Monday, September 21, 2026
SUBSCRIBE
22 GLOBAL MEDIA AWARDS
Food For Mzansi
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought
No Result
View All Result
Food For Mzansi
No Result
View All Result

Ukudla kwesinto ‘kuxoxa indaba

Umpheki uNkk Farzana Alvarado ngusomabhizinisi, umpheki, umama nombhali wezinkondlo. Ufuna ukuhlanganisa uthando lwakhe lokudla kwesinto.

by Chantélle Hartebeest
26th March 2023
in isiZulu, Mzansi Flavour
Reading Time: 4 mins read
A A
Ukudla kwesinto ‘kuxoxa indaba’

Igqugquzelwe isiko nomkhulu wakhe indlela apheka ngayo uNkk Farzana Alvarado owumpheki, umbhali wokudla nomeluleki wokudla.

Umpheki uNkk Farzana Alvarado ukholwa ukuthi konke ukudla kwesinto kunomlando ocebile nendaba ekufanele ixoxwe “ngemvelaphi yakho, indlela okuphekwa ngayo nanendlela okuhlanganisa ngayo abantu”.  

Uthi isiko linesandla esikhulu endleleni apheka ngayo futhi akagcini nje ngokusebenzisa ithalente lakhe ekhishini kuphela. UNkk Alvarado uwumpheki, ubhala ngokudla, ululeka ngokupheka futhi unezinkonkondlo azibhalile ezishicilelwe. 

IRESIPHI: Isishebo sama-prawn esenziwa umpheki uZana 

UNkk Alvarado uyakhumbula kuphela amahora bepheka nonina nodadewabo. Kwakumnandi kakhulu uma bebhakela imikhosi yezenkolo efana no- Eid-al-Fitr, “Idili lokuphuma ebhandeni lokuzila” elidliwa ngamaMasulumane emhlabeni wonke, uma ephothula inyanga engcwele kade esebhandeni. 

“Ngangihlala kuze kube isebusuku ngihlobise amakhekhe ngoshokoledi ngisebenzisa uthi lokuvungula ukuze kuzokwenzeka kahle ngobunyonico,” kusho yena. 

UNkk Alvarado uthande ukudla ngesikhathi ehambela amadolobha angu-69 e-Europe lapho ayehamba khona edla ukudla okuhlukene. 

UNkk Alvarado ukuthande kakhulu ukudla ngesikhathi ehamba edla izinhlobo ezihlukene emadolobheni awu-69 ase-Europe. Uzalelwe wakhulela eThekwini, KwaZulu-Natali. Selokhu kwathi nhlo uNkk Alvarado uyazifela ngekhishi. Uthi waqala ukupheka kakhulu ekhaya lakhe, ehlola izinhlobo ezihlukene nezindlela zokupheka, ngenkathi ephucula ubuciko bakhe.

Uqhubekile nokuphucula ithalente lakhe ekhishini. Omunye umuntu omkhulisile ngokupheka umkhulu wakhe ongasekho uMnuz Ebrahim Roshee

“UPapa wayezifundise yena ukupheka. Wayephekela imicimbi emikhulu futhi enekhono lokupheka ukudla okuthandwayo njengobiryani nekayla (umhluzi oshubile obabayo ophekwe ngesiklabhu noma inkukhu) emabhodweni amakhulu phezu komlilo wezinkuni.”  

Ekhumbula ukudla okwakuphekwa uyisemkhulu uthi “Ngisayi ngane ngangidonswa iphunga lokudla nendlela okwakusuke kuhlanganiswe ngayo izithako nezinongo.”

 Esewumuntu omusha uNks Alvarado wayechitha isizungu ngokupheka esiza ngokupheka emicimbini yomndeni wakhe. Emva kokuphothula uMatikuletsheni eResevoir Hills Secondary eThekwini wabhalisela ukwenza izifundo zobummeli eNyuvesi yase Natali (esibizwa ngeNyuvesi yaKwaZulu-Natali). Umsebenzi angahlalanga kuwona.  “Ngiyiciko elithandayo ukusebenza ngezandla, kanti ukuba wummeli kwakungeke kukufeze lokhu,” usho kanje.

Ngabe sengenza izifundo zePublic Relations and Marketing, ngaziphasa ngamalengiso iBachelor of Technology in Communication Science. Ngisebenzele izinkampani ezinkulu emhlabeni kwaba mnandi. Ngike ngaba yi-marketing supervisor yeWalt-Disney international ngizinze eChiswick, eLondon.” 

Ngisayi Ngane amakha amnandi ayevusa ilukuluku lami lokuthi ngabe wayezihlanganisa kanjani izinongo ukuze kuphekwe ukudla okumnandi, okumangalisayo.” – UNkk Farzana Alvarado.

Ngesikhathi ese-Europe, uthando lwakhe lokudla kwakhula ngokuya ehambela leli zwekazi. Waqaphela ukuthi konke ukudla kunendaba okuyixoxayo futhi konke “ukudla kwesintu kunomlando, indlela okuhlanganiswa ngayo nendlela okuhlanganisa ngayo abantu.”

Ngo-2014, uNkk Alvarado washintsha umsebenzi wafundela ukupheka e-HTA school of Culinary Arts. “Ngabaqwaqwada emakhanda engangifunda nabo futhi ngathola izindondo ezimbili okushintshwana ngazo. Ngisebenze njengethwasa e-Hilton Hotel e-Sandton lapho ngawina khona umklomelo i-HTA Culinary Mastermind Award ngo-2017.” 

