-pepper wukuvundisa umhlabathi.

“Kufanele ube nohlelo oluhlelekile lokuvundisa umhlabathi kanti kuya nohlobo lomhlabathi otshala kulo, ungoti angakusiza akuhlanganisele uhlelo olufanele. Kuyahluka ipulazi ngepulazi. Yize kuhluka kodwa ukhona umanyolo ongasetshenziswa yiwo wonke umuntu,” kusho uMauwane. 

Indawo yokuzikhangisa

UMauwane uthi baningi abantu abathenga o-pepper ikakhulukazi ebusika. Uthi abekho abantu okuyibo abangomakhonya embonini yo-pepper. 

“Imboni yo-pepper yinhle phakathi kukaNovemba noDisemba kuphinde futhi phakathi kuka-Ephreli no-Agasti ngakho o-pepper bayathengwa kakhulu ebusika. Lokho kungenxa yokuthi iningi lethu lisuke lingakhiqizi lutho ngaleso sikhathi. Amanani mahle hhayi nje ebusika kuphela.”

Isidingo samanzi

UNksz Maseko uthi kubalulekile ukuthi abalimi abatshale o-pepper babe nohlelo oluhlelekile lokuchelela abalulandelayo. 

 “Awukwazi ukuchelela ngo-7 ekuseni uphinde ngo-11 ekuseni bese kusasa ushintsha isikhathi. Yiba nesikhathi esisodwa ukuze izitshalo zakho zizojwayela,” kusho uNksz Maseko.

Izindlela Ezingcono Zokutshala o-Pepper
UNksz Thandeka Maseko umlimi wo-pepper waseMiddleburg. Isithombe: Sithunyelwe/Food For Mzansi

 “O-pepper abadingi amanzi amaningi ngale kwalokho kungahle kudale izinkinga ezinkulu. Ngonyaka odlule kwaba nemvula eningi ngoNovemba, uDisemba nangoJanuwari nokwakungakuhle nhlobo ko-pepper kodwa kungcono i-drip irrigation iyalekelela ukukala amanzi,” kusho uNksz Nyathela. 

Amanzi athe xaxa avimba ukukhula kahle ko-pepper futhi angagcina eholele ekutheni impande yonakale uma izitshalo zibhajwe emanzini ngaphezu kwamahora awu-12.

FUNDA FUTHI: Yazi u-pepper obaba kunabo bobke emhlabeni

Bhalisela i-Farmer’s Inside Track: Joyina inkundla yethu ekhethekile yabasanda kungena emkhakheni wezolimo nebhizinisi lezolimo, ngezincwadi zezindaba namaphodikasti.

Nicole Ludolph

Born and bred in Cape Town, Nicole Ludolph is always telling a story. After a few years doing this and that, she decided that she might as well get paid for her stories. Nicole began her journalism career writing science articles for learner magazine Science Stars and interning at Getaway Magazine.

Related Posts

No one-size-fits-all: Liane’s lessons on leaving the land better
Farmer's Inside Track

No one-size-fits-all: Liane’s lessons on leaving the land better

22nd July 2026
Simphiwe Hlubi: Why multi-stream income is the future of farming
Farmer's Inside Track

Simphiwe Hlubi: Why multi-stream income is the future of farming

8th July 2026
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
Farmer 101: Women agripreneurs find solutions

Farmer 101: Women agripreneurs find solutions

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

How sustainable potato farming secures finance and future yields

5 000 to 100 000 cabbages: EC co-op gamble pays off

Paarl farmer’s heartbreak as stock thieves destroy poultry dream

This week’s agri events: 27 – 31 July

Why SA must shift from climate response to climate readiness

Agriculture’s leading ladies unite: Get ready for Soul To Soil 2026

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.