Walubona udaba lwe-Food For Mzansi ngoMnuz Nick Evans waseThekwini ohlenga izinyoka, uSteve Irwin waseMzansi, empini yenhlwathi nembuzi? Asincokoli, hamba uyolubheka.
U-Evans uthe akusizi ukujaha ukuzama ukubulala zonke izinyoka ezisezweni lethu. Kakade izinyoka zinomsebenzi obalulekile nazo ngoba zisiza ukunqanda ukubhebhetheka kwezinambuzane. Isikhathi esiningi azibahluphi abantu.
U-Evans wasungula iKwaZulu-Natal Amphibian & Reptile Conservation ngo-2015 kanti uhlangane neFood For Mzansi ukuphendula yonke imibuzo onayo mayelana nezinyoka. Ucebisa abalimi ngokuthi kufanele benzenjani ngezinyoka emapulazini abo.
Food For Mzansi: We-Nick awusho, njengoba ubamba izinyoka, yini eyenza abantu bajahe ukubulala izinyoka uma bezibona emapulazini abo?

Nick Evans: Abantu babulala izinyoka ngoba abaziqondi futhi ngoba bezisaba. Uma wazi kabanzi ngezinyoka ugcina usuyeka ukuzisaba. Kuyiqiniso ukuthi abanye abantu bazisaba okwangempela kodwa kungancipha lokho uma beziqonda.
Enye yezindlela ezinhle zokushintsha lokhu wukuzifundisa ngezinyoka, uma ubona imicimbi ngezinyoka noma uhlala eduze kwamapaki ezinyoka, vakashela khona. Hamba uyofunda ngazo. Ziningi nezinye izinsiza kuGoogle.
Zikhona ezinye izindlela ezisizayo ukuxosha izinyoka kwakho?
Ngeshwa, ayikho indlela yokuqinisekisa ukuthi izinyoka zingezi kwakho. Kunzima ikakhulukazi emapulazini ngoba yindawo yezinyoka vele leyo. Ziyohlale zikhona izinyoka, ngeke ukwazi ukuzigwema.
Kunezihlahla abantu abazitshalayo namakhemikhali abawasebenzisayo ukuzixosha kodwa konke lokho yizinkoleloze.
Manje njengoba ingekho indlela yokuxosha izinyoka epulazini lakho, kufanele benze njani abalimi uma behlangana nalezi zilwane?
Uma kuyinyoka engahluphi, ungayiyeka nje noma uyisuse ngomshanyelo. Kepha izinyoka ezinobuthi kungcono ungasondeli kuzona, umuntu ozibambayo ucingo. Kunesizinda solwazi i-African Snake Bite Institute, esinohla lwabantu ongabathinta abazisusayo izinyoka ezweni lonke.
Kukhona ne-app ebizwa nge-ASI app, emahhala nayo inohla lwabantu abazisusayo izinyoka ezweni lonke ukuze ukwazi ukushayela ucingo umuntu ongafika azokususela inyoka kahle.

Kungani kungafanele abalimi bazibulale izinyoka uma bezibona?
Ukubulala izinyoka kuyingozi. Inyoka ayizi kwakho izokuhlasela, isuke ifuna indawo yokukhosela nokudla. Amagundwane nezibankwa azidonsayo, azinanhloso yokukubulala uma zihlangana nawe. Kodwa uma ufuna ukuyibulala, uyihlasela, izozivikela ngokukhwifa noma ikulume, okuyingozi.
Abanye abantu basebenzisa isibhamu ukuzama ukudubula izinyoka, omunye umuntu wake wazama ukudubula imamba kodwa wagcina ezidubula unyawo eLimpopo. Awudingi ukuqhumisa isibhamu kwakho ngenxa yenyoka esuke ingeyona nengozi kuwe.
FUNDA FUTHI: UMosele ukhombisa ukuthi ungaba wumlimi wezingulube onobukhazikhazi
Angikholwa wukuthi ngingawazi umehluko phakathi kwenyoka enobuthi nengenabo. Ngingaluthola kuphi ulwazi olunjalo ukuze ngizifundise?
Uma ungakwazi ukuhlukanisa izinyoka, kungaba kuhle kakhulu. Bheka uhla lwezinyoka ezinobuthi ezivamile lapho uhlala khona bese ufunda ukuthi ukwazi ukuzibona. Kwesinye isikhathi kuba khona izigcawu zokucobelelana ngolwazi ezifundisanayo ngalokhu ongaya kuzona.
Enye into ongayenza wukuba yingxenye yabantu kuFacebook Snakes of SA lapho ungafaka khona isithombe senyoka oyibonayo ukuze uthole usizo kubantu bakutshele ukuthi hlobo luni lwenyoka.