Akagcinanga lapho, uqhubekile wazakhela igama ezinkundleni zokuxhumana lapho ebizwa khona ngoChef Zana, wabelana ngamaresiphi nabamlandelayo.  Ezinye zezinto azizuzile ukuphekela izinkulungwane zabalandeli eSandton Fanfest ngesikhathi kunemidlalo yeNdebe yoMhlaba eMzansi ngo-2010. Ungomunye wabasunguli beFeista Latina festival, athi iyona kuphela eqhakambisa amasiko nokudla kwamaLatino eNingizimu Afrika. 

uNkk Alvarado washintsha umsebenzi wafundela ukupheka e-HTA school of Culinary Arts

Uyakuqaphela ukudla okunempilo futhi ufuna ukukhuthaza abanye abazali ukuthi bakubhekisise ukudla abakunika izingane zabo.

Uthando analo ngemboni yezindaba lumholele ekutheni abe ngumethuli wezindaba nohlelo lwasekuseni oyitoho emsakazweni iRadio Al-Ansaar, isiteshi somphakathi wamaSulumane esisebenzela eThekwini naseMgungundlovu, eKZN.

Ngo2010 wajoyina iMetro FM ethula izindaba izinyanga ezimbalwa.Umpheki Alvarado ungunkosikazi nomama wezingane ezimbili. Uyakuthanda ukuvakashela izindawo kanti useke wavakashela amadolobha angu-69. Ngo-2001 washicilela incwadi yezinkondlo ebizwa ngokuthi i-Shadows.

Uthi ugqugquzeleke ukuthi abhale incwadi emva kokuba sengozini yemoto aphaphama esibhedlela elimele kakhulu. Kuthe esalashwa waqala ukubhala izinkondlo enzela ukupholisa ikhanda ukuze amelane nesimo sakhe.  “Uhambo lwami alubanga lula, kodwa luwubufakazi bokuthi umuntu uyakwazi ukumelana nanoma yini futhi ngithemba ukuthi kuzogqugquzela abanye ukuthi bangalilahli ithemba.” 

Uwumpheki okhonze ukudla okunempilo futhi ufuna ukukhuthaza abanye omama ukuthi bondle izingane zabo ukudla okunempilo. Mayelana nomsebenzi wakhe ubheke ngabomvu ukwenza lokho akuthanda kakhulu, ukupheka, ukubhaka nokuthi mhlawumbe agcine evule indawo yokuhlala. Unethemba lokuthi ngelinye ilanga uzoshiyela izingane zakhe ifa elihle. “Engifuna ukubashiya nakho nje ukuthi babe ngabantu abalungile futhi abanomusa kwabanye abantu emhlabeni.” 

IRESIPHI: Isishebo sama-prawn esenziwe umpheki uZana 

Tags: eThekwini

Chantélle Hartebeest

CHANTÉLLE HARTEBEEST is a young journalist who has a fiery passion for storytelling. She is eager to be the voice of the voiceless and has worked in both radio and print media before joining Food For Mzansi.

Related Posts

Lean, local, lekker: Ostrich meat makes its mark
Lifestyle

Lean, local, lekker: Ostrich meat makes its mark

15th August 2025
Rethink soup this summer! From light broths to vibrant veggie blends, these soups are the perfect sidekick to your New Year’s braai. Photos: Supplied/Food For Mzans
Mzansi Flavour

He bana! Chilled soups in summer? It’s a thing!

1st January 2025
Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo
isiZulu

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

by Vateka Halile
24th November 2023

Esemncane yayimcasula indaba yengadi uNksz Zaza Mbatha futhi akaze nangelilodwa ilanga acabange ukuthi yinto engagcina imsiza. Kwenzekile futhi usenebhizinisi elivuthayo...

Read moreDetails
UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

23rd November 2023
Ukusebenzisa amathuba kumsebenzele umfuyi waseNW

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

22nd November 2023
UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

21st November 2023
UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

5th November 2023
ADVERTISEMENT

Ukuzilimela kunika uMbatha waseKZN iqholo

UFakude ukholelwa ekwakheni ifa lo mndeni

Ukuzama inhlanhla kumsizile umfuyi waseNorth West

UNgubane ozifelayo ngezolimo akakhohlwe lapho ebheke khona

UShelembe ubeke izingadi kwelinye izinga

Kusegazini kuNgalavu ukutshala ukudla

Next Post
Climate change overwhelms farmers in Ghana

Climate change overwhelms farmers in Ghana

THE NEW FACE OF SOUTH AFRICAN AGRICULTURE

With 21 global awards in the first six years of its existence, Food For Mzansi is much more than an agriculture publication. It is a movement, unashamedly saluting the unsung heroes of South African agriculture. We believe in the power of agriculture to promote nation building and social cohesion by telling stories that are often overlooked by broader society.

Farming bootcamp propels Unicha Dladla’s path to growth

Grazing shortages? Here is how Voermol protects livestock wealth

Maize surplus eases feed costs, but fuel and drought threaten gains

This week’s agri events: 21-25 September

Is your hemp crop too thirsty? New drone data reveals the truth

Mzansi’s first Cosmic Crisp apple harvest hits Checkers shelves

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

Contact us
Office: +27 21 879 1824
News: info@foodformzansi.co.za
Advertising: sales@foodformzansi.co.za

  • Awards & Global Impact
  • Our Story
  • Contact Us
  • Cookie Policy
  • Privacy Policy
  • Copyright

Chat Options

I'm Lerato, your AI assistant!
No Result
View All Result
  • News
  • Changemakers
  • Lifestyle
  • Farmer’s Inside Track
  • Food for Thought

Copyright © 2024 Food for Mzansi

This website uses cookies. By continuing to use this website you are giving consent to cookies being used. Visit our Privacy and Cookie Policy.